Imibuzo Evela Kubafundi
◼Kuyini ukusabela okufanelekile kwebandla uma othile eshiya ukholo lobuKristu beqiniso ahlanganyele nenye inkolo?
Ngesinye isikhathi yake yenzeka into enjalo ekhulwini lokuqala. Ngakho, kungokuqondakalayo ukuthi ngezinye izikhathi iyenzeka namuhla. Lapho yenzeka, ibandla lisabela ngokufanelekile ukuze livikele ukucoceka okungokomoya kwamaKristu athembekile akulo.
Esinye isichazamazwi sichaza ukuhlubuka “njengokwenqaba komuntu inkolo yakhe, izimiso, inhlangano yezombangazwe, njll.” Esinye sithi: “Ukuhlubuka . . . 1 : ukwenqatshwa kokholo lwenkolo 2 : ukushiywa kokwethembeka kwakuqala.” Ngokufanelekile, uJuda Iskariyothe waba necala lohlobo oluthile lokuhlubuka lapho eshiya ukukhulekela kukaJehova uNkulunkulu ngokukhaphela uJesu. Kamuva, abanye baba izihlubuki ngokushiya ukholo lweqiniso ngisho nalapho umphostoli uJohane kanye nabanye abafundi bokuqala besaphila. UJohane wabhala: “Baphuma kithi, kodwa bangesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, bebeyakuhlala nathi.”—1 Johane 2:19.
Yini okumelwe yenziwe lapho into efanayo yenzeka namuhla? Abadala, noma abelusi, bebandla bangase bezwe ngomKristu obhapathiziwe oye wayeka ukuhlanganyela nabantu bakaJehova futhi ngokukhanyayo oye wahlanganyela nenye inkolo. Ngokuvumelana namazwi kaJesu ngokukhathalela noma iyiphi imvu edukayo, abelusi abangokomoya kumelwe babe nesithakazelo ekusizeni umuntu onjalo. (Mathewu 18:12-14; qhathanisa neyoku-1 Johane 5:16.) Kodwa kuthiwani uma abelusi abamiselwe ukuhlola indaba bethola ukuthi umuntu akasafuni ukuzihlanganisa nabantu bakaJehova futhi uzimisele ukuhlala enkolweni yamanga?
Bayomane bamemezele ebandleni ukuthi onjalo uye wazehlukanisa futhi ngalokho akaseyena omunye woFakazi BakaJehova. Umuntu enjalo uyobe ‘ushiye ukwethembeka kwakhe kwakuqala,’ kodwa akudingekile ukuba kuthathwe noma isiphi isinyathelo sokususa ekuhlanganyeleni okusemthethweni. Ngani? Ngoba useye wazehlukanisa kakade nebandla. Ngokunokwenzeka akazami ukuzigcina ethintana nabazalwane bakhe bakuqala ukuze abancenge ukuba bamlandele. Ngokohlangothi lwabo, abazalwane abathembekile abafuni ubudlelwane naye njengoba ‘aphuma kubo, ngoba engesiye owakubo.’ (1 Johane 2:19) Umuntu onjalo ozehlukanisile oye ‘waphuma kithi’ angase aqale ukuthumela izincwadi ezikhuthaza inkolo yamanga noma ukuhlubuka. Lokho kuyogcizelela ukuthi ngempela lowomuntu ‘akayena owakithi.’
Nokho, imiBhalo ixwayisa ngokuthi abathile babeyozama ukuhlala phakathi kwabantu bakaNkulunkulu futhi lapho bazame ukudukisa abanye. Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.” (IzEnzo 20:30) Waxwayisa ngokuqondile amaKristu ukuba ‘aqaphele ababanga ukwehlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso abafundiswa sona bona, bahlukane nabo.’—Roma 16:17, 18.
Ngakho uma othile ebe umfundisi wamanga phakathi kwamaKristu eqiniso, njengoba kwenza uHimenewu noFiletu osukwini lukaPawulu, abelusi bomhlambi kuyofuneka bathathe izinyathelo ezivikelayo. Uma umuntu engasinakanga iseluleko sabo sothando futhi waqhubeka ekhuthaza ihlelo, ikomiti labadala lingasusa ekuhlanganyeleni, noma lixoshe, onjalo ngenxa yokuhlubuka. (2 Thimothewu 2:17; Thithu 3:10, 11) Abazalwane nodade ngabanye ebandleni bayolandela isiqondiso sikaPawulu ‘sokugwema’ lowo oye wazama ‘ukubanga ukwahlukana.’ UJohane weluleka ngokufanayo: “Uma kufika umuntu kini engalethi lokhokufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli.”—2 Johane 10.
■ Lapho amaJuda ebuyela eJerusalema evela ekuthunjweni eBabiloni, ingabe uhambo lwawo lwalungamakhilomitha angama-800 noma ayi-1 600?
Ibanga eliqondile elisuka eBabiloni lasendulo liya eJerusalema lalilinganiselwa emakhilomitheni angama-800. Uhambo olunjalo lwaluyosho ukunqamula ezindaweni ezimbi kakhulu, ezihlanganisa izinkangala ezomile noma ugwadule. Enye indlela eyayonobude obabuphindwe kabili kunalena yayinyuka ngesihosha sase-Ewufrathe iye ngaseHarana, bese yehla ngeDamaseku iye eZweni Lesithembiso. UAbrahama wasebenzisa lendlela yamuva ngesikhathi esusa umkhaya wakhe eUriya ewuyisa eKhanani.—Genesise 11:31–12:5.
IBhayibheli aliyichazi indlela eyasetshenziswa amaJuda ngesikhathi ebuyela eJerusalema evela ekuthunjweni eBabiloni. (Ezra 8:1-32; 7:7-9) Ngakho-ke noma iyiphi kulezinombolo ezimbili ingaba ngeqondile futhi ingase isetshenziswe lapho kukhulunywa ngohambo. Okubaluleke kakhulu iqiniso lokuthi amaJuda abuyiselwe ayesezokhululeka ezinkolelweni nasezinqubweni zaseBabiloni njengoba ayedlula ‘eNdleleni yobuNgcwele.’—Isaya 35:8-10; qhathanisa namakhasi 153 kuya ku-157 encwadi ethi Man’s Salvation out of World Distress at Hand! eyakhishwa ngo-1975.