Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 12/15 kk. 3-4
  • Kazi Kwenzekani Ekwaziseni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kazi Kwenzekani Ekwaziseni?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukuntula Ngokuphelele Ukubonga”
  • Kungani Kumelwe Ube Nokwazisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Kungani Kumelwe Sibonise Ukwazisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Kungani Kufanele Sibe Nokwazisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • ‘Baphi Abayisishiyagalolunye?’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 12/15 kk. 3-4

Kazi Kwenzekani Ekwaziseni?

UMFANA oneminyaka eyishumi nambili ubudala wayesula izitsha, into ayengayifuni. Ngokushesha, ipuleti elikhulu laphunyuka ezandleni zakhe laphahlazeka phansi ekhishini. Ukuthula komzuzwana okwalandela kwabonakala kungenasiphelo. Khona-ke unina wathi: “Uyazi, Robert, kuzo zonke izikhathi oye wasula ngazo izitsha zami, uyaqala ukuwisa isitsha. Ngicabanga ukuthi uye wenza irekhodi lohlobo oluthile.”

Kwaphela ukwethuka kumfana futhi wamamathekela unina ngothando. Amazwi akhe ambalwa okwazisa ngesikhathi esifanele enza ukuba ukujabulela kwabo bobabili lolosuku kungaphazamiseki. Yeka ukuthi ayiqiniso kanjani amazwi endoda ehlakaniphile uSolomoni! “Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.”—IzAga 25:1, 11.

“Ukuntula Ngokuphelele Ukubonga”

Ngempela kufudumeza inhliziyo ukwamukela amazwi ambalwa okunconywa noma okubongwa. Kodwa yini eye yenzeka ekwaziseni? Phela, kulelizwe lanamuhla elithanda izinto ezibonakalayo amazwi aqotho okwazisa ayanyamalala! Ukubonga kuye kwathathelwa isikhundla isimo so“bumina kuqala.” Okuntulekayo emazwini abaningi umshwana olula othi “Ngiyabonga kakhulu!” Lesisimo siwukugcwaliseka kwamazwi omphostoli uPawulu: “Kodwa kumelwe uqaphele ukuthi ezinsukwini zokugcina izikhathi ziyogcwala ingozi. Abantu bayokuba abazithanda ngokuphelele . . . bayokuntula ngokuphelele ukubonga.”—2 Thimothewu 3:1-5, Phillips.

Ngesikhathi esifanayo, ukwazisa ngokuvamile kuthathelwa isikhundla ukuthopha. Amazwi okwazisa asuka enhliziyweni kungekho mcabango wenzuzo yomuntu siqu. Nokho, ukuthopha, ngokuvamile akunabuqotho futhi kuyeqisa, kubangelwa isisusa esifihlekile sokufuna ukuqhama noma ukuthola izinzuzo ezithile zomuntu siqu. (Juda 16) Ubani ofuna ukwamukela ukuthoshwa kobumbulu? Kodwa ukwazisa kweqiniso—yebo, lokho kwehlukile!

Umbhali uMark Twain wake wathi: “Ngingaphila izinyanga ezimbili ngokubongwa okuyiqiniso.” Iningi lethu lizizwa likahle uma othile esitusa ngobuqotho. Eqinisweni, ukunconywa noma ukuzwa amazwi okwazisa kweqiniso kungasishukumisela ukuba sihlale senza konke okusemandleni ethu futhi sincome noma sibonge abanye uma sinethuba lokwenza kanjalo.

Ukuthi ukubonga okobuqotho kungokokwesaba izimfanelo ezinhle zikaNkulunkulu kusobala ezinkulumweni eziningi eziseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, amaHubo amaningi aqukethe amazwi okubonga. Ukubonisa lokhu: Umhubi uDavide wathandazela ukuthi sengathi angahlala endlini kaJehova uNkulunkulu yokukhulekela konke ukuphila kwakhe futhi abheke ethempelini likaNkulunkulu “ngokwazisa.” (IHubo 27:4, NW) UAsafa, omunye umhubi, wathi: “Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga.” (IHubo 75:1) Ngakho kufanelekile ukuba sizindle ngalendaba yokubonisa ukwazisa.

Kodwa, singabazisa kanjani abanye? Futhi kuthiwani ngokubonga Lowo owenza zonke izinto?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela