Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 3/1 kk. 23-26
  • Phonsa Izinkathazo Zakho Phezu KukaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Phonsa Izinkathazo Zakho Phezu KukaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokucela Usizo LukaJehova
  • UJehova Usiza Kanjani?
  • Phonsani Konke Ukukhathazeka Kwenu KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Mawunganqotshwa Ukukhathazeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Phezu KukaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Indlela IBhayibheli Elingawasiza Ngayo Amadoda Akhathazekile
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 3/1 kk. 23-26

Phonsa Izinkathazo Zakho Phezu KukaJehova

INGABE umuntu oye waphinga futhi wabulala angakhathazeka? Ngokuqinisekile kungaba njalo, uma enonembeza. INkosi uDavide yayinawo unembeza. Nokho, lapho ibanjwe yinkanuko enamandla lenkosi engumHeberu yasendulo yaphinga nowesifazane obizwa ngokuthi uBati-Sheba. Isimo saxaka kakhulu lapho ekhulelwa, futhi ekugcineni yazizwa iphoqelelekile ukuba ilungiselele ukubulala umyeni wakhe futhi ishade naye.

Lapho ibona isono sayo, ungalucabangela yini usizi, ukuhlushwa unembeza okumelwe ukuba yakuthola? Nokho, akudingeki sicabangele lokho, ngoba uDavide uyasichazela lona ngokwakhe. Kwakuyiloluchungechunge lwezehlakalo ezesabisayo ezamholela ekubeni alobe IHu 51 ihubo lamashumi amahlanu nanye.

UDavide walusingatha kanjani lonke lolosizi? Umhubi usitshela ukuthi wakuvuma ngokusobala kuNkulunkulu, uJehova, lokho ayekwenzile futhi wabonisa ukuphenduka okujulile nokuvela enhliziyweni. Khona-ke wacela usizo lukaNkulunkulu ukuba athuthukise umoya ohlukile. Wathi: “Nkulunkulu dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.” (IHubo 51:10) Ngalendlela, ‘waphonsa zonke izinkathazo zakhe kuJehova.’—1 Petru 5:7.

Ingabe uNkulunkulu wayengamsiza umuntu owenze ubugebengu obunjalo? UDavide wayeqiniseka ngokuthi wayengamsiza. Wathi: “Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.” (IHubo 51:17) Umlando ubonisa ukuthi kukho konke ukuphila kwakhe uDavide wakhathazwa imiphumela yalokho ayekwenzile. Kodwa ngenxa yokuphenduka kwakhe okuvela enhliziyweni, uMdali wakhe akazange amshiye. Wanikezwa usizo lokubekezelela ukukhathazeka kwakhe.

Kungase ukuba asizange sibulale. Nokho akukho muntu kithina ongenakho ukukhathazeka kohlobo oluthile. Sonke siyona, futhi unembeza omubi uwumthwalo osindayo. Futhi, cishe wonke umuntu uyakhathazeka ngempilo, ukuphakama kwamanani okuphila, mhlawumbe ukukhulisa abantwana, umsebenzi, ubunzima ekuphilisaneni nabanye, ubugebengu, izikweleti, nezinto ezifanayo. Ingabe uzama ukuthwala konke lokho kukhathazeka ngokwakho? Ngokuqinisekile, akumelwe wenze njalo. Uyojabula uma ulandela lesiseluleko esingokombhalo: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.”—IHubo 55:22.

Indlela Yokucela Usizo LukaJehova

Singawuphonsa kanjani umthwalo wethu kuJehova? Yebo, kumelwe sithandaze kuye futhi sixoxe ngokukhathazeka kwethu naye. Incwadi yezAga isinikeza iseluleko esihle ngalokhu. Iyasitshela: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.” (IzAga 3:5) Ngakho-ke, uma sifuna usizo lukaJehova sidinga ukuncika ekuhlakanipheni kwakhe, hhayi kokwethu. Ngezinye izikhathi kudingeka sifunde lesisifundo.

Ngokwesibonelo, kwelinye izwe, amaKristu ayebhekene nokushushiswa okunzima. Ngokombiko, ekuqaleni athandaza kuNkulunkulu ecela usizo, kodwa engenakho ukuqonda. Ayengaqondi ukuthi kungani kwakumelwe athole okuhlangenwe nakho okunjalo futhi azama ukutshela uNkulunkulu ukuthi yini ayefuna ukuba awenzele yona.

Nokho, aqina futhi afunda ukukubheka njengelungelo ukuhlupheka ngenxa yokulunga. Ngakho-ke, afana kakhulu nabaphostoli basendulo labo, ngemva kokushaywa abaholi bobuJuda, “basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama.” (IzEnzo 5:41) Manje lamaKristu anamuhla ngokubekezela azithoba ngosizo lukaNkulunkulu kunoma yikuphi ukushushiswa uSathane ayekwehlisela phezu kwawo. Athembela kuJehova ukuba enze izinto ngendlela yakhe futhi alinda ngokubekezela isikhathi sakhe esifanelekile sokuwakhulula. Ngesibindi aphonsa zonke izinkathazo zawo phezu kwakhe.—IzAga 14:26.

Futhi, ukuphonsa izinkathazo zethu kuJehova kudinga ukholo lokuthi uJehova angasisiza futhi uyosisiza. Omunye owesifazane wasifunda kahle lesisifundo. Wayekhathazwa ukuthi nakuba ayefisa ukukhonza uJehova, wayewumlutha kagwayi. Wathandaza ecela usizo kodwa waqhubeka ebhema. Esikhathini esithile kamuva wakwazi ukuthi ngenjabulo: “Ekugcineni sengiye ngakuyeka ukubhema!” Kungani ayengakwazi ukuyeka ngaphambili? Wavuma: “Ngangithandaza ngicela usizo kuNkulunkulu, kodwa angizange ngikukholelwe ngempela ukuthi wayengangisiza.” Kwakuyilapho ecela ngokholo kuphela ukuthi wamukela usizo ayeludinga.—Heberu 11:6.

Khona-ke, uma sifisela ukuba uJehova asisize sithwale izinkathazo zethu, kukhona izinto okumelwe sizenze. UJesu wakubonisa lokhu, ethi: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.”—Mathewu 11:28, 29.

Kunesisho esithi, ‘UNkulunkulu usiza abazisizayo.’ Amazwi angenhla kaJesu abonisa ukuthi, ngempela, ‘uNkulunkulu usiza labo abazimisele ukusiza abanye.’ UJesu wanikeza ukuqabuleka—ukukhululeka ekukhathazekeni—kulabo ababefisa ‘ukuthatha ijoka lakhe,’ okungukuthi, ukuzithoba ekuqondiseni kukaKristu nokukhonza uNkulunkulu nomakhelwane babo njengoba nje uJesu enza.—Mathewu 9:35-38; Jakobe 1:27; 1 Johane 3:17.

UJehova Usiza Kanjani?

Ngakho-ke, uma sihlushwa ukukhathazeka okukhulu futhi sithandaza kuNkulunkulu ngokholo oluphelele, futhi sibonisa ukuthi lolokholo luqotho ngokuzama ukwenza intando yakhe, ukumkhonza nokusiza omakhelwane bethu, hlobo luni losizo esingalulindela?

Kungase kube ukuthi uNkulunkulu uyoyisusa ngokuphelele inkinga ebangela ukukhathazeka kwethu. Lokho kuye kwenzeka ngezinye izikhathi. Noma kungase kube ukuthi uyosinikeza ukuhlakanipha okudingekayo kokuxazulula inkinga ngokwethu noma sibone indlela eqondile yokuyisingatha. Khona-ke siyothola iqiniso lesaga esingokweBhayibheli: “Owethembela enhliziyweni yakhe uyisiwula; kepha ohamba ngokuhlakanipha uyakhululwa.”—IzAga 28:26.

Singakuzuza kanjani okunjalo ukuhlakanipha kobuNkulunkulu? Ukuba khona emihlanganweni yabantu bakaJehova nokufunda iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli kuyizindlela ezimbili ezifika engqondweni. Njengoba omunye umama ongumKristu owayekhathazeka kakhulu ngenxa yokuba nomyeni ophuzayo asho, “Ukufunda INqabayokulinda nokuyitadisha nokuyisebenzisa kuye kwangisiza kakhulu.”—Heberu 10:24, 25; IHubo 119:97-104.

Noma, uJehova angasisiza ngabafowethu abangamaKristu. Omunye umdala wathola kubantu ababili ebandleni lakubo incwadi efudumele ingxenye yayo eyayifundeka kanje: “Sikubonga kakhulu ngezikhathi oye walalela futhi wasisiza ngazo ezinkingeni zethu siqu, wasikhuthaza lapho sicindezelekile, wasivakashela lapho sigula, weza noma nini lapho sikubiza futhi wahlala ubusuku bonke ezibhedlela lapho imikhaya yethu ikudinga. Simbonga kakhulu uJehova ngokuba nomzalwane osinakekela ngokujulile njengoba wenza.”

Ngakho-ke, uma unezinkathazo, kungani ungazixoxeli abavuthiwe ebandleni lakini? UJehova angase akusize ngabo, futhi uyokubona ukuba yiqiniso kwesaga sasendulo: “Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.”—IzAga 17:17.

Yebo, uJehova akanakuzisusa njalo izinkinga ezibangela ukukhathazeka kwethu. Kodwa ngokusiqinisa ngeBhayibheli, umoya ongcwele noma abafowethu abangamaKristu, uyasisiza ukuba sibheke izinkinga ngokuqondile futhi sizisingathe ngokuhlakanipha. Ngalendlela, singathola lokho umphostoli uPawulu akusho: “Nginamandla okwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filipi 4:13) Ngakho-ke ngisho nakuba izinkinga zisekhona, uJehova uNkulunkulu ugcina isithembiso sakhe: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya.”—Heberu 13:5.

UAlma wakuthola kuyiqiniso lokhu. Ungowesifazane ongumKristu eminyakeni ethile edlule owathola ingozi yemoto eyamshiya efe uhlangothi kusukela okhalweni kwehle. Uzwa ubuhlungu obukhulu, kodwa ukwazi ukuthi uNkulunkulu ngokushesha uzosusa ukugula nokuhlupheka kuyinduduzo nosizo kuye. Okwamanje, uthi: “Ngithandaza kuJehova ukuba angisize ngibekezele usuku ngalunye. Khona-ke, lapho lolosuku seluphelile, ngisuke sengisondele ngosuku olulodwa!”

UAlma akalahlekelwa neze imihlangano yebandla yamaKristu, futhi usebenzisa wonke amathuba amvulekele okuhlanganyela nabanye ukuqiniseka anakho ngesikhathi esizayo. Ngalendlela uzwa ukusekela kukaJehova njengoba ephonsa imithwalo yakhe kuye.

Kungakhathaliseki ukuthi yiluphi usizo uJehova alunikezayo, singaqiniseka ukuthi luyilokho okudingekayo, futhi lwanele. Umphostoli uPawulu ngokuqiniseka wathi: “Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle.” (Roma 8:28) Ngisho ngaphansi kokuhlupheka okukhulu kunokwenzeka ukuthola usizo lukaJehova uNkulunkulu. UPawulu wasitshela: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nangokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi izinkathazo zethu noma imithwalo kuyini, asilandele ngokuqiniseka iseluleko somphostoli uPetru: “Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.”—1 Petru 5:6, 7.

[Ibhokisi ekhasini 24]

UJehova uye wathembisa ukusisiza ukuba sithwale imithwalo yethu. Unazo yini izinkinga ezilandelayo:

□ Ukugula?

□ Ukucindezeleka?

□ Ukulahlwa unembeza?

□ Ukuzizwa ungelutho?

□ Ukuntula ukuzithiba?

□ Ukushushiswa noma ukucindezelwa?

□ Ukubandlululwa ngenxa yohlanga, isigaba senhlalo noma ubulili?

□ Ukucindezelwa izinkinga zansuku zonke?

□ Ukukhathazeka ngesikhathi esizayo?

□ Ubuntu okunzima ukubusingatha?

Uma kunjalo, kungani uzama ukuzisingatha wedwa? Izinkathazo ezinjalo kulula ukuzithwala uma samukela usizo lukaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela