Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 11/1 kk. 20-23
  • Lapho Ukuphana Kuvama

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ukuphana Kuvama
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuza KuMuphi Wokuhlakanipha
  • Ukupha UMuphi Omkhulu
  • Ziyini Izidingo Zanamuhla?
  • “Isibusiso SikaJehova Siyacebisa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukupha Ngesandla Esivulekile Kuletha Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Ukunikela Ngenhliziyo Enamileyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Hlakulela Umoya Wokupha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 11/1 kk. 20-23

Lapho Ukuphana Kuvama

UMA ubungaba nethuba lokupha inkosi isipho, ubungayiphani? Kuthiwani uma ibingumbusi ocebe futhi ohlakaniphe kunabo bonke emhlabeni? Sikhona isipho obungacabanga ukuthi siyoyijabulisa? Eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, inkosikazi yaseSheba kwadingeka icabange ngaleyo mibuzo lapho ilungiselela ukuvakashela umbusi onjalo—inkosi yakwa-Israyeli uSolomoni.

IBhayibheli lisitshela ukuthi isipho sayo sasihlanganisa amatalenta angu-120 egolide, “namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu.” Ngokwamanani anamuhla, igolide lilodwa lalingaba u-R242 000 000. Amafutha ebhalisamu, amafutha anamakha futhi elaphayo, ayelingana negolide njengempahla eyigugu. Nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi angakanani amafutha lenkosikazi eyawanikeza uSolomoni, liyasitshela ukuthi asikho isipho esake salingana nesayo.—1 AmaKhosi 10:10.

Ngokusobala inkosikazi yaseSheba yayingowesifazane ocebile futhi ophanayo. Ngaphezu kwalokho, yavuzwa ngokuphana kwayo. “Inkosi uSolomoni” kusho iBhayibheli, “yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho ebikulethele inkosi.” (2 IziKronike 9:12, omalukeke sizenzele.) Yiqiniso, kungenzeka kwakuyisiko lamakhosi ukushintshana ngezipho; kodwa iBhayibheli likhuluma ngokuqondile “ngokuphana” kukaSolomoni. (1 AmaKhosi 10:13) USolomoni ngokwakhe wabhala: “Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.”—IzAga 11:25.

Yebo, nenkosikazi yaseSheba yadela isikhathi sayo esiningi yenza nomzamo omkhulu ukuze ivakashele uSolomoni. Ngokusobala iSheba lalisendaweni eyaziwa ngokuthi iRepublic of Yemen namuhla; ngakho inkosikazi nehele layo lamakameli bahamba amakhilomitha angaphezu kuka-1 600 beya eJerusalema. Njengoba uJesu asho, “yafika ivela emaphethelweni omhlaba.” Kungani inkosikazi yaseSheba yenza umzamo omkhulu kangaka? Ngokuyinhloko yayizele ‘ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni.’—Luka 11:31.

Eyoku-1 AmaKhosi 10:1, 2 athi inkosikazi yaseSheba “yeza ukumvivinya ngezimfumbe. . . . Yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.” Wasabela kanjani uSolomoni? “USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona.” —1 AmaKhosi 10:3.

Imangazwe yilokho eyakuzwa neyakubona, inkosikazi yaphendula ngokuzithoba: “Zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.” (1 AmaKhosi 10:4-8) Ayizange ithi izinceku zikaSolomoni ziyajabula ngenxa yokuthi zazizungezwe ingcebo—nakuba kwakunjalo. Kunalokho, izinceku zikaSolomoni zazibusisiwe ngoba zazilalela njalo ukuhlakanipha kukaSolomoni ayekunikwe uNkulunkulu. Yeka isibonelo esihle inkosikazi yaseSheba eyiso kubantu bakaJehova namuhla, abajabulela ukuhlakanipha koMdali ngokwakhe nokweNdodana yakhe, uJesu Kristu!

Okunye okuphawulekayo kwakungamazwi alandelayo ashiwo ile nkosikazi kuSolomoni: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho.” (1 AmaKhosi 10:9) Ngokusobala, yasibona isandla sikaJehova ekuhlakanipheni nasekuchumeni kukaSolomoni. Lokhu kuvumelana nalokho uJehova akuthembisa u-Israyeli ngaphambili. ‘Ukugcina izimiso zami,’ esho, “kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’”—Duteronomi 4:5-7.

Ukuza KuMuphi Wokuhlakanipha

Ezikhathini zanamuhla, izigidi ziye zadonseleka enhlanganweni kaJehova ngoba ziye zabona ukuthi ‘u-Israyeli kaNkulunkulu’ ‘ungabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo,’ hhayi ngokwemvelo, kodwa ngoba baqondiswa imithetho nezimiso zikaNkulunkulu eziphelele. (Galathiya 6:16) Amanani ababhapathizwayo abonisa ukuthi eminyakeni yamuva amakhulu ezinkulungwane zabafundi abasha unyaka ngamunye aye athi ku-Israyeli ongokomoya: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.” (Zakariya 8:23) Yeka indlela abamangala ngayo laba abasha lapho bebona idili lokudla okungokomoya uJehova akunika izinceku zakhe! Abakaze bakubone okunjengalokhu ezinkolweni zabo zangaphambili.—Isaya 25:6.

Ukupha UMuphi Omkhulu

Njengoba beye bathola le nala, ngokulindelekile abanokwazisa bayazibuza ukuthi nabo bangayiphani iNkosi noMuphi omkhulu, uJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lembula ukuthi isipho esingcono kakhulu esingasipha uJehova “umhlatshelo wokudumisa.” (Heberu 13:15) Ngani? Ngoba lo mhlatshelo uhlobene ngokuqondile nokusindiswa kokuphila, okuyinto uJehova ayikhathalela ngokuyinhloko kulesi sikhathi sokuphela. (Hezekeli 18:23) Ngaphezu kwalokho, ukuphana komuntu ngamandla nesikhathi sakhe ukuze asize abagulayo, abacindezelekile nabanye, kungumhlatshelo owamukelekayo.—1 Thesalonika 5:14; Heberu 13:16; Jakobe 1:27.

Iminikelo engokwezimali ifeza indima eyinhloko. Yenza ukuba kukhiqizwe amaBhayibheli, izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nokuthola izindawo lapho amaKristu engahlangana khona. (Heberu 10:24, 25) Iminikelo futhi ilungiselela izimali zosizo ukuze kusizwe izisulu zezimpi kanye nezezinhlekelele zemvelo.

Ukuze lisiqondise kule ndaba yokupha, iZwi likaNkulunkulu liveza izimiso ezinhle. Ngokwesibonelo, lifundisa ukuthi amaKristu awaphi ngesilinganiso esithile, kodwa lokho angakwazi ukukunikela, enza kanjalo ngokuzithandela, ngokusuka enhliziyweni ejabulayo. (2 Korinte 9:7) Amanye anganikela kakhulu, amanye, njengomfelokazi osweleyo wesikhathi sikaJesu, angase akwazi ukunikela okuncane kuphela. (Luka 21:2-4) Akumangalisi yini ukuthi uJehova—uMnikazi wendawo yonke—wazisa zonke izipho ezinezisusa ezinhle nomhlatshelo owenziwa egameni lakhe?—Heberu 6:10.

Ukuze baphe ngokwenama, abantu bakaJehova bahlale betshelwa ngezidingo ezihlukahlukene kanye nezindlela lezo zidingo okungabhekanwa nazo ngokuphumelelayo. Umoya ongcwele kaJehova, ushukumisa izinhliziyo ezivumayo ukuba zisabele. Ku-Israyeli wasendulo lesi simiso salandelwa ekwakhiweni kwetabernakele, nakamuva, ekwakhiweni kwethempeli. (Eksodusi 25:2; 35:5, 21, 29; 36:5-7; 39:32; 1 IziKronike 29:1-19) Ekhulwini lokuqala C.E., leyo nqubo efanayo yenza ukuba amaKristu abe nemali eyayidingeka ukuze ayoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kwabezizwe futhi asekele abazalwane kwa-Israyeli phakathi nendlala.—1 Korinte 16:2-4; 2 Korinte 8:4, 15; Kolose 1:23.

Ngokufanayo namuhla, uJehova uye wabusisa abantu bakhe, futhi uyoqhubeka ebabusisa, ngokubanikeza lokho abakudingayo ukuze baphothule umkhankaso omkhulu wokushumayela nokufundisa ongakaze ubonwe emhlabeni.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

Ziyini Izidingo Zanamuhla?

Eminyakeni yamuva oFakazi BakaJehova baye babhaliswa ngokomthetho emazweni amaningi lapho umsebenzi wabo wawuvinjelwe ngaphambili. Ngenxa yalokho, amaningi ala mazwe aye abona ukwanda okukhulu kwenani labamemezeli. Ngokuqondakalayo, kudingeka kakhulu amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.

Kungokufanayo nangamaHholo OMbuso. Kudingeka amaHholo OMbuso amasha angu-9 000 emhlabeni wonke manje. Uma nje bekungakhiwa iHholo LoMbuso elilodwa usuku ngalunye, kungadingeka iminyaka engaphezu kuka-24 ukuhlangabezana nalezi zidingo! Okwamanje, kumiswa amabandla acishe abe yisikhombisa usuku nosuku, amaningi awo akulezo zingxenye zomhlaba lapho imali ilinganiselwe khona. Ngakolunye uhlangothi, eziningi zalezi zindawo azidingi izakhiwo ezidulayo. Kwezinye izindawo, iHholo LoMbuso elifeza isidingo nelinikeza ubufakazi obuhle emphakathini lingakhiwa ngemali encane engango-R36 000.

Ekhulwini lokuqala, amaKristu athile ayemi kahle ngokwezimali kunamanye, ngakho umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokulinganisa, insalela yenu njengamanje iqede ukuntula kwabo, ukuze nensalela yabo nayo iqede ukuntula kwenu, ukuze kube khona ukulingana.” (2 Korinte 8:14) Namuhla, ‘ukulinganisa’ okufanayo kwenza kube nemali edingekayo ukuze kutholakale amaBhayibheli, izincwadi zeBhayibheli, amaHholo oMbuso, usizo ngezikhathi zenhlekelele nezinye izinto ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Yeka isibusiso lokho kupha okuyiso—kubo bobabili ophayo nowamukelayo!—IzEnzo 20:35.

Njengoba kuboniswa yizincwadi iNhlangano ezithola zivela kubantu abanezinhliziyo eziphanayo, abaningi babafundi balo magazini bayafisa ukusiza kodwa abaqiniseki ngezindlela ezihlukahlukane abanganikela ngazo. Akungabazeki ukuthi ibhokisi elihambisana nalesi sihloko lizosiza ekuphenduleni imibuzo yabo.

Phakathi nokubusa kukaSolomoni okukhazimulayo, “wonke amakhosi omhlaba” ayezwe ngaye amvakashela. Kodwa, iBhayibheli likhuluma ngombusi oyedwa kuphela—inkosikazi yaseSheba. (2 IziKronike 9:23) Yeka ukuzidela eyakwenza! Kodwa yavuzwa ngokucebile—kangangokuba ekupheleni kokuvakasha kwayo, “yabamba ongezansi futhi yamangala.”—2 IziKronike 9:4, Today’s English Version.

Esikhathini esizayo, uJehova, iNkosi noMuphi omkhulu, uyokwenzela labo abenza imihlatshelo kuye okukhulu kunokwenziwa uSolomoni. Besabela, laba ‘bayobamba ongezansi futhi bamangale,’ ngoba uJehova ngeke nje abalondoloze phakathi nosuku lwakhe olwesabekayo lokwahlulela kodwa ngemva kwalokho ‘uyovula isandla sakhe, asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.’—IHubo 145:16.

[Ibhokisi ekhasini 22]

Izindlela Abanye Abakhetha Ukwenza Ngazo

IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE

ABANINGI babekela eceleni imali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi: “Iminikelo Yomsebenzi WeNhlangano Womhlaba Wonke—Mathewu 24:14.” Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali endlunkulu yomhlaba wonke eseBrooklyn, eNew York, noma ehhovisi legatsha eliseduze.

Iminikelo yokuzithandela yemali ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile e-Accounting Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini. Kunganikelwa nangamatshe ayigugu noma ezinye izinto eziyigugu. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi okunjalo kuyisipho esiqondile kufanele ihambisane nale minikelo.

ILUNGISELELO LOMNIKELO ONOMBANDELA

Imali ingase inikelwe kuyi-Watch Tower Society ngaphansi kwelungiselelo elikhethekile lokuthi uma kuphakama isidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza uthintane ne-Accounting Office yehhovisi legatsha eliseduze.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali neminikelo enemibandela yemali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa:

Umshuwalense: I-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshuwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wempesheni.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond kunganikelwa kuyi-Watch Tower Society njengesipho esiqondile noma ngaphansi kwelungiselelo lapho inzuzo iqhubeka ikhokhelwa umniniyo.

Izindlu Nezindawo: Izindlu nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa kuyi-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile noma ngokuthi indawo igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe. Umuntu kumelwe athinte iNhlangano ngaphambi kokuba enze noma yimuphi umnikelo wendlu nendawo eNhlanganweni.

Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingabhaliswa nge-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.

ACCOUNTING OFFICE

Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania

Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740

Ucingo: (011) 761-1000

[Izithombe ekhasini 23]

Imisebenzi yoFakazi BakaJehova isekelwa ngeminikelo yokuzithandela

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela