Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 7/15 kk. 4-7
  • Izwe Elisha Liseduze!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elisha Liseduze!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izwe Elisha Elithenjisiwe
  • Izwe Elisha Liseduze Kakhulu!
  • Izibusiso Abantu Abangeke Bazilethe
  • Izidingo Eziyisisekelo Zaneliswa Ngokugcwele
  • Ingabe Uyoba Khona?
  • Ukubhujiswa Kwezwe Okwabikezelwa Kuyofika Nini?
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • “Ukuphela Kwezwe” Kuseduze!
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe Lelizwe Liyosinda?
    Ingabe Lelizwe Liyosinda?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 7/15 kk. 4-7

Izwe Elisha Liseduze!

ABABUSI bezwe baye bakhuluma kakhulu ngohlelo lwezwe olusha olwenziwe yibo. Bakhuluma ngokususa ukwesaba emhlabeni nemingcele evimbela ukubambisana phakathi kwabantu nemibuso. Kodwa ingabe kukubantu ukuletha izwe elisha?

Isintu siye saba namakhulu eminyaka okumisa izwe lokuthula nokulondeka. Ngokungangabazeki, abaningi bebeqotho kakhulu emizamweni enjalo. Nokho, kungakhathaliseki uhlelo lohulumeni abacatshangwa abantu ukuba bafeze izinjongo ezinjalo, amazwi eBhayibheli aye abonakala eyiqiniso: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.

Izwe Elisha Elithenjisiwe

Nokho, iZwi likaNkulunkulu elifanayo eliphefumlelwe linikeza isiqinisekiso sokuthi kuyoba nezwe elisha. Ngemva kokubikezela ukuphela kwesimiso sezinto esidala, umphostoli uPetru ongumKristu wathi: “Siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.”—2 Petru 3:10-13.

Esikabani lesithembiso? Akekho omunye osinikezayo ngaphandle kukaJehova, “oPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Uyofeza lokho abantu abangeke bakufeze. Yebo, uJehova uNkulunkulu uyoletha izwe elisha. Kodwa nini?

Izwe Elisha Liseduze Kakhulu!

Ngaphambi kokuba izwe elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe libe yinto engokoqobo ngokuphelele, “izwe” lamanje, noma “isimiso sezinto,” kumelwe lifike ekupheleni kwalo. Ngokuphathelene nalokhu, abafundi bakaJesu Kristu babuza: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba-nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba-yini na?” (Mathewu 24:3) Njengoba iNew World Translation enembe ngokwengeziwe ikubeka, abalandeli bakaJesu babuza: “Sitshele, Ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyokuba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?”

Ekuphenduleni, uJesu wabikezela izici eziningi zesibonakaliso sokuba khona kwakhe okungabonakali njengomuntu womoya emandleni oMbuso wasezulwini. (1 Petru 3:18) Ngokwesibonelo, wathi: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube-khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.” Kusukela ‘ekuqaleni kwemihelo’ ngo-1914, “lesisizukulwane” esakhonjwa uJesu siye sabona izimpi eziqhubekayo, ukuntuleka kokudla, nokuzamazama komhlaba njengengxenye yesibonakaliso sokuba khona kwakhe okungabonakali.—Mathewu 24:7, 8, 34.

Izimpi ziye zahlupha lesizukulwane ngendlela engakaze ibonwe kusukela ngonyaka ka-1914. IMpi Yezwe I yathatha ukuphila okulinganiselwa ezigidini ezingu-14. Phakathi neMpi Yezwe II, abantu ababelwa empini nabantu abavamile abayizigidi ezingu-55 babulawa. Phela, kusukela ngo-1914 ukuphila okungaphezu kwezigidi ezingu-100 kuye kwalahleka empini! Ngokuqinisekile, lokhu kuphawula ingxenye yesibonakaliso sokuba khona kukaJesu.

Ukuntuleka kokudla, nakho okwabikezelwa uKristu, kwagadla emazweni amaningi ngemva kwempi ngayinye kwezimbili zomhlaba. Naphezu kwentuthuko yezesayensi, cishe ingxenye yesine yomhlaba iyalamba namuhla. Unyaka ngamunye, izigidi zabantwana nabanye ziyafa ngenxa yokungondleki kahle. IWorld Book Encyclopedia ithi: “Eziningi zezizwe ezisathuthuka zaseAfrika, eAsia, naseLatin America azinakho ukudla okwanele kwabantu bazo. Izigidi kulamazwe ziyalamba. Lapho ukukhiqizwa kokudla noma izinto ezitholakala kwamanye amazwe zehla ngenxa yesizathu esithile, indlala ingase igadle futhi izinkulungwane noma izigidi zabantu zingase zife.”

Ukuzamazama komhlaba kuye kwabulala abantu abaningi phakathi nalesizukulwane esiphawula “isikhathi sokuphela.” (Daniyeli 12:4, NW) Inani elilinganiselwayo labafe ekuzamazameni komhlaba liyahlukahluka. Kodwa kusukela ngo-1914 ukubhujiswa ukuzamazama komhlaba kuye kwenyuka kuwo wonke umhlaba, futhi lokhu kuye kwabulala amakhulu ezinkulungwane okuphila. Ikhuluma ngokubili nje kwalokhu, iYorkshire Post kaOctober 19, 1989, yathi: “Ngo-1920 ukuzamazama esifundazweni saseChina iJiangsu kwabulala abangu-180 000 futhi ngoJuly 28, 1976, iChina yaba nokuzamazama okubi kakhulu emlandweni wayo wanamuhla. Okungenani abangu-240 000 bafa lapho idolobha laseTangshan elisenyakatho-mpumalanga licishe lihlelenjwa ngokuphelele ukuzamazama okwakungu-7,8 esilinganisweni sikaRichter esisebenza ngokukhululekile.” Leliphephandaba lenza uhlu lokunye ukuzamazama komhlaba okukhulu okungaphezu kuka-30 ekhulwini lama-20 leminyaka.

Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nawo wabikezelwa njengesinye sezici zesibonakaliso sokuba khona kukaJesu okungabonakali. Watshela abafundi bakhe ababebuza: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Njengoba uJesu aprofetha, lomsebenzi wokushumayela manje wenziwa emhlabeni wonke emazweni angu-212 oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-4 000 000.

Ukugcwaliseka kosuku lwanamuhla kwalezi kanye nezinye iziprofetho kufakazela ukuthi ngempela siphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ngaphambi kwethu ‘kunosizi olukhulu’ nalo olwabikezelwa uJesu Kristu. Njengoba luyofinyelela umvuthwandaba “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHarmagedoni, luyophelisa isimiso sezinto esibi samanje. (Mathewu 24:21; IsAmbulo 16:14-16) Khona-ke izwe elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe liyoba yinto engokoqobo.a

Izibusiso Abantu Abangeke Bazilethe

Ababusi bezwe baqhosha ngohlelo lwezwe olusha olwenziwe yibo. Kodwa uJehova, uNkulunkulu wezulu nomhlaba, akazange acele abantu ukuba balethe izwe elisha esikhundleni sesimiso samanje. Yena ngokwakhe uyokwenza lokho ngosuku nangehora elaziwa nguye kuphela. (Mathewu 24:34, 36) Umphostoli uJohane osegugile wabona kusengaphambili lokho uNkulunkulu, hhayi umuntu, ayokwenza:

“Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe. Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Bheka, ngenza konke kube-kusha. Wathi: Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.”—IsAmbulo 21:1-5.

“Izulu elisha” liwuMbuso wasezulwini kaJesu Kristu. “Umhlaba omusha” awuyona enye imbulunga ewumhlaba, kodwa umphakathi omusha wabantu kuleplanethi—bonke abayizikhonzi ezilalelayo zoMbuso kaKristu, ngaphandle kokwahlukana kohlanga, ubuzwe, noma izilimi. (Qhathanisa neHubo 96:1.) Izulu nomhlaba kwamanje okungokomfanekiso—isimiso sezinto sikaDeveli nohlelo lwaso lohulumeni oluthonywa uSathane namademoni akhe—kuyobe sekubhujisiwe. (1 Johane 5:19, qhathanisa neNW.) Nakuba izilwandle ezingokoqobo ziyosala, ulwandle olungokomfanekiso lwesintu esiyaluzayo, esibi luyobe lungasekho. Ababusi basezulwini abakanye noJesu bakha iJerusalema Elisha futhi bekanye naye bakha inhlangano eyikomkhulu eyobusa umphakathi wabantu abalungile. UNkulunkulu ‘uyohlala’ nesintu esilalelayo ngokumelelwa kuyilapho sibuyisana naye ngokugcwele ngoKristu phakathi noSuku Lokwahlulela oluyiminyaka eyinkulungwane.—IsAmbulo 14:1-4; 20:6.

Ngaphansi kokubusa koMbuso kuyoba nezizathu eziningi zokujabula. Ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu obubangelwa ukugula, usizi, nokunye okufanayo kuyoba okuhlangenwe nakho kwesikhathi esidlule. Ngisho nokufa okwasakazeka esintwini kusuka kumzali wethu wokuqala, uAdamu owona, ngeke kusaba khona. (Roma 5:12) Yeka injabulo eyochuma lapho lembangela esemhlabeni wonke yezinyembezi iyobe ingasekho phakade!

Akubona abantu abafayo kodwa uNkulunkulu ngokwakhe onikeza isiqinisekiso ngokuphathelene nalezibusiso. NguYe othi: “Bheka, ngenza konke kube-kusha.” Yebo, futhi uJehova uNkulunkulu watshela umphostoli uJohane: “Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.”

Izidingo Eziyisisekelo Zaneliswa Ngokugcwele

Ezweni elisha elenziwe uNkulunkulu, umhlaba ekugcineni uyoba yipharadesi. Lokhu kuqinisekile, ngoba uJesu wathembisa iselelesi esiphendukile esasibethelwe eceleni kwakhe: “Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, Uyoba nami ePharadesi.” (Luka 23:43, NW) Ezimweni ezinjengepharadesi, izidingo zabantu ezinjengokudla nendawo yokuhlala ziyolungiselelwa ngokugcwele.

Ukuntuleka kokudla kubulala izigidi zokuphila namuhla. Kungakhathaliseki ukuthi ingase ibe mihle kangakanani imizamo yokondla abalambile, ukuhaha nezinye izici kuvimbela abantu ekuxazululeni izinkinga ezinjalo. Ngokwesibonelo, iSaturday Star, iphephandaba laseGoli, eNingizimu Afrika, liyabika: “Izimpikiswano zezombangazwe, izindleko zikawoyela ezinyukile nokukhathazwa okuvamile yizingxabano zaseAfrika ezibonakala zingapheli kuyahlangana ukuba kulibazise inkululeko . . . ESudan, elinye lamazwe asesimweni esibi kakhulu, abantu abaphakathi kwezigidi eziyisihlanu, neziyisithupha babhekene nokubulawa indlala ngo-1991.” Kodwa indlala iyokhohleka ezweni elisha likaNkulunkulu. Ngaphansi kokubusa koMbuso “kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.”—IHubo 72:16.

Indawo yokuhlala ingesinye isidingo sabantu esikude kakhulu nokwaneliswa ngokuphelele kwabaningi osukwini lwethu. Izigidi zihlala ezindlini ezingamafuku nje noma azinawo nhlobo amakhaya. NgokweNew York Times, kwelinye izwe laseMpumalanga, “enkampanini yezamaelectron . . . , abaqashwa abaneminyaka engu-20 ubudala babhekene nokulinda iminyaka engu-73 besohlwini lwabalindele ukuthola izindlu,” futhi umbiko kahulumeni ubonisa ukuthi abanye abantu kumelwe bahlale “ezindlini zokugcina impahla, emahhovisi noma ngisho nasezindlini zangasese.” Kodwa yeka indlela okuyokwehluka ngayo ezweni elisha! EPharadesi lesikhathi esizayo, “bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.”—Isaya 65:21, 22.

Izinkinga zezinto eziphilayo ziyonyamalala ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe. Ukungcola komoya okusongela impilo nokulimaza izitshalo ngeke kusaba khona. Ukungcola nokonakaliswa kwezindawo zokuhlala manje okufaka engozini izitshalo nezilwane eziningi ngalesosikhathi ngeke kube usongo. Futhi izici ezinjengokuncipha kolwelwesi lweozone ngeke zifake engozini ukuphila emhlabeni. Singaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu uyozixazulula zonke lezinkinga, ngoba iZwi lakhe liyasiqinisekisa ukuthi ngokushesha ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

Ezweni elisha, izimpi nazo ziyoba yinto yesikhathi esidlule kodwa hhayi ngenxa yokuthi ababusi bezwe baye baphumelela ekwenzeni izizwe ziyeke izikhali. Kunalokho, uNkulunkulu uyothatha isinyathelo lapho ababusi bezombangazwe behluleke khona. Uyoletha ukuthula esintwini esilalelayo ngokuvumelana nalamazwi omhubi: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.” (IHubo 46:8, 9) Ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe eliseduze kangaka, abantu ngeke besalwa kodwa bayojabulela ukuthula kweqiniso nokulondeka.—Mika 4:2-4.

Ingabe Uyoba Khona?

Ungaba nethemba ezweni elisha elithenjiswe uJehova uNkulunkulu. Akawaqambi amanga. (Heberu 6:17, 18) IZwi lakhe, iBhayibheli, liyiqiniso, futhi ngaso sonke isikhathi lokho elikuthembisayo kuyenzeka.—Johane 17:17.

Izindaba ezinhle zezibusiso ezimangalisayo zesintu esilalelayo ziyilokho oFakazi BakaJehova abazama ukukuhlanganyela nabo bonke abantu abanezinhliziyo eziqotho. Kufanele wenze imizamo manje yokuzuza ulwazi ngenjongo yaphezulu, futhi wenze ngokwezithembiso ezimangalisayo ezitholakala emiBhalweni Engcwele. Lenkambo ingaholela ekuphileni okungenasiphelo, ngoba uJesu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Khona-ke uyoba nelungelo lokujabulela izikhathi ezijabulisayo ezingaphambili, ngoba izwe elisha likaNkulunkulu liseduze!

[Umbhalo waphansi]

a Bheka izahluko 17 no-18 zencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela