Ukuqondisisa Izindaba
Ukubaluleka Okukhulu Kukamama Wekhaya
Ngosizo lwabongi nomnyango wezemisebenzi, ummeli wamadivosi waseChicago uMichael Minton muva nje wabala imali yazo zonke izinkonzo ezingase zenziwe umama wekhaya. Imali yaba i-4 160 ngonyaka. Phakathi kwemisebenzi engama-22 eyahlelwa uMinton ohlwini wabonisa ukuthi ukubaluleka kwabo kwamasonto onke kwakuwukunakekela umntwana, ukufundisa, ukuthenga ukudla, ubuhlengikazi, ukulungiselela ukudla, ukuthunga, ukuwasha izingubo, ukugeza izitsha, ukulungisa ingadi, ukulungisa okwaphukile, owesifazane ohlanzayo, umnakekeli wekhaya, umgcini wamabhuku, umpheki, ukwenza imisetshenzana emincane, ukulungiselela ukudla okunomsoco, unobhala, umnakekeli wezivakashi nomhlobisi wendlu.” “Ngicabanga ukuthi loluhlu lungaphumelela kakhulu ekuvimbeleni idivosi,” kwasho uMinton lapho kuxoxwa naye. Lapho becabangela ukubaluleka okukhulu kwenkosikazi yekhaya, “amadoda kumelwe angababukeli phansi abafazi bawo.”
Ngesikhathi lapho abantu abaningi bebukela phansi abesifazane, iBhayibheli linikeza umbono ofanelekile, obeka ukubaluleka okukhulu ‘kowesifazane ohlakaniphile.’ Likhuluma kahle ngemisebenzi yakhe nenkuthalo kuzAga 31:10-31. Ukuhlolisisa lamavesi kubonisa ukuthi wenza imisebenzi eminingi ephawulwe ohlwini esisanda kuluphawula. “Inani lakhe,” kusho iZwi likaNkulunkulu, “lidlula kakhulu amarubi.”
Indlovukazi Yase-Sheba Yayingeyona Indlovukazi?
Uma umpristi waseRoma Katolika nomvubukuli bengaphumelela, indlovukazi yaseSheba iyolahlekelwa igama layo nendawo emlandwini. U-Albert Jamme weCatholic University, Washington D.C. angayisusa ngisho ezweni layo. Kungani enalemibono? Uthi eTopiya ibizwa ngokuthi iNdlovukazi Maqweda. Ucabanga ukuthi lokhu “kuwukuhumusha okuphambukile igama lesiArabi elithi maqtuwiat” futhi lokho akulona “igama lomuntu, kodwa igama elisho ‘induna.’” Futhi, ngokwemilando yama-Asiriya, uqagela ukuthi abantu base-Sheba (Sabeans) babenendawo yokuhwebela eseduze komncele wase-Asiriya, ngakho-ke “iNdlovukazi” ngempela yayimane-nje iyinduna kulendawana engekho ngisho eSheba ngokwalo, elaliseningizimu-ntshonalanga neArabi.
Abanye abavubukuli baphikisa ukuba neqiniso kwendaba yeBhayibheli, benomuzwa wokuthi uhambo olusuka eArabiya lokuya eJerusalema lwalulude kakhulu ngalolosuku. Kodwa ingabe bakhohliwe yini ukuthi uAbrahama esizukulwaneni esingaphambili wayenze lona kanye lolohambo olude? (Gen. 11:31; 12:1-5) Indlovukazi yase-Sheba noAbrahama abahambanga uhambo olude njengokuphambuka kwabavubukuli.
Ekuchazeni ukuthi kungani lendaba iseBhayibhelini, uJamme uthi: “USolomoni ngempela wayeyinkosi encane. Abaqambi bamanga beTestamente Elidala benza iSheba yaba ebalulekile ukuze bakhulise idumela likaSolomoni.” Kodwa akukhona yini ukuthi umvubukuli ululaza ukubaluleka kukaSolomoni ukuze aphakamise ukubaluleka komsebenzi wakhe wokuqagela? Uma uJesu Kristu engangabazanga ukwamukela iNdlovukazi yase-Sheba njengenjalo, kungani kumelwe umuntu othi uwumlandeli kaKristu enze njalo? UJesu waze ngisho waluvuma uhambo lwayo olude ngamazwi athi: “Yavela emkhawulweni yomhlaba.” Ucabangani ngalokho?—Mathewu 12:42.
Ukudukiswa Nodukisa Abanye
Iminyaka engama-20 uHans Nestius wayeyiphayona “lenkululeko yobulili” eSweden. Manje uyavuma: “Ngangisephutheni. Ngangingazi lutho, iphupho lami liye lonakaliswa.” UNestius, usihlalo Wenhlangano Yemfundo Yobulili esekelwa uhulumeni ongumSwidi, uqhubeka avume: “Kumelwe sibuyise imithetho ethile . . . ngoba akulona uthando oluye lwanda, kodwa ukweqisa ngokobulili nokonakala.” Lapho ikhulumela ukukhungatheka kwakhe “nokuhlubuka ngokobulili,” eyaseLandani “iDaily Mail,” ngaphansi kwesihloko esithi “Indlela Engangiphambuke Ngayo!” yathi uNestius “ubengumgqugquzeli oyinhloko ekwenzeni iSweden ibe indawo yokuqalisa ukuhlubuka kwezwe ngokumelene nenhlonipho enkulu nokwambula ngokuphelele ubulili. . . . Lapho uNestius neSwidi abaholele khona, izwe laseNtshonalanga lalandela. . . . Njengomunye umshumayeli ongazibambi uDr. Spock, uNestius uye wathola sekwephuzile ukuthi uye waphambukisa isizukulwane.”
Labo abafulathela izindinganiso eziphakeme zeBhayibheli zokuziphatha ngokuqinisekile bayodukiswa futhi badukise nabanye. Kodwa labo abanamathela eduze neZwi likaNkulunkulu bagwema ukudukiswa.—IHu. 119:104, 105.