Umbono WeBhayibheli
Ingabe Inkolelo-ze Iyahambisana Nemfundiso YeBhayibheli?
INTATHELI ethile yagwema ukuhamba ngendiza unyaka wonke ngenxa yokuthi umbhuli wayebikezele ukuthi izokufa engozini yendiza. Abantu bazo zonke izizinda, kuhlanganise nabezombangazwe, osomabhizinisi, abadlali bamabhayisikobho, abezemidlalo nabafundi basekolishi, baphendukela emikhubeni yenkolelo-ze. Lapho bengaqiniseki, becindezelekile noma bekhathazekile, baba nomuzwa wokuthi le mikhuba ibavikela ezingozini noma ibasize bafinyelele imigomo yabo.
Izinhlobo eziningi zezinkolelo-ze zibhekwa njengomkhuba nje ongavamile oyisidala noma njengomthombo ongacasuli wokuziqinisekisa. Isazi sezokuhlalisana kwabantu esesashona uMargaret Mead saphawula: “Izinkolelo-ze ziveza isifiso sethu esinamandla sokuba kufezeke okuthile noma sokuvimbela okubi ukuba kungenzeki. Ukwamukelwa nokwenqatshwa kwezinto ngenxa yezinkolelo-ze kusinika ithuba lokuhlola izinhlangothi zombili.” Noma kunjalo, labo abazimisele ukujabulisa uNkulunkulu kufanele bazibuze, ‘Ingabe inkolelo-ze iyahambisana nobuKristu?’
Umthombo Wenkolelo-ze
Isintu sisonke sinokwesaba—sesaba ukufa, izinto ezingaziwa nalokho okubizwa ngokuthi ukuphila ngemva kokufa, uma sibala ezimbalwa nje. USathane, isihlubuki esimelene noNkulunkulu, uzimisele ukugqilaza abantu, futhi ubelokhu ebhebhezela lokho kwesaba ngamanga aluhlaza. (Johane 8:44; IsAmbulo 12:9) USathane akayedwa emizamweni yakhe yokuhlubula abantu kuNkulunkulu. EBhayibhelini, uSathane ubizwa ngokuthi “umbusi wamademoni.” (Mathewu 12:24-27) Angobani amademoni? Osukwini lukaNowa izingelosi eziningi zazihlanganisa noSathane lapho evukela uNkulunkulu futhi zazenza amademoni. Kusukela ngaleso sikhathi, bezilokhu zizama ukuthonya izingqondo zabantu. Phakathi kwezinye izinto ezizisebenzisayo yinkolelo-ze.—Genesise 6:1, 2; Luka 8:2, 30; Jude 6.
Amanye amanga kaSathane aye aba isisekelo senkolelo-ze. Lawo manga yinkolelo yokuthi okuthile okungabonakali kuyasinda lapho umzimba womuntu ufa futhi kungabuya kuzohlupha abaphilayo. Kodwa iBhayibheli lithi: “Kodwa abafileyo bona abazi lutho.” Liqhubeka lithi “akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha,” lapho umuntu esefile.—UmShumayeli 9:5, 10.
‘Into Enengekayo KuJehova’
Abantu abaningi baye bakhetha ukukholelwa amanga kaSathane. Kodwa, eminyakeni eminingi edlule, uNkulunkulu wanika abantu bakhe ama-Israyeli isiqondiso esicacile kule ndaba. IZwi lakhe lithi: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . . . obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo. Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.”—Duteronomi 18:10-12.
Ngokudabukisayo, ama-Israyeli ayengasilaleli njalo lesi sixwayiso. Ngokwesibonelo, ezinsukwini zomprofethi u-Isaya, abathile babekholelwa ukuthi isivuno esihle sasixhomeke ekushwelezeni ‘kunkulunkulu weNhlanhla’—inkolelo-ze eyaletha imiphumela elusizi. Balahlekelwa umusa nesibusiso sikaJehova.—Isaya 65:11, 12.
Indlela uJehova abheka ngayo inkolelo-ze ayizange ishintshe lapho kufika ubuKristu. Umphostoli uPawulu wanxusa abantu abakholelwa ezeni emzini waseListra ‘ukuba bayeke lezi zinto eziyize [“izinkolelo-ze,” The Emphatic Diaglott] baphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu nomhlaba nolwandle nakho konke okukukho.’—IzEnzo 14:15.
Ukugqashula Ekukholelweni Ezeni
Kunemikhuba eminingi yenkolelo-ze, futhi yonke kunokuthile okufanayo kuyo—ukuntuleka kwencazelo enengqondo. Phakathi kokunye izinkolelo-ze zingenza abantu bakholelwe ukuthi izinto ezimbi ezibavelelayo zibangelwa yishwa kunokuba bathwale icala ngezenzo zabo.
Ngokujabulisayo, abaningi bagqashulile ekukholelweni ezeni. UJesu wathi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) UClementina, waseBrazil owayengumbhuli iminyaka engu-25, wathi: “Ukubhula kwakuyindlela yokuziphilisa. Kodwa iqiniso leBhayibheli langikhulula ekukholelweni ezeni.” Empeleni, ukutadisha iBhayibheli njalo nokuthandaza kuJehova uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni kungasisiza ukuba sithole amandla. Lokhu kungasenza sizinze endleleni yethu yokucabanga okungaholela ekwenzeni izinqumo ezihluzekile ezivimbela inhlekelele futhi ziqede ukukhathazeka.—Filipi 4:6, 7, 13.
IBhayibheli liyabuza: “Ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama? Ngaphezu kwalokho, kunakuvumelana kuni phakathi kukaKristu noBheliyali [uSathane]?” Ngakho-ke, amaKristu eqiniso kumelwe agweme izinkolelo-ze.—2 Korinte 6:14-16.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Esikhundleni sokwethembela kuNkulunkulu, ama-Israyeli angosuku luka-Isaya ayethanda izinkolelo-ze ayethembele kubani?—Isaya 65:11, 12.
◼ Yini umphostoli uPawulu anxusa abantu baseListra abathanda izinkolelo-ze ukuba bayenze?—IzEnzo 14:15.
◼ Ingabe inkolelo-ze iyahambisana nobuKristu beqiniso?—2 Korinte 6:14-16.
[Isithombe ekhasini 10]
Inkolelo-ze yenza ukuba abantu babe nomuzwa wokulondeka oyiphutha