Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 4/15 kk. 26-27
  • Bakuphi Abafileyo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bakuphi Abafileyo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Obani Abaya Esihogweni?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • “Isihogo” Ingabe Sikhona Ngempela?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Siyini Ngempela Isihogo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 4/15 kk. 26-27

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Bakuphi Abafileyo?

INDODA ekhalayo lapha uJakobe. Idumele kakhulu ngoba ikholelwa ukuthi indodana yayo ethandekayo uJosefa ibulewe. Ingubo ende egcwele igazi ephethwe uJakobe ngekaJosefa. “Isilwane esibi simdlile!” kukhala uJakobe. “UJosefa udatshuliwe nokudatshulwa!”—Genesise 37:33.

Abantu abazungeze uJakobe abanye babantwana bakhe. Bazama ukududuza ubaba wabo. Nokho, njengoba inguqulo yeBhayibheli yamaKatolika iDouay Version ichaza: “Akaduduzekanga, kodwa wathi: Ngiyokwehla ngiye endodaneni yami esihogweni, ngilila.”—Genesise 37:35.

UJakobe wayekholelwa ukuthi uJosefa ukuphi? Ingabe wayekholelwa ukuthi uJosefa waya endaweni yokuhlushwa ukuze ahlale lapho phakade, futhi ingabe uJakobe wayefuna ukuya lapho ukuze ambone? Noma, kunalokho, kwakuwukuthi wayemane ecabanga ukuthi indodana yakhe ethandekayo yayifile futhi isethuneni nokuthi noJakobe ngokwakhe wayefuna ukufa?

Ake ubheke lendoda ezwa ubuhlungu obukhulu. InguJobe othembekile. Osizini lwakhe wathandaza kuNkulunkulu: “Ubani oyonginikeza lokhu, ukuba ungifihle esihogweni, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, futhi unginqumele isikhathi oyongikhumbula ngaso?”—Jobe 14:13, Douay Version.

Kusobala ukuthi uJobe ufuna ukufa ukuze asinde ekuhluphekeni nasebuhlungwini. Ngakho ukholelwa ukuthi siyoba yini isimo sakhe lapho efa? Bakuphi abafileyo? UJobe akakholelwa ukuthi uyophila endaweni ebizwa ngokuthi isihogo lapho efa noma ukuthi uyohlushwa lapho emlilweni. UJobe uyazi ukuthi lapho umuntu eya kulokho leliBhayibheli lamaKatolika elikubiza ngokuthi isihogo, umane nje uya ethuneni lakhe lapho kungekho khona ukuzwa futhi kungekho nokuhlupheka. (UmShumayeli 9:5, 10) Igama lesiHeberu sakuqala lalendawo yabafileyo iSheol, futhi lisho ithuna elivamile lesintu. Ngakho-ke, emibhalweni ecashunwe lapha, amanye amaBhayibheli, njengeAuthorized Version, athi “ithuna” esikhundleni sokuthi “isihogo.”

Ingabe likhona ithemba ngalabo abangezwa abasethuneni? Ingabe bangabuye baphile futhi? Yebo, iBhayibheli lithi: “Ukufa nesihogo [umbhalo oseceleni, “ithuna”] kwakhipha abafileyo ababekukho.” (IsAmbulo 20:13, 14, Authorized Version) Yeka indlela lokhu okuyizindaba ezinhle ngayo! UNkulunkulu uyovusa abantu abaye bafa, agcwalise ithemba labantu abanjengoJobe ababekholelwa ovukweni.—Jobe 14:14, 15.

[Isithombe ekhasini 26]

Uma uJakobe etshela umkhaya wakhe ukuthi indodana yakhe isesihogweni, usho ukuthini?

[Isithombe ekhasini 27]

Isihogo—kungani uJobe ayengathandazela ukuya lapho?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela