Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 3/15 kk. 4-6
  • Ingabe Uyoke Uphile Ezweni Elijabulisayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyoke Uphile Ezweni Elijabulisayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Umbuso Oyokwenza
  • Okuthile Okusha Emkhathizwe
  • Injabulo Engaba Ngeyakho
  • Izwe Elisha Liseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Izulu Elisha Nomhlaba Omusha
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • UHulumeni Oyoletha IPharadesi
    UHulumeni Oyoletha IPharadesi
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 3/15 kk. 4-6

Ingabe Uyoke Uphile Ezweni Elijabulisayo?

LABO abafakazela ukuthi bathanda uNkulunkulu—“abantu bakhe”—banezizathu ezizwakalayo zokufisa ukuphila ezweni elijabulisayo. (Roma 15:10) Nakuba ikusasa eliseduze libonakala lifiphele ngezwe lesintu, uNkulunkulu wasezulwini unelakhe “ivangeli elikhazimulayo” elimenyezelwa emhlabeni wonke, futhi liyisigijimi esijabulisa ngempela. (1 Thimothewu 1:11) Ngokushesha nje, umbuso wasezulwini othenjisiwe weNkosi yobuMesiya uJesu Kristu uyochitha izimo ezesabekayo ezibonakala emhlabeni namuhla futhi uyosusa izinkinga ezikhathaza isintu manje. Lowombuso usuzongenisa izwe elijabulisayo.

Lokho Umbuso Oyokwenza

Ingabe kukhona ukukhathalela ngokwanda okweqile kwenani labantu emhlabeni? Lokho akuyikuba ngokunganakwa nguJehova uNkulunkulu noma iNkosi uJesu Kristu. Ekuqaleni uNkulunkulu wayehlose ukuba abantu “bagcwalise umhlaba,” hhayi ngokweqile. Nganoma iyiphi indlela okufezwa ngayo, singaqiniseka ngokuthi intando yaphezulu ngalendaba iyokwenzeka emhlabeni.—Genesise 1:27, 28; Isaya 45:18.

Ngaphansi kokubusa kombuso kaNkulunkulu, ingabe liyoba khona igebe elidabukisayo phakatni kwabacebile nabampofu? Akunjalo neze! Kunalokho, kwabikezelwa ngokunokwethenjwa emiBhalweni ukuthi iNkosi emnene kaNkulunkulu “iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo.”—IHubo 72:1, 12, 13.

Ingabe zikhona izizathu zokuphelelwa ithemba ngenxa yokuncipha komnotho nokulahla kwendawo yonke “amandla asekela ukuphila”? Ingabe sidinga ukuphelelwa yithemba ngenxa yokuthi amanani ayakhuphuka ngokungenakufinyelelwa ngumuntu nje ovamile? Nakuba ikusasa lamanje lingavezi lutho oluhle ngalokhu, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyathembisa: “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.” (IHubo 72:16) Ingabe lokho kuzwakala sengathi umhlaba awunayo imithombo yomnotho, nendawo yonke intula adingekile “amandla okusekela ukuphila”? Noma ingabe lesosithembiso somBhalo sibonisa lokho kuntuleka kwezidingo kangangokuba ukuphila okwanelisayo akunakwenzeka emhlabeni? Eqinisweni akunjalo.

Ngaphansi kokubusa kombuso, ingabe izwe “liyoba ngelingavikelekile kokubili enhlekeleleni engokwemvelo nasekonakalisweni izimbangela zomuntu”? Akunjalo, ngoba ngokushesha uNkulunkulu uzo‘phelisa ukulwa’ phakade. Ngokungaphezulu, ngaphansi kokubusa kombuso izingwadule ziyoqhakaza, nezinto eziyingozi aziyikusongela impilo nokuphila. Injabulo engenamkhawulo iyongena esikhundleni sezinkinga nosizi.—Qhathanisa neHubo 46:1, 9; Isaya 35:1-10; 65:25.

Okuthile Okusha Emkhathizwe

Phakathi kweziprofetho eziningi ezijabulisayo ezibikezela izibusiso ezimangalisayo ngesintu ileso esilotshwe ngumphostoli uJohane ongumKristu ngalamazwi:

“Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu, akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:1-4.

Enye inkulumo lapha ingokomfanekiso, kodwa umqondo wezibusiso ezinkulu usobala. I“zulu elisha” liwumbuso wasezulwini kaJesu Kristu namakhosi nabapristi abakanye naye abayizi-144 000. (Roma 8:16, 17; IsAmbulo 14:1-4; 20:4) Esikhundleni sembulunga engumhlaba entsha, u“mhlaba omusha” ungumphakathi wabantu omusha kuwo lomhlaba, ngokuphelele bonke bengaphansi kombuso kaKristu ngaphandle kwezintango zezinhlanga, zobuzwe noma ulimi. (Qhathanisa neHubo 96:1.) Lokhu kuyolandela ukubhujiswa kwe“zulu” no“mhlaba” okungokomfanekiso okukhona manje. Umphakathi othenjisiwe womhlaba omusha uyoba olungile, ngoba njengoba izilwandle zoqobo ziyosala, u“lwande” olungokomfanekiso lwabantu abanesiyaluyalu, abahlubukayo, nabangamesabi uNkulunkulu, aluyikuba khona neze. Ababusi basezulwini abakanye noKristu bakha i“Jerusalema Elisha,” inhlangano ephakeme yomphakathi wabantu abalungileyo. UNkulunkulu uyakuhlala nalababantu emhlabeni ngokubamela baze babuyisane ngokuphelele naye ngoKristu “iWundlu likaNkulunkulu,” ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yosuku lokwahlulela.—Johane 1:29, 30; IsAmbulo 20:6.

Ngaphansi kokubusa kombuso, kuyoba khona okuningi okuyoba izisusa zenjabulo. Ukudabuka, ukukhala nobuhlungu okungenxa yezimbangela ezihlukene, kuyosuswa. Ukufa okwenaba kusukela kuAdamu onesono, umuntu wokuqala, akusayikuba khona. (Roma 5:12) Yeka imbangela eyinhloko yokudabuka ethinta izwe lonke eyobe isiphelile ngalesosikhathi! Futhi yeka izizathu zenjabulo eziyobakhona lapho uvuko lwenzeka esikhundleni sokufa ngenxa ka-Adamu, lapho inzalo yakhe isikhululiwe emiphumeleni yesono sakhe, nalapho impilo yomuntu ephelele isithathe indawo yezifo eziningi ezikhathaza isintu manje! Khona-ke, ngempela, ‘okokuqala kuyobe kudlulile.’

‘Umcabango nje ofiselekayo!’ omunye angase asho njalo. Akunjalo, ngoba ngemva kokuba umphostoli uJohane ebone i“zulu elisha” no“mhlaba omusha” okuyophumela ezibusisweni ezinkulu ngesintu, wanezela: “Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi [uJehova uNkulunkulu]: Bheka, ngenza konke kube-kusha. Wathi: Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.” (IsAmbulo 21:5) Yebo, singawakholelwa.

Ngempela, izwe elihlukile liseduze. Ukuba khona kwalo akuyikwencika ezinguqulweni zomuntu e‘mthethweni womphakathi’ oklanyelwe ukukhulula abantu emiphumeleni eyesabekayo ya“mathuba alahlekile.” Cha, kodwa zonke izinto ezinhle ezithenjiswe emiBhalweni zencike ekwenziweni kwentando yaphezulu engenakwehluleka, ephumelela njalo.

Injabulo Engaba Ngeyakho

Ngobani abayojabulela zonke lezibusiso ezivela kuNkulunkulu? Kuyoba ngenxa yobani ukuba kube nesisusa esingapheli senjabulo? Phela, yibo bonke abasebenzisa kubona amalungiselelo kaNkulunkulu okuphila okuphakade! Isibusiso esimangalisayo siye senziwa saba nokwenzeka uJehova, ‘uNkulunkulu wothando,’ ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu.—1 Jonane 4:8, 9; Johane 3:16.

Yi“vangeli” lalezizinto ezinhle oFakazi BakaJehova abazama ukulihlanganyela nabo bonke abantu abanhliziyo ziqotho. Yingakho befakaza endlini ngendlu ngendlela yabaphostoli bakaJesu nabanye abafundi bakhe. (IzEnzo 5:42; 20:20) Ngokungangabazeki ungabona ukuthi kungani oFakazi beshukunyiselwa ukuba bamemezele isigijimi sombuso esijabulisayo ngentshiseko nangenjabulo evela enhliziyweni. Siyizindaba ezinhle ezimangalisayo!

Kodwa yini oyoyenza ngalezindaba ezijabulisayo? Kungenzeka ukuba ujabulele ukuphila okungenasiphelo ngenjabulo emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kokubusa kombuso. Nokho, lokhu kudinga ulwazi oluqondile lweBhayibheli. Khona-ke, uma ungakenzi kanjalo, kungani ungasebenzisi amathuba akho ukuba uxoxe ngemiBhalo noFakazi BakaJehova? UJesu wathi ukungenisa ulwazi oluqondile ngoYise wasezulwini nangaye, kusho “ukuphila okuphakade.”—Johane 17:3.

Izwe elijabulisayo liseduze kakhulu. Kodwa khona manje ungaba nezizathu ezinhle zokuba ujabule. Akuzona zonke izibusiso ezivela kuNkulunkulu noma izimbangela zenjabulo eziyotholakala esikhathini esizayo nje kuphela. Kulesikhathi samanje kungenzeka uku‘khonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo,’ futhi uma sijabulisa uNkulunkulu akukho kungabaza ngokuthi ‘singajabula izinsuku zethu zonke.’ Funda isizathu salokho ngokufunda izihloko ezisuka ekhasini le-10 kuye kwele-22.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela