ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 34
INGOMA 107 Isibonelo Saphezulu Sothando
Ukumbonisa Uthando Nesihe Umuntu Owenze Isono
“UNkulunkulu ngomusa wakhe uzama ukukuholela ekuphendukeni.”—ROMA 2:4.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Kuzoxoxwa ngendlela abadala abazama ngayo ukusiza labo abenze isono esikhulu ebandleni.
1. Yini engenzeka kwabanye abenze isono esikhulu?
ESIHLOKWENI esidlule sibone indlela umphostoli uPawulu ayisingatha ngayo indaba yomuntu owenza isono esikhulu eKorinte. Leso soni sasingaphenduki, ngakho kwadingeka sisuswe ebandleni. Nokho, njengoba umbhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko sethu ubonisa, abanye abenze isono esikhulu bangasizwa ukuba baphenduke. (Roma 2:4) Abadala bangabasiza kanjani ukuba baphenduke?
2-3. Yini okufanele siyenze uma sesazi ukuthi esikholwa naye wenze isono esikhulu, futhi kungani?
2 Ukuze badala basize kudingeka bazi ngesono esenziwe. Ngakho, yini okufanele siyenze uma sesazi ukuthi othile esikholwa naye wenze isono esikhulu—isono esingabangela ukuba asuswe ebandleni? Kufanele simkhuthaze lowo muntu owonile ukuba ayocela usizo kubadala.—Isaya 1:18; IzE. 20:28; 1 Pet. 5:2.
3 Kodwa kuthiwani uma umuntu owonile enqaba ukukhuluma nabadala? Sizokhuluma thina nabadala ukuze siqiniseke ukuthi lowo muntu uyaluthola usizo. Uma senza kanjalo, siyobe sibonisa uthando ngoba asifuni ukulahlekelwa umfowethu noma udadewethu. Uma isoni siqhubeka nezenzo zaso ezimbi, siyobulimaza nakakhulu ubuhlobo baso noJehova. Singase sonakalise nedumela lebandla. Ngakho siqunga isibindi siye kubadala ngenxa yokuthi siyamthanda uJehova kanye nomuntu owonile.—IHu. 27:14.
INDLELA ABADALA ABABASIZA NGAYO LABO ABENZE ISONO ESIKHULU
4. Yini abadala abasuke beyihlosile lapho behlangana nomuntu owenze isono esikhulu?
4 Lapho othile ebandleni enza isono esikhulu, indikimba yabadala ikhetha abadala abathathu phakathi kwayo abazokwakha ikomiti.a Labo badala kudingeka babe nesizotha futhi bathobeke. Nakuba bezozama ukusiza owonile ukuba aphenduke, bayaqaphela ukuthi ngeke bakwazi ukumphoqa ukuba ashintshe. (Dut. 30:19) Abadala bayaqonda ukuthi akuyena wonke umuntu owonile ozophenduka njengoba kwenza iNkosi uDavide. (2 Sam. 12:13) Abanye abantu abenze isono bangakhetha ukusishaya indiva iseluleko sikaJehova. (Gen. 4:6-8) Noma kunjalo, inhloso yabadala ukusiza umuntu owonile ukuba aphenduke uma kungenzeka. Baqondiswa yiziphi izimiso lapho behlangana nomuntu owonile?
5. Yisiphi isimo sengqondo abadala okufanele babe naso lapho behlangana nomuntu owonile? (2 Thimothewu 2:24-26) (Bheka nesithombe.)
5 Abadala babheka umuntu owonile njengemvu elahlekile eyigugu. (Luka 15:4, 6) Ngakho, lapho behlangana nalowo muntu, abakhulumi naye ngokhahlo noma bamphathe ngendlela engenamusa. Abadala abacabangi ukuthi into nje okudingeka bayenze ukubuza imibuzo nokuthola amaqiniso. Kunalokho, babonisa izimfanelo ezitholakala kweyesi-2 Thimothewu 2:24-26. (Yifunde.) Abadala baba mnene, babe nomusa njengoba bezama ukufinyelela inhliziyo yomuntu owonile.
Njengabelusi basendulo, abadala benza konke okusemandleni ukuze basize imvu elahlekile (Bheka isigaba 5)
6. Abadala abasekomitini bayozilungisa kanjani izinhliziyo zabo ngaphambi kokuhlangana nomuntu owonile? (Roma 2:4)
6 Abadala balungisa izinhliziyo zabo. Bazama ukulingisa uJehova lapho bexoxa nomuntu owonile bekhumbula amazwi kaPawulu athi: “UNkulunkulu ngomusa wakhe uzama ukukuholela ekuphendukeni.” (Funda eyabaseRoma 2:4.) Abadala kumele bakhumbule ukuthi bangabelusi abaqondiswa uKristu. (Isaya 11:3, 4; Math. 18:18-20) Ngaphambi kokuba ikomiti ihlangane nomuntu owonile iyothandaza kuJehova ukuze ikwazi ukumsiza aphenduke. Ikomiti iyocwaninga emiBhalweni nasezincwadini zethu futhi ithandazele ukuqonda. Iyoxoxa ngalokho okudingeka ikwazi ngalowo muntu, okungenzeka kube nomthelela endleleni yakhe yokucabanga nasezenzweni zakhe.—IzAga 20:5.
7-8. Abadala bangasilingisa kanjani isineke sikaJehova lapho behlangana nomuntu owonile?
7 Abadala balingisa isineke sikaJehova. Bakhumbula indlela uJehova azama ngayo ukusiza abantu ababenze isono esikhathini esidlule. Ngokwesibonelo, uJehova wabonisana noKhayini ngesineke, wamxwayisa ngemiphumela yesono, wamthembisa nokuthi uzombusisa uma elalela. (Gen. 4:6, 7) UJehova wayala uDavide esebenzisa umprofethi uNathani, owenza umfanekiso owathinta inhliziyo yale nkosi. (2 Sam. 12:1-7) UJehova ‘waqhubeka ethumela’ abaprofethi bakhe “ngokuphindaphindiwe” esizweni sakwa-Israyeli esasinenkani. (Jer. 7:24, 25) Akazange alinde ukuba abantu bakhe baphenduke kuqala ngaphambi kokuba abasize. Kunalokho wathatha isinyathelo, wabanxusa ukuba baphenduke.
8 Abadala balingisa uJehova lapho bezama ukusiza abantu abenze izono ezinkulu. Bababonisa “sonke isineke” njengoba nje kusho eyesi-2 Thimothewu 4:2. Ngakho, ngaso sonke isikhathi umdala kudingeka ehlise umoya futhi abe nesineke ukuze asize umuntu owonile afune ukwenza okulungile. Uma umdala ethukuthela noma ephelelwa yisineke, umuntu owonile angase angasamukeli iseluleko noma angafuni ukuphenduka.
9-10. Abadala bangamsiza kanjani umuntu owonile acabange ngezenzo zakhe?
9 Abadala bazama ukuthola ukuthi yiziphi izimo eziholele ekutheni lowo muntu one. Ngokwesibonelo, ingabe lowo mKristu waba buthaka kancane kancane ngenxa yokuthi wayeka ukuba nesifundo somuntu siqu noma ukuya enkonzweni yasensimini? Ingabe wayeka ukuthandaza njalo kuJehova noma ubesenza imithandazo yokugcina icala? Ingabe ubesevumela ukulawulwa izifiso ezingalungile? Ingabe ubenabangani abangalungile, noma ubezijabulisa ngezinto ezingafanele? Ukukhetha abekwenza kulezi zinto kuyithonye kanjani inhliziyo yakhe? Uyaqaphela yini ukuthi izinqumo zakhe nezenzo zakhe zamuva zimenze wazizwa kanjani uBaba wakhe uJehova?
10 Abadala babuza umuntu imibuzo emsiza azihlole ukuthi yini eyenze ubuhlobo bakhe noJehova baba buthakathaka nokuthi yini emholele esonweni, lokhu bakwenza ngomusa futhi abamgubhi umuntu aze akhiphe imininingwane engabadingi. (IzAga 20:5) Ngaphezu kwalokho, bangase basebenzise imifanekiso ukuze basize umuntu acabange ngezenzo zakhe futhi abone ububi bazo njengoba kwenza uNathani kuDavide. Mhlawumbe lapho behlangana okokuqala, lowo muntu uzoqala ukuzisola ngezenzo zakhe. Kungenzeka nokuba aphenduke.
11. UJesu waziphatha kanjani izoni?
11 Abadala bazama ukulingisa uJesu. UJesu ovusiwe wabuza uSawulu waseTarsu lo mbuzo: “Sawulu, Sawulu, ungishushiselani?” Ngokumbuza lowo mbuzo, uJesu wamsiza wabona ukuthi ayekwenza kwakungalungile. (IzE. 9:3-6) Ngokuphathelene ‘nalowo wesifazane uJezebeli,’ uJesu wathi: “Ngamnika isikhathi sokuba aphenduke.”—IsAm. 2:20, 21.
12-13. Abadala bangamnika kanjani umuntu owonile isikhathi sokuba aphenduke? (Bheka nesithombe.)
12 Belingisa uJesu, abadala abasheshi baphethe ngokuthi umuntu owenze isono ngeke aphenduke. Abanye bangaphenduka lapho behlangana okokuqala nekomiti, kodwa abanye bangase badinge isikhathi esengeziwe. Ngakho abadala bangahlela ukuhlangana nomuntu owonile izikhathi ezingaphezu kwesisodwa. Mhlawumbe ngemva kokuhlangana nabadala okokuqala, umKristu owonile uyoqala ukucabangisisa ngalokho abamtshele kona. Angase azithobe athandaze kuJehova. (IHu. 32:5; 38:18) Ngenxa yalokho, emhlanganweni olandelayo umuntu owonile angase abonise isimo sengqondo esihlukile kunaleso abesibonise ekuqaleni.
13 Ukuze abadala basize umuntu owonile aphenduke, babonisa uzwela nomusa. Bathandazela ukuba uJehova ayibusise imizamo yabo, benethemba lokuthi umKristu owonile uzosanguluka bese ephenduka.—2 Thim. 2:25, 26.
Abadala bangahlangana nomuntu owonile izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ukuze bamnike isikhathi sokuphenduka (Bheka isigaba 12)
14. Ubani osuke eyimbangela yokuphenduka komuntu owonile, futhi kungani sisho kanjalo?
14 Uma umuntu owonile ephenduka, sijabula kakhulu! (Luka 15:7, 10) Ubani osuke eyimbangela yokuphenduka kwalowo muntu? Ingabe abadala? Khumbula lokho uPawulu akubhala ngabantu abonile: “Mhlawumbe uNkulunkulu angase abanike ukuphenduka.” (2 Thim. 2:25) Ngakho, uJehova osiza umKristu ukuba ashintshe ukucabanga kwakhe nesimo sakhe sengqondo, hhayi noma yimuphi nje umuntu. UPawulu ukhuluma ngezinto ezinhle ezenzekayo ngemva kokuba umuntu ephendukile—lowo muntu uba nolwazi olunembe kakhudlwana lweqiniso, uyasanguluka aphunyuke ogibeni lukaSathane.—2 Thim. 2:26.
15. Abadala bangaqhubeka kanjani besiza umuntu owonile ophendukile?
15 Lapho umuntu owonile ephenduka, ikomiti iyohlela ukuhambela kokwalusa ukuze lowo muntu aqhubeke ethola usizo aludingayo, ukuze alwe nogibe lukaSathane futhi ahambe endleleni eqondile. (Heb. 12:12, 13) Yiqiniso ukuthi abadala abatsheli muntu ngemininingwane yesono esenziwe yilowo muntu. Kodwa yini okungase kudingeke itshelwe ibandla?
‘MSOLENI PHAMBI KWABO BONKE ABABUKELE’
16. Bangobani “ababukele” uPawulu ayekhuluma ngabo kweyoku-1 Thimothewu 5:20?
16 Funda eyoku-1 Thimothewu 5:20. Lawo mazwi uPawulu wawabhalela umdala ayekanye naye uThimothewu, emtshela ngalokho okufanele akwenze ‘ngabantu abenza isono.’ Wayeqonde ukuthini? Wayengaqondile ukuthi bonke ‘ababebukele’ kwakuyilo lonke ibandla. Kunalokho, wayekhuluma ngabantu abambalwa okungenzeka base bazi kakade ngesono esenziwe. Kwakungaba ofakazi bokuzibonela noma kube yilabo abaxoxelwe nguye umuntu owonile. Abadala bazotshela laba kuphela ukuthi umuntu owonile ulutholile usizo.
17. Uma isono esikhulu saziwa abantu abaningi ebandleni noma kungenzeka ukuthi sizokwaziwa, yisiphi isaziso okufanele senziwe futhi kungani?
17 Ngezinye izikhathi, kungenzeka ukuthi isono esenziwe sesaziwa abantu abaningi ebandleni noma kungenzeka bazogcina sebazi ngaso. Esimweni esinjalo, “ababukele” kuyoba yilo lonke ibandla. Ngakho umdala uyokwenza isaziso ebandleni sokuthi lowo mfowethu noma udadewethu usoliwe. Kungani? UPawulu uyaphendula: “Ukuze bonke bathole isexwayiso” sokuba bangasenzi isono.
18. Abadala bazolusingatha kanjani udaba lwezingane ezibhapathiziwe ezineminyaka engaphansi kwengu-18? (Bheka nesithombe.)
18 Kuthiwani ngezingane ezibhapathiziwe ezineminyaka engaphansi kwengu-18 ezenza isono esikhulu? Indikimba yabadala izohlela ukuba abadala ababili bahlangane naleyo ngane nabazali bayo abangamaKristu.b Abadala bazothola ukuthi yiziphi izinyathelo abazali asebezithathile kakade ukuze basize ingane yabo ukuba iphenduke. Uma ingane inesimo esihle sengqondo futhi ilwamukela usizo lwabazali bayo, abadala ababili bangase banqume ukuthi akudingeki kwenziwe okwengeziwe ngalolu daba. Abadala bayazi ukuthi uJehova unikeze abazali umthwalo wokulungisa ingane yabo ngendlela enothando. (Dut. 6:6, 7; IzAga 6:20; 22:6; Efe. 6:2-4) Ngemva kwalokho, abadala bayoxoxa nabazali ngezikhathi ezithile ukuze baqiniseke ukuthi ingane iyaluthola usizo eludingayo. Nokho, yini abadala okufanele bayenze uma ingane ebhapathiziwe iphikelela ekwenzeni okungalungile? Uma kunjalo, ikomiti yabadala iyohlangana naleyo ngane kanye nabazali abangamaKristu.
Lapho ingane yenze isono esikhulu, abadala ababili bayohlangana nayo kanye nabazali bayo (Bheka isigaba 18)
“UJEHOVA UNOTHANDO OLUKHULU NESIHE”
19. Abadala bazama kanjani ukulingisa uJehova lapho besiza umuntu owenze isono esikhulu?
19 UJehova ufuna abadala bagcine ibandla lihlanzekile. (1 Kor. 5:7) Abadala nabo bafuna ukuba umuntu owenze isono aphenduke uma kungenzeka. Ngenxa yalokho, abadala bahlala benethemba lokuthi umuntu uzoshintsha. Kungani? Kungenxa yokuthi bafuna ukulingisa uJehova, ‘onothando olukhulu nesihe.’ (Jak. 5:11) Phawula ukuthi umphostoli uJohane owayesekhulile wakwenza kanjani lokho. Wabhala: “Bantwanyana bami, nginibhalela lezi zinto ukuze ningasenzi isono. Nokho, uma umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungile.”—1 Joh. 2:1.
20. Sizoxoxa ngani esihlokweni sokugcina salolu chungechunge?
20 Ngokudabukisayo, ngezinye izikhathi umKristu owonile akafuni ukuphenduka. Uma kunjalo, kumele asuswe ebandleni. Yini abadala abayenzayo uma lokho kwenzeka? Yilokho esizoxoxa ngakho esihlokweni sokugcina salolu chungechunge.
INGOMA 103 Abelusi—Izipho Ezingabantu
a Esikhathini esidlule, laba badala babebizwa ngokuthi ikomiti yokwahlulela. Kodwa ngenxa yokuthi umsebenzi wabo akukhona ukwahlulela nje kuphela ngeke sisababiza ngaleyo ndlela. Kunalokho, sizomane sibabize ngokuthi ikomiti yabadala.
b Okushiwoyo ngabazali kuyasebenza nakubanakekeli abasemthethweni noma abanye abadlala indima yokuba umzali wengane.