Ukusekela IZwi LikaNkulunkulu Ngokwethembeka
“Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.”—2 Thimothewu 2:15.
1, 2. Iyini indlela oFakazi BakaJehova abasekela ngayo iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka?
“FUNDA IZWI LIKANKULUNKULU IBHAYIBHELI ELINGCWELE NSUKU ZONKE.” Lawomazwi abonakala ohlangothini lwesakhiwo esikhulu esiseBrooklyn, eNew York, maduze nasekuqaleni kwebhuloho elidume kakhulu laseBrooklyn. Lamazwi abonakala esakhiweni sobani, futhi ngani?
2 Akwenye yamafektri okunyathelisa esetshenziswa iWatch Tower Bible and Tract Society, inhlangano engokwenkolo yoFakazi BakaJehova. Umbhalo onjalo uyikho kanye lokho umuntu angalindela oFakazi BakaJehova ukuba bakubhale ohlangothini lwesinye sezakhiwo zabo. Ngani? Ngoba bakholelwa ngokuqinile ekutheni umhubi ophefumlelwe wayekhuluma iqiniso lapho esikhathini esidlule eloba: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Lombhalo umane nje ungenye yezindlela eziningi thina boFakazi esibonisa ngazo ukuthi silisekela ngokwethembeka iZwi likaNkulunkulu.
3. Abasandulelayo abathembekile balisekela kanjani iZwi likaNkulunkulu?
3 Ekubeni abanjalo abasekeli balelizwi sinabantu abaningi abathembekile abasandulelayo, njengoba nje neBhayibheli ngokwalo libonisa. Eminyakeni eyizi-3 500 edlule kwakukhona uMose. Akukho kungabaza ngokumelela kwa khe ngokwethembeka iZwi likaNkulunkulu. Okokuqala wadlulisela ingxenye yalo kubantu bakaNkulunkulu ngomlomo futhi kamuva ngemiBhalo. Lamazwi aphezulu atholakala ezincwadini ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli. Ngemva kokusebenzisa lomprofethi ozinikezele, uJehova uNkulunkulu wasebenzisa abaningi abengeziwe abakhonza njengabakhulumeli bakhe nabalobi futhi bonke njengoMose, basekela ngokwethembeka iZwi likaNkulunkulu. (2 Petru 1:21) Phakathi kwabanjalo kwakukhona uSamuweli, ulsaya, uJeremiya, uHezekeli noDaniyeli, uma siphawula abambalwa.
UJesu Kristu Nabaphostoli Bakhe
4. Ubani owayengovelele kubo bonke abasekela iZwi, futhi wakubonisa kanjani lokhu?
4 Kodwa ngaphandle kokungabaza, ovelele kubo bonke labo abasekela iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka kwakuyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, eyaba ‘umuntu uJesu Kristu.’ (Roma 5:15) Ngokuphindaphindiwe wasekela ngokwethembeka iZwi likaYise ngokuthi, “Kulotshiwe,” njengalapho ephendula izilingo zikaSathane nalapho ephendula abaphikisi bakhe benkolo. (Mathewu 4:4, 7, 10; 21:13; Johane 6:45; 8:17) Ngaphezu kwalokho, ngokukhonza ngokwethembeka njengomprofethi omkhulu kunoMose, wayesekela iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka (2 Korinte 1:20) Yebo, washumayela futhi waphila ngokwesimiso sokuthi “iZwi lakho [Nkulunkulu] liyiqiniso.”—Johane 17:17.
5, 6. (a) UPetru noPawulu bakubonisa kanjani ukusekela kwabo iZwi kokwethembeka? (b) Maqondana nalokhu, kungenxa yayiphi injongo kwamiswa “inceku ethembekileyo neqondayo”? (c) Kungani “inceku” yaphazamiseka okwesikhashana?
5 Abaphostoli bakaJesu balandela isibonelo esifanayo. Ngamandla, ngosuku lwePentekoste umphostoli uPetru wasekela iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka ngokubonisa indlela uJesu agcwalisa ngayo amazwi kaDavide! (IzEnzo 2:22-36) Futhi izincwadi zikamphostoli uPawulu ezigcwele izikhombo zemiBhalo yesiHeberu, zibonisa indlela ayekhathalele ngayo ukusekela iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka. Wathatha lesisimo: “UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga.” (Roma 3:3, 4) Eqinisweni, uPetru, uPawulu nabanye abalandeli abathembekile bakaJesu Kristu bakhonza njenge‘nceku ethembekileyo neqondayo,’ ‘umphathi othembekileyo’ bethunywe iNkosi yabo, uJesu Kristu, ukulungiselela ibandla likaNkulunkulu ukudla okungokomoya.—Mathewu 24:45-47; Luka 12:42-44.
6 Ngemva kokufa kwabaphostoli, lesisigaba se“nceku ethembekileyo neqondayo” sanyamalala emhlabeni, sasitheka ngesikhathi insimu yamabele obuKristu igcwala ukhula.—Mathewu 13:37-43.
Ukuvela Ezikhathini Zanamuhla
7, 8. (a) Kunini futhi kukanjani lapho “inceku” yabuye yavela khona? (b) Ukusekela kwayo iZwi kuye kwaboniswa kanjani kusukela ngawo-1870?
7 Nokho, cishe eminya keni eyikhulu edlule isigaba se“nceku ethembekileyo neqondayo” saqala ukuvela njengomsekeli othembekile weZwi likaNkulunkulu. Phakathi neminyaka siye savela ngokwengeziwe futhi siye saphawulwa yizwe. Amaqiniso abonisa ukuthi namuhla le“nceku” ihlangene neWatch Tower Society.
8 Le“nceku ethembekile neqondayo” ibunjwa amaKristu athembekile, azinikezele ngokuphelele kuJehova ngoKristu futhi azelwe ngomoya kaNkulunkulu. Angabafundi beBhayibheli abashisekayo, labo, kusukela phakathi kwawo-1870, abaye balwela ngokuqinile iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu ngezincwadi, izincwajana, omagazini namapheshana, izihloko zamaphephandaba nangezinkulumo zeningi. Ngo-1886, yanyathelisa umQulu I weStudies in the Scriptures. Esahlukweni 3 esithi “IBhayibheli Njengesambulo Saphezulu Lapho Libhekwa Ngokunengqondo,” lena yalivikela ngokukhethekile iBhayibheli. Okunye ukuvikelwa okuphawulekayo kweZwi LikaNkulunkulu kwakusesahlukweni soku-1 somQulu VI (owakhishwa ngo-1904). Lesisahluko sasinesihloko esithi “Ekuqaleni,” futhi sasiwuphikisa kakhulu umcabango wokuziphendukela kwemvelo.
9-11. (a) Phakathi nasekupheleni kwawo-1800 nasekuqaleni kwawo-1900, ukwethembeka kwe“nceku” eZwini kuye kwaboniswa kanjani? (b) Kusukela ngo-1950, imiphi iminikelo emikhulu eye yenziwa iWatch Tower Society maqondana nokusakaza iZwi likaNkulunkulu?
9 Ngasekupheleni kwawo-1800, nasekuqaleni kwawo-1900, labaFundi Abathembekile BeBhayibheli njengoba babezibiza kanjalo babeshiseka ekulweleni iBhayibheli ngokwethembeka njengeZwi likaNkulunkulu. Basakaza izincwadi eziningi ukuze bafakazele ukuba yiqiniso kwalo, kanye neziningi ezazichaza ukugcwaliseka kweziprofetho zalo nendlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni komuntu. Ngo-1914, babuye futhi bakhipha ibhayisikobho ethatha amahora ayisishiyagalombili iPhoto-Drama of Creation, leyo eyayilungiselelwe ngokuphelele “ukuvikela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu.”
10 Ukusekela iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka nokubonisa ukuthi babeshiseka ngokusakaza izincwadi, igama lenhlangano abayisebenzisayo lashintshwa ngo-1896 laba yiWatch Tower Bible and Tract Society. Ngo-1902 iNhlangano yathola iThe Emphatic Diaglott kaWilson futhi yalungiselelwa ukuhanjiswa kwayo. Ngo-1907 iNhlangano yakhipha iKing James Version, ababeyibiza ngokuthi iBhayibheli laseBereya, eyaqanjwa ngamaKristu aseBereya ‘ahlolisisa ngokunakekela imibhalo nsuku zonke ukuze abone ukuthi izinto umphostoli uPawulu ayewatshela zona zazinjalo yini ngempela.’ (IzEnzo 17:11) Lalinesithasiselo esinamakhasi angaphezu kwama-700 aqukethe ukukhulumela imibhalo ngaminye, uhlu lwemibhalo ekusekeleni izihloko zeBhayibheli ezingama-40 ezivelele namakhasi ezikhombo zamavesi ayikhulu. Ngo-1926 iNhlangano yaqala ukunyathelisa iThe Emphatic Diaglott emshinini wayo siqu eBrooklyn. Ngo-1942 iNhlangano yakhipha iKing James Version neziningi izincwadi eziwusizo ekuyifundeni, futhi ngo-1944 yakhipha iAmerican Standard Version, nezincwadi ezifanayo eziwusizo ekuyifundeni, futhi leyonguqulo yaveza igama likaJehova ngokuvumelana ngokwethembeka namatekisi esiHeberu sakuqala.
11 Ngo-1950 ukusekela kweNhlangano iZwi likaNkulunkulu ngokwethembeka kwayishukumisela ekukhipheni iNew World Translation of the Christian Greek Scriptures. Inguqulo yezingxenye zemiBhalo yesiHeberu yalandela iyimiqulu emihlanu ehlukahlukene, kwase kuba iBhayibheli eliphelele lomqulu owodwa ngo-1961. Phakathi kuka-1926 no-1980 oFakazi BakaJehova bakhiqiza amaBhayibheli ayizi-43 860 000.
Isizathu Sokuba Kudingeke Inguqulo Entsha
12, 13. Siyini isizathu sokuqala sokuba “inceku ethembekileyo neqondayo” ithakazelele inguqulo entsha yeBhayibheli?
12 Kungani le“nceku ethembekileyo neqondayo” yayithakazelela inguqulo entsha, okungukuthi, iNew World Translation of the Holy Scriptures?
13 Okokuqala, ngenxa yomsebenzi wabavubukuli nezazi zeBhayibheli, izincwadi ezindala nezinokwethenjelwa kakhulu zeBhayibheli ziye zatholakala, eziningi ezilotshwe ngolimi lwakuqala. Ngakho-ke namuhla kukhona izincwadi zeBhayibheli ezinhle ezalotshwa ekhulwini lesine nelesihlanu leSikhathi Sethu Esivamile neziqeshana ezithile zemiBhalo yamaKristu yesiGreki ezihlehlela emuva phakathi nekhulu lesibili. Futhi Imiqulu YasoLwandle Olufile yemiBhalo yesiHeberu, ehlehlela emuva ngaphambi kweSikhathi Sethu Esivamile, iye yaveza ukukhanya okwengeziwe ezingxenyeni zeBhayibheli. Uma incwadi yeBhayibheli indala kakhulu, iba seduze kakhulu kwezincwadi zakuqala zabalobi abaphefumletwe, abangasekho namuhla.
14. Siyini isizathu sesibili? Nikeza isibonelo.
14 Isizathu sesibili sokuba inguqulo entsha idingeke futhi ingaba yintuthuko kwezindala siwukuthi ulimi lwesiGreki lwekhulu lokuqala manje luqondwa kangcono. Ngokuhamba kwesikhathi abavubukuli bathola iziqeshana eziningi zemiBhalo eyasinda kusukela esikhathini sokubhalwa kwemiBhalo yamaKristu yesiGreki. Leziqeshana eziphathelene nemisebenzi yansuku zonke, eveza uhlobo lwesiGreki esasisetshenziswa abalobi bemiBhalo yamaKristu yesiGreki. Isibonelo esingokoqobo siyizwi elithi “Raca” kuMathewu 5:22 kwezinye izinguqulo ezindala. Bengayazi incazelo yegama, ukuphela kwento abahumushi ababengayenza kwakuwukuba kushintshwe izinhlamvu zalo zibe ezesiNgisi nezingasho lutho. Kodwa manje incazelo yalo iyaziwa futhi ngakho-ke iNew World Translation iyalichaza “igama elingakhulumeki lokwedelela.” Njengoba ungabona, ulwazi olwandisiwe lwezilimi iBhayibheli elalotshwa ngazo ekuqaleni lwenza kube nokuhumusha okuzwakala iqondakale ngokwengeziwe.
15. Nikeza isibonelo sesizathu sesithathu.
15 Isizathu sesithathu sokuba inguqulo entsha idingeke siyiqiniso lokuthi zona kanye izilimi iBhayibheli elihunyushelwa kuzo ziyaguquguquka ngokuhamba kweminyaka. IsiNgisi esasisetshenziswa ekhulwini leshumi nane umlobi weBhayibheli uWycliffe sehluke kakhulu olimini olusetshenziswa abahumushi beKing James Version ekhulwini le-17. Futhi ulimi lwesiNgisi luye lwaguquguquka kakhulu kusukela ngalesosikhathi. Amanye amazwi eqinisweni aye asho okuphambene. U“let” ngosuku lukaKing James wayesho “ukuphazamisa.” Kodwa namuhla usho “ukuvumela.”
16. Njengoba kusikiselwe kuzEnzo 20:30 naku-2 Thimothewu 4:3, 4, singaba yini esinye isizathu sokuba “inceku” ingenele ukuhumusha iBhayibheli?
16 Ekugcineni, kukhona indaba yokuliqondisisa ngokuqondile iBhayibheli, engenye yezizathu eziyinhloko zokuba iNew World Translation inyatheliswe. Asinakukubalekela, izinkolelo zenkolo yomuntu ziyovela emizamweni yomuntu yokuhumusha. Eqinisweni, kumelwe kube ngaleyondlela lapho igama noma itekisi lingase lichazwe ngezindlela eziningi. Ngenxa yokuthi abahumushi ngezinye izikhathi, ngamabomu noma ngokungazi, besonta amazwi akuqala emavesini abonakala ephikisana nezinkolelo zabo, kwaba okufanelekile ukuba kukhishwe inguqulo ngabantu abanamathela ngokwethembeka eZwini likaNkulunkulu.
Ukwehluleka Ukunamathela Ngokwethembeka EZwini LikaNkulunkulu
17. Ziyini ezinye zezizathu zokuba amavesi angamanga angenele etekisini leBhayibheli?
17 Ngenxa yokuthi abanye ababhali behluleka ukunamathela ngokwethembeka eZwini likaNkulunkulu, zonke izingxenye zamavesi angamanga ziye zangena “Etekisini Elamukeliwe,” iKing James Version esekelwe kuzo. Lamavesi anezelwa etekisini lakuqala eliphefumlelwe. Phakathi kwamavesi anjalo uJohane 8:1-11 noMarku 16:9-20. Esinye isibonelo samavesi angamanga siku-1 Johane 5:7, 8 kwamanye amaBhayibheli. Lapho amazwi athi “ezulwini, uYise, iZwi, noMoya oNgcwele, futhi lokhu kokuthathu kufakaza into inye” abonakala esekela uButhath’ emunye. Kodwa ukucwaninga kuye kwambula ukuthi lamazwi anezelwa umlobi ongathembekile eminyakeni engaphezu kweyinkulungwane ngemva kokuba ukulotshwa kwemiBhalo ephefumlelwe kuqediwe.
18, 19. (a) Abanye abahumushi baye baganga kanjani ngokuhumusha ngokungaqondile iZwi likaNkulunkulu? (b) Lokhu kuye kwenzeka kanjani maqondana nemiBhalo nesimo sabafileyo?
18 Ikakhulukazi abakhiqizi banamuhla abahumushe iBhayibheli baye bazenzela abakuthandayo ngenkululeko abanayo ekulobeni, ngezinye izikhathi etekisini, ngezinye izikhathi emazwini angezansi. Ngokwesibonelo umShumayeli 9:5, 10 kwekaTaylor iThe Living Bible ufundeka kanje: “Ngokuba abaphilayo okungenani bayazi ukuthi bayokufa! Kodwa abafileyo abazi lutho.” Futhi “Noma yini oyenzayo, yenze kahle, ngoba ekufeni, lapho uya khona, akukho msebenzi noma ukuceba okuthile, noma ukwazi noma ukuqonda.” Ngenxa yokungavumelani nalamazwi aphefumlelwe, umhumushi wanezela amazwi ngezansi: “Lamazwi awumbono kaSolomoni ongakhuthazwa, futhi awavezi ulwazi lweqiniso likaNkulunkulu kulamaphuzu!”
19 Lenguqulo futhi ihlanekezela iZwi likaNkulunkulu kumaHubo 115:17. Lapho iKing James Version ifundeka kanje: “Abafileyo abayidumisi INKOSI, noyedwa owehlela ekuthuleni.” Kodwa umhumushi weThe Living Bible ngokusobala ukholelwa ukuthi abafileyo baphila kwenye indawo, futhi ugcizelela lokhu ngokubeka ivesi ngokuthi “Abafileyo abakwazi ukuhubela uJehova lapha emhlabeni.”
20. Maqondana noJohane 1:1, inkolelo yoButhath’ emunye iye yavezwa kanjani ezinye izinguqulo, kodwa ikuphi okunye ukuhumusha okuqondile okwamukelekayo?
20 Kodwa makuphawulwe ukuthi ngisho noma enezinhloso ezinhle, ngaphandle kokuqonda ngokufanelekile iZwi likaNkulunkulu umhumushi weBhayibheli ubophekile ukuba aphazame ngezinye izikhathi. Ngokwesibonelo, cishe bonke abahumushi bakholelwa kuMthath’ emunye ngakho-ke bahumusha uJohane 1:1 njengothi, “Futhi uLizwi wayenguNkulunkulu.” Futhi angahunyushwa ngenye indlela ngokuqondile, ngokuqaphela ukungabikho kukahoh ngaphambi kwezwi lesiGreki elithi Theos. Ngakho-ke, iAn American Translation ihumusha lomshwana kanje, “Futhi uLizwi wayengowaphezulu.” INew World Translation ihumusha lomushwana ngokuthi, “Futhi uLizwi wayengunkulunkulu.” Ayehlukile yodwa ngokuwuloba kanjalo. Lokhu kuvumelana ngokuqondile nendlela inguqulo yomBhishobhi uNewcome eyawuhumusha ngayo lomushwana emuva ngo-1807.
Ukuvikela Igama LikaNkulunkulu Ngokwethembeka
21. Ezamuva nje izinguqulo zeBhayibheli ziyiveza kanjani impikiswano ngoNkulunkulu ngokwakhe?
21 Nokho, indlela engathi sina izinguqulo zamuva ezihluleke ngayo ukunamathela ngokwethembeka eZwini likaNkulunkulu iwukwehluleka kwazo ukwenza okufanelekile egameni elicacile likaNkulunkulu uJehova. EsiHeberwini limelelwe igama elinezinhlamvu ezine elaziwa ngokuthi i“Tetragrammaton.” Ubufakazi bokuthi uJehova uNkulunkulu ngokwakhe ubheka igama lakhe siqu ngokungathi sina bungabonwa eqinisweni lokuthi waphefumlela abalobi besiHeberu ukuba balisebenzise izikhathi eziyizi-6 961 emiBhalweni yesiHeberu. (Lokhu kuhlanganisa izikhathi eziyi-134 kulezo ababhali besiHeberu abalikhipha ngenjongo kuzo.)
22, 23. (a) Yini ebonisa ukuthi akulungile ukuhumusha igama likaNkulunkulu libe yibizo elivamile? (b) Ikuphi ukulinganisela okufanelekile iThe Jerusalem Bible ekwenzayo ngalokhu? (c) Ngokwabanye abalobi, kungani bekhetha ukusebenzisa igama elithi “Jehova” kunelithi “Yahweh”?
22 Iqiniso liwukuthi uMdali kubhekiselwe kuye emiBhalweni yesiHeberu ngokuvame kakhulu ngegama lakhe elihlukile elithi Jehova kunawo wonke amanye amagama ehlanganiswe ndawonye. Okungaphezu kwalokho, akunangqondo ukuhumusha igama lomuntu, njengelithi Jehova, ngebizo elivamile njengelithi Nkosi; njengoba kungenakuba nengqondo ukuhumusha igama elithi “Rolls Royce” (okuyigama lemoto edula kakhulu emhlabeni) ngokumane kusetshenziswe igama elithi “auto” noma “imoto,” kulapho kukhona ama“auto” noma izimoto eziningi. IThe Jerusalem Bible, nakuba ikhetha elithi “Yahweh” kunelithi “Jehova,” igcizelela ngamandla ekulisebenziseni kunelithi “Nkosi.” Isandulela saleyonguqulo sithi: “Ukuthi, ‘iNkosi inguNkulunkulu’ ngokuqinisekile kuwukuphindaphinda okungadingeki, kanti ukuthi u‘Yahweh uwuNkulunkulu’ akukhona.”
23 Khona-ke ingabe kumelwe “uYahweh” asetshenziswe esikhundleni sika“Jehova”? Akunjalo ngokuswelekile. NgokukaCanon D. D. Williams waseCambridge, “ubufakazi bubonisa ukuthi uYahweh wayengeyona indlela efanelekile yokubizwa kweTetragrammaton.” IThe Biblia Hebraica, eyasakazwa eStuttgart ngo-1951, ibeka ngonkamisa iTetragrammaton ifundeke ngokuthi “Yeh·wahʹ.” Lenguqulo yasetshenziswa ikomiti yeBhayibheli iNew World. Uprofesa Tübingen Gustav Oehler uthi: “Kusukela lapha kuqhubeke ngisebenzisa igama elithi Jehova, ngoba, eqinisweni, leligama liye laba elivame kakhulu enkulumweni yethu, futhi alikwazi ukukhishwa ngobuqili.” Umhumushi weBhayibheli uRotherham kweyakhe iEmphasized Bible, wayephakathi kwabokuqala abasebenzisa igama elithi “Yahweh.” Nokho, kweyakhe ethi Studies in the Psalms, eyanyatheliswa okokuqala ngemva kokufa kwakhe, waphindela kwelithi “Jehova,” ephawula ukuthi wenze njalo “ngokuthandeka kwalo emehlweni eningi nasezindlebeni.”
“UJehova” EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki
24. (a) INew World Translation ilisebenzisa izikhathi ezingaki igama likaJehova emiBhalweni yamaKristu yesiGreki? (b) Ziyini ezinye zezibonelo zezinguqulo zasekuqaleni ezenza lokhu?
24 Kodwa kuthiwani ngokusetshenziswa kwelithi “Jehova” kokubizwa ngokuthi iTestamente Elisha, imiBhalo yamaKristu yesiGreki? KuNew World Translation libonakala izikhathi ezingama-237. Nakuba lokhu kungase kubonakale kungavamile kakhulu, lenguqulo ayiyona eyokuqala ukuba isebenzise leligama kulengxenye yeBhayibheli. Ukusetshenziswa kwalo kuhlehlela emuva cishe ngo-1796, lapho umhumushi oyiJalimane uBrentano asebenzisa elithi “Jehova” kuMarku 12:29. Kukhona futhi iEmphatic Diaglott umsebenzi wokuhunyushwa komusho ngamunye wemiBhalo yesiGreki, eyahunyushwa okokuqala ngo-1864. Ngokuphindaphindiwe isebenzisa “uJehova” ezingcaphunweni zayo kusukela emiBhalweni yesiHeberu lapho leligama livela khona, ingqikithi yezikhathi eziyi-18. Ngokwesibonelo, bheka uMathewu 22:37, 44; Marku 12:29, 30; Luka 20:42.
25. (a) Ibuphi ubufakazi bamuva nje obubonisa ukuthi igama likaNkulunkulu lalikhona ematekisini okuqala emiBhalo yesiGreki? (b) Iyiphi inguquko ekabili eyenzeka ngokusobala ekhulwini lesibili C.E.
25 Isizathu sokuthi kubonakala kungokungavamile kakhulu ukuba igama elithi “Jehova” libonakale emiBhalweni yamaKristu yesiGreki siwukuthi, amakhulu eminyaka, kwakucatshangelwa ukuthi leligama alikho kuyiSeptuagint Version emibhalweni yesiHeberu eyasetshenziswa uJesu nabaphostoli bakhe. Kodwa muva nje okuye kwatholwa kufakazela ngokusobala ukuthi i“Tetragrammaton” yayikhona kuyiSeptuagint ngalezozikhathi. Ngakho-ke uprofesa Howard waseUniversity of Georgia uyaphawula: “Siyazi ngokuqinisekile ukuthi amaJuda akhuluma isiGreki aqhubeka ebhala [iTetragrammaton] emiBhalweni yawo yesiGreki. Futhi, kungokungenakwenzeka ukuthi awakuqala amaKristu akhuluma isiGreki angamaJuda ayengafuni ukuguquka enza okwehlukile kulokhu. . . . Kwakungaba okungavamile kakhulu ngawo ukukhipha iTetragram etekisini lawo lemibhalo ngokwalo.” Ngakho-ke uyaphetha: “Njengoba iTetragram yayisalotshiwe emibhalweni yeBhayibheli yesiGreki elalenza imiBhalo yesonto lokuqala, kunengqondo ukukholelwa ukuthi abalobi beTestamente Elisha, lapho becaphuna emiBhalweni, abayigcina iTetragram isematekisini eBhayibheli. Ngokuqondene nezenzo zamaJuda ngaphambi kobuKristu singacabangela ukuthi itekisi leTestamente Elisha lafaka iTetragram ezingcaphunweni zayo zeTestamente Elidala.” UProfesa Howard futhi uphawula ukuthi lapho i“Tetragrammaton” ikhishwa kuyiSeptuagint futhi yakhishwa ezingcaphunweni zemiBhalo yesiHeberu ezazisemiBhalweni yamaKristu yesiGreki. Lolushintsho ngokusobala lwenzeka ekuqaleni kweKhulu lesiBili C.E. Akukho kungabaza ngokuthi igama elithi Jehova kufanele libekhona emiBhalweni yamaKristu yesiGreki, njengoba silithola kuyiNew World Translation.
26. Ziyini izandulela zeNew World Translation ekusebenziseni kwayo ngokweluliwe “iGama”?
26 INew World Translation futhi isebenzisa igama elithi “Jehova” ukwenezela lapho igama libonakala khona emiBhalweni yesiHeberu. Kungani? Ukuze isize umfundi azi ukuthi kubhekiselwe kuJehova uNkulunkulu noma kuJesu Kristu lapho elithi “Nkosi” (Kyrios) libonakala etekisini lesiGreki. Ingabe sikhona isandulela esihle sokwenza lokhu? Yebo, ngoba ezinguqulweni ezingama-20 zesiHeberu zemiBhalo yamaGreki sithola lokhu kwenziwa. Futhi, kukhona izinguqulo eziningi zezithunywa zevangeli zemiBhalo yamaKristu yesiGreki ezenza okufanayo. Ngokwesibonelo, omunye umhumushi wakuqala wemiBhalo yamaKristu yesiGreki owayehumushela esiJaphaneni ngokukhululeka usebenzisa igama “Ehoba” (Jehova).
27. Naphezu kwani, futhi ngenxa yani, kumelwe izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu zisebenzise ngokugcwele iNew World Translation?
27 Kungakhathaliseki ukuthi izazi zesiHeberu noma zesiGreki zeLobukholwa zidumisa noma zigxeka iNew World Translation of the Holy Scriptures, iqiniso lihlala likhona lokuthi yabhalwa amadoda ayenamathela ngokwethembeka eZwini likaNkulunkulu. Ngempela iwusizo olukhulu ‘ekusenzeni sihlakaniphele insindiso nasekusisizeni ukuba siphelele sihlomele ngokuphelele imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 3:15-17) Sengathi sonke esinalenguqulo enhle ngezilimi zethu singabusiswa ekuyisebenziseni ngokugcwele.
MAQONDANA NOKULWELA IZWI LIKANKULUNKULU NGOKWETHEMBEKA, OKULANDELAYO KUYE KWAKUFEZA KANJANI, FUTHI NGANI?
□ Izakhiwo zendlunkulu yoFakazi BakaJehova?
□ UJesu Kristu nabaphostoli bakhe
□ “Inceku ethembekileyo neqondayo” ezikhathini zanamuhla
□ Ababhali abakopisha babuye bakopisha itekisi leBhayibheli
□ Abahumushi bakuqala ababehumushela olimini lwanamuhia
□ Abahumushi bezinguqulo zamuva zeBhayibheli
□ Ikomiti Yokuhumusha iBhayibheli iNew World
[Ibhokisi ekhasini 22]
Ngesinye isikhathi umhumushi ongumMelika wasolwa umfundi weBhayibheli ‘ngokuphula isiNgisi esihle’ seKing James Version, owayekhononda ngokungangabazeki wayehlatshwe umxhwele isiNgisi sasendulo. Ekuzameni komhumushi ukuchaza ukuthi lesosigijimi esihle sasibaluleke kakhulu kunobuhle bolimi, owayemsola waphendula: “Angisikhathalele nakancane isigijlmi. Angikholelwa kuNkulunkulu.”
[Ibhokisi ekhasini 22]
Umgomo wokuhunyushwa kweBhayibheli, eqinisweni, wakho konke ukuhumusha, kumelwe ube ukusiza umfundi ngegama elihunyushiwe ukuba athole umqondo ofanayo, ngokwengqondo, ngokomzwelo, yebo, ngokomoya, njengokungathi ufunda imiBhalo ngolimi eyabhalwa ngalo kuqala.
[Ibhokisi ekhasini 23]
Umhumushi weBhayibheli uEdgar Goodspeed walobela omunye woFakazi BakaJehova maqondana neNew World Translation of the Christian Greek Scriptures: “Nginesithakazelo emsebenzini wenu wokuthunywa kwabantu bakini, futhi uhilela izwe lonke, futhi ngijabulela kakhulu ukuhumusha kwenu okukhululekile nenkuthalo. Kuveza uhlelo oluningi nokufunda okunengqondo okungathi sína, njengoba ngikubona.”
Isazi sesiHeberu nesiGreki uA. Thompson waseBrithani, lapho eloba ku-The Differentiator, waphawula mayelana nengxenye yeNew World Translation of the Hebrew Scriptures: “Ngizokuncoma njengomzamo oqotho noqondile wokuhumusha ImiBhalo ENgcwele ngesiNgisi samuva nje. Akukho mzamo obonakala wenzelwe ukugcizelela noma iziphi izimfundiso ezikhethekile noma imibono.”
IEerdman’s Handbook to the Bible ihlela iNew World Translation iphakathi kweziyi-14 izinguqulo “zesiNgisi eziyinhloko zekhulu lama-20.”
[Isithombe ekhasini 25]
I“Tetragrammaton” ezingxenyeni zeSeptuagint ezivela eGibithe (Fouad Papyri 266)
Leziziqeshana zasakazwa ekuqaleni ngoFakazi BakaJehova futhi ukuvela kwegama likaNkulunkulu lapha kwanikeza isisekelo sokusebenzisa u“Jehova” ku“New World Translation”