Ukuqondisisa Izindaba
Amasonto Ayehluleka EAfrika
KuyiJeune Afrique yaseParis yamasonto onke uprofesa womlando uIbrahima Baba Kaké waseGuinea ulandisa ngesizathu sokuba abantu abaningi baseAfrika bawashiye amasonto amaningi eLobukholwa. Ngokwesibonelo, waphawula umhawu owakheka eAfrika phakathi nekhulu leminyaka eyishumi nesishiyagololunye lapho izithunywa zevangeli zesonto zilandela eduze amabutho anqobayo akwamanye amazwe. Wanezela: “Isivumelwano seSonto nabakha isigungu sakwamanye amazwe ngenhloso embi sasingekuphela kwesiphazamiso ebuKristwini, kodwa ngokuyinhloko indelelo yezithunywa zevangeli ngezinkolelo ezingaphambi kokufika kwabantu bakwamanye amazwe. Egameni likaKristu, zafuna ukushanyelisisa yonke impucuko ekhona yabomdabu baseAfrika. Lesisimo senza imiphakathi eminingi ingafuni nokucabanga ngobuKristu.” Ecabangela ukubuyela ebulwaneni kwabaningi bomdabu baseAfrika, uprofesa waphawula: “Izinkolo ezisuka phesheya azizange zihlangabezane nokwakulindelwe futhi abantu baye babuyela konkulunkulu babo basendulo.”
Ukuthethelela Ukuziphatha Okubi
Lapho abantu noma izinhlangano zizibiza ngobuKristu, abanye banelungelo lokuthi labo baqhuba ubuKristu beBhayibheli. Kodwa uJesu waxwayisa: “Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:15, 16) Kumagazini othi The Christian Century umuntu wayengalindela ukuthola iseluleko ngokuphila kobuKristu. Nokho, lencwadi yayinesihloko esabhalwa umfundisi owayeseyekile weChurch of Christ uPorter French waseIowa esasithethelela ngokusobala ukuhlala kwezinsizwa nezintombi ndawonye ngaphandle komshado. Wathi: “Sidinga ukuthuthukisa umbono ophilile nothembekile wobulili kulelizwe.” Lokho kuhlanganisani? Wathi: “Singavumela izinsizwa zethu nezintombi zazi ukuthi azinakuthola kujeziswa noma ukunqunywa uma zizama ukukipita. . . . Futhi labo bethu abakhuliswa lapho ukukipita kwakungacatshangelwa nakancane njengokungenzeka bangase baqaphele ukuthi labo abaye bazidela kunathi, bangase ekugcineni, babonakale bengabahlakanipha besebancane.”
Kodwa ingabe umbono womdali awunakuba “ophilile nothembeke” ngempela? IZwi likaNkulunkulu liluleka abantu ukuba ‘babalekele ubufebe.’ Nakuba enikeza abantu ngomusa isikhathi sokulungisa ubuntu babo ukuze buvumelane nezimfuneko zakhe zokulunga, nokho, ngokuqondene nalabo abenqaba imithetho yakhe ephakeme yobuqotho, iBhayibheli lithi: “Ningaduki, akukho sifebe . . . esiyodla umbuso kaNkulunkulu.”—1 Korinte 6:18, 9, 10, The New English Bible.