Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 9/1 kk. 4-5
  • Yini Eyenzeke Komakhelwane?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Eyenzeke Komakhelwane?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungaba Umakhelwane Omuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Omakhelwane Abakahle Bawusizo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Sebashonaphi Omakhelwane?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Kushiwoni Ngamathuba Ezindaba Zomuntu Siqu?
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 9/1 kk. 4-5

Yini Eyenzeke Komakhelwane?

KUNGANI omakhelwane abaningi bengasenzi njengomakhelwane boqobo? Abacwaningi baphawula izizathu eziningi, iningi lazo liphathelene nendlela yokuphila kwesimanje.

Ukuthutha kungenye. Abantu abaningi bashintsha amakheli abo kaningi. Kanjaloke abanaso isikhathi sokwazi omakhelwane babo futhi bakhe umoya ofanele omakhelwane.

Amadolobha angenamuntu nawo ayaphawulwa. Laba omakhelwane lapho wonke umkhaya uhamba uya emsebenzini noma esikoleni phakathi nosuku. Ebusuku babuye baphume noma bahlale ngokuthulile bebuka ithelevishini. Kuloluhlobo lwekhaya, amalungu omkhaya ngokuvamile afana nezihambi hhayi komakhelwane kuphela kodwa omunye komunye.

Isimo sezindlu nokuhlela idolobha nakho kunecala lalokhu. Izakhiwo ezinde ezingamafulethi ziklanyelwe ukuba ningahlanganyeli lutho nomakhelwane. Imikhaya ehlala kulezi inokuncane kakhulu ukuthintana nomakhelwane bayo.

Ukuthanda ukuba wedwa nakho kunecala. Kwezinye izindawo ukuba wedwa kwaziswa kakhulu. “Awukwazi ukumane nje ungqongqothe emnyango womngane futhi umvakashele,” kwasho isakhamuzi sasedolobheni. Omunye wesifazane wavakashelwa engalindele umakhelwane owumfelokazi owayekhononda ngokuthi unesithukuthezi. Owesifazane wamxosha kabuhlungu, ecasulwe ukuphazanyiswa kokuba yedwa kwakhe. Ngalobobusuku umfelokazi onesithukuthezi nongumakhelwane wazibulala.

Ubugebengu bungesinye isici esiphawuliwe. Ukwesaba ubugebengu kuye kwaphendula abanye omakhelwane iziboshwa zasebusuku, lapho imikhaya ngokwesaba ikhiya iminyango lapho ilanga lishona, futhi bebambalwa abahamba phandle.

Zonke lezizinto ngokungangabazeki ziye zabangela ukuwohloka komzwelo ofanele omakhelwane. Kodwa kumelwe kube khona izizathu ezijulile zokuba ezinye izinto zenzeke. Kwenye indawo owesifazane osemusha wayenyonyobelwa owesilisa ingxenye yehora. Wamhlasela izikhathi ezintathu futhi ekugcineni wamgwaza wafa. Omakhelwane abangama-38 bamuzwa ekhala noma bakubona ukuhlaselwa, kodwa abayinakanga leyondaba. Yanakwa yiphoyisa kuphela—sékwephuze kakhulu. Lolohlobo lokungakhathali okukhulu komakhelwane alulona olungavamile.

Unya olunjalo lubonisa ukuwohloka okungathi sína kobuntu balabo abahile lekile. Umfundi weBhayibheli ukhunjuzwa isiprofetho somphostoli uPawulu ngosuku lwethu: “Abantu bazakubangabazithandayo, nabathandimali, . . . nabangavumelani namuntu, . . . abangazithibi, . . . abangathandi okuhle, . . . nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:2-4, NW.

Ukugcwaliseka kwalamazwi kusho ukuthi siphila ezikhathini ezinzima kakhulu, futhi lezozimo zingase zibonakale kahle komakhelwane ohlala nabo. Nokho, asikho isizathu sokuba thina ngabanye singabi omakhelwane abahle kubantu abasizungezile. Kungase kokhele ukusabela okufudumeza inhliziyo. Iyiphi indlela ehlakaniphile yokuba umakhelwane omuhle namuhla?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela