Izwe Liyobe Linjani Esikhathini Esizayo?
YINI esemkhathizwe? Izwe elihlukile.
Lowo umqondo oyinhloko wezibikezelo ezenziwa amanxusa kahulumeni waseUnited States njengoba zitholakala ku“The Global 2000 Report to the President.” Umqulu Wokuqala, owalungiselelwa uMkhandlu Wohlobo Lwezenhlalo noMnyango woMbuso, uthi: “Izwe ngo-2000 liyobe lihlukile ezweni lanamuhla ngezindlela ezinkulu.” Ngaziphi izindlela?
Phakathi kwezinye izinto umbiko wabikezela:
● “Kuyoba nabantu abengeziwe. Nganoma ibaphi ababili emhlabeni ngo-1975 kuyoba nabathathu ngo-2000.”
● “Umhosha phakathi kwabacebe kakhulu nabampofu kakhulu uyobe sewukhulile.”
● “Kuyoba nemicebo emincane kakhulu eyobe isaqhubeka.”
● “Indawo esizungezile iyobe isilahlekelwe amandla amakhulu okusekela ukuphila.”
● “Amanani entengo ayobe esephakeme kakhulu.”
● “Izwe liyobe selingavikelekile enhlekeleleni engokwemvelo nasekonakalisweni izimbangela zabantu.”
● “Okokugcina, kumelwe kugcizelelwe ukuthi uma imithetho yomphakathi yeningi iqhubeka ngokuvamile ingashintshiwe izwe liyoba elihlukile ngenxa yamathuba alahlekile.”
Ngokungangabazeki uyovuma ukuthi lezizibikezelo azijabulisi. Ngokuqinisekile azinikezi isisekelo senjabulo enkulu.
Kodwa imiBhalo ikhuthaza ukujabula, ithi: “Jabulani nina-bezizwe kanye nesizwe sakhe.” (Roma 15:10; qhathanisa noDuteronomi 32:43.) Lokho kubhekisela kubantu abakhulekela uJehova ngendlela ayemukelayo. Benza kanjalo “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:23, 24) Kodwa njengoba manje sibhekene nezinkinga eziningi kangaka, ingabe kukhona isizathu soqobo sokucabanga ukuthi uyoke uphile ezweni elijabulisayo?