Kungani Kufanele Uvume Uma Wonile?
“UKUPHELA kwabantu abangenzi amaphutha abantu abafileyo.” Lokhu kuye kwashiwo ngabantu abangaphelele. Futhi uma ucabanga ngezinto, ubani ongoniyo? Ngubani ongalenzi iphutha?
IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli eliNgcwele, liyakukhanyisa ukuthi sonke siyona, ngoba lithi: “Akukho-muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.” EBhayibhelini, amazwi esiHeberu nesiGreki ahunyushwe ngokuthi ‘ukona’ ngokuqondile asho “ukugeja”—ukona ngokuqondene nezimfuneko zikaNkulunkulu.—UmShumayeli 7:20.
Kodwa, nakuba kujwayeleke kangaka ukwenza iphutha, ukuphambuka—yebo, ukona—yeka ukuthi kunzima kanjani ukuvuma! Uma uyindoda futhi uwubaba ingabe uzithola usufuna ukugwinciza uma kufinyelela ekuvumeni kumkakho noma kubantwana ukuthi wonile? Uma usesikhundleni sokuphatha, ingabe ukuthola kulula ukuvuma kwabangaphansi kwakho ukuthi wonile? Yebo, kungokufanayo nangabafazi, abantwana, abaqashwa nalabo abakwezinye izimo.
Okungase Kwenze Singavumi
Kubonakala kuyimvelo yomuntu ukuzama ukuzithethelela. Lapho sisebancane, yeka ukuthi kwakunzima kangakanani ngabazali bethu ukusenza sivume ukuthi sonile futhi kumelwe sixolise ngalokho! Nalapho sesikhulile, singase sibonise isimo esifanayo. Kanjalo umuntu angase azame ukuzithethelela ngokuthi akwenzile bekungekubi ngempela, ukuthi othile uyena obesephutheni ngempela, noma lezozimo ezingajwayelekile yizona okumelwe zisolwe.
Ikakhulukazi kubonakala kunzima ngalabo abasezikhundleni zomthwalo wemfanelo ukuvuma ukona. Ngani? Ngokungangabazeki ezimweni eziningi lokhu kungenxa yokuziqhenya. Bacabangela lokho abanye abangase bakucabange, bafuna ‘ukugwema ukuphoxeka.’ Kodwa, khona-ke futhi, ukwehluleka ukuvuma ukona kungase kube ngenxa yemizwa yokungalondeki. Umuntu angase abe nomuzwa wokuthi isikhundla sakhe sisengozini uma evuma iphutha.
Ngokungangabazeki abanye abantu bamadolonzima ukuvuma ukuthi bonile noma bebonile ngenxa yenkokhelo abangase bayikhokhe ngephutha labo. Kanjalo isisebenzi sakwaloliwe kungase kwenzeke senze ingozi engathi sína ngenxa yokunganaki. Kodwa uma sivuma ukuthi senze iphutha, singase silahlekelwe umsebenzi waso noma siboshwe. Noma, endabeni kadokotela, ukumangalelwa ngenxa yephutha ekwelapheni kungase kuhileleke, futhi ukuvuma iphutha kungabiza yena noma inkampane yakhe yomshuwalense imali eshisiwe.
Khona-ke futhi, umuntu angase abe nobunzima eqinisweni bokubona izinto ngombono oqondile. Njengoba iBhayibheli likubeka, “Ngubani owazi iziphosiso zakhe na?” Futhi, inhliziyo ingase igcine imizwelo esivimbela ukuba sivume amaphutha ethu. Yebo, “inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, . . . ngubani ongayazi na?”—IHubo 19:12; Jeremiya 17:9.
Imiphumela Engathandeki
Ukuzikhathalela thina ngokungacabangeli isikhathi esizayo kungasishukumisela ukuba sizithethelele kunokuba sivume ukuthi sonile. Kodwa kungakhathaliseki ukucabanga kwethu, ukwenqaba ukuvuma uma sonile kunemiphumela engathandeki. Ngokwesibonelo, kungabangela ukwenyela kobuhlobo namalungu omkhaya wethu noma esisebenza noma esikhonza nabo. Ngokwenqaba ukuvuma uma sonile, sivivinya ukubekezela kwabanye noma silahlekelwa ukusihlonipha kwabo. Futhi sidala uthango oluphazamisa ukukhulumisana okuhle.
Iqiniso elingathi sína kakhulu elokuthi ukwenqaba ukuvuma ukuthi sonile kusithwesa unembeza onecala, ikakhulukazi uma kusolwa omunye ngalokho esikwenzile. Futhi uma sihoxa ekuvumeni ukona okukodwa, lokhu kungaba umkhuba. Ngokwenqaba ukuvuma amaphutha amancane, ngokushesha singenqaba nokuvuma amakhulu, sizigwaze ngowethu. Ngenxa yalokho, ngisho nasendabeni yesono esikhulu unembeza ungase ube sengathi ushiswe ngensimbi. (1 Thimothewu 4:1, 2) Ngaphezu kwakho konke, inkambo enjalo nakanjani iyolimaza ubuhlobo bethu noMdali wethu, uJehova uNkulunkulu.
Izibonelo Zakudala
Ukwehluleka ukuvuma ukuthi sonile ngokuzama ukugudlulela icala kwabanye kwenza singajatshulelwa ngabanye. Ngokungalaleli kwayo, indoda yokuqala, uAdamu, yasola ‘owesifazane eyayimnikezwe uNkulunkulu.’ Kwase kuthi uEva wasola inyoka. Nokho, uNkulunkulu akazange akwamukele lokhu kuzithethelela kodwa icala walibeka kubantu ababili bokuqala. Khona-ke kwakuneNkosi uSawule, owahluleka ukwehlisa ngokuphelele isahlulelo sikaNkulunkulu kuma-Amaleki amabi. Lapho uSawule ebuzwa isizathu, icala walibeka kubantu bakhe. Kodwa uNkulunkulu akazange akwamukele ukuzithethelela nalapha.—Genesise 3:12-19; 1 Samuweli 15:15-23.
Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli lisinikeza isibonelo sokubonisa ukuthi simelwe sivume uma sonile. Phakathi kwazo yileso sikaJuda. Wayonile ekusebenzelaneni kwakhe nomalokazana wakhe owayengumfelokazi uTamari. Lapho evezelwa umthwalo wakhe wemfanelo ngokukhulelwa, uJuda wavuma: “Ulungile kunami.” (Genesise 38:26) Kodwa okungenani wavuma ukuthi wayonile.
Khona-ke kwakukhona iNkosi uDavide. Wenza izinto ezihlukahlukene zokumboza isono sakhe noBati-Sheba. Lapho eqondwa umprofethi uNathani, uDavide wavuma: “Ngonile kuJehova.” (2 Samuweli 12:13) Yebo, kanjalo uDavide wavuma ukuthi wayenecala lobubi.
Imiphumela Emihle
Senza kahle ukukhumbula izibonelo zasendulo futhi sivume uma sonile. Phakathi kwezinye izinto, ukwenza kanjalo kuphumela ebuhlotsheni obuhle nemikhaya yethu. Siyozwana kahle nabasiphethe ngokungavivinyi ukubekezela kwabo kakhulu. Ngokukhanyayo, siyatshelwa emiBhalweni: “Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu”—yebo, ngisho ububi obungathi sína.—UmShumayeli 10:4.
Kodwa kuthiwani uma sinesikhundla somthwalo wemfanelo? Yebo, ukuzimisela ukuvuma ukuthi sonile kuyosizuzisa inhlonipho kwesibaphethe. Ngokungaphezulu, uma sinesimo esinjalo siyoba sesikhundleni sokuthuthuka ekunqobeni ubuthakathaka bethu.
Ikakhulukazi kubalulekile ukuba sigcine unembeza ohlanzekile nobuhlobo obuhle noNkulunkulu wethu. Ngakho-ke, uma sone ngokungathi sína, okokuqala, masivume ukuthi sonile. Ngomthandazo oqotho, masifune intethelelo yomusa kaBaba wethu osezulwini ngoJesu Kristu. (IHubo 103:10-14; 1 Johane 2:1, 2) Futhi masilusebenzise ngokugcwele usizo olungokomoya esilutholayo. (Jakobe 5:13-16) Lena inkambo yokuhlakanipha, ngoba iZwi likaNkulunkulu liyasitshela: “Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uthola umusa.”—IzAga 28:13.
Usizo Ekunqobeni Lesisejwayezi
Ngokusobala, sidinga usizo ukuze sinqobe lesisejwayezi sokungavumi uma sonile. Ngokuvamile isimo sokuhleka siyoba usizo, ikakhulukazi uma ububi noma iphutha lingelingathi sína noma elisindayo. Kanjalo omunye unkosikazi okahle wayephethe amapuleti okudla amaningana lapho ekhubeka futhi ewawisa wonke, aphahlazeka wonke. Kulokho, waqhibuka wahleka, ngoba wabona ukuthi into enjalo yayingenakwenzeka kuye. Kodwa yenzeka! Yebo, ngokuvamile isimo sokuhleka siyosikhulula ekuzibhekeni njengabasemqoka, ngokuvamile okuyisizathu sokungavumi kwethu ukuthi senze iphutha.
Ubuqotho nozwela kuyangena lapha. Uma abantu abathile benelungelo lokwazi ukuthi sonile, kumelwe sizimisele ukuvuma ububi. Ikakhulukazi uzwela kumelwe lusishukumisele ukuba sivume uma umuntu othile ezobekwa icala futhi ezokhathazeka ngenxa yephutha lethu. Amazwi kaJesu ayasebenza lapha: “Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.”—Luka 6:31.
Ukuzithoba kuyosisiza futhi ukuba sivume ukuphambuka. Uma sikucabangisisa, ukwehluleka ukuvuma ububi kwencikene nobuzenzisi, akunjalo? Umuntu oziphakamisayo noma ozenzisayo akamukelwa uNkulunkulu.—IzAga 21:4; Jakobe 3:17.
Ukugcina ubuhlobo obuseduze noJehova kuyoba usizo olukhulu ekuzimiseleni kwethu ukuvuma uma sonile. Ngani? Ngoba siyothambekela ukuyisa kuye zonke izinkathazo zethu namaphutha ngomthandazo wokuzithoba. Khona-ke, siqiniseka ngosizo lwakhe nomusa, siyoba no“kuthula kukaNkulunkulu” okungenakulinganiswa nalutho—Filipi 4:6, 7.
Ngakho-ke, njengoba sonke siyona, masivume amaphutha ethu. Uma sonile, masivume ngokuzithoba. Khona-ke masisebenzele emaphutheni ethu ngokwakhayo, kube yinzuzo kithi nakwabanye.
[Isithombe ekhasini 10]
UDavide wavuma: “Ngonile kuJehova”