Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 2/15 kk. 5-8
  • Ukugqabula Amaketango

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugqabula Amaketango
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwesaba Into Engaziwa
  • Ukukholelwa Emlingweni
  • Ingabe Inkolelo-ze Iyahambisana Nemfundiso YeBhayibheli?
    I-Phaphama!—2008
  • Inkolo Yeqiniso Isusa Ukwesaba—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ingabe Ukuphila Kwakho Kulawulwa Yizinkolelo-ze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Izinkolelo-ze—Kungani Ziphikelela Kangaka?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 2/15 kk. 5-8

Ukugqabula Amaketango

CISHE kuzo zonke izingxenye zomhlaba, ukukholelwa ezeni kubusa ukuphila kwabantu abaningi. Lapho abaningi eNtshonalanga bekholelwa ukuthi inselo yehhashi noma isidladla sikanogwaja siyobavikela, abaningi baseAfrika bafaka incweba entanyeni yabo ukuze bazivikele emimoyeni emibi. Ngesizathu esifanayo, babophela intambo evikelayo okhalweni lomntwana osemncane. Ezinye izizwe zikholelwa ukuthi ukubophela ithanjana le“gorilla” kulentambo kuyobangela ukuba umntwana akhule futhi abe mkhulu aqine.

Abantu basemfuleni bakholelwa ezintombini-nhlanzi, ezibizwa ngokuthi oMami Wata eCentral African Republic. Kucatshangelwa ukuthi zinezinwele ezinde ezimhloshana, futhi kukholelwa ukuthi ziyenga abantu ukuba basondele emanzini ukuze zibabambe zibaminzise. Abanye basizakala ngalenkolelo. Bathela iminikelo emfuleni ukuze bakhuthaze uMami Wata ukubamba isitha sabo ngesikhathi esilandelayo uma siza ogwini lomfula.

Ababalulekile ekukholelweni ezeni kwaseAfrika ophatha izintelezi nenyanga. Ophatha izintelezi wasendaweni ushaya amathambo ukuze abone ukuthi ikusasa linani. Inyanga inikeza intando ukuze ivuselele uthando oluphuphayo lomunye umngane. Uma umbani ushaya eduze, kucatshangwa ukuthi cishe othile oxabene naye uye waqasha umthakathi ukuze amsize aphindisele. Abanye bakholelwa ukuthi umthakathi angawashintsha amadoda abe ngabesifazane, nabesifazane babe ngamadoda, ngisho nabantu babe yizilwane!

Kwabakholelwa ezeni, into ethuke yenzeka isho umhlola othile. Uma inyoka noma unwabu lunqamula endleleni yakho, yiya ekhaya ngokushesha ngaphambi kokuba kwenzeke into embi. Uma inyoni kwenzeka indiza ingene endlini yakho, othile uzofa lapho. Uma izinja zishaya umkhulungwane ebusuku, othile uzofa, noma usanda kufa.

Kubantu abafundile eAfrika nakwezinye izingxenye zezwe, ukukholelwa ezeni okunjalo kungase kubonakale kungenangqondo. Kodwa kuthiwani ngabantu abafundile abagwema ngokucophelela ukuhamba phansi kweladi, abamisa uhambo olungadingekile ngoLwesihlanu ziyi-13, abamema isivakashi esingatholakala masinyane ukuze bagweme ukuhlala beyi-13 ekudleni kwasemini noma abahlola isimo sezinkanyezi ngokuzalwa kwabo ephepheni lasekuseni? Ingabe nabo ababoshiwe ukukholelwa ezeni?

Kodwa kuyini ukukholelwa ezeni? Futhi yini eyenza kukwazi ukubusa abantu?

Ukwesaba Into Engaziwa

Ukukholelwa ezeni kuchazwa njenge“nkolelo noma umkhuba ovela ekungazini, ukwesaba into ongayazi, ukwethemba emlingweni noma entweni ethuke ivela.” Iyababamba abantu uma nje bengakazi futhi beyikholelwa. Uma umuntu okholelwa ezeni ethola ulwazi lweqiniso ebona ukungabi nangqondo kwezinkolelo zakhe, amandla okukholelwa ezeni amengamele ayanyamalala. Futhi umthombo omuhle kakhulu wolwazi lokumelana nokukholelwa ezeni uyiBhayibheli.

UWawa wazibonela lokhu. Ngemva kokufunda ngesimo esiliqiniso sabafileyo, kwaphela ukwesaba. Wayeka ukwenza izinto ezifunwa ukukholelwa ezeni futhi akazange ahlushwe yilutho. Manje uyazi ukuthi ukwesaba kwakhe kokukholelwa ezeni kwakungadingekile.

Abaningi baseAfrika baye baba nokuhlangenwe nakho okufanayo. Lapho befunda eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu wadala izilwane ngasinye “ngezinhlobo zazo,” bayaqaphela ukuthi uMami Wata—inhlanzi kwesingezansi, umuntu kwesingenhla—akanakuba bikho. (Genesise 1:20-27) Ngaphandle kwalokho, akukho-mdobi owake wabamba isidalwa esinjalo emanethini akhe futhi wabukisa ngaso. Ngokufanayo, bayaqaphela ukuthi umthakathi akanakushintsha umuntu abe yingwe noma ingwenya, ngoba lezi ‘izinhlobo’ ezihluke ngokuphelele.

NeBhayibheli lithi izilwane azi“nangqondo.” (2 Petru 2:12) Ngakho-ke inyoni noma inja ingazi kanjani ukuthi othile uzofa? Noma inyoka noma unwabu (noma ikati elimnyama, eYurophu) kungayiletha kanjani ingozi kothile okunqamule endleleni yakhe? Eqinisweni, ophatha izintelezi angalibikezela kanjani ikusasa uma iBhayibheli lithi uNkulunkulu kuphela olazi ngokuqinisekile ikusasa. (Isaya 44:6-8) Ukucabanga kuyasibonisa ukuthi akunakwenzeka, ngisho nezinkanyezi nonozungezilanga, okuqhele ngezigidi zamakhilomitha, akunakwenza-mehluko ekuphileni kwabakholelwa esimweni sezinkanyezi lapha kunozungezilanga onguMhlaba.

‘Kodwa,’ abanye bangase baphikise, ‘inyoka yanqamula indlela yami, futhi ezinsukwini ezimbili kamuva indodana yami endala yagula!’ Yebo, lokho kungenzeka. Kodwa kuthiwani ngabo bonke abagulelwa yizingane futhi abangaziboni izinyoka noma izinwabu? Noma kuthiwani ngalabo ababona lezizidalwa kodwa bangabi nazo izinkinga ngokushesha ngemva kwalokho? Lichaza okuhlangenwe nakho kwabantu, iBhayibheli lithi: “Ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” (UmShumayeli 9:11) Yebo, izinto kungenzeka zithuke nje ziqondana. Ngoba umuntu angase abe sendaweni ethile ngesikhathi esibi, angase alimale esivunguvungwini. Ukugula nezingozi akudingeki kuze kubangelwe amacebo athile amabi esitha. Abaningi bayazibonela lokhu, futhi manje ukuphila kwabo akusaqondiswa ukwesaba kokukholelwa ezeni.

Ukukholelwa Emlingweni

Nokho kukhona isici ekukholelweni ezeni esingeke singanakwa. Ngezinye izikhathi kubonakala kukhona amandla angavamile ahilelekile—abanye bangase bakubize ngokuthi umlingo—lokho kungaphezu kokuqondana kwezinto nezingozi ezimsulwa. ENtshonalanga abantu bayazi ukuthi izinto ezingavamile zingenzeka phakathi nomhlahlo. Enye insizwa yachaza okuhlangenwe nakho ngebhodi yeOuija. Yathi yayihlezi nabangane bayo bezungeze ibhodi ukuze babone okwakuzokwenzeka, lapho iwa esitulweni sayo ngokukhahlamezeka yaye yayongqimuzeka odongeni kolunye uhlangothi lwendlu.

EAfrika izinto ezingavamile ziyabikwa nakhona. Abantu baqinisa ngokuthi baye babona owesifazane oyinhlanzi omhloshana ebaqhwebela emfuleni. Noma kuzwakala imibiko ngezilwane ezikhulumayo futhi zithi zake zaba abantu. Noma ukugula kubonakala kwenzeka ngenxa yokubekelwa umthakathi? Singakuchaza kanjani lokhu?

Ezinye izinto ezingavamile ziyenzeka ngempela, futhi iBhayibheli liyasitshela isizathu. Lapha futhi, ulwazi luyindlela yokugqabula amaketango okukholelwa ezeni. NgokweBhayibheli kukhona amandla emimoya emibi efuna ukusidukisa. Nokho, ayiyona imimoya yabafileyo. Futhi umuntu angamelana namandla ayo.

Okokuqala, obani futhi ayini lamandla emimoya? EBhayibhelini abizwa ngokuthi amademoni, futhi inhloko yawo uSathane. Akumelwe siwudelele umqondo wokuba khona kwawo. UJesu ngokwakhe wayewazi. Avelaphi? IBhayibheli liyabonisa ukuthi ayeyizinceku eziyizingelosi zikaNkulunkulu ezahlubuka futhi zaba abaphikisi.—Mathewu 12:26-28; 2 Petru 2:4.

IBhayibheli lithi futhi uSathane “odukisa izwe lonke.” (IsAmbulo 12:9) Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi ufuna ukugcina abantu besemaketangweni okukholelwa ezeni. Ingabe angayenza imisebenzi emangalisayo ukuze abakhohlise? Yebo, angayenza. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi “lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo.”—2 Thesalonika 2:9, 10.

Kanjalo, uma izinto ezingavamile zibonakala zenzeka, kumelwe ukuba zinethonya likaSathane namademoni akhe. Yebo, uSathane unamandla engeziwe kunanoma imuphi umuntu. Kodwa asisibo abangenalusizo, ngoba uNkulunkulu unamandla ngokwengeziwe kunoSathane futhi ukulungele ukusisiza uma silufuna.

Umlobi weBhayibheli uJakobe wathi: “Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.” (Jakobe 4:7) UWawa nabanye abaningi baseAfrika baye basamukela lesisimemo. Sebelamukele iqiniso leZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi balandela imiyalo kaNkulunkulu ngendlela okumelwe baziphathe ngayo, bathola ukuthi ukukholelwa ezeni kobuSathane akunamandla ekuphileni kwabo. Bakhululekile ekwesabeni kwangaphambili.

Ngakho baye bakhumula izincweba ezintanyeni zabo nezintanjana zokuvikela abantwana babo, futhi bazishisa lezizinto. Abasahileleki emisebenzi yoku kholelwa ezeni ukuze bathobe imimoya yabafileyo; futhi abesabi imibhulelo yabathakathi. Bayazibalekela futhi izinto ezimbi njengokuziphatha okubi nobudlova.

Ingabe labantu baye bakhathazeka ngenxa yalesisibindi? Ngokuphambene kakhulu! UJesu wathembisa abafundi bakhe: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:31, 32) Isono asisababusi labantu. Bavikelwe uNkulunkulu esenzweni esingenzeka samademoni, futhi ulwazi lwabo lwembula ukungafaneleki kokukholelwa kwabo ezeni kwakuqala. Iqiniso liye lagqabula amaketango abo!

Inkululeko enjalo iyatholakala kubo bonke abayifiselayo. Uma uthanda ukujabulela inkululeko ekwesabeni uWawa anayo manje, oFakazi BakaJehova bayojabulela ukukusiza njengoba bamsiza.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela