Amanga Okuqala—Aqanjwa Ubani?
EDOLOBHENI laseAfrika eseningizimu amadoda amabili emotweni adlula eziphambanweni zomgwaqo. Izibani zomgwaqo zaziluhlaza, kodwa amiswa iphoyisa lomgwaqo elawabuza: “Kungani nidlula izibani zibomvu?” Omabili aphika. Kodwa iphoyisa lathi: “Nisho ukuthi angiboni?” Futhi laqala ukubhala ithikithi. Umshayeli waphendula ngezwi eliphansi: “Kukhona Othile phezulu okwaziyo lokho okwenzayo.” Iphoyisa lanqikaza . . . lase lihamba.
Yebo, iphoyisa lalikhuluma amanga. Ingabe lokho kuyamangalisa. Lutho neze. Ukukhuluma amanga kugxile ngokujulile emphakathini wesintu. Njengoba kujwayeleke ukuba kuthiwe: “Khuluma amanga kaningi ngokwanele futhi abantu bayowakholelwa.” Abaningi bezombangazwe babonakala bevumelana nalokhu, futhi, ezingqondweni zabaningi, ezombangazwe zisondelene kakhulu nokuqamba amanga.
Abantu baqamba amanga ngenxa yazo zonke izinhlobo zezizathu. UmKristu oqotho owayekade engasebenzi isikhathi esithile wafaka isicelo somsebenzi efemini yezentengiselwano. Kodwa imeneja yamxwayisa: “Ukuze uthengise umkhiqizo wami kumelwe ukwazi ukuqamba amanga kangcono kunendoda elandelayo!” UmKristu wawenqaba umsebenzi.
Ngisho nabantu benkolo, uma bengabambelele ezindinganisweni zokwesaba uNkulunkulu, bajwayela ukuqamba amanga. Ingabe uyakukhumbula ukusabela kwabaholi benkolo bamaJuda ekuzweni ukuthi obulewe uJesu Kristu waseNazaretha uvusiwe? Bafumbathisa amabutho ayelinde ithuna likaJesu ukuba athi: “Abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.”—Mathewu 28:12-15.
Nokho kubonakala ukuthi ukuqamba amanga akuyona into eyimvelo kubantu. UDr. Lewis Thomas wabhala: “Ngokwazi kwami, umuntu akanakuqamba amanga, ngisho namancane, ngaphandle kokubangela isixwayiso esithile engxenyeni esekujuleni yobuchopho, okuphumela kokusheshayo ukudikiza kwezinzwa, noma okusheshayo ukukhishwa kwamahormones ezinzwa ohlobo oluthile . . . Khona-ke, ukuqamba amanga kuyacindezela, ngisho noma sikwenzela ukuzivikela, noma ukuzikhulula, noma ukuphepha, noma inzuzo.” (IDiscover, kaDecember 1980) Lokhukusabela komzimba yikhona okwenza umshini wokubamba amanga uwathole.
Njengoba ukuqamba amanga kucindezela kangaka, kwaqala kanjani?
Ubani Owaqamba Amanga Okuqala?
UJesu Kristu wamusho umqambimanga wokuqala, futhi wabonisa ukuthi wayengeyena umuntu. Wathi: “Nxa [uSathane] ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.” (Joh. 8:44) Ngakho-ke umqambimanga wokuqala kwakunguSathane uDeveli. Waqala nini ukukhuluma amanga? NgokweBhayibheli, kwakungokushesha nje ngemva kokuqala komlando wesintu.
Isehlakalo silotshwe encwadini yeBhayibheli kaGenesise, futhi amanga ayesho ukuphila noma ukufa kwesintu. UNkulunkulu wabonisa endodeni yokuqala, uAdamu, ukuthi ukuphila kwakhe okuqhubekayo kwakuxhomeke ekulaleleni. Wabekela uAdamu umthetho olula ukuba awugcine futhi wathi uma ayehluleka ukugcina lowomthetho waye“yakufa nokufa.” Kodwa uSathane ngenhliziyo embi waqamba amanga futhi wathi: “Aniyikufa nokufa.” Lawo kwakungawokuqala emangeni ayizigidigidi aseke ezwiwa kulonozungezilanga onguMhlaba.—Genesise 2:17; 3:4.
Abaningi namuhla abayikholelwa lendaba eseBhayibhelini. Kodwa uJesu, indoda ethembekile kakhulu eyake yaphila, yafakaza ukuthi indaba ekuGenesise ayiyona inganekwane kodwa iwumlando oliqiniso. (Mathewu 19:4, 5) Ngokuqinisekile, imiphumela yalawomanga isekithi. Isho ingozi enkulu esintwini.