Ukuthokozisa UJehova Njengomkhaya
“Bafazi, thobelani amadoda enu . . . Madoda, thandani omkenu, . . . Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.”—Kolose 3:18-20.
1. Iyini indingeko eyisisekelo ngomkhaya ukuze uthokozise uJehova, kodwa isiphi isithiyo okumelwe kubhekwane naso?
INDINGEKO eyisisekelo ngomkhaya wamaKristu ofisa ukuthokozisa uMdali iwukuzithoba egunyeni eliphethe elimiswe kahle. Uyini umbono wakho ngegunya? Ukufunda amaphephendaba nomagazini, ukubuka izindaba zezinhlelo ze-TV, noma ukulalela izindaba zomsakazo kunikeza ubufakazi obuningi bokuthi ezweni lonke kukhona isimo sokwedelela igunya. Lesisimo singakuthonya kalula ukucabanga komuntu. Emkhayeni singabangela ukuphazamiseka okukhulu uma umbono womuntu wokuzithoba egunyeni uthonywe izehlakalo ezimzungezile ezenzeka usuku ngalunye.
2-4. Imiphi imibuzo ebhekene nemikhaya lapho kuziwa ekuqapheleni igunya?
2 Uma uyindoda futhi ungubaba, ukubheka kanjani ukusebenzisa kwakho igunya emkhayeni? Ingabe unomuzwa wokuthi inhloko yomkhaya, indoda, kumelwe ingaphikiswa ezindabeni eziphathelene nomkhaya, nokuthi kuyilungelo lakho ukubusa umkhaya wakho? Noma, kungaba okuthokozisa ngokwengeziwe yini kuwe ukumane nje ushiyele kumkakho ukuba abambe izintambo zobunhloko ukuze ugcine ukuthula ekhaya?
3 Uma ungumfazi nomama, ingabe kuyakucasula ukuba ngaphansi kwegunya elisetshenziswa umyeni wakho? Ingabe ukuthola kunzima ukwamukela indlela umyeni wakho asebenzisa ngayo igunya emkhayeni? Ingabe uzithola uhlubuka, ufuna ukukhululeka kwelinjalo igunya?
4 Uma ungumfana noma intombazane, ulibheka kanjani igunya labazali bakho, make sithi elikayihlo, elikamama wakho noma umondli? Ingabe uzithola uzithoba ngokuzithandela ekuqondiseni kwabo? Noma ingabe ulwa negunya labo? Ingabe ufuna ukuzibusa nokukhululeka egunyeni labo?
5. Ibuphi ubuhlobo obuthintwa umbono womuntu ngegunya?
5 Umbono womuntu ngegunya nokuzithoba kwakhe kulo kunomphumela ojulile nohlala njalo ebuhlotsheni noMdali uJehova, nabanye, kokubili ezweni esiphila kulo nasebuhlotsheni bomkhaya. Ngakho-ke kuhle ukwazi indlela labo abathi bangamaKristu namuhla okumelwe basabele ngayo egunyeni, ikakhulukazi maqondana nelungiselelo lomkhaya. Kumelwe sifune ukuthokozisa uMdali njengomkhaya.
ILUNGISELELO LOMKHAYA
6, 7. Imuphi umyalo uJehova awunikeza umbhangqwana wokuqala ongabantu, futhi iyiphi indima ayejonge ukuba owesifazane ayifeze?
6 Okokuqala, uJehova uNkulunkulu, uMdali wethu, nguYena owaqamba umkhaya. Waqala e-Edeni ngomyalo kaNkulunkulu endodeni yokuqala nowesifazane lapho ethi “zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe.” (Genesise 1:28) Kuze kube namuhla umkhaya uyaqhubeka ufeza indima ebaluleke kakhulu ekugcwaliseni injongo kaJehova ngomhlaba.—Efesu 3:14, 15.
7 Sitshelwa ukuthi, elungiselelweni lokuqala lomkhaya elenziwa uNkulunkulu, owesifazane wenziwa umphelelisi wendoda, hhayi isidalwa esiphansi nganoma iyiphi indlela. Kunalokho, owesifazane wadalwa ukuba afeze indima yokusekela njengomsizi womyeni wakhe. (Genesise 2:18) Babeyoveza ndawonye abantwana futhi bakhe iqembu lomkhaya.
INDIMA YENDODA NOMFAZI
8. (a) Kwakumelwe igunya lisetshenziswe kanjani? (b) Kwakumelwe ube yini umbono wendoda ngomkayo?
8 Ukuze umkhaya uthokozise uMdali, kudingeka ube nokuhleleka nokuqondiswa. Umbhangqwana wokuqala wabantu watshelwa ukuba ‘ubuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.’ (Genesise 1:28) Indoda, uAdamu, yaba isidalwa sokuqala sikaNkulunkulu esingumuntu. Ngenxa yokuthi uJehova unguNkulunkulu uMninimandla onke noMdali, unelungelo lokusho indlela igunya okumelwe lisetshenziswe ngayo emhlabeni. UNkulunkulu wanquma ukuthi igunya laliyokwedluliselwa ngendoda kowesifazane bese liya kubantwana. (1 Korinte 11:3) Ngokomlando weBhayibheli kusobala ukuthi leligunya lalingenakusetshenziswa ngendlela yobushiqela noma yobuzwi lakhe. Phawula amazwi ka-Adamu lapho ebona ngokokuqala ngqá umphelelisi ayemdalelwe uNkulunkulu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” (Genesise 2:23) Lamazwi amahle awabonisi nakancane ukuthi uAdamu wayezoba umashiqela phezu kwesidalwa esiphansi. Wathi owesifazane owayelethwe kuye ‘wayeyithambo lamathambo akhe nenyama yenyama yakhe,’ okuthile okumelwe kuphathwe kahle kunakekelwe ngisho njengomzimba wakhe. Emakhulwini amaningi eminyaka kamuva, umphostoli uPawulu walobela amaKristu, ewanikeza iziqondiso zendlela indoda okumelwe ithande ngayo umkayo futhi imnakekele. Wathi: “Amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle.”—Efesu 5:28, 29.
9. (a) Yimuphi umbono okumelwe owesifazane abe nawo ngomyeni wakhe? (b) Abazali bobabili kumelwe bakuphathe kanjani ukukhulisa abantwana emkhayeni?
9 Injongo kaJehova kwakuwukuba indoda ibe inhloko yowesifazane. (Efesu 5:23, 24) Owesifazane, njengomphelelisi wendoda, kwakumelwe aphathwe ngodumo nangothando, ukuze naye ngokufanayo, abe ‘nenhlonipho ejulile’ ngomyeni wakhe futhi ‘azithobe’ ngokuzithandela. (Efesu 5:33; 1 Petru 3:1) Ababili, abasebenza ndawonye babezoveza abantwana, badlulisele kubo ngezwi nangesibonelo lokho okwakuthokozisa uJehova ukuze ilungiselelo lomkhaya lithole isibusiso sakhe. Njengoba uNkulunkulu abonisa kamuva, ekusebenziseni igunya kubantwana babo ubaba nomama kumelwe bakugweme ukucunula abantwana babo. Kunalokho, abantwana kumelwe bakhuliswe ngokuyala nokuqondisa kukaJehova. Kumelwe banikezwe ukuqondisa kobuKristu nesiyalo. (Efesu 6:4; qhathanisa nezAga 1:8, 9.) Abazali futhi batshelwa ukuba basebenzise induku yokuyala uma kudingeka. (IzAga 13:24; 29:15) Nakuba siye sathinta kafushane ngemithwalo yemfanelo yendoda nomfazi, kusobala ukuthi ilungiselelo likaJehova liwukuba, phakathi emkhayeni, igunya lisetshenziswe ngothando nangokufanelekile.
UMTHWALO WEMFANELO WABANTWANA
10. Ngenxa yesifiso sokuzinqumela, abantu abaningi abasha basabela kanjani, futhi iyini injongo yokwaziswa okuzolandela lapha?
10 Izinto ezisakaza izindaba neminye imithombo osukwini lwethu ziye zagcwalisa izingqondo zabantu ngesifiso sokuzibusa. Abantu abaningi abasha bayahlubuka kunoma ikuphi ukuqondiswa kokuphila kwabo ngabazali noma elinye igunya. Nakuba kuyiqiniso ukuthi ubaba nomama banomthwalo wemfanelo omkhulu ekusebenziseni kahle igunya emkhayeni, abantwana, nabo, banemithwalo yemfanelo. Kungenxa yokudingeka kwemikhaya eqinile, ephilile ngokomoya ethokozisa uJehova ukuthi sizocabangela ezinye zezinkinga ezimaqondana nabantwana, nokuqaphela igunya nokuzithoba ngokufanelekile kwabo kulo.
11. (a) Kusho ukuthini ‘ukwazisa uyihlo nonyoko’? (IzAga 1:8, 9; 4:1-3) (b) Umntwana kumelwe asabele kanjani nakuba ecabanga ukuthi amalungelo akhe ayaphazanyiswa? (IzAga 3:11, 12)
11 “Yazisa uyihlo nonyoko”: Umphostoli uPawulu lapho exoxa ngalokhu, okungowesihlanu wemiThetho eyiShumi, wathi “okungumyalelo wokuqala onesithembiso,” okungukuthi, “ukuze izinsuku zakho zibe-zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.” (Eksodusi 20:12; Efesu 6:2, 3) Umntwana othi ungumKristu ungaphansi kwesibopho sokuzithoba emyalweni wokwazisa uyise nonina. Umntwana ubazisa, futhi ayibonise kanjani inhlonipho ngabazali bakhe? Ngokuqinisekile lowomntwana kumelwe abonise uthando ngabazali bakhe nokwazisa umzamo abawenzayo wokunakekela nokuqeqesha umntwana onjalo. Abantwana kumelwe bafunde ukuhlonipha isahlulelo nezinqumo zabazali babo. (IzAga 22:15) Ngisho nalapho abantwana bengase bacabange ukuthi amalungelo abo siqu ayaphazanyiswa, babophekile ukuba ‘balalele abazali babo eNkosini.’ (Efesu 6:1) Ukuze ‘izinsuku zabantwana zibe zinde emhlabeni’ futhi bathole ukwamukelwa kukaJehova ekuphileni okuzayo, kumelwe bazise abazali babo.
12. (a) Iliphi igunya lomzali womuntu noma umondli, okumelwe liqashelwe ukuze kuthokoziswe uJehova? (b) Ontanga ngezinye izikhathi bababheka kanjani labo abagcina ukuziphatha okuhle? (IzAga 1:10-16)
12 Ukuqaphela igunya: Okuhlobene eduze nokwazisa abazali bakhe umuntu kuwukuqaphela igunya, ilungelo labazali lokubeka imincele ethile nokunquma ukuthi yini abantwana babo abangayenza nabangenakuyenza. Ukuzithoba egunyeni ngokuvamile kunzima kakhulu kubantwana futhi kungase kubangele ukuxabana okuningi emkhayeni. Njengoba kuphawulwe ekuqaleni, izinto ezisakaza izindaba neminye imithombo ngokuvamile zinikeza ukwaziswa okululaza igunya lobuzali, zikhuthaze ukuba abasha bafune ukukhululeka egunyeni lobuzali. Isibonelo esifakazela lokhu isimo esithathwayo namuhla maqondana nokuziphatha okubi. Lesisimo siye sathuthuka saze safinyelela ezingeni lokuthi ngokuvamile izinsizwa noma izintombi ezigcina ubumsulwa ngokokuziphatha zicatshangelwa njengezigulayo ngontanga bazo. Abantu ababizwa ngokuthi abangane babo bacabangela labo ababambelela ezindinganisweni eziphakeme zokuziphatha zeBhayibheli njengababuthakathaka ngandlela thile, abangakhangi, “abayisidala.”—Bheka 1 Petru 4:4.
13. Ngezinye izikhathi, eminye imithetho yomuntu isebenza kanjani njengekhuthazela ekwenzeni okubi?
13 Eminye imithetho kahulumeni eqinisweni isebenza njengekhuthaza izintombi ukuba zihlanganyele ekuziphatheni okubi ngokwenza amalungiselelo okukhipha izisu ngaphandle kwemvume yabazali. Enye intombazane eneminyaka eyi-15 yaveza ukuthi udokotela wayenqabe ukubhoboza izindlebe zayo ngaphandle kwemvume yabazali kodwa iNkantolo Ephakeme yaseUnited States yayiyale ukuthi intombazanyana encane ingasikhipha isisu ngaphandle kwemvume yabazali bayo. Muva nje omunye udokotela, lapho eloba kwethi Journal of the American Medical Association ngemizamo yokwandisa ukukhangisa ngezinto zokuvikela inzalo, wathi: “Ngiyashaqeka ngokuzimisela kwezazi zezokwelapha ukwamukela ukuziphatha okubi kobulili—ngisho nokukubangela. . . . Ngikholelwa ukuthi kumelwe sisebenzise amanye amasu ethu ekufundeni ukubangela izenzo ezifanelekile nezinempilo zobulili, kuhlanganisa ubumsulwa nokwethembeka.”
14. Abafana namantombazane abafuna ukuthokozisa uJehova kumelwe bababheke kanjani abazali abazama ukubalinda ekuziphatheni okubi?
14 Iseluleko esiqondile seZwi likaNkulunkulu kwabase-Efesu 6:1 sithi: “Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokhu kulungile.” Ukulalela kufuna ukuqaphela igunya. Abazali banikezwe umthwalo wemfanelo wokukhulisa abantwana babo ngezindlela ezibekwe eZwini likaNkulunkulu ukuze bamthokozise, futhi leloZwi limelene nobufebe, ukuziphatha okubi kobulili. (Eksodusi 20:14; 1 Korinte 6:9, 10) Uma abantwana benabazali abanesithakazelo ekuzilindeni kwabo kulelizwe eliziphethe kabi, labobazali bakufanele ukusekelwa ngokwethembeka ngabantwana babo. Kunokucunulwa ukuba ngaphansi kwegunya elinjalo labazali, umntwana onengqondo, owesaba uNkulunkulu uyolandela iseluleko esingokweBhayibheli sokubalalela, azi ukuthi lokhu kunokuvunyelwa kwaphezulu, kuyomlethela okuhle nesithembiso sekusasa elilondekile.—IzAga 3:1, 2.
15. Yini engengathi sína ngokwenqaba ukubonisa intobeko egunyeni labazali?
15 Ukwenqaba ukubonisa ukuzithoba kubazali kuwukungamlaleli uJehova uNkulunkulu. Njengoba nje uJehova ebeke imithetho yakhe nezimiso zokubusa umkhaya wesintu, ngakho-ke unikeze abazali ilungelo lokumisa izimiso eziqondile—imithetho yekhaya, ungase usho—yokuziphatha kweqembu lomkhaya abantwana abayingxenye yalo. Uma leyomithetho nezimiso kungamelene neZwi likaNkulunkulu, abantwana banesibopho sokuzithoba egunyeni labazali.
UTHANDO EMKHAYENI
16, 17. (a) Ngomkhaya ofuna ukuthokozisa uJehova, lubaluleke kangakanani uthando? (b) Isiphi iseluleko esiqondile abaseKolose 3:12-14 abasiqukethe? (c) Ukuze iseluleko sikaPawulu kwabaseKolose siphumelele, yini encomekayo?
16 Uthando lomkhaya: Ukuze uJehova athokoziswe ngomkhaya, kumelwe uthando luboniswe kubazali. Amadoda atshelwa ukuba athande abafazi bawo njengoba ezithanda, futhi abafazi kumelwe babe nenhlonipho ejulile ngabayeni babo. Bonke, abazali nabantwana ngokufanayo kumelwe babonisane umthetho omkhulu wothando. (Jakobe 2:8) Umphostoli uPawulu wanikeza iseluleko esiqondile ngalendaba lapho eloba: “Yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobubele, nokubhekakade, nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye, njengoba nenkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.”—Kolose 3:12-14.
17 Lawo akuwona amazwi okumelwe afundwe noma ashiwo nje ngomlomo. Amazwi omoya ongcwele okumelwe acatshangelwe ngokungathi sína. Kutuswa ukuba wonke umuntu ofunda lesihloko ahlolisise ngayinye yelezozimfanelo zobuKristu. Zindla ngazo. Cabanga ngazo uziqhathanise nomkhaya oyingxenye yawo. Amazwi kaPawulu abuthinta kanjani ubuhlobo bakho nomyeni wakho, nomkakho, noyihlo, nomama wakho noma abanye emkhayeni wakho? Ingabe uyamthokozisa uJehova ngendlela ngayinye ephawulwe umphostoli? Umuntu akanakuvumelanisa ukuphila kwakhe nalawomazwi eseluleko futhi ngesikhathi esifanayo akhalele ukukhululeka ekuphatheni kobuzali noma ahlanganyele ekuthethisaneni nabazali bakhe. Ngisho nabazali abanakwenza ngaleyondlela kubantwana babo. Umkhaya othokozayo onesibusiso sikaJehova kumelwe ucabangele njalo ngokujulile nangokungathi sína isiyalo esiseZwini likaNkulunkulu, ukuze ulingise ‘uMuzwi wemithandazo,’ lowo ngomoya ongcwele owaphefumlela ukuba amazwi anjalo alotshwe.—IHubo 65:2; Efesu 4:31, 32; Kolose 3:15-17.
18. Yimaphi amaqiniso okumelwe sibhekane nawo namuhla, aholela kumiphi imibuzo?
18 Kungakhathaliseki ukuthi kukhona bobabili ubaba nomama emkhayeni, noma kunomzali oyedwa, umyalo nomthwalo wemfanelo uyefana. Nokho, kuyadabukisa ukuthi kukhona onamandla, futhi ngesinye isikhathi ophumelelayo umzamo owenziwa uSathane wokwehlukanisa imikhaya nokuyinqoba. Umuntu ngamunye ofunda lesihloko kumelwe akhumbule ukuthi uDeveli uhamba ‘njengebhubesi elibhodlayo, efuna angamgwinya.’ (1 Petru 5:8) Ingabe siyomvumela ukuba ahlukanise ubunye bemikhaya yethu obumthokozisa kakhulu kangaka uJehova? Ingabe siyowela emoyeni wokuzinqumela, wokuthi: “Angibophelekile ukuba ngilalele abazali bami; ngizokwenza ngendlela engithanda ngayo”? Ukulandela inkambo enjalo kungasilahlekisela injabulo futhi singamukelwa uNkulunkulu.
19. Umkhaya wamaKristu ufinyelela kanjani ekujabuleleni isibusiso sikaJehova?
19 Ukuze sijabulele ukwamukelwa uJehova—futhi phela, unamandla okunikeza ukuphila nokufa—kumelwe sisekele igunya njengoba elimise elungiselelweni lomkhaya. Kungokwenzuzo yethu ukuzithoba kulo. Kulapho-ke kuphela lapho injabulo yoqobo nokwaneliseka kungatholakala khona. Ngenxa yokuthuthukisa ubunye nokuvumelana komkhaya, singase sifune ukusebenzisa kithi isibusiso iNkosi uDavide wasendulo akhuluma ngaso lapho ethi: “Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na? Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi inkohliso. Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.”—IHubo 24:3-5.
UZUZENI KULENGXOXO?
• Kungani umbono wakho ngegunya uhilelekile ekutholeni injabulo emkhayeni?
• Imaphi amavesi eBhayibheli achaza indima yendoda nomfazi emkhayeni wamaKristu?
• Imiphi imiphumela emihle eba khona lapho abantwana bazisa futhi beqaphela igunya labazali babo?
• Ukusebenzela ukwandisa uthando emkhayeni kungasiza kanjani ekumelaneni namandla azama ukwehlukanisa imikhaya eminingi?
• Maqondana nalokho okuxoxwe ngakho, uyosebenzela kuphi ukuze umkhaya wakho ube omthokozisa ngokwengeziwe uJehova?
[Isithombe ekhasini 16]
UJehova wayejonge ukuba indoda nomfazi baphelelisane futhi babe munye ekumkhonzeni
[Isithombe ekhasini 19]
Basha, ingabe niyithakazelela ngobuqotho indima yenu emkhayeni? Bazali, ingabe nisebenzelana nabantwana benu ngendlela encomeka kuNkulunkulu?