Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 10/1 kk. 19-26
  • Ukukhuthazela Ngenjabulo Naphezu Kokushushiswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuthazela Ngenjabulo Naphezu Kokushushiswa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushushiwa Ngezindlela Eziningi
  • Injongo Yokushushisa
  • Ukubekezela Ngaphansi Kokushushiswa
  • Qhubekani Ngaphansi Kokuvinjelwa
  • Ukubaluleka Kwemihlangano
  • Ukushumayela Ngaphansi Kokuvinjelwa
  • Imiphumela Emihle Yokugcina Ubuqotho
  • AmaKristu Abhekana Nokushushiswa Ngokukhuthazela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ungakulungiselela Yini Manje Ukushushiswa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • ‘Jabulani Lapho Abantu Benishushisa’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ungakwazi Ukukhuthazela Lapho Ushushiswa
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 10/1 kk. 19-26

Ukukhuthazela Ngenjabulo Naphezu Kokushushiswa

“Kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi.”—Roma 5:3-5.

1. Yini esobala ngomphumela wokushushiswa kwamaKristu kulezi‘nsuku zokugcina’?

OKUHLANGENWE nakho kwabantu bakaJehova ‘kulezinsuku zokugcina’ ngokuqinisekile kuye kwabonisa amazwi kaJesu njengayiqiniso: “Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalolosuku, nixhume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benzé njalo kubaprofethi.” (Luka 6:22, 23; 2 Thimothewu 3:1) Yebo, izinceku zikaNkulunkulu zingazikhuthazelela ngokwethembeka zonke izinhlobo zokushushiswa, futhi zenze kanjalo ngenjabulo.

2. (a) Ingabe labo abathola ukushushiswa okwengeziwe bathola umvuzo omkhulu? (b) Iyini eminye imiphumela eyinzuzo yokukhuthazelela ukushushiswa ngokuphumelelayo?

2 Akukhona ukuthi siyakujabulela ukushushiswa, ngoba ukushushiswa akuthokozisi futhi ngokuvamile kubu hlungu. Akukhona ukushushiswa ngokwakho, kodwa umphumela wakho osinikeza isizathu sokujabula. (Jakobe 1:2, 3) AmaKristu awakufuni ukushushiswa. Awazami ukuba abafel’ ukholo, ecabanga ukuthi uma ekhuthazelela ukushushiswa okukhulu ayokwamukeleka ngokwengeziwe emehlweni kaYise wasezulwini. Labo abashushiswa kakhulu abamukeli umvuzo omkhulu, futhi akusho ukuthi bathembeke ngokwengeziwe kunalabo abaye bashushiswa kancane. Kodwa phawula uchungechunge olwenzeka lapho umKristu ekhuthazelela usizi ngokuphumelelayo: “Ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi.”—Roma 5:3-5.

3. (a) Njengoba kuboniswe kumaRoma 5:3, usizi lukuletha kanjani ukukhuthazela? (b) Lokhu kuphumela kanjani ekuqinisweni kokholo lwethu? (Heberu 10:38, 39)

3 Lapho sifunda ngokushushiswa amaKristu esikanye nawo akutholayo kwezinye izindawo, singase sizibuze, “Ngingakwazi yini ukukhuthazelela lokho?” Khona-ke, lapho ukuphikiswa noma ukuvivinywa kusehlela ngokuzumayo, futhi esikhundleni sokunqontshwa yikho noma ukuhlehlela emuva ekukhonzeni uNkulunkulu siphendukela kuye sicele usizo, sithola ukuthi uyayiphendula imithandazo yethu, futhi sithola indlela usizi oluveza ngayo ukukhuthazela. Khona-ke asizibuzi ukuthi siyokwazi yini ukulubekezelela; siyazi ukuthi singakwazi, ngamandla kaJehova. Isilingo sokuqala singase singabi nzima kakhulu, kodwa nokho ukholo lwethu seluvivinyiwe, futhi seluqinile ukuba lumelane naso. Uvivinyo olulandelayo fungase lube oluqine ngokwengeziwe, kodwa ukholo lwethu luqine ngokulingana nalo ngoba asihlehlelanga emuva kolokuqala. Ngakho-ke ngamandla kaJehova eqinisweni singakwazi ukubhekana nanoma ikuphi ukuvivinywa kokholo lwethu, sazi ukuthi akanakuvumela ukuba silingwe ngaphezu kwalokho esingakuthwala; noma akanakusishiya sisenkingeni.—1 Korinte 10:13; 2 Korinte 4:8-10.

4. Ngemva kokubekezelela ngokuphumelelayo izilingo noma ukushushiswa, iziphi izizathu ezingokoqobo esinazo zokuba abajabulayo?

4 Ukukhuthazelela usizi ngempela kuyisizathu sokujabula. Singakujabulela ukuthi asinqotshwanga isilingo kodwa sibambelele kokulungileyo. Siyazi ukuthi yilokho uNkulunkulu akufunayo, ngakho-ke ukukhuthazela kwethu ngempumelelo kusilethe eduze kwakhe, okuyisizathu esengeziwe sokujabula, njengoba siphawulwe ngokusobala kuJakobe 1:12.

Ukushushiwa Ngezindlela Eziningi

5. Siyini isimo emazweni amaningi namuhla maqondana nokushushiswa nokuhlushwa kwabazalwane bethu? Kungani kunjalo? (Amose 7:10-17)

5 Namuhla umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe emazweni angaphezu kwama-40, futhi kweziningi zalezindawo abantu bakaNkulunkulu kuye kwafuneka bakhuthazelele izilingo ezinzima nokushushiswa ngenxa nje yokuthi bazimisele ukukhonza uNkulunkulu wabo, uJehova, ngokwethembeka. Ezimweni eziningi, ukuvinjelwa kuye kwagqugquzelwa abefundisi benkolo, abaye baphendukezela ukungahileleki kwethu kwezombangazwe ukuze bavimbele umsebenzi wokushumayela. Izikhulu ezinolwazi ziyazi ukuthi oFakazi BakaJehova ababona abagumbuqelayo noma abayingozi eMbusweni nganoma iyiphi indlela. Izikhulu zakwahulumeni ezikhanyiselwe ziyazi ukuthi oFakazi bayizakhamuzi eziqondiswa unembeza nezigcina umthetho, ezenza konke okusemandleni azo ukuze zigcine futhi zithobele imithetho yezwe. Nokho, endabeni yoFakazi BakaJehova, ukuthobela kwabo uNkulunkulu kuza kuqala. Kungakho bengahlanganyeli kwezombangazwe kunoma iliphi izwe. Ngakho-ke uma kukhona okushayisana nomthetho kaNkulunkulu, njengabaphostoli, ‘balalela uNkulunkulu kunabantu.’—IzEnzo 5:29.

6. (a) Ziyini ezinye zezibonelo zokushushiswa lezo oFakazi BakaJehova okuye kwafuneka bazikhuthazelele? (b) Ungazilandisa yini ezinye ezifanayo esikhathini sanamuhla?

6 Amaqembu ezaphulamthetho, ngezinye izikhathi eholwa abefundisi benkolo noma abashisekeli bezombangazwe, aye aphatha kabi abantu bakaJehova ezindaweni eziningi. Abaningi abafowethu abangokomoya baye baphoqelelwa ukuba bashiye amakhaya abo nezimpahla futhi babaleke ukuze bangabulawa, njengoba kuye kwenzeka eminyakeni yamuva eMalawi nase-Ethiopia. Abanye baye baxoshwa emisebenzini yabo noma bakhishwa lapho besebenza khona, kulapho abanye baye bavalelwa amabhizinisi abo ngenxa nje yokuthi bangoFakazi BakaJehova. (IsAmbulo 13:16, 17) Imihlangano yabo yobuKristu yesifundo seBhayibheli iye yaphazanyiswa futhi yahlakazwa; amakhaya abo aye ahlolwa futhi amaBhayibheli nezincwadi zamaBhayibheli kwathathwa. Ukwesatshiswa nokusongelwa kuye kwasetshenziswa ekuzameni ukubesabisa, futhi abaningi baye baboshwa futhi bavalelwa abanye baze ngisho ba bulawa. Ukushushiswa kwakunzima ngokuyinhloko phakathi nezimpi zezwe, kodwa kusaqhubeka namanje emazweni amaningi.

7. Ngisho nasemazweni lapho kungekho khona ushushiso olunamandla oluvela kuziphathimandla, iziphi izimo okuye kwafuneka zibekezelelwe abantu bakaNkulunkulu abaningi?

7 Futhi, kuwo wonke umhlaba, izinkulungwane zabafowethu nodade kumelwe nsuku zonke zibhekane nokuphikiswa nokushushiswa okuvela emikhayeni nasezihlotsheni ngenxa yokufuna ukukhonza uJehova njengabafundi bakaJesu Kristu. Njengoba uJesu abikezela: “Nezitha zomuntu kuyakubangabendlu yakhe.”—Mathewu 10:35, 36.

Injongo Yokushushisa

8. Ingabe oFakazi BakaJehova bashushiswa ngenxa yokuba abenzi bobubi noma abephuli-mthetho?

8 Abashushisi babantu bakaNkulunkulu bathemba ukufezani? Ingabe bashushisa oFakazi bakhe ngenxa yokuthi bangabenzi bobubi noma izigebengu? Cha. OFakazi BakaJehova baqashelwa ezweni lonke njengabantu abalalela umthetho nabaziphethe kahle. Bayizisebenzi ezinhle, ezithandekayo, ezinobungane, ezinomusa nezinengqondo nezingaziphathi njengabantu abahlanyiswa inkolo. Eqinisweni, bangabantu abangomakhelwane abahle. (Thithu 2:6-10; Galathiya 6:9, 10) Isigijimi sabo singesokuthula, esiletha induduzo kulabo abakhathazekile nabakhalayo. Bashumayela “izindaba ezinhle” zokuthi umbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzosusa abacindezeli futhi ulethe uhlelo olusha lokulunga.—Mathewu 6:10; IHubo 37:10, 11.

9. Yimuphi umsebenzi wethu abaphikisi abafuna ukuwumisa, futhi ngani?

9 Nokho, ukushumayela “izindaba ezinhle” kubonakalisa abaholi benkolo beLobukholwa njengabangenaso isigijimi sethemba kubantu. Ngakho-ke bazama ukuthulisa labo abasishumayelayo! Abanye abaholi benkolo, nakuba bezimisele ukuvumela abantu bakaJehova ukuba bakholelwe yilokho abakufiselayo, bayakwenqabela ukushumayela kwabo kwabanye. Njengabaholi benkolo yobuJuda ababebhekene nomsebenzi wentshiseko wamaKristu akuqala, ngenye indlela bathi “Asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelogama [likaJesu].” (IzEnzo 4:17, 18) Yebo, ukushumayela kwethu abafuna ukukumisa.—Bheka futhi izEnzo 5:28, 40.

10. (a) Ngaphandle kokuzama ukumisa umsebenzi wethu wokushumayela, yini enye uSathane afuna ukuyifeza? (b) Lokhu kuboniswa kanjani uhlobo lokuvinjelwa ngokuvamile okubekelwa umsebenzi wethu?

10 Khumbulani, futhi, ukuthi umgqugquzeli ongokoqobo woshushiso uSathane uDeveli. (1 Petru 5:8) Akafuni nje ukumisa ukushumayela kwethu, kodwa futhi ufuna ukwenza buthakathaka ukholo lwethu futhi asibangele ukuba siphule ubuqotho bethu kuNkulunkulu, kanjalo asenze silahlekelwe ukuphila okuphakade. Ngakho enye injongo yoshushiso iwukusivimbela ukudla okungokomoya ngokuhlanganyela nabafowethu emihlanganweni. Ngakho-ke, lapho umsebenzi wethu uvinjelwa, ngokuvamile ukushumayela kwethu nokuhlangana okuvinjelwayo. “Ningaba oFakazi BakaJehova,” ngokuvamile siyatshelwa, “kodwa ningashumayeli noma niqhube imihlangano.” Nokho uma singashumayeli noma siqhube imihlangano, siyobe asibona ofakazi bakaJehova uNkulunkulu noma bakaKristu Jesu, ngoba ufakazi ongasho lutho empeleni akayena ufakazi. (Isaya 43:10, 12; IzEnzo 1:8) Futhi yini eyokwenzeka okholweni lwethu uma singasawulaleli umyalo kaNkulunkulu wokuhlangana ndawonye?—Heberu 10:24, 25.

Ukubekezela Ngaphansi Kokushushiswa

11. Kuye kwaba yini ukusabela kwamaKristu athembekile ekushushisweni okulethwa phezu kwawo?

11 Izinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zanamuhla ziye zasabela kanjani ekushushisweni kwazo? NjengamaKristu akuqala, azizange zesabe kodwa ngesibindi ziye zaqhubeka nomsebenzi wokushumayela naphezu kokuvinjelwa nokusongelwa. NjengoPawulu, zinesizathu ‘sokujabula nokuthokoza.’ Ukuma kwazo okuqinile ohlangothini lukaJehova lwempikiswano kubonakalisa uDeveli njengomqambimanga. Yeka ilungelo okuyilo ukukwazi ukuhlanganyela ekudumiseni igama likaJehova!—Filipi 2:17, 18; 2 Thesalonika 1:4.

12. Sikhona yini isizathu sokwesaba lokho abashushisi abangase basongele ukukwenza kithi?

12 Ngempela asikho isizathu sokwesaba labo abasishushisayo. UPawulu walobela abaseFilipi: “Kuphela hambani ngokufanele ivangeli . . . ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhuke kuvela kuNkulunkulu.”—Filipi 1:27, 28.

13, 14. (a) Yini leyo izikhulu ezimelene kwelinye izwe muva nje ezayenza ngomzamo wokubangela oFakazi BakaJehova ukuba besabe? (b) Lokhu okuhlangenwe nakho kubonisani ngempela?

13 Muva nje, elinye izwe laseYurophu lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova wenqatshelwe ngokomthetho, umzalwane waboshwa ngenxa yokunikeza inkulumo yeBhayibheli emfushane neduduzayo emngcwabweni. Nomzalwane owathandaza waboshwa. Izikhulu zasendaweni zathi abantu abagunyazwe uMbuso kuphela abangakhuluma emingcwabweni, nokuthi umthandazo wenqatshelwe “ngoba umthandazo ungasetshenziswa ekufundiseni.” Omunye umzalwane endaweni efanayo waboshwa ngoba wayefundela umkhaya wakhe siqu iBhayibheli. Akukho macala abekwa lababazalwane. Baboshwa isikhashana base bekhululwa. Ngokusobala injongo kwakuwukubesabisa nokubayekisa.

14 Kodwa obani ngempela abesabayo? Uma izikhulu zendawo zinomuzwa wokuthi ziyasongelwa ngokufunda komuntu iBhayibheli ekhaya lakhe noma umzalwane onikeza inkulumo noma othandaza emngcwabeni, kumelwe ngempela ukuba ziyasesaba isigijimi seBhayibheli nalabo abasishumayelayo! Ngakho-ke kungani kumelwe sibesabe? Njengoba uPawulu abonisa, ubunye bethu nesibindi “buyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu.”—Filipi 1:28.

15 Kwezinye izindawo abamemezeli be“zindaba ezinhle” babizelwa emakamu amaphoyisa isonto ngalinye ukuba bayalwe, futhi ngokuvamile basongelwa ngokujeziswa kanzima uma bengayeki ukukhuluma ngombuso kaNkulunkulu. Kodwa lapho abafowethu nodadewethu bengakunaki ukusongelwa futhi nangesibindi beqhubeka nomsebenzi, izikhulu ziyayeka futhi zibashiye. Nokho, uma zibona noma ibuphi ubufakazi bokuba buthakathaka kwabamemezeli boMbuso, ziyaqhubeka nemizamo yazo yokubesabisa.

Qhubekani Ngaphansi Kokuvinjelwa

16, 17. (a) Yimiphi imizamo eye yenziwa yokuyisa ukudla okungokomoya kubafowethu ezindaweni lapho umsebenzi uvinjelwe khona, nakulabo abasemajele? (b) Kungani lokhu kubalulekile?

16 OFakazi emazweni lapho umsebenzi uvinjelwe khona futhi ukuhanjiswa kwezincwadi kwenqatshelwe bayakwazisa ukubaluleka kokuthola njalo ukudla okungokomoya. Njengoba INqabayokulinda nezinye izincwadi zoFakazi BakaJehova azikwazi ukusakazwa ngokomthetho futhi zithunyelwe ngeposi emazweni athile, amanye amalungiselelo ayenziwa okubona ukuthi ukudla okungokomoya kufinyelela wonke umuntu. EJalimane, phakathi noshushiso ngaphansi kukaHitler, izifundo zeNqabayokulinda zazikopishwa ngomshinyana wokunyathelisa, zibhalwe ngomshini, kwezinye izimo zikopishwe nangesandla. Lokhu futhi kuye kwafuneka kwenziwe emazweni amaningi namuhla. Uma kungenakwenziwa iziboniselo ezanele ukuze umuntu ngamunye abe nesakhe, ziyadluliswa ukuze ngamunye abe nethuba lokufunda indaba. Into ebalulekile iwukuthola ukudla okungokomoya njalo.—Mathewu 4:4.

17 Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi uJehova uye waqondisa njalo izindaba ukuze ukudla okungokomoya kutholakale, ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu. Kuye kwasetshenziswa izindlela ezihlukahlukene zokukungenisa emajele nasemakamu okuhlushwa. Futhi yeka indlela lokhu okuye kwabonakala kuqinisa ngayo kulabo ababoshwe lapho!

18. Kungani kubalulekile ukucabangela njalo ukudla okungokomoya nabanye, futhi lokhu kungenziwa kanjani ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima?

18 Uma kunokwenzeka, izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu zikuthola njalo ukudla okungokomoya ndawonye—ngisho nakuba imihlangano ivinjelwe, ngisho nakuba ziboshiwe. Ukucabangela itekisi leBhayibheli usuku ngalunye, ndawonye nabanye uma lokhu kungenziwa, kusebenzela ukugxilisa ezingqondweni ukudla okungokomoya. Ngisho nengxoxo emfushane nsuku zonke inikeza angeziwe amandla angokomoya.—IHubo 1:2; IzEnzo 17:11.

Ukubaluleka Kwemihlangano

19. (a) Ikuphi okuhlangenwe nakho okwakungalindelekile abafowethu abaningi eLiberia abakuthola? (b) Ngokombiko weYearbook ka-1977, yini eyasiza abathembekileyo ukuba bakhuthazele?

19 NgoMarch 1963, eGbarnga, eLiberia, cishe abantu abangama-400 ababesemhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova bavalelwa futhi bagcinwa izinsuku ezine bengenakudla ekamu lamabutho. Ngomzamo wokubaphoqelela ukuba balahle ukholo futhi bakhulekele ifulegi laseLiberia, oFakazi baphathwa kabi futhi izimpahla zabo zaphangwa. Nakuba kulendaba kuyiningi elahlehla okholweni nokho iqembu, elikhudlwana lagcina ubuqotho balo. Phawula ukukhulumela kweYearbook of Jehovah’s Witnesses, ka-1977, ikhasi 176: “Babevela kuzo zonke izigaba, abangafundile nabafundile. Labo ababeseqenjini labathembekileyo babeya njalo ezifundweni ngokwethembeka.”

20. Abaningi bayenza kanjani imizamo enamandla ukuze ‘bangakuyeki ukuhlangana ndawonye,’ naphezu kwaziphi izingozi?

20 IZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe lisiyala ukuba singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye. (Heberu 10:24, 25) Ukubaluleka kwalokhu akunciphi ezikhathini zokushushiswa. Imihlangano kungase kufuneke iqhutshwe ngamaqembu amancane emakhaya abazalwane; izindawo nezikhathi kungase kwehlukahluke futhi kungase kungabi okuvumelana nezimo zabo, eminye imihlangano iqhutshwe ebusuku kakhulu. Nokho, naphezu kwezingozi, abafowethu abathembekile nodade benza yonke imizamo ukuze babe khona kuyo yonke imihlangano. Futhi abafowethu bazimisele ukuvula amakhaya abo ukuba asetshenziselwe imihlangano enjalo, ngisho nakuba uma bengabanjwa kungase kuholele ekulahlekelweni inkululeko ngabo.

21. (a) Imaphi amathuba akhona okuzuza ngokugcwele ekudleni okungokomoya ngaphansi kwezimo ezinjalo? (b) Yimiphi imibhalo ebonisa ukubaluleka kokuba khona njalo nokuhlanganyela emihlanganweni enjalo?

21 Ukuhlangana ngamaqembu amanearle kungase mhlawumbe kungabavumeli bonke ukuba bazuze kubafundisi abanekhono bebandla, kodwa kukhona ithuba elengeziwe ngomuntu ngamunye ukuba ahlanganyele futhi kanjalo azuze okwengeziwe emihlanganweni. Ngezinye izikhathi amaqembu amakhulu angabuthana ngamaphikiniki, ukuvakasha noma ngomkhosi othile, ngokumemana ngasese. Ukuba khona njalo emihlanganweni kuyisici esibalulekile ‘ekubambeleleni ethembeni ababenalo ekuqaleni kuze kube sekupheleni,’ ukuba bageine ubuqotho babo futhi bathole ukugcwaliseka kwezithembiso ‘ngokungayeki.’—Heberu 3:14; 10:36; Galathiya 6:9.

Ukushumayela Ngaphansi Kokuvinjelwa

22. (a) Kungani abantu bakaNkulunkulu namuhla bengayeki ukukhuluma ngezinto abazibonile nabazizwile? (b) Kuqhutshwa kanjani lokhu kwezinye izindawo?

22 Njengabaphostoli, abantu bakaJehova namuhla, ‘abanakuyeka ukukhuluma izinto abazibonile nabazizwile.’ (IzEnzo 4:20) UJesu wathi ‘izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe kuzo zonke izizwe,’ futhi akukho muntu noma inxusa lamademoni elingakuvimbela lokhu. (Marku 13:10) Kwezinye izindawo, ngisho nakuba umsebenzi woFakazi BakaJehova wenqatshelwe kunokwenzeka ukuya endlini ngendlu umuntu ngamunye, esebenzisa iBhayibheli kuphela.

23, 24 (a) Umsebenzi wokushumayela wenziwa kanjani lapho umsebenzi wendlu ngendlu ungancomeki khona? (b) Ungalandisa noma yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi imiphumela emihle iye yatholakala ngalendlela?

23 Lapho kungekhona okutusekayo ukuya endlini ngendlu, “izindaba ezinhle” zingashunyayelwa ngezinye izindlela. Kusenokwenzeka ukwenza izimpindelo ezingazodwa ezingxenyeni ezihlukene zensimu, ukuze kungahlanganiswa sonke isakhiwo ngokulandelana. Kodwa akudingeki silinde kuze kube yilapho abantu sebezivalele ezindlini. Abazalwane kwamanye amazwe bathola impumelelo emangalisayo ekukhulumeni nabantu noma kuphi lapho bebathola khona—emigwaqweni, emathuneni nasemapaki, noma lapho behamba. Abanye baye bavakashela ngisho nezindawo ezithile lapho kungekhoFakazi khona, futhi baqalisa ingxoxo nabantu noma kuphi lapho kunokwenzeka khona. Ayikho ngokuphelele indlela isitha esingavimbela ngayo ukukhuluma kwethu ngalezindlela ezihlukene, uma nje sisaphila futhi kusekhona abantu esingakhuluma nabo.

24 Ngokuzijwayeza, abantu bakaJehova baye baba namakhono ekuqaliseni ingxoxo ngezihloko eziningi ezihlukene, ngokufanelekile eziholela engxoxweni yeBhayibheli. UFakazi kwelinye izwe waya embhangqwaneni osemusha epaki njengoba wawuphuza amanzi omthombo. UFakazi wawubuza ukuthi ungathanda yini ukwazi lapho kukhona amanzi angeono. Ngalokho waqala ukuwutshela ngamanzi anikeza ukuphila epharadesi elizayo, futhi baba nengxoxo eyathatha amahora amathathu. Lokhu kwaholela esifundweni seBhayibheli, futhi ngemva kwezinyanga ezintathu umbhangqwana waqala ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Ngemva konyaka, bobabili babhapathizwa, indoda kamuva yakhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni.—Qhathanisa noJohane 4:7-15.

25 Kuwo wonke lomsebenzi, kuwukuhlakanipha ukugwema ukumelana ngokuqondile nabaphikisi. Futhi, sidinga ukuhlakanipha lapho sinikeza ukwaziswa esitheni ngokusabela emizamweni yaso yokuzama ukusithola ngenkulumo enobungane nokuthopha. Sifuna ukukhumbula njalo amazwi eseluleko sikaJesu: “Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibemnene njengamajuba.” (Mathewu 10:16) UPawulu naye uyaluleka: “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.

Imiphumela Emihle Yokugcina Ubuqotho

26. Iyini eminye imiphumela emihle yokugcina ubuqotho naphezu kokushushiswa okunzima?

26 Yeka ubufakazi obumangalisayo obuye banikezwa kuyo yonke iminyaka yilabo abaye bagcina ubuqotho babo naphezu kokushushiswa kanzima! Yonke imizamo kaDeveli namanxusa akhe yokuvimbela ukunikeza ubufakazi iye yaphumela kuphela ekunikezeni ubufakazi obukhulu nodumo egameni likaJehova. Futhi yeka ingxenye emangalisayo zonke lezinkulungwane, yebo, izigidi, eziye zaba nayo, lezo eziye zagcina (futhi eziqhubeka zigcina) ubuqotho bazo ngaphansi kokushushiswa, kanjalo zibonisa uDeveli ukuba umqambimanga futhi zifakazela ukholo lwazo olungenakwephulwa kuJehova uNkulunkulu nothando ngaye!

27. Yiziphi izinzuzo zomuntu siqu esizitholayo ngokukhuthazelela ngokwethembeka izilingo nokushushiswa?

27 Lapho sikhuthazela ngokwethembeka, sinonembeza omuhle sazi ukuthi siye senza okulungileyo nokuthi uJehova uyasamukela. Lokhu kuqinisa ithemba lethu, lokho kamuva okwandisa injabulo yethu. Ukholo lwethu lwavivinywa, futhi njengoba singahlehlelanga emuva noma sabalekela ukushushi swa, uJehova wasisiza ukuba sikhuthazele. Ngenxa yalokho, ukholo lwethu manje luqinile kunanini ngaphambili. ‘Imfanelo yokuvivinywa kokholo lwethu’ isenza sikuhlomele kangcono ukuhlangabezana nezilingo esikhathini esizayo.—1 Petru 1:6, 7.

28. (a) Ziyini izizathu zokujabula udade ophawulwe ngaphambili waseFinland anazo manje? (b) Yini angaqhubeka enethemba layo?

28 Udade ophawulwe ekuqaleni kwesihloko esandulelayo wakuthola kuyiqiniso lokhu. Manje usehlala edolobheni lakubo futhi, lapho eye wakhonza khona njengephayona elivamile (ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele) isikhashana manje. Nakuba engakabuyiselwa abantwana bakhe abancane abathathu, uyavunyelwa ukuba ababone izikhathi ezintathu ngenyanga, futhi uye wakwazi ukuhlanganyela “izindaba ezinhle” nabo, wathola ukusabela okukhuthazayo. Futhi ubani owaziyo ukuthi umphumela wokugcina ungase ube yini? Kuye kwaba khona izimo eziningi lapho abaphikisi abanonya nabashushisi beye bahlatshwa kakhulu umxhwele ukuma okuthembekile abafowethu nodadewethu abaye bakuthatha kangangokuthi baye bashukunyiselwa ekuzihloleleni ngokwabo iBhayibheli, futhi abathile ekugcineni baye baba abakhulekeli bakaJehova.

29. Isiphi isikhuthazo esiqhubekayo sonke esinaso sokuhlala sithembekile futhi sijabula naphezu kokushushiswa?

29 UJakobe waloba: “Misani, bazalwane, abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babeyisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo.” (Jakobe 5:10, 11) Futhi ngezenezelayo izibonelo ezinhle zamaKristu ekhulu lokuqala nezalabo bezikhathi zanamuhla, sonke sikhuthazwa kakhulu ukuba sijabule naphezu kokushushiswa.

[Isithombe ekhasini 20]

UJesu wathi: “Nezitha zomuntu kuyakuba-ngabendlu yakhe”

[Isithombe ekhasini 22]

Ngisho ngaphansi kokuvinjelwa oFakazi BakaJehova abakuyeki ukushumayela

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela