Wathola Umthombo Wenjabulo Eyengeziwe
Umbiko Ofudumeza Inhliziyo Ovela ETrinidad
“UTHISHA uyeka umsebenzi ukuze abe yisithunywa sevangeli.” Ngo-1955, lamazwi ayeyisihloko esigqamile sendaba yephephandaba lansuku zonke lakithi, iThe Trinidad Guardian. Ubani lothisha? Yini eyamshukumisela ukuba enze isinqumo esinjalo? Ingabe uye walahlekelwa okuthile yini ngokuthatha isinyathelo esinjalo? Ingabe namanje useyisithunywa?
USylvia wazalwa esigodini samafamu esibizwa ngokuthi iFlanagin Town maphakathi neTrinidad. Umphakathi omncane wawunabantu abalinganiselwe abafundile, futhi okuwukuphela kwesikole Lapho sasingaphansi kothisha bamaKatolika futhi sisingathwa umpristi owayevakashela lendawo kanye ngesonto. USylvia wayefundiswe Lapho futhi waba uthisha osengumfundi esikoleni esifanayo. Ngawo-1940 waqala ukuthola imfundo engokomoya embhangqwaneni okhulile, ongoFakazi BakaJehova. Lendoda nomkayo babebhekelwa phansi abantu abakanye nabo ababandlululayo ngokwenkolo. kodwa ngesibindi baqhubeka bememezela isigijimi seBhayibheli kuwo wonke umuzi. Omunye umbhangqwana wabajoyina, futhi leliqembu elincane lasebenzisa igilamafoni ephathwayo ukuze badlale izintshumayelo zeBhayibheli, ngemva kwazo babenikeza izincwadi ezichaza isigijimi.
INJABULO IYAQALA
Ugogo kaSylvia wayelalela izintshumayelo ezirekhodiwe, athathe izincwadi ezithile, azibeke ngaphandle kokuzifunda. Kodwa uSylvia wazifunda izincwadi. Ngakho-ke, ebudaleni beminyaka ye-17, wafuna oFakazi futhi wababuzisisa. Ngokushesha uSylvia waqala ukubakhona esifundweni seBhayibheli noFakazi abane emzini wakubo. Bobahlanu babehlala baxoxe ngemiBhalo bekhanyise isibani sikaphalafini, njengoba kwakungekho gesi.
Isinyathelo esilandelayo sikaSylvia sasiwukuxoxa nogogo wakhe nothisha abathile ngezinto ayezifunda. Ngokushesha izindaba ezinhle zasakazeka kuwo wonke umuzi ukuthi uSylvia ngokunyenya wayeya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. IKatolika elishisekayo lalingakwenza kanjani lokho? Ingabe wayengelona yini ilungu lekhwaya ka“Child of Mary”? Wayengeyena yini uthisha osengumfundi esikoleni samaKatolika? U“Fata” wayeyothini? Wayeyokwenzani? Umpristi waxosha uSylvia, emazisa ngencwadi ukuthi umsebenzi wakhe njengothisha esikoleni usuphelile ngenxa yokuphikelela kwakhe ehlanganyela enkonzweni yenkolo yamanga, njengoba ayeyibheka kanjalo.
Lokhu akuzange kuyinciphise injabulo yakhe. Eqinisweni, esikhathini esithile ngemva kwalokhu wabhapathizwa ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova uNkulunkulu. Ngo-1949, wangenela ikholiji kahulumeni yokuqeqesha othisha futhi wathola iziqu ngo-1950. Eminyakeni emihlanu eyalandela wafundisa esikoleni sikahulumeni kodwa, ngo-1955, wayeka umsebenzi wokufundisa futhi wanikezela sonke isikhathi sakhe ekuhlanganyeleni “izindaba ezinhle” zeBhayibheli nabanye. (Math. 24:14) Kungani uSylvia ayeka isikhundla sakhe? Kungani ayeka iholo elikhangayo langaso sonke isikhathi aye koshumayela isikhathi esigcwele njenge“phayona” ngaphandle kweholo eliqinisekisiwe?
KUNGANI APHAYONA?
Buza uSylvia futhi uyokunika izizathu eziningana ezithakazelisayo. Futhi, nakuba unina ayebaphikisa oFakazi, wayevumela uSylvia osemusha ukuba achithe isikhathi sakhe samaholide kwa-anti onguFakazi. Khona-ke wayechitha isikhathi sakhe esiningi ehlanganyela isigijimi seBhayibheli nabanye. USylvia wawajabulela kakhulu lamaholide futhi waphindela ekhaya eqinile ngokomoya futhi ekholwa ngokwandayo ngesidingo sokwazisa “izindaba ezinhle” ezimangalisayo kwabaningi kangangokunokwenzeka. Ngokungaphezulu, waba nokwazisa ukuthi into okumelwe ize kuqala ohlwini lomKristu lwezinto ezibalulekile uMbuso. (Math. 6:33) Ezimweni zakhe, uSylvia wabona ukuthi kwakubaluleke kakhulu kuyena ukusakaza iqiniso leBhayibheli kunokuba angenele umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele.
Ngisho nanamuhla uSylvia usaxoxa ngethonya elinamandla alithola kumaphayona athile, uConstance Mills noMaude De Freitas. Ukhumbula ngokusobala injabulo yabo kuJehova, intshiseko ecebile ngomsebenzi wesikhathi esigcwele kanye namakhono avelele okuxoxa ngoMbuso nokuwenza ubonakale sengathi ungokoqobo kuyena. USylvia uyamazisa futhi noMzalwane osekhulile uWilliam Jordan futhi ukhumbula ngokukhanyayo izingxoxo zakhe ngesikhathi sokudla nangendlela asizwa ngayo ukuba agxilise ingqondo yakhe enkonzweni kaJehova. Ngakho wayeka ukufundisa ukuze abe iphayona. Walahlekelwa yini? “Ukuba iphayona kwasho ukulahlekelwa ikhaya elinethezekile nomsebenzi wami. Kwafuneka ngisiyeke isivumelwano somshwalense nomqondo wokuthenga imoto,” washo. “Kodwa ngaqaphela ukuthi enganginakho kwakunikezelwe kuJehova, futhi lokho kwaxazulula udaba.”
USylvia ubengakutshela ukuthi ukuba iphayona kwakungesinye sezinqumo eziningana ezinkulu. Esinye sasihilela indaba yomuntu siqu yokushada. Akakashadi futhi akanawo umuzwa wokuthi mubi kunabashadile. Nakuba kungekhona ukuthi uzenzela umkhankaso womuntu siqu okhuthaza ukungashadi, wenza isinqumo sokuhlala engashadile. “Akukhona ukuthi abazalwane babengangiceli. Ngazithola ‘izicelo’ ezithile” uyasho. “Kodwa sengisenzile isinqumo sami, futhi ukuphila kwami kugcwele kuyajabulisa. Anginawo umuzwa wokuthi ngilahlekelwe okuthile. Ngaphandle kwalokho ngimatasa kakhulu ukuba ngingazikhathaza ngento yohlobo olunjalo.”—Math. 19:10-12.
IZIBUSISO ZANDISA INJABULO
Okuthile okwakuyisibusiso esingabonakali kwakuwukwabelwa futhi kukaSylvia eTrinidad njengephayona elikhethekile ngemva kokuthola iziqu esikoleni sezithunywa zevangeli saseGilead ngo-1959. Wayebheke phambili ngentshiseko ekukhonzeni kwelinye izwe, futhi ngokuqondile uthi: “Ngazizwa ngidumazekile ngandlelathize Lapho ngizwa ukuthi ngangithunyelwa emuva eTrinidad ukuba ngiyobhekana nezindawo ezizungelize ezifanayo.” Kodwa ingabe lokhu kwaphumelela kahle ngaye?
USylvia uthi ngokusetshenziswa kwakhe uJehova: “Uye wangisebenzisa ekusizeni amaqembu ayisithupha, abane, abathathu futhi ngezinye izikhathi oyedwa kwababili. Ngiye ngaba nelungelo lokusiza abafowethu benyama nodadewethu kanye nabangane babo bomshado. Kujabulisa inhliziyo ukubona nokubezwa bezikhulumela ngokwabo ngoJehova nangombuso wakhe.” Cishe akwenzeki ukuba isimiso sobhapathizo sidlule ngaphandle kokuba omunye wezifundo zikaSylvia abe phakathi kwalabo abayocwiliswa emanzini.
Kwakungekhona ukuthi kwakushelela ngaso sonke isikhathi. Ingani, ikhaya likaSylvia ngomunye unyaka lasha laba umlotha, futhi yena nomngane wakhe balahlekelwa yiyo yonke into! Kodwa oFakazi abakanye nabo babahlalisa emakhaya abo futhi babanika okokwembatha kwaze kwaba yilapho bezimela ngokwabo.—Marku 10:29, 30.
Ngo-1968, uSylvia kwafuneka ukuba anqume ukuba wayeyohlala esenkonzweni yesikhathi esigcwele yini. Nansi indlela akubeka ngayo: “Ngangibhekene nodaba lwegazi, njengoba kwakufuneka ngihlinzwe kakhulu esiswini. Ukuhlinzwa kwaphumelela. Akukho gazi elasetshenziswa, kodwa ngaba buthakathaka kakhulu futhi ngisesimweni sokucindezeleka. Kwakufuneka nginqume ukuthi ngiyoqhubeka yini ngisemsebenzini wesikhathi esigcwele noma cha. Abanye oFakazi abakanye nami bacabanga ukuthi kufanele ngiwuyeke umsebenzi wesikhathi esigcwele ngangibuthakathaka kakhulu. Kodwa uJehova wayizwa imithandazo yami futhi wangiphakamisa. Wawavuselela amandla ami, futhi, ngemva kwezinyanga ezintathu, ngangiphindele ensimini ngifuna ‘izimvu’ zakhe. (Isaya 40:28-31) Mina ngokwami, ngicabanga ukuthi manje ngiyakwazi ukufeza okungaphezu kwalokho engangikwenza ngaphambi kokuhlinzwa, ngibonga uJehova.”
USylvia unobuntu obujabulisayo. Umuntu okungenzeka wehlisa umgwaqo futhi ambone phambi kwakhe—isimo somzimba sobuntombi, ugqoke ngokulinganisela futhi kahle, nokumomotheka okujabulisayo ebusweni bakhe. Kungokwemvelo kakhulu ngabantu ukuba bamukele izincwadi zeBhayibheli azihambisayo. Njengoba exoxa, abamlalele bathonywa injabulo yakhe ngokuphila. Ubhekisela kuJehova njengomthombo wenjabulo: “Ukuzwa ukunakekela kwakhe kothando, nokuzwela kuyo yonke iminyaka nokusebenza naye kuye kwaba okuhlangene nakho okuvuzayo nokuhlaba umxhwele. Ngokuzithoba ngibonga uJehova.” Ngempela, “abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova.”—Isaya 29:19.