Imibuzo Evela Kubafundi
■ Singabasiza kanjani labo abasebandleni lakithi abanesihlobo esisuswe ekuhlanganyeleni?
Kuhle uma abadala nabanye benikeza ukucabangela komusa nokothando kumaKristu akulesisimo, ngoba ngokubonisa umusa nokuqonda bangase basize ekuvimbeleni ubunzima obungokomzwelo nobungokomoya lesisimo esingase sibuveze. Nokho amaKristu anesihlobo esisuswe ekuhlanganyeleni, nalabo abadinga ukusiza, kudingeka babe nombono okhanyayo nofanelekile ngokususa ekuhlanganyeleni.
IZwi likaNkulunkulu liluleka ibandla ukuba lixoshe labo abenza isono ngokungaphenduki. (1 Korinte 5:11-13) Lokhu kuvikela ibandla lonke ekungcoleni futhi kuphakamise igama lalo elihle. Kodwa ngokwezizathu ezithile zomuntu siqu amaKristu athembekile emkhayeni, nabanye abafuna ukubasiza, badinga isivikelo nabo. Singase sisazise isizathu ngokucabangela lokho umuntu osuswe ekuhlanganyeleni akwembulayo ngesimo senhliziyo yakhe. Phawula izimo ezimbili ezilandelayo maqondana nokususwa ekuhlanganyeleni:
Esokuqala, uma umuntu enze isono esingathi sína angase ngenxa yaso alahlekelwe umusa kaNkulunkulu futhi asuswe ekuhlanganyeleni, ikomiti yabadala abangokomoya ihlangana naye. Kungenzeka kakade usebuqaphele ububi benkambo yakhe, waphenduka enhliziyweni yakhe futhi waqala ukuveza “imisebenzi efanele ukuphenduka.” (IzEnzo 26:20) Uma kunjalo, abadala bayomsola ngeZwi likaNkulunkulu, bamnikeze iseluleko esingokweBhayibheli ‘sokwenza izindlela nezinyathelo zakhe ziqonde’ futhi bayothandaza naye futhi bamthandazele. Njengoba ephendukile, akadingi ukuxoshwa noma abhekwe njengosusiwe ekuhlanganyeleni ngabomkhaya wakhe noma abanye.—1 Thimothewu 5:20; Heberu 12:13; Jakobe 5:14-16.a
Esesibili, kungase kube ilapho ikomiti ihlangana nesoni esingakaphenduki. Phakathi nomhlangano abadala bangase bakwazi ukuthinta inhliziyo yaso, besikhanyisela ubukhulu besono saso. (Qhathanisa no-2 Samuweli 12:1-13.) Yebo, njengoba kuze kube ileso sikhathi ubengakavezi noma isiphi ‘isithelo esifanele ukuphenduka,’ abadala kumelwe baqaphelisise ngempela ukuze baqiniseke ukuthi akadabuki nje noma afikelwe amahloni ngenxa yokuba ebanjiwe. (Luka 3:8) Ngenxa yokukhathalela ibandla, kumelwe baqiniseke ngokuphelele ukuthi manje uphendukile futhi ukulungele ‘ukuguqukela kuNkulunkulu ngokwenza imisebenzi efanele ukuphenduka.’ (IzEnzo 26:20) Uma beqiniseka ukuthi uphendukile, angahlala ebandleni futhi asizwe ngabadala, umkhaya wakhe nabanye.
Liyini iphuzu lokusho lezizici ezimbili? Liwukubonisa ukuthi uma othile esuswe ekuhlanganyeleni, kumelwe ukuthi esikhathini esithile uye waba nenhliziyo embi ngokuqinisekile futhi noma wazimisela ukulandela inkambo ehlazisa uNkulunkulu. UPetru wathi isimo somuntu onjalo sibi kunangaphambi kokuba umKristu; unjenge‘ngulube egezwé qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.’ (2 Petru 2:20-22) Lokhu kumelwe kusize izihlobo ezingamaKristu nabanye ukuba babe nombono kaNkulunkulu ngomuntu osuswe ekuhlanganyeleni.
Kodwa imizwelo yobuntu nokuthinteka kungaba nomphumela onamandla, kwenze kube nzima ngabantu ukwenza ngokuvumelana nesimemezelo sokususwa ekuhlanganyeleni uma isihlobo sihilelekile. (Qhathanisa noNumeri 16:16-33.) Ngokwesibonelo, umfazi othembekile ongumKristu uyaqaphela ukuthi ukususwa ekuhlanganyeleni kwendoda kusho ukuthi izibopho ezingokomoya ebezikhona ngaphambili seziye zanqanyulwa. Ngenkambo yakhe nangemiphumela yayo uye waphula isibopho esingokomoya phakathi kwakhe namaKristu eqiniso. Umkakhe uyoqhubeka ebonisa uthando nenhlonipho ngaye njengendoda nenhloko yomkhaya, njengoba kwenza abafazi abanamadoda angakholwayo. (1 Petru 3:1, 2) Kodwa akunakwenzeka ukuba nobudlelwano obungokomoya naye, ukuhlanganyela izingxoxo zeBhayibheli nomthandazo naye njengoba kwakunjalo. (IzAga 28:9) Ngokuqinisekile uyokuzwa lokhukulahlekelwa.
Olunye uhlobo lokulahlekelwa lungezwiwa ugogo nomkhulu abathembekile abangamaKristu abanabantwana abaye basuswa ekuhlanganyeleni. Kungenzeka bebejwayele ukuvakashelana nabantwana babo njalo nje, bezinikeza ithuba lokujabulela abazukulu babo. Manje abazali basusiwe ekuhlanganyeleni ngenxa yokulahla izindinganiso nezindlela zikaJehova. Ngakho izinto azisafani emkhayeni. Yebo, umkhulu nogogo kumelwe banqume uma kunezindaba ezithile zomkhaya ezingenakugwenywa ezifuna ukuthintana okulinganiselwe nabantwana abasuswe ekuhlanganyeleni. Futhi ngezinye izikhathi bangenza ukuba abazukulu babo babavakashele. Nokho, yeka ukuthi kudabukisa kanjani ukuthi ngenkambo yabo ephambene nobuKristu abantwana baphazamisa injabulo ephelele leyo ugogo nomkhulu abayijabulelayo!
Lezibonelo zibonisa isizathu sokuba amanye amaKristu aqaphele ezidingweni ezikhethekile ezingase zibe khona uma othile ebandleni eye waba nesihlobo esiseduze esisuswe ekuhlanganyeleni. Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ukuba ‘athokozise abadanileyo,’ okungase kubhekisele elungwini lomkhaya eliwumKristu elithembekile. (1 Thesalonika 5:14) Akumelwe futhi silinganisele amazwi ethu okududuza nakhuthazayo ekukhulumeni kanye nje uma kwenzeka kuba khona osuswa ekuhlanganyeleni. Isidingo sokwakha singase siqhubeke isikhathi esijana. Ngengqondo ethile, kungase kukhule njengoba othembekileyo eye waphucwa ubudlelwane obungokomoya isikhathi eside nelungu lomkhaya. Yebo, akudingekile ngathi ukuba silokhu sikhuluma ngokususwa kwalowo osusiwe engxoxweni. Kudingeka senze imizamo ekhethekile, yokuba nomusa nesithakazelo esiqotho, futhi ngaphezu kwakho konke, sibe abangokomoya.—IzAga 15:23; UmShumayeli 12:10.
Okuhle kakhulu kungafezwa futhi ngokuba nobungane bobuKristu. Ngezinye izikhathi umKristu onomngane oye wasuswa ekuhlanganyeleni uba nesizungu. Njengoba kushiwo ngenhla, umngane oxoshiwe uye wabonisa ukuthi akalona uhlobo lomuntu esifuna ukuba kanye nalo. Futhi sidinga ukuqaphela ukuba singahileleki ebudlelwaneni naye ngoba nje sifuna ukuvakashela noma ukusiza umngane ongumKristu. Ngakho mhlawumbe ukuvakasha kungenziwa lapho osuswe ekuhlanganyeleni kwaziwa ukuthi akekho ekhaya.
Sidinga ukusiza abazalwane bethu nodade abanezihlobo ezisuswe ekuhlanganyeleni ukuba babone ubuqiniso bamazwi aphefumlelwe: “Kukhona abangane ababambelela kuneselamani,” noma esinye isihlobo senyama. (IzAga 18:24) Singase singakwazi ukuqeda bonke ubuhlungu noma silungise konke ukulahlekelwa umuntu osuswe ekuhlanganyeleni akubangele ezihlotsheni zakhe ezingamaKristu. Kodwa, ngokuqaphela izidingo ezikhethekile amaKristu anjalo anazo singaba “namandla okududuza abasosizini, nolunjani,” kuhlanganise nalolu. Futhi ngothando singaqinisa labo abanalesidingo esikhethekile.—2 Korinte 1:3, 4; Heberu 12:12, 13.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ephelele ngezici ezihlukahlukene zokuoatshangelwa ekuboneni ukuphenduka kweqiniso kanye nalokho okuhilelekile ‘emisebenzini efanele ukuphenduka,’ bheka INqabayokulinda kaFebruary 15, 1982, amakhasi 27-30.