Ingabe Ngempela Bakhuluma Nabafile?
AMAQEMBU ebhola likanobhutshuzwayo eBrazil ngezinye izikhathi afuna usizo ngabanamadlozi. Ngani? Ukuze athole iseluleko ngenxa yokwesaba ukuthi iqembu elimelene nawo lingase linqobe. Ngokwelinye iphephandaba, “ithuba lokukhulumisana ngokuqondile namandla angaphezu kwawemvelo ekufuneni amakhambi azo zonke izinhlobo zezinkinga linethonya elinamandla ezigidini zabantu.” Kwamanye amazwe, izikhulu zezombangazwe, izingcweti, nosomabhizinisi zithintana njalo nemimoya. Bezama ukufuna ukwelashwa noma ukuxazulula inkinga engokwezimali, abantu abaningi bazama ukuthintana nabafile, okukholelwa ukuthi banokukhanyiselwa okwengeziwe.
Kodwa ingabe kufanelekile ukuzama ukukhuluma nabafile? Ingabe kungenzeka ngempela ukwenza kanjalo? Futhi, ingabe zikhona izinkinga ezihilelekile? Kungase kukumangalise ukubona lokho iBhayibheli elikushoyo.
Yini Eyenzeka Endabeni KaSawule?
Cabangela lokhu okuhlangenwe nakho okungokoqobo okubhalwe eBhayibhelini: Yesaba izitha ezingamaFilisti, iNkosi uSawule yakwaIsrayeli wasendulo yaya konedlozi e-Eni-Dori. Yamcela ukuba athintane nomprofethi owayesefile uSamuweli. Lapho izwa incazelo yakhe yendoda esikhulile egqoke ingubo engenamikhono, uSawule wathatha lombono ngokuthi kwakunguSamuweli. Futhi wawuthini umbiko? UIsrayeli wayezonikelwa ezandleni zamaFilisti, futhi ngosuku olulandelayo uSawule namadodana akhe babezoba “noSamuweli,” okuphawula ukuthi babezofa besalwa namaFilisti. (1 Samuweli 28:4-19) Ingabe yilokho okwenzeka?
Akunjalo ngempela. USawule wayelimele kakhulu empini namaFilisti, kodwa wafa ngokuzibulala. (1 Samuweli 31:1-4) Futhi ngokuphambene nesibikezelo esasisikisela ukuthi wonke amadodana kaSawule ayezofa naye, washiya indodana yakhe uIshi-Bosheti.
Kodwa okokuqala nje ingabe kwakufanele ukubuza kwabafile? Cha, kwakungafanele. ImiBhalo iyasitshela: “Wafa . . . uSawule ngesiphambeko sakhe . . . nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye.” (1 IziKronike 10:13) Kukhona yini esingakufunda kulokhu? Yebo. USawule wafa ngenxa yokucela onedlozi ukuba abuze kwabafile. Ngani? Ngoba ngokwenza lokhu, wephula umthetho osobala kaNkulunkulu: “Makungafunyanwa kuwe . . . obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) Kungani ukubuza kwabafile kuyisinengiso kuNkulunkulu? Ngaphambi kokuphendula lowombuzo, singabuza:
Ingabe Kungenzeka Ngempela?
Uma noma ubani ezokhuluma nabafile, kumelwe abantu abafile babe abaphilayo ngempela. Kumelwe babe nemiphefumulo engafi. Nokho iBhayibheli lithi: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) Ngakho-ke, umuntu ngokwakhe ungumphefumulo. Akanawo umphefumulo ongafi oqhubeka uphila ngemva kokufa komzimba. Empeleni, imiBhalo ithi: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4) Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho . . . Akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [“eSheol,” NW],” ithuna elivamile lesintu.—UmShumayeli 9:5, 10.
Khona-ke, njengoba bekude kakhulu nokukhanyiselwa okwengeziwe, abafileyo abezwa. Ngakho akunakwenzeka ukukhuluma nabo. Ngakho-ke ukwenza ngokuvumelana nomthetho kaNkulunkulu omelene nokubuza kwabafile kuyasivikela ekukhohlisweni. Nokho, imibiko evela endaweni yemimoya iyenzeka njengoba okuhlangenwe nakho kweNkosi uSawule kubonisa.
Kodwa Uyini Umthombo?
Phakathi kokunye, izindlela zokukhohlisa zivamile kulabo abazisholo ukuthi bayathintana nabafile. IThe World Book Encyclopedia iyasibikela: “Kuye kwaboniswa ukuthi abanamadlozi bakhohlisela abantu abababhulelayo ekukholelweni ukuthi imimoya ingakhulumisana nabaphilayo. Ososayensi banikeza izincazelo zokuningi okwenzeka emihlanganweni yokubhula. Ngokwesibonelo, abanye abanamadlozi bayimilozi. Abanye basebenzisa abasizi nezinhlobonhlobo zezinto zokukhohlisa. Abanye basebenzisa ukulutha. Abantu abaningi ababa khona emihlanganweni yokubhula banesifiso esinamandla sokuthintana nabafile abathandekayo. Lesifiso singabenza bakholelwe ukuthi noma imuphi umbiko onikezwa onedlozi uvela ezweni lemimoya.”
Kodwa ingabe singacabanga ngaleyondlela kuphela? Cha, ngoba ukunamathela emthethweni kaNkulunkulu omelene nokubuza kwabafile kusivikela ngendlela ebaluleke kakhulu ngokwengeziwe. Imibiko iyavela endaweni yomoya, kodwa umthombo wayo uyizidalwa ezinamandla ezifuna ukudukisa isintu. IBhayibheli lithi “amandla omoya omubi”—uSathane uDeveli nezingelosi ezingalaleli ezaziwa njengamademoni. (Efesu 6:12, NW) Lapho iNkosi uSawule ivakashela onedlozi e-Eni-Dori, kwakuyidemoni lelo elazifanisa nomprofethi uSamuweli owayesefile.
Njengoba kuboniswe endabeni kaSawule, amademoni awanalutho oluyinzuzo angalunikeza, futhi usizo lwawo olucatshangelwayo lungolwesikhashana. Njengombusi wawo, uDeveli, angabaqambimanga. (Marku 3:22; Johane 8:44) Maqondana nalokhu, umcwaningi wemimoya waseBrithani ongasekho uMnumzane Arthur Conan Doyle wabhala: “Ngokudabukisayo, kumelwe sisebenzelane namanga aluhlaza cwé ezihlakaniphi ezinonya noma eziyingozi. Ngiyethemba ukuthi bonke abantu abaye bahlola loludaba baye bahlangana nezibonelo zokukhohlisa kwangamabomu lezo ngezinye izikhathi ezixutshwa nezinkulumo ezinhle neziyiqiniso.” (The New Revelation, ikhasi 72) Yebo, awufuni ukukhohliswa, akunjalo?
Manje, cabangela lokhu: Umlando usitshela ngokuthengiswa kwezigqila nezinhlupheko ezihambisana nakho. Ukhona yini owayengamukela ngokuzithandela ubunzima nokuhlazeka okunjalo? Lutho neze. Ngakho-ke kungani thina kumelwe sivumele ukugqilazwa imimoya emibi? Ayiqambi amanga kuphela kodwa futhi iphanga abantu inkululeko yabo futhi ingase ibaholele ngisho nasebudloveni nasekubulaleni. Ngokwesibonelo, uJosé oneminyaka engama-29 wasePernambuco, eBrazil, wathi ‘umoya wangena kuye, umphoqelela ukuba abulale indodakazi yakhe eyayinonyaka.’ Yebo, ukuzihlanganisa nemimoya emibi kungaholela ebugqileni obunjalo. Nokho-ke, njengoba nje izigqila ezihluphekayo zasendulo zazilangazelela inkululeko, ngokufanayo labo abagqilazwa amademoni namhlanje kumelwe bafune ukukhululeka. Enye indlela yokufinyelela lenkululeko iwukuyeka ukuya kwabanamadlozi nokuzama ukukhuluma nabafile. Ngenxa yalokho, ingabe . . .
Sikhona Yini Isidingo Sokukhuluma Nabafile?
Cha, ngoba asibona abangenalo usizo. Njengezingane ezithemba uyise, singacela usizo ngokukhululekile kukaBaba wasezulwini, ojabulela ukusiza abanhliziyo-ziqotho. (Luka 11:9-13) Umprofethi kaNkulunkulu uIsaya wabhala: “Lapho bethi kini: Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze—pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na? Emthethweni-ke nasebufakazini!”—Isaya 8:19, 20.
Yebo, sinesisekelo esiqinile sokuthembela kuJehova uNkulunkulu uma senza intando yakhe futhi senqaba ukuthintana nemimoya emibi. Umfundi ongumKristu uJakobe wabhala: “Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.” (Jakobe 4:7) Ngemva kokufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, indoda eyayisineminyaka engama-28 isebenzisa imimoya yaphawula: “Ungakwesabi lokho uDeveli angakwenza kulabo abayeka ukusebenzisa imimoya, kodwa, kunalokho, thembela kuJehova uNkulunkulu.”
Ukugcwalisa ingqondo ngeqiniso elivela eZwini likaNkulunkulu nokwenza ngokuvumelana nalo kuyosenza sikwazi ‘ukuhloma izikhali zonke [ezingokomoya] zikaNkulunkulu’ ukuze ‘sibe-namandla okumelana namaqhinga kaSathane’ futhi singagqilazwa amandla omoya omubi. (Efesu 6:11) Ngaphezu kwalokho, ukuthandaza njalo kuJehova kuyoletha isivikelo esinamandla ngokumelene nokuhlushwa amademoni.—IzAga 18:10.
Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi iqiniso ngesimo sabafile! Ukufa kufana nobuthongo obujulile. (Johane 11:11) Futhi uJesu Kristu waqinisekisa ukuthi kuzobakhona uvuko lwabafile.—Johane 5:28, 29.
Ikanye nomkayo nezingane, indoda ethile eyayithembele emimoyeni yafunda emiBhalweni ukuthi akukho noyedwa okudingeka azame ukukhuluma nabafile noma othile ozenza bona. Njengalomkhaya nabanye abaningi emhlabeni wonke, nawe futhi ungajabulela inkululeko engokomoya. (Johane 8:32) Funda iqiniso ngabafile nenjongo kaNkulunkulu ngesintu. Khona-ke ungabheka phambili esimisweni esisha sikaJehova, lapho ungakhuluma khona nabavukile abathandekayo futhi ujabulele ukuphila okuphakade ngaphansi kwezimo ezinokuthula.—Isaya 25:8.
[Isithombe ekhasini 4]
Ubani ngempela owakhuluma lapho iNkosi uSawule icela umbiko ovela kumprofethi owayesefile uSamuweli?