Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 10/1 kk. 14-19
  • ‘Jabulani Lapho Abantu Benishushisa’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Jabulani Lapho Abantu Benishushisa’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushushiswa Kumelwe Kulindelwe
  • AmaKristu Akuqala Ashushiswa
  • Ukushushiswa “Ezinsukwini Zokugcina”
  • Masijabule Noma Sishushiswa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Siyashushiswa Nokho Siyajabula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukukhuthazela Ngenjabulo Naphezu Kokushushiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Bashushiswa Ngenxa Yokulunga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 10/1 kk. 14-19

‘Jabulani Lapho Abantu Benishushisa’

“[Jabulani] nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini.”—Mathewu 5:11, 12.

1-4. Ikuphi okuhlangenwe nakho okungaphakamisa imlbuzo ezingqondweni zethu ngokujabula ngaphansi kokushushiswa?

UNGAJABULA yini ngempela lapho abantu beqamba amanga ngawe futhi bezama ukwenza zonke izinto ezilimazayo kuwe? Cabangela indaba yowesifazane osemusha eFinland owaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova eminyakeni emibalwa edlule. Ngokushesha wayejabulela izinto ezinhle ayezifunda ngenjongo kaJehova ngesintu, futhi waqala ukuba nokwazisa okujulile ngobuhle bakhe nothando.

2 Khona-ke umyeni wakhe waqala ukumelana nokufunda kwakhe iBhayibheli, futhi lapho enqaba ukuyeka, waqala ukumphatha ngonya. Ekugcineni wacela igunya lenkantolo lokuba bahlukane. Ngokushesha owesifazane wazithola esexoshiwe ekhaya futhi ephoqelelwa ukuba ashiye abantwana bakhe abathathu, kuhlanganise nomntwana ongaphezuywana konyaka ubudala, njengoba inkantolo yabanikeza ubaba wabo. Kungani? Ingabe wayengayinakanga imithwalo yakhe yemfanelo kubo? Cha, ngoba ukutadisha kwakhe iBhayibheli, eqinisweni, kwakumfundisa ukuba abe umfazi ongcono nomama.

3 Ngemva kwamasonto ambalwa kamuva umyeni wakhe wayemphoqelele ukuba akhishwe emsebenzini aye esibhedlela ukuze abhaliswe njengohla nyayo futhi ayiswe ezinhlanyeni. Okokuqala udokotela owamhlolayo wakwenqaba ukwenza lokho, kodwa kamuva, ngokucindezelwa umyeni wakhe, wayikhipha incwadi egunyaza ukuba ayiswe ezinhlanyeni. Ngalesosikhathi owesifazane osemusha manje owayengomunye woFakazi BakaJehova obhapathiziwe, wayesethuthele kwelinye idolobha, lapho abonana nomunye udokotela. Ngemva kokumhlola, lodokotela wamnikeza isitifiketi esifakazela ukuba ophile kahle.

4 Kodwa lokhu akulisusanga igunya lencwadi kadokotela wokuqala. Ngakho-ke kwafuneka ahlale ngokucasha amasonto athile kuze kube yilapho leyoncwadi isiphelelwe isikhathi. Ngemva kwalokhu, udokotela wenqaba ukukhipha entsha; ngakho-ke udade wakwazi ukuphindela edolobheni lakubo. Ngalesosikhathi umyeni wakhe wamdivosa esebenzisa igunya lenkantolo lokubahlukanisa, inkantolo yayala ukuba abantwana bagcinwe ubaba wabo.

5, 6. (a) Ingabe lokhu noma okuhlangenwe nakho okufana nakho kungaba yisizathu sokujabula? Ngani? (Marku 10:29, 30) (b) Njengoba kuboniswe emibhalweni ecashuniwe, iziphi izizathu uJobe ayenazo zokujabula ngemva kokushushiswa?

5 Ungakucabangela yini okuhlangenwe nakho okunjalo njengokuyisizathu sokujabula? Ngokuqinisekile akekho umfazi noma umama ongajabulela ukukhishwa ekhaya lakhe aphucwe nabantwana bakhe abancane. Futhi akanakuthokoza uma abathandekayo bakhe bezama ukumxosha aye ezinhlanyeni ngenxa nje yokuthi ufuna ukutadisha iBhayibheli futhi asebenzise izimiso zalo ezinhle. Kodwa phawula isizathu sokujabula uJesu asinikeza ngaphansi kwezimo ezinjalo: “Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini.”—Mathewu 5:12.

6 Yebo, uma isizathu sokushushiswa, njengoba uJesu asho evesini elandulelayo Math 5:11, ngempela ‘singenxa yakhe,’ singajabula ngokuba nethuba lokubonisa ubuqotho bethu kuJehova nokuhlanganyela ekulweleni igama lakhe, njengoba uJesu enza. Kanjalo-ke sibonakalisa uDeveli njengomqambimanga lapho ethi uyakwazi ukuhlubula bonke abantu kuNkulunkulu. Ukuma okunjalo ohlangothini lukaJehova uNkulunkulu kuyamthokozisa, futhi, njengoba kuboniswe endabeni kaJobe, uyovuzwa noma kanjani.—Jobe 1:9, 10; 42:10-16; 1 Petru 2:19, 20.

Ukushushiswa Kumelwe Kulindelwe

7. (a) Kungani amaKristu engalindela ukushushiswa? (b) Ingabe lokhu kusebenza kuwo wonke amaKristu, noma kwambalwa kuphela?

7 Kodwa kungani noma ngubani kumelwe ashushiswe ngenxa yokuthi nje ufuna ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi abe umKristu? UJesu waphendula lombuzo ngalendlela: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda. Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begciné izwi lami, nelenu baya kuligcina. Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.” (Johane 15:18-21) Njengoba umphostoli uPawulu akuveza encwadini yakhe yesibili ephefumlelwe eya kuThimothewu, ukushushiswa kungokuthile amaKristu okumelwe akulindele. Waloba: “Bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.”—2 Thimothewu 3:12.

8. Ubani ngempela obangela ukushushiswa kwamaKristu, futhi iyini injongo yakhe?

8 Masingakhohlwa ukuthi lowo obangela ukushushiswa akuyena omunye ngaphandle komphikisi omkhulu, uSathane uDeveli. Ukuma kwakho uqinile njengomKristu nothando lwakho ngoJehova uNkulunkulu kufakazela ukuthi uDeveli ungumqambimanga, ngoba uthi akukho muntu omthanda ngempela uNkulunkulu, nokuthi uma noma ubani emkhonza, kungenxa nje yalokho akutholayo ngokwenza lokho. USathane waqhosha ngokuthi uma ayengavunyelwa, wayengahlubula uJobe, naso sonke isintu kuNkulunkulu. (Jobe 1:8-11; 2:3-5) Nakuba ahluleka ukuphula ubuqotho bukaJobe, uDeveli akayekanga neze.—2 Korinte 4:4.

AmaKristu Akuqala Ashushiswa

9. Nikeza izibonelo ezivela emiBhalweni ezibonisa izinhlobo zokushushiswa amaKristu akuqala okwakumelwe azibekezelele.

9 Ngokuvumelana nesixwayiso sikaJesu, amaKristu akuqala akuthola ukushushiswa, ngezinye izikhathi okwakubuhlungu kakhulu. Abaningi babexoshwa emakhaya futhi bephoqelelwa ukuba babalekele kwezinye izindawo, njengasendabeni yebandla eJerusalema. (IzEnzo 8:1) Abanye, njengomphostoli uJohane, badingiswa. (IsAmbulo 1:9) Umphostoli uPawulu nalabo ababesebenza naye enkonzweni yasobala bakhandwa ngamatshe futhi bashaywa. (IzEnzo 14:19; 16:22) AmaKristu amaningi akuqala aboshwa, amanye aphangwa nezimpahla zawo futhi amanye aze ngisho abulawa. (Kolose 4:3; Filemoni 9, 10; Heberu 10:34; 13:3; IzEnzo 12:1, 2) Kodwa akwazi ukujabula, ngoba ayekuqonda ngokugcwele ukuthi kungani ayeshushiswa.

10. Yini ebonisa ukuthi abalandeli bakaKristu ngekhulu lokuqala babengasatshiswa ukushushiswa?

10 Ingabe ukushushiswa okunjalo kwanqamula noma ngisho kwadambisa umsebenzi ‘wokukhuluma ngoNkulunkulu nokunikeza ubufakazi ngoJesu’? Cha, ngoba amaKristu akuqala akwenqaba ukwesatshiswa. Umbhalo okuzEnzo 5:40-42 usitshela ukuthi izikhulu ezingamaJuda zenkantolo yomphakathi ‘zababiza abaphostoli zabashaya, za bayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, zabakhulula.’ Enzani lamaKristu ngemva kwalokho? “Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama; abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.”

11. UPetru noJohane basabela kanjani ekusongeleni okwakumelene nabo?

11 Ngaphambili, umphostoli uPetru noJohane babephambi kweSanhedrin ngenxa yokuphilisa unyonga nangenxa yokufundisa egameni likaJesu. Indaba iyasitshela: “Base bebabiza [ababusi namadoda amadala], babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. Kepha uPetru noJohane baphendula, bathi kubo: Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo. Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu.”—IzEnzo 4:18-21.

12. Iluphi usizo oluvela kuJehova abaphostoli nabafundi abaluthandazela ngenkathi bengaphansi kokushushiswa?

12 Abesatshiswanga ukusongela. Umlando ubonisa ukuthi abaphostoli nabafundi ngokufanelekile abathandazelanga ukuba uJehova asuse ukushushiswa kodwa ukuba abanikeze amandla ngomoya wakhe okuqhubeka bekhuluma izwi lakhe ngesibindi. Futhi wakwenza lokho.—IzEnzo 4:29, 31.

13. Ngokwalokho uPawulu akulobela abaseFilipi, iziphi izinzuzo ezaphumela ekuboshweni kwakhe eRoma

13 Ukuboshwa kukaPawulu eRoma kwaba nemiphumela eyinzuzo, njengoba achaza encwadini yakhe eya kwabaseFilipi: “Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.” (Filipi 1:12-14) Yebo, ukushushiswa kukaPawulu kwaholela ekunikezweni kobufakazi obukhulu, hhayi ngenxa yokwaziwa kwakhe namathuba ayenawo okufakaza ezikhulwini zenkantolo, kodwa futhi ngenxa yokuthi amanye amaKristu akhuthazwa yilokho ukuba aqhubeke nenkonzo yawo.

Ukushushiswa “Ezinsukwini Zokugcina”

14. Isiphi isizathu uJesu asinikezayo sokushushiswa kwethu namuhla?

14 Njengabaprofethi bakaNkulunkulu bezikhathi zasendulo futhi njengoba uJesu Kristu nabaphostoli bakhe nabafundi ekhulwini lokuqala bathola ukushushiswa, ngakho-ke amaKristu ‘kulezinsuku zokugcina’ zalesisimiso sezinto angalindela ukukhuthazelela ukushushiswa. UJesu wabikezela lokho njengengxenye “yesibonakaliso” esihlanganiswa izinto eziningi sesiphelo salesisimiso sezinto. Wathi: “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.”—Mathewu 24:9.

15, 16. (a) Isiphi isiprofetho esiqhubekayo maqondana nesikhathi sethu esibonisa ukuthi ukushushiswa kungalindelwa ngenxa yokufakaza kwethu? (b) Yimiphi imibuzo ephakanyiswayo manje okumelwe siyicabangele?

15 Kamuva, uJesu wabonisa kumpho stoli uJohane lokho abalandeli baKhe emhlabeni ababengakulindela ngemva kokuzalwa kombuso wasezulwini. Ekhuluma ngolimi olungokomfanekiso, wathi: “Kuthé udrako [ochazwe evesini lika-9 njenge”nyoka endala ethiwa umhlebi noSathane”] esebona ukuthi usephonswé phansi emhlabeni, wazingela owesifazane [inhlangano kaNkulunkulu yezwe lonke] owayezale umntwana wesilisa [umbuso onoKristu njengeNkosi]. . . . Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.”—IsAmbulo 12:13, 15-17.

16 Ingabe lokhu kuye kwaba yiqiniso “ezinsukwini zokugcina”? Kungaziphi izindlela amaKristu eqiniso okumelwe akhuthazelele ngazo ukushushiswa esikhathini sethu, futhi akwaze kanjani ukujabula naphezu kwakho? Yimuphi umphumela ukushushiswa okube nawo kuwo nakwabaningi ababukelayo? Lemibuzo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.

[Isithombe ekhasini 15]

Labo abaveza uDeveli njengomqambimanga, njengoba kwenza uJobe bayothola umvuzo

[Isithombe ekhasini 17]

UPetru, uJohane namanye amaKristu akuqala bakwenqaba ukwesabiswa izikhulu ezazimelene nomsebenzi ababewunikezwe uNkulunkulu

[Izithombe ekhasini 18]

UDrako wathukuthela wamuka wayokulwa nabanomsebenzi wokufakaza ngoJesu.—IsAmbulo 12:15-17

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela