Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 3/1 kk. 12-13
  • Ungakhuluma Yini Nabafileyo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakhuluma Yini Nabafileyo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukulalela Kungcono Kunomhlatshelo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Inkosi Yokuqala Yakwa-Israyeli
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ingabe Ngempela Bakhuluma Nabafile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ingabe Abafileyo Bangabasiza Abaphilayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 3/1 kk. 12-13

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Ungakhuluma Yini Nabafileyo?

Njengoba abantu abaningi kangaka bathi baye bakhuluma nabafile, kusobala ukuthi okungenani abanye babo baye bakhuluma nothile wasezweni lomoya. Eminyakeni engaphezu kwezi-3 000 edlule uSawule, inkosi yakwaIsrayeli, waba nokunjalo okuhlangenwe nakho. Make sibone ukuthi singafundani kukho.

Ibutho elinamandla lamaFilisti lenyuka lizokulwa nempi kaSawule yamaIsrayeli, futhi wayenengebhe. USawule wayewazi umthetho kaNkulunkulu: “Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi.” (Lev. 19:31) Kodwa uSawule wamfulathela uJehova uNkulunkulu. Futhi manje, ngalesikhathi sokukhathazeka, wayefuna kakhulu ukwaziswa kangangokuba waya konedlozi e-Eni-Dori.

Lowesifazane onedlozi wakwazi ukumvusela uhlobo oluthile lomuntu ayembona. Ngokwencazelo yakhe ngaloluhlobo, uSawule wamfanisa no“Samuweli.” USamuweli wayengumprofethi kaNkulunkulu owayefile.

“Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na?” kwabuza umuntu womoya okwakukhulunywa naye.

“Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami,” kwaphendula uSawule.

“Pho, ubuzelani kimi, lokhu uJehova esesukile kuwe?” kwabuza umoya.

Ngemva kwalokhu okuhlangenwe nakho okubi, uSawule waba nengebhe kakhulu futhi wawela phansi njengolahliwe.—1 Sam. 28:3-20.

Lomuntu ovela ezweni lomoya akakwazi ukuba nguSamuweli ngempela. USamuweli wayefile, iBhayibheli lithi “kepha abafileyo abazi lutho.” (UmSh. 9:5) Futhi, ngenkathi esaphila uSamuweli wenqaba ukubonana noSawule ongathembekile. (1 Sam. 15:35) Ngokuqinisekile manje, ngisho noma wayengaphila ngemva kokufa, uSamuweli wayengeke avumele onedlozi ukuba alungiselele ukuba abonane noSawule. Ngakho-ke singaqiniseka ngokuthi onedlozi akakwazi ukuphoqelela uJehova ukuba anikeze uSawule isigijimi ngoSamuweli ofile.

Kodwa make sithi abaphilayo bayakwazi ngempela ukuxoxa nabathandekayo abafile, njengoba abantu kulomhlangano wabanamadlozi bezama ukwenza. Uma bekwazi, ngokuqinisekile uNkulunkulu wothando ubengeke asho eBhayibhelini ukuthi: “Makungafunyanwa kuwe umuntu . . . obhula emadlozini. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”—Dut. 18:10-12.

Pho-ke, ngubani owayezenza uSamuweli? Kwakungumuntu womoya omubi? Imimoya emibi, noma amademoni, yizingelosi eziye zahlanganyela noSathane ekuhlubukeni kuNkulunkulu. Ukuze ziqhubekisele phambili amanga okuthi ukufa kumane kuwukuguqukela kokunye ukuphila, zizenza abantu abafa. Kodwa iqiniso liwukuthi abafileyo abezwa lutho ngokuphelele, balindele isikhathi lapho uNkulunkulu angase abakhumbule ngovuko. (IzE. 24:15) Ngakho-ke akukho muntu wena, noma omunye, ongase akhulume nabafileyo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela