Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 1/1 kk. 9-10
  • Umbono Oqondile Ngemfundo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbono Oqondile Ngemfundo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ingane Yakho Kufanele Iye Esikoleni Okuhlalwa Kuso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Imfundo—Lokho Ekufunayo, Nalokho Ekunikelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Bazali—Nizifunela Ikusasa Elinjani Izingane Zenu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 1/1 kk. 9-10

Umbono Oqondile Ngemfundo

IBHAYIBHELI liyala abazali ukuba bakhulise abantwana babo “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Ukuqeqesha okunjalo kubaluleke ngokwengeziwe kunemfundo yezwe.

Ubaba othile waseNigeria uyavumelana nalokhu. Uthi: “Ngangixoxa njalo ngezinto ezingokomoya, kuhlanganise netekisi losuku, nabantwana bami. Ngangifuna ukubasiza ukuba bathande uJehova futhi balalele iseluleko sakhe. Futhi ngangifuna ukubanikeza ukholo oluqinile.

“Ngangiwazi amathonya angewona awobuKristu ababebhekana nawo esikoleni. Ngakho-ke angibathumelanga ekholiji. Ngangifuna ukuba beze ekhaya nsuku zonke ukuze ngiqhubeke ngibaqeqesha ngemibhalo. Ngikhumbula ukuthi, ngolunye usuku ngemva kwesikole, indodakazi yami yangitshela ukuthi indoda ethile ecebile yayiyimeme ukuba iyivakashele. Ngahamba ngayobonana nayo futhi ngathola ukuthi yayinezinhloso zokuziphatha kabi nayo. Ngajabula ukuthi yayingekho ekholiji, lapho yayiyobe ingekho ngaphansi kokuqondisa kwami.

“Futhi ngabeka ubuphayona [ukushumayela isikhathi esigcwele] njengomgomo wabantwana, futhi abathathu babo babhalisa njengamaphayona ngokushesha nje lapho beshiya isikole. Lapho uMichael esesesikoleni, wabonisa isifiso sokuba “umkhemisi” njengami. Ngamtshela ukuthi wayecabanga ngomsebenzi omuhle, kodwa, uma efuna ukuya eyunivesithi, wayengaba sengozini yokuthonywa yilesisimiso sezinto. Uyabona, ngase ngibonile ukuthi abaningi abathola iziqu eyunivesithi babeye baba nemikhuba engathandeki. Abanye babo babeye baqhosha futhi balahlekelwa ukwazisa ngoNkulunkulu nangenkonzo yakhe.

“Ngokusobala uMichael wacabanga ngokungathi sína ngalezizinto, ngoba eminyakeni emibalwa kamuva, wawayeka amathuba okuya eyunivesithi, futhi esikhundleni salokho, wabhalisa njengephayona. Yena nomkakhe, u-Eunice, naye owaqala ukuphayona ngokushesha nje ngemva kokuyeka esikoleni, manje bakhonza eBethel, [ehhovisi leGatsha leWatchtower Society] eLagos.”

UChristian osemusha, naye wafundiswa iqiniso abazali bakhe futhi wathonywa ngokunamandla abazali bakanina ababengamaphayona. Lapho eqeda esikoleni esiphakeme, waphayona izinyanga eziningana futhi waveza isifiso sokwenza lokhu indlela yakhe yokuphila.

Nokho, uyise wacabanga ukuthi kwakubalulekile ngaye ukuba athole imfundo yaseyunivesithi ukuze abe nekusasa elilondekile. Khona-ke waphikelela ngokuthi uChristian abhalisele imfundo yaseyunivesithi yeminyaka emihlanu.

Wayezokwenzani uChristian? Nokho, unembeza wakhe wamholela ekulaleleni uyise, njengoba iBhayibheli liyala. (Efesu 6:1) Kodwa wathatha izinyathelo zokunakekela ingokomoya lakhe ngenkathi eseyunivesithi. Eqinisweni, lapho ethola ukuthi imfundo yakhe yayingathathi isikhathi esiningi, wabhalisa njengephayona.

Uyise wamelana nalokhu ekuqaleni. kodwa ekugcineni wathamba. UChristian wachaza kafushane imizwa yakhe lapho ethi kuyise: “Ngikwazisa ngokujulile konke ongenzele khona futhi ngifuna ukukulalela. Yingakho ngivumile ukuya eyunivesithi, futhi ngizimisele ukufeza lesosivumelwano. Nokho, ngizinikezele kuJehova, okusho ukuthi kumelwe ngibeke izithakazelo zakhe kuqala. Ngikholwa ukuthi ukuphayona kungenye yezindlela ezingcono zokwenza lokhu.”—Mathewu 6:33; UmShumayeli 12:1.

Kuzo zombili lezizimo ezingenhla, labantu abasha babusiswa. Kodwa kumelwe amaKristu ngokuvamile ayibheke kanjani imfundo? Funda isihloko sethu esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela