‘Baphi Abayisishiyagalolunye?’
UMEHLUKO phakathi kwabantu ababonisa ukubonga nabadebeselayo ukwenza kanjalo wafanekiselwa kahle emlandweni weBhayibheli wabanochoko abayishumi abaphulukiswa uJesu Kristu. Abanochoko, bevinjelwe uMthetho ukusondela eduze kwanoma ubani, bamemeza uJesu ngenkathi engena emzini othile. Isicelo sabo sasiwukuba abahawukele. UJesu wabona ukuthi babenochoko wayesethi kubo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwase kwenzekani? Umbhalo ogciniwe uyenezela!
“Kwathi esahamba, ahlanjululwa. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu waphendula wathi: Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na? Abafunyaniswanga yini ababuyele ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”—Luka 17:11-19.
Ungase uthi: ‘Kuyadabukisa! Kwasindiswa bonke abayishumi waba munye kuphela owabonga!’ Ngempela kumelwe sonke sisithinte isifundo esaboniswa inkulumo kaJesu nombuzo ‘Baphi abayisishiyagalolunye?’ Yebo, lesisenzakalo sifanele sisishukumisele ukuba sibonise ukubonga.
Ukubonisa Ukubonga Emalungwini Omkhaya
Kunamathuba amaningi okubonga kwabanye, kuhlanganise abangane namalungu omkhaya. Lokhu kuyiqiniso ngisho nangezinto ezincane: ngesipho esingalindelekile, ngokuvakashelwa umngane, ngokudla okumnandi, noma ngokuwashelwa noku-ayinelwa izembatho zethu.
Bantwana, ningakubonisa ukubonga kubazali benu. Kanjani? Ngokwenza imisebenzi yenu ngokufanele futhi ngaphandle kokukhononda, ngokugcina indlu yenu nezambatho zenu kuhlanzekile. Ningabonisa ukubonga ngemfundo eniyitholayo ngokuzimisela kahle kokubili ekilasini nalapho nenza umsebenzi wesikole ekhaya. Kwelinye izwe kulinganiselwa ukuthi kungabiza ama-R54 800 ukukhulisa umntwana aze abe neminyaka eyishumi nesishiyagalolunye. Wagcina nini ukubabonga abazali bakho ngakho konke abaye bakwenzela khona?
Bazali, ingabe niyakubonisa ukubonga ngezinto ezenziwa abantwana benu? Kuyiqiniso, kungenzeka into bangayenzi kahle njengoba beningenza. Kodwa izwi lokubonga ngomzamo wabo lingajabulisa. Futhi kuyobakhuthaza abantwana bakho ukuba benze kangcono ngesikhathi esizayo.
Madoda, ingabe niyayikhumbula inkulumo ethi ‘umsebenzi wasekhaya awupheli’? Khona-ke, ingabe uyamncoma umkakho ukuze umsebenzi wakhe wasekhaya ungabi ngonesithukuthezi? IBhayibheli lithi “ngowesifazane okhuthele”: “Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise, nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi: Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.” (IzAga 31:10, 28, 29) Indoda ingabonisa ukubonga umkayo ngezindlela eziningi, njengokumvakashisa kusihlwa noma ngesenzo esithile sothando.
Amakhosikazi nawo anamathuba amaningi okubonisa ukubonga. Ukuze ilungiselele izidingo zokuphila, ngokuvamile indoda isebenza nabantu abanezimo nemikhuba ehlukahlukene, futhi lokhu kungayikhathaza kakhulu. Ngakho, lapho ifika ekhaya, yeka indlela okungaba okujabulisa ngayo ukwamukelwa ngothando noma ngamazwi ambalwa okubongwa umkayo ngalokho ekwenzela umkhaya wayo! Yebo, futhi yeka indlela indoda engabonga ngayo ngokuba nomfazi okhutheleyo nonokwazisa! IBhayibheli lithi: “Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi. Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo. Uyayenzela okuhle, kungabi-ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.”—IzAga 31:10-12.
Abazali asebegugile nabo bayangena kulendaba. Baye basenzela okuningi eminyakeni engaphambili. Abantwana “bayifa elivela kuJehova,” kodwa ukubakhulisa kungumthwalo omkhulu. (AmaHubo 127:3) Eqinisweni, ukwenzenjalo kungathiwa kuyisimiso sokuqeqesha seminyaka engamashumi amabili. Nokho abaningi abakubonisi ukubonga kubazali babo ngayo yonke leyominyaka yokubasebenzela nokuzidela kwabo. Ngokuvamile, abazali asebebadala bayiswa ezindaweni zokunakekela asebegugile. Yiqiniso, ngezinye izikhathi ukunakekelwa okukhethekile ezindaweni ezinjalo kungaba okudingekile. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi ziqeqeshwe kanjani izisebenzi, ukunakekela kwazo asebegugile kukodwa akufani njengoba bebengaba nemikhaya yabo. Ngakho-ke, uma kudingeka futhi kunokwenzeka, yeka ukuthi kungaba okuhle kanjani ngathi ukubonga abazali bethu asebegugile ngokubamema bazohlala nathi! Umphostoli uPawulu ukubeka ngalendlela: “Kepha umfelokazi enabantwana noma abazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:3, 4) Ngokusobala, abazali asebegugile kumelwe babambisane nabantababo futhi babonise ukwazisa ngalokho abenzelwa khona.
Abangesiwo Amalungu Omkhaya
Uma amalungu omkhaya esibonga ngalokho esikushilo noma esikwenzile, yeka indlela okusijabulisa ngayo! Ngokufanayo, kuyathokozisa ngalabo abangesiwo amalungu omkhaya wethu uma sibabonisa ukwazisa ngalokho abakwenzayo noma abakushoyo. Amathuba okwenzenjalo maningi kakhulu kangangoba ayikho indlela yokuwabala wonke.
Mhlawumbe muva nje uye waqala ukwandisa ulwazi lwakho lweBhayibheli ngokuzitadishela siqu nokuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Akuvuzi yini ngokomoya ukuzuza ulwazi lweZwi likaNkulunkulu? Ngempela uyakujabulela lokho. Kuthiwani ngabangane abangamaKristu onabo manje? ImiBhalo ithi uJehova uNkulunkulu uzo“zamazamisa bonke abezizwe” nokuthi “okunxanelekayo” kwabo bonke abezizwe kuyofika endlini yakhe yokukhulekela. Ngokukhanyayo “okunxanelekayo” ngabantu abagobhozela ‘entabeni yendlu kaJehova,’ futhi manje bamkhulekela “ngomoya nangeqiniso.” (Isaya 2:2-4; Hagayi 2:7; Johane 4:23, 24) Banothando, bathembekile, baqotho futhi bazinikezele ngokuphelele kuNkulunkulu nasezimisweni zakhe ezilungileyo. Futhi ake ucabange nje! Ezweni elibonakala ngezici zokungabi-naluthando, ukungathembeki nokungabongi, unelungelo lokuba nabangane abesaba uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1-5) Ingabe ubungane babo abubona obokubongwa ngokusuka enhliziyweni? Ngempela kunjalo.
Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe besilandela indlela yokuphila kobuKristu iminyaka. Uma kunjalo, cabanga ngalabo abaye baba abangane bethu bobuKristu abathembekile isikhathi eside. Ngokuqinisekile kungaba okufanelekile ukubabonga ngomusa abasenzele wona ngezwi nangesenzo. Sake saba isivakashi emakhaya abo? Noma sake sajabulela ukudla kanye nabo? Khona-ke, ngaphandle kokubabonga ngomlomo, kungebe okufanele ukubhala incwajana noma sithumele ikhadi elibonisa ukwazisa?
Ngokungangabazeki, ngamunye wethu angathola izindlela eziningi zokuzijabulisa ngokwethu nabanye ngokubonisa ukwazisa kwethu okuqotho. Ngakho masifane nowayenochoko owaphulukiswa owayenomoya omuhle wokubonga. Singabi abangabongiyo njengababenochoko abasindiswa uJesu labo abuza ngabo: ‘Baphi abayisishiyagalolunye na?’
Ngokusobala, sifanele sibabonge abanye abantu. Kodwa kuthiwani ngaLowo owadala zonke izinto? (IsAmbulo 4:11) Yiziphi ezinye izizathu esingambonga ngazo? Futhi singambonga kanjani uJehova uNkulunkulu?