Ukuzala Kwencasakazi—Ingabe Kumelwe Ukukholelwe?
NGAKHO manje siza kulemibuzo: Ingabe uMariya wayeyincasakazi lapho ezala uJesu? Ingabe kwakudingeka kube njalo? Kungani uJesu engabanga nobaba ongumuntu? Okusisizayo ekuphenduleni lemibuzo ukuhlola ukuthi uJesu wayengubani nokuthi kwakuyini ukuthunywa kwakhe emhlabeni.
Umphostoli uJohane uyachaza ukuthi ngaphambi kokuba uJesu azalwe emhlabeni wayesendaweni yomoya njengeNdodana kaNkulunkulu eyizibulo futhi ebizwa ngokuthi uLizwi. Ngesikhathi esifanele “uLizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu.” (Johane 1:1-14) Noma, njengoba kuboniswa kwenye indawo eBhayibhelini: “UNkulunkulu wathuma indodana yakhe, izelwe ngowesifazane.” (Galathiya 4:4) UJesu ngokwakhe wavuma ukuthi “esefika ezweni uthi: Umhlatshelo nomnikelo [wezilwane] awuwuthandanga [Nkulunkulu], kodwa ungilungisele umzimba.”—Heberu 10:5.
Kwakunezizathu ezinamandla ngoJesu ukuba abe umuntu, ‘eze ezweni’ lesintu. Okuyinhloko kwakuwukuhlengwa komkhaya wesintu ebugqilini besono, ukungapheleli, nokufa. Umphostoli uPawulu wachaza: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Ngokuqondene nendlela uNkulunkulu uMninimandla onke ayeyobhekana ngayo nalesosimo, uPawulu uthi: “Munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke.”—1 Thimothewu 2:5, 6; qhathanisa neyoku-1 kwabaseKorinte 15:21, 22.
Yebo, ukufa kwafikela isintu sonke ngokuhlubuka kukakhokho wethu uAdamu, futhi ukulunga kwadinga ukuba ukuphila komunye umuntu ophelele, hhayi ongaphezulu, hhayi ongaphansi, kube yisihlengo esasiyobuye sithenge futhi ilungelo lokuba sizuze ukuphila okuphakade. Akekho umuntu ongaphelele owayengase akwenze lokho. (AmaHubo 49:6, 7) Kwakudingeka othile ehle endaweni yasezulwini. Ngokufanelekile, okwakumelwe enze lokhu kwakuyiNdodana eyizibulo kaNkulunkulu. Kwakumelwe ibe umuntu ophelele kodwa futhi ingalahlekelwa ukuqhubeka kwayo iphila. Amandla okuphila kwayo kwakungamelwe asuswe kodwa ayeyogudluzelwa esizalweni sentombazane eyincasakazi, uMariya. Yena, ‘esibekelwe amandla avikelayo oPhezukonke,’ wayengase aveze umzimba ophelele womntwana uJesu.—Luka 1:35.
Lokhu futhi kunikeza incazelo yokuthi kungani lamandla okuphila ayengenakuvela ngendlela evamile ngowesilisa ongumuntu ongaphelele. UJesu ongaphelele wayengeke abe yisihlengo. Wayengeke futhi abe njalo uma eyinhlanganisela noma umuntu-Nkulunkulu.
UJehova wakhetha incasakazi eyayizoba umama wasemhlabeni kaJesu ukuze kube sobala ukuthi wayeyindodana, hhayi kababa ongumuntu ongaphelele, kodwa kaNkulunkulu. Ukuba kwakungowesifazane oshadile owayenikezwe lelilungelo elikhulu kangaka kwakuyoba khona ukungabaza ngalokhu.
Ngakho singabona ukuthi ukuzalwa yincasakazi kukaJesu kwakudingekile ukuze kuphumelele injongo yokuqala kaJehova uNkulunkulu yokuba nomkhaya wesintu ophelele oyophila phakade emhlabeni oyipharadesi. (Genesise 2:7-9, 15-17) Ngothando lwakhe wayeyolungiselela isihlengo. Ukulunga kwakhe kwakuyophelela. Ukuhlakanipha kwakhe kwakuyonqoba.
Ngakho, kumelwe siphethe ngokuthi umlando weBhayibheli ngokuzalwa yincasakazi kukaJesu Kristu akumelwe ube ongakholeleki ngenxa yokuhlekwa usulu abangabazayo noma ngenxa yokuhlobisa okungekho ngokombhalo nokokweqisa kwenkolo. Kuhlala kuyiqiniso eliyisisekelo, elidingekayo ekukholweni kobuKristu. Futhi lihlangene eduze namathemba ethu okuphila okuphakade.—Johane 17:3.