Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Indodana yami, eyabhapathizwa isengumfana, manje ishadile futhi inomkhaya. Ngenxa yokucindezeleka ukuze iziphilise iye yaphola ngokomoya futhi ayisazihlanganisi nebandla. Ingabe kumelwe ibhekwe njengomuntu “ozehlukanisile”?
Akukho lutho encazelweni yakho engadinga umbono onjalo. Umbuzo kungenzeka uphakanyiswa ukungaqondi ukuthi kusho ukuthini ukubhekwa njengo“zehlukanisile.”
INqabayokulinda kaMarch 1, 1982, ikhasi 22, yabonisa ukuthi kukhona umehluko phakathi (a) komKristu oba buthakathaka ngokomoya futhi aphole, nomuntu (b) okuphika ngokusobala ukuba kwakhe ngomunye woFakazi BakaJehova, kuholele abadala bebandla ukuba bamemezele ukuthi “uzehlukanisile” ngokwakhe. Kubonakala sengathi indodana yakho ifanelwe incazelo yokuqala.
INqabayokulinda yaphawula ukuthi amanye amaKristu aba buthakathaka okholweni nangoko moya. Lokhu kwenzeka ekhulwini leminyaka yakuqala. (Roma 14:1, 2; 1 Korinte 11:30) Akusho ukuthi sebeyekile ukuba amaKristu. Ngisho noma bengaba buthakathaka kangangokuba bangasahlanganyeli nabanye “izindaba ezinhle” futhi bengasabibikho emhlanganweni, futhi bengalethi isihlamba ebandleni lobuKristu, kumelwe babhekwe njengabafowethu abangokomoya nodadewethu. Kumelwe sifune ukubasiza ngothando, silandele iseluleko sikamphostoli uPawulu: “Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.” Nakuba ngokuvamile kuhola abadala kulokhu, kumelwe kuqashelwe ukuthi lesiseluleko sasiqondiswe kulo lonke “ibandla labaseThesalonika.” (1 Thesalonika 1:1; 5:14) Ngakho-ke abadala nabanye bangase banikeze usizo olubonisa uthando nesikhuthazo, bekhumbula lesiseluleko: “Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo, nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyazeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.”—Heberu 12:12, 13; IsAmbulo 3:1-3.
Yindaba ehlukile ngomuntu owayengumKristu o“zehlukanisile.” Lencazelo isebenza ngokuyisisekelo ezimweni ezimbili:
Okokuqala, nakuba kungavamile, umuntu angase anqume ukuthi akasafuni ngokuphelele ukuba uFakazi. Asibhekisele kumuntu ofana nalona ochazwe ngenhla, obuthakathaka ngokomoya, noma umKristu odumazekile ongase abe nokungabaza okuthile. Kunalokho, sisho othile omemezela ngokuqinisa ukuthi nakancane akaseyena omunye woFakazi BakaJehova. Njengoba esikhathini esedlule waba yilungu lebandla elibhapathiziwe ngokuzithandela, manje kungase kube okufanelekile ukuba azise ibandla ukuthi useyabuqeda lobobuhlobo. Kuyoba kuhle uma lokho engakwenza ngencwadi emfushane ayise kubadala, kodwa ngisho noma ekusho ngokukhanyayo ngomlomo ukuthi uyakulahla ukuma kwakhe njengoFakazi, abadala bangasisingatha isimo.—1 Johane 2:19.
Isimo sesibili sihilela umuntu ophika indawo yakhe ebandleni ngokujoyina inhlangano yezwe enezinjongo eziphikisana neseluleko esinjengesitholakala kuIsaya 2:4, lapho sifunda khona ngokuqondene nezinceku zikaNkulunkulu: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba. Isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Futhi, njengoba kushiwo kuJohane 17:16, “abasibo abezwe, njengalokhu nami [uJesu] angisiye owezwe.”—Qhathanisa nesAmbulo 19:17-21.
Kunoma yisiphi kulezimo ezimbili, umuntu ngezwi futhi/noma ngezenzo uye wasiphelisa ngokuzimisela isimo sakhe njengomunye woFakazi BakaJehova, ezehlukanisa ngokwakhe. Ngakho-ke, abadala bayokwazisa kafushane ibandla ukuthi lowomuntu uye wazehlukanisa ngokwakhe. Abasebandleni bazosamukela isinqumo salowomuntu futhi ngemva kwalokho bayombheka njengowayengumzalwane abangasoze badlelana naye, ngokuvumelana nalokho esikufunda kwabaku-1 AbaseKorinte 5:11 nowesi-2 Johane 9-11.
Njengoba kuqondakala, indodana ebuthakathaka ngokomoya futhi eyaphola umbuzo ovela ngayo ayikabi umuntu “ozehlukanisile” ngokuvumelana nowodwa kulemiqondo emibili futhi akukho saziso esinjalo esenziwa ebandleni. Ngakho-ke kusenokwenzeka ukuba isizwe ngokomoya wamaRoma 15:1: “Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla.”—Bheka no-Isaya 35:3.