Ingabe Ingane Yakho Kufanele Iye Esikoleni Okuhlalwa Kuso?
ZICABANGE uhlala edolobheni elincane ezweni elisathuthuka. Unezingane eziningana ezisesikoleni esiphansi, kodwa lapho zineminyaka engu-12, zizoqhubekela esekhondari. Endaweni yakini, izikole ezingamasekhondari zigcwele, zintula izinto zokufundisa nothisha. Ngezinye izikhathi iziteleka zibangela ukuba izikole zivalwe amasonto noma izinyanga eziningi.
Othile ukunika incwajana ekhangayo echaza isikole okuhlalwa kuso esisedolobheni. Ubona imifanekiso yabafundi abajabulile nabagqoke kahle, abafundela emagunjini anezinto zokufundisa ezanele, amagumbi okucwaninga ngezesayensi nemitapo yezincwadi. Abafundi bagqolozele ama-computer futhi baphumule emagunjini okulala ahlanzekile nakhangayo. Ufunda ukuthi omunye wemigomo yesikole ukusiza abafundi “bafinyelele izinga eliphakeme lemfundo abangakwazi ukulifinyelela.” Uyaqhubeka ufunda: “Bonke abafundi kulindeleke ukuba bathobele izimiso zokuziphatha ezifana nalezo ngokuvamile ezilindeleke emkhayeni ogcizelela ukucabangela, ubumnene, ukuhlonipha abazali nabantu abadala, ukubambisana, ukubekezela, umusa, ukuthembeka nobuqotho.”
Ibhungu elimomothekayo licashunwa njengelithi: “Abazali bami banginike ilungelo eliyingqayizivele lokufunda esikoleni esingcono kunazo zonke.” Intombazane ithi: “Isikole siyinselele futhi siyathakazelisa. Lapha ukufunda kuyazenzakalela.” Ingabe ungayithumela indodana noma indodakazi yakho esikoleni esinjalo okuhlalwa kuso?
Imfundo Nengokomoya
Bonke abazali abakhathalelayo bafuna ukunika izingane zabo isiqalo esihle ekuphileni, futhi imfundo enhle nelinganiselwe ibalulekile ukuze bafinyelele lowo mgomo. Ngokuvamile imfundo yezwe ivula iminyango yamathuba emisebenzi esikhathi esizayo futhi isiza intsha ukuba ithuthukele ekubeni abantu abadala abakwazi ukuzinakekela bona nemikhaya yabo yesikhathi esizayo.
Ungase ubuze, ‘Uma isikole okuhlalwa kuso sinikeza imfundo enhle nesiqondiso esithile sokuziphatha, kungani ngingasisebenzisi ngokunenzuzo?’ Lapho bephendula lowo mbuzo, abazali abangamaKristu kufanele bacabangele ngomthandazo iphuzu elisemqoka kakhulu—inhlalakahle engokomoya yezingane zabo. UJesu Kristu wabuza: “Ngempela, kunanzuzoni ukuba umuntu azuze izwe lonke kodwa alahlekelwe umphefumulo wakhe?” (Marku 8:36) Yiqiniso, ayikho nakancane inzuzo kulokho. Ngakho-ke, ngaphambi kokuba banqume ukuyisa izingane zabo esikoleni okuhlalwa kuso, abazali abangamaKristu kufanele bacabangele umphumela lokhu okungase kube nawo ethembeni lezingane zabo lokuphila okuphakade.
Ithonya Labanye Abafundi
Ezinye izikole okuhlalwa kuzo zingase zibe nezinga lemfundo elihlaba umxhwele. Kodwa kuthiwani ngezindinganiso zokuziphatha zalabo abafunda kuzo noma mhlawumbe ngisho nezabanye balabo abaphethe kulezi zikole? Ngokuphathelene nohlobo lwabantu ababeyovama kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ umphostoli uPawulu wabhala: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayoba abazithandayo, abathandi bemali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembekile, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando ngobuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele ngokuziqhenya, abathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, benesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bezibonakalisa bengathembekile emandleni ako; futhi bafulathele laba.”—2 Thimothewu 3:1-5.
Lokhu kuwohloka kokuziphatha nengokomoya kusemhlabeni wonke, kwenza ukuphila ngezimiso zeBhayibheli koFakazi BakaJehova kube inselele. Abafundi abahlala ekhaya bathola ukuthi ngisho nokuhlangana kwabo okulinganiselwe nabantu bezwe abafunda nabo esikoleni kungaba nethonya elibi kakhulu esimweni sabo esingokomoya. Ukumelana nalelo thonya kungaba umshikashika wangempela ezinganeni ezingoFakazi, nakuba zithola ukusekela, iseluleko nesikhuthazo sansuku zonke kubazali bazo.
Khona-ke, sinjani isimo sezingane ezisuswa emakhaya azo zithunyelwe ezikoleni okuhlalwa kuzo? Zihlukanisiwe, zincishwa ithuba lasikhathi sonke lokuthola ukusekela okungokomoya kwabazali abanothando. Njengoba zihlala nalabo ezifunda nabo ekilasini amahora angu-24 ngosuku, ukucindezela kokuba zenze njengeqembu kuba nethonya elinamandla ngokwengeziwe ezingqondweni nasezinhliziyweni zazo ezisezincane kunokuba kungenzeka kubafundi abahlala ekhaya. Omunye umfundi wathi: “Ngokokuziphatha, umfundi ohlala esikoleni uhlale esengozini kusukela ekuseni kuze kube sebusuku.”
UPawulu wabhala: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33) Abazali abangamaKristu akufanele badukiswe ukucabanga ukuthi izingane zabo ngeke zilimale ngokomoya uma zihlala zihlangene nalabo abangamkhonzi uNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, izingane ezihlonipha uNkulunkulu zingase zingasazishayi mkhuba izindinganiso zobuKristu futhi zingalahlekelwa yikho konke ukwazisa ngezinto ezingokomoya. Ngezinye izikhathi lokho akubi sobala kubazali kuze kube ngemva kokuba izingane zabo ziye zaphuma esikoleni okuhlalwa kuso. Ngaleso sikhathi ngokuvamile kusuke sekwephuze kakhulu ukuba kulungiswe isimo.
Okuhlangenwe nakho kukaClement kuvamile. Uyalandisa: “Ngaphambi kokuba ngiye esikoleni okuhlalwa kuso, ngangilithanda iqiniso futhi ngiya enkonzweni yasensimini nabafowethu. Ngangikuthanda kakhulu ukuhlanganyela esifundweni seBhayibheli somkhaya naseSifundweni Sencwadi Sebandla. Nokho, ngenkathi ngiya esikoleni okuhlalwa kuso lapho ngineminyaka engu-14, ngalishiya ngokuphelele iqiniso. Kuyo yonke iminyaka emihlanu engayichitha esikoleni okuhlalwa kuso, angikaze ngiye emihlanganweni. Ngenxa yabangane ababi, ngahileleka ezidakamizweni, ekubhemeni nasophuzweni olunamandla.”
Ithonya Lothisha
Kunoma isiphi isikole kungaba nothisha abonakele ngokokuziphatha abasebenzisa kabi igunya labo. Abanye banonya futhi banokhahlo, kuyilapho abanye bexhaphaza abafundi ngokobulili. Ezikoleni okuhlalwa kuzo kunamathuba amaningi okuba izenzo zothisha abanjalo zingabikwa.
Nokho, othisha abaningi bazama ngobuqotho ukuqeqesha izingane ukuba zibe amalungu omphakathi awusizo, zikwazi ukuba ingxenye yezwe elizizungezile, zihambisane nalo. Kodwa nakulokhu kunenye inkinga ngezingane zoFakazi. Izindinganiso zezwe azivumelani ngaso sonke isikhathi nezimiso zobuKristu. Nakuba othisha bekhuthaza abafundi ukuba babe ingxenye yezwe, uJesu wathi abalandeli bakhe ‘babengeke babe ingxenye yezwe.’—Johane 17:16.
Kuthiwani uma kuphakama izinkinga lapho izingane zilandela izimiso zeBhayibheli? Uma izingane zifunda esikoleni sendawo futhi zihlala ekhaya, izinkinga ezinjalo zingazixoxa nabazali bazo. Abazali bangabe sebeqondisa izingane zabo futhi mhlawumbe bakhulume nothisha. Ngenxa yalokho, ngokuvamile izinkinga nokungezwani kuxazululwa ngokushesha.
Ezikoleni okuhlalwa kuzo kuhlukile. Abafundi abanjalo bahlala belawulwa othisha. Uma izingane zimelela izimiso zobuKristu, kumelwe zenze kanjalo ngaphandle kokusekela kwansuku zonke kwabazali bazo. Ngezinye izikhathi, izingane ziyaphumelela ukuqhubeka zikholekile kuNkulunkulu ngaphansi kwezimo ezinjalo. Nokho, ngokuvamile aziphumeleli. Cishe ingane iyovuma ukwenza intando kathisha.
Ukubekelwa Imingcele Yokuhamba
Ngokungafani namayunivesithi, lapho abafundi ngokuvamile benenkululeko yokuzihambela ngokuthanda kwabo, izikole okuhlalwa kuzo zizibekela imingcele yokuhamba izingane. Eziningi zalezi zikole azibavumeli abafundi ukuba bashiye amagceke esikole ngaphandle kwangeSonto, futhi ezinye azikuvumeli ngisho nalokho. Umfundi wasesikoleni okuhlalwa kuso oneminyaka engu-11 okuthiwa u-Eru uthi: “Iziphathimandla zesikole azisivumeli nhlobo ukuba siye emihlanganweni, ingasaphathwa eyenkonzo yasensimini. Phakathi esikoleni, kunezinkonzo zamaKatolika namaSulumane kuphela. Bonke abafundi kumelwe bakhethe enye yalezi zinkolo ezimbili noma babhekane nokuphikisa okunzima kothisha nokwabafundi. Abafundi baphoqelelwa nokuba bacule ingoma yesizwe namaculo esonto.”
Lapho abazali bebhalisa izingane zabo esikoleni esinjalo, yimuphi umyalezo abawudlulisela ezinganeni zabo? Umyalezo ungase ube ukuthi imfundo yezwe ibaluleke ukwedlula ukuhlangana ekukhulekeleni nokuhlanganyela emsebenzini wokwenza abafundi—ibaluleke ngisho nangaphezu kokuba qotho kuNkulunkulu.—Mathewu 24:14; 28:19, 20; 2 Korinte 6:14-18; Heberu 10:24, 25.
Kwezinye izikole okuhlalwa kuzo, abafundi abangoFakazi bayakwazi ukufunda iBhayibheli ndawonye, kodwa nalokhu kuvame ukuba nzima. Osemusha okuthiwa uBlessing, oneminyaka engu-16, usho lokhu ngesikole okuhlalwa kuso afunda kuso: “Zonke izinsuku labo okuthiwa amaKristu bayahlangana ukuze bathandaze. Thina oFakazi siyazama ukucela ukuba sibe nesethu isifundo, kodwa abafundi bamabanga aphezulu basitshela ukuthi inhlangano yethu ayiqashelwa. Babe sebezama ukusiphoqelela ukuba sithandaze nabo. Uma senqaba, bayasijezisa. Ukufaka isikhalo kothisha kwenza izinto zibe zimbi nakakhulu. Basibiza ngazo zonke izinhlobo zamagama futhi batshele abafundi bamabanga aphezulu ukuba basijezise.”
Ukuba Ohlukile
Lapho abafundi basesikoleni okuhlalwa kuso baziwa kahle njengoFakazi BakaJehova, lokhu kungabazuzisa. Iziphathimandla zesikole zingase zivume ukuba bangahlanganyeli emicikilishweni yenkolo yamanga ephoqelelwayo ephambene nenkolelo yoFakazi. Abafundi abakanye nabo bangase bayeke ukuzama ukubafaka ezintweni abazenzayo nasezingxoxweni ezingezinhle. Bangase bavulekelwe amathuba okufakaza kubafundi abakanye nabo nakothisha. Ngaphezu kwalokho, labo abaphila ngezimiso zobuKristu ababi sethubeni lokusolwa ngokwenza ububi obungathi sína, futhi ngezinye izikhathi bazuza inhlonipho yothisha neyabafundi abakanye nabo.
Nokho, izinto azenzeki ngaleyo ndlela ngaso sonke isikhathi. Ukuba ohlukile ngokuvamile kwenza umuntu omusha abe isisulu sokushushiswa nokuhlekwa usulu abafundi kanye nothisha. UYinka, umfana oneminyaka engu-15 ofunda esikoleni okuhlalwa kuso, uthi: “Esikoleni, uma waziwa njengomunye woFakazi BakaJehova, uba isisulu. Njengoba bekwazi ukuma kwethu okungokomoya nokokuziphatha, bayasicupha.”
Umthwalo Wemfanelo Womzali
Akekho uthisha, isikole noma ikolishi elingazama ngokufanele ukuthatha umsebenzi wokulolonga izingane ukuba zibe izikhonzi zikaJehova ezizinikezele. Lowo akuwona umsebenzi noma umthwalo waso wemfanelo. IZwi likaNkulunkulu liyala abazali ukuba bazinakekele ngokwabo izidingo ezingokomoya zezingane zabo. UPawulu wabhala: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Abazali bangawufeza kanjani lomyalo waphezulu uma izingane zabo zisesikoleni okuhlalwa kuso lapho ukuvakasha kungase kuvunyelwe kanye noma kabili ngenyanga?
Izimo ziyahluka kakhulu, kodwa abazali abangamaKristu balwela ukwenza ngokuvumelana nalamazwi aphefumulelwe: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”—1 Thimothewu 5:8.
Ingabe Zikhona Ezinye Izindlela?
Yini abazali abangase bayenze uma kubonakala kufanele bakhethe phakathi kwezinto ezimbili kuphela—isikole okuhlalwa kuso noma isikole sendawo esintula izinto zokufundisa? Abanye abaye bazithola bekulesi simo bahlela izifundo zangasese zokuchibiyela imfundo yezingane zabo yasesikoleni sendawo. Abanye abazali babekela eceleni isikhathi sokuzifundisa ngokwabo izingane zabo.
Ngezinye izikhathi abazali bagwema izinkinga ngokusihlelela kusengaphambili isikhathi lapho izingane zabo ziyobe sezikhule ngokwanele ukuba zingangena esekhondari. Uma unezingane ezincane noma uhlela ukuba nomkhaya, ungase uhlole ukuthi sikhona yini isikole esiyisekhondari esifanelekayo endaweni ohlala kuyo. Uma singekho, kungase kwenzeke ukuba uthuthele eduze naso.
Njengoba abazali bazi kahle, kudinga ikhono, isineke nesikhathi esiningi ukufaka uthando ngoJehova enganeni. Uma lokhu kunzima lapho ingane ihlala ekhaya, yeka ukuthi kunzima kangakanani uma ingane ihlala kude! Njengoba ukuphila phakade kwengane kuhilelekile, abazali kumelwe banqume ngemva kokucabangisisa ngomthandazo ukuthi kufanelekile yini ukunikela ngengane yabo esikoleni okuhlalwa kuso. Yeka ukuthi kungaba ukuba nomqondo omfushane kanjani ukudela izithakazelo ezingokomoya zengane ngenxa yezinzuzo zemfundo yasesikoleni okuhlalwa kuso! Lokhu kuyofana nokugulukudela endlini eshayo ukuze usindise into encane yokuhloba—bese ungqongqiswa amalangabi omlilo.
IZwi likaNkulunkulu lithi: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.” (IzAga 22:3) Kungcono ukugwema isimo esibi kunokusilungisa kamuva. Kungaba ukuhlakanipha ukucabanga ngalokho uma uzibuza, ‘Ingabe kufanele ingane yami iye esikoleni okuhlalwa kuso?’
[Ibhokisi ekhasini 28]
Intsha Engofakazi Ikhuluma Ngesikole Okuhlalwa Kuso
“Esikoleni okuhlalwa kuso, izingane zoFakazi ziyenqatshelwa ukuhlanganyela ezintweni ezingokomoya. Indawo embi kakhulu enokucindezela okukhulu kokwenza okubi.”—URotimi, owafunda esikoleni okuhlalwa kuso eneminyaka ephakathi kuka-11 no-14.
“Ukuya emihlanganweni yobuKristu kwakunzima kakhulu. Ngangikwazi ukuya ngeSonto kuphela, futhi ukuze ngenze kanjalo, kwakudingeka ngiphume ngokunyenya lapho abafundi besemgqeni wokungena esontweni. Angikaze ngijabule, ngoba ekhaya ngangijwayele ukuya kuyo yonke imihlangano yebandla, ngiye nasensimini ngeMigqibelo nangamaSonto. Isikole sasingekhona okuhlangenwe nakho okwakhayo. Ngalahlekelwa kakhulu.”—U-Esther, owayeshaywa njalo othisha ngoba engenakuhlanganyela ezinkonzweni zesonto.
“Ukufakaza kwengifunda nabo kwakungelula esikoleni okuhlalwa kuso. Akulula ukuba ohlukile. Ngangifuna ukulandela iqembu. Mhlawumbe ngangiyoba nesibindi kakhudlwana ukube ngangikwazi ukuya emihlanganweni futhi ngihlanganyele enkonzweni yasensimini. Kodwa ngangikwazi ukwenza lokho kuphela lapho ngisemaholidini, ayeba kathathu kuphela ngonyaka. Uma unesibani esingagcwaliswanga amafutha, ukukhanya kuya kuba lufifi. Kwakunjalo nangami esikoleni.”—ULara, owafunda esikoleni okuhlalwa kuso kusukela eneminyaka engu-11 kuya kwengu-16.
“Manje njengoba ngingasekho esikoleni okuhlalwa kuso, ngiyajabula ngoba ngingaya kuyo yonke imihlangano, ngihlanganyele enkonzweni yasensimini, futhi ngijabulele itekisi losuku nawo wonke umkhaya. Nakuba ukuhlala esikoleni kwakunezinzuzo ezithile, akukho okubaluleke ukwedlula ubuhlobo bami noJehova.”—UNaomi, owenza uyise wavuma ukumkhipha esikoleni okuhlalwa kuso.