Bonisa Ubuqotho BobuKristu Lapho Kususwa Isihlobo Ekuhlanganyeleni
1. Yisiphi isimo esingavivinya ubuqotho bomKristu?
1 Isibopho esiphakathi kwamalungu omkhaya singaba namandla kakhulu. Lokhu kuyamvivinya umKristu lapho umngane womshado, ingane, umzali, noma esinye isihlobo esiseduze sisuswa ekuhlanganyeleni noma sizihlukanisa nebandla. (Math. 10:37) AmaKristu aqotho kufanele asiphathe kanjani leso sihlobo? Kuyawenza yini umahluko uma lowo muntu ehlala kwakho? Okokuqala, ake sibukeze lokho okushiwo yiBhayibheli ngale ndaba, elinezimiso ezisebenza ngendlela efanayo kulabo abasusiwe ekuhlanganyeleni nakulabo abazihlukanisile.
2. NgokweBhayibheli, amaKristu kufanele abaphathe kanjani labo abasusiwe ebandleni?
2 Indlela Yokuphatha Abasusiwe: IZwi likaNkulunkulu liyala amaKristu ukuba angazihlanganisi noma abe nobudlelwane nomuntu osusiwe ebandleni: “Niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umfowethu oyisifebe noma umuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo. . . . Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” (1 Kor. 5:11, 13) Amazwi kaJesu kuMathewu 18:17 nawo ayasebenza kule ndaba: “[Osusiwe] makabe kuwe njengomuntu nje wezizwe nanjengomthelisi.” Ababelalele uJesu babazi kahle ukuthi amaJuda osuku lwakhe ayengenabo nhlobo ubudlelwane nabeZizwe nokuthi ayebagwema abathelisi njengamambuka. Ngakho uJesu wayeyala abalandeli bakhe ukuba bangabi nobudlelwane nabantu abasusiwe.—Bheka INqabayokulinda ka-March 1, 1982, amakhasi 17-19 (w81 9/15 kk. 18-20).
3, 4. Ubudlelwane obunjani obenqatshelwe nabantu abasusiwe ekuhlanganyeleni nabazihlukanisile?
3 Lokhu kusho ukuthi amaKristu aqotho awabi nobudlelwane obungokomoya nanoma ubani osusiwe ebandleni. Kodwa kuhileleke okungaphezulu. IZwi likaNkulunkulu lithi akufanele ‘sidle ngisho nokudla nomuntu onjalo.’ (1 Kor. 5:11) Ngakho, siyakugwema nokuba nobudlelwane bobungane nomuntu osusiwe. Lokhu kusho ukuthi akufanele sihambe naye epikinikini, emcimbini, emdlalweni, noma edolobheni, noma ebhayisikobho noma sihlale naye ekudleni ekhaya noma esitolo esidayisa ukudla.
4 Kuthiwani ngokukhuluma nomuntu osusiwe? Nakuba iBhayibheli lingahlanganisi zonke izimo ezingavela, eyesi-2 Johane 10 isisiza ukuba sithole umbono kaJehova ngale ndaba: “Uma noma ubani eza kini futhi engalethi lemfundiso, ningalokothi nimamukele emakhaya enu noma nimbingelele.” Iphawula ngalokhu, INqabayokulinda ka-March 1, 1982, ikhasi 24, ithi: ‘U-“Sawubona” ovamile kothile angase abe isinyathelo sokuqala esiholela engxoxweni futhi ngisho nasebunganini. Ingabe sifuna ukuthatha leso sinyathelo sokuqala kumuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?’
5. Lapho umuntu esuswa ekuhlanganyeleni, yikuphi okumlahlekelayo?
5 Ngempela, kunjengoba nje ikhasi 30 layo le Nqabayokulinda lisho: “Iqiniso liwukuthi lapho umKristu ezinikela ngokwakhe esonweni futhi kufuneke asuswe, ulahlekelwa okuningi: ukuma kwakhe okuvunyelwe noNkulunkulu; . . . ubudlelwane obumnandi nabazalwane kuhlanganise nokujabulela ubuhlobo [obukhulu] ayenabo nezihlobo ezingamaKristu.”
6. Ingabe kudingekile ukuba umKristu anqamule konke ukudlelana nesihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni ahlala ndawonye naso? Chaza.
6 Kubantu Abahlala Ndawonye: Ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu ahlala ndawonye nelungu lomkhaya elisusiwe ekuhlanganyeleni kumelwe agweme ukukhuluma, ukudla nokudlelana nalelo lungu njengoba enza imisebenzi yawo yansuku zonke? INqabayokulinda ka-April 15, 1991, embhalweni waphansi osekhasini 22, ithi: “Uma ekhaya lomKristu kunesihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni, lowo usazoqhubeka eyingxenye yemisebenzi nokusebenzelana komkhaya okuvamile, kwansuku zonke.” Ngakho, kuyoshiyelwa emalungwini omkhaya ukunquma ukuthi ilungu lomkhaya elisusiwe ekuhlanganyeleni lingahileleka ngezinga elingakanani lapho kudliwa noma kwenziwa eminye imisebenzi yasendlini. Noma kunjalo, ngeke athande ukunikeza abazalwane abahlanganyela nawo umbono wokuthi izinto zisafana nangaphambi kokuba asuswe ekuhlanganyeleni.
7. Ubudlelwane obungokomoya bushintsha kanjani lapho ilungu lomkhaya lisuswa ekuhlanganyeleni?
7 Nokho, INqabayokulinda ka-March 1, 1982, ikhasi 27 ithi ngokuphathelene nomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni noma ozihlukanisile: “Ubuhlobo bangaphambili obungokomoya buye [banqamuka] ngokuphelele. Lokho kuyiqiniso maqondana nezihlobo zakhe, kuhlanganise nabaseduze eqenjini lomkhaya wakhe. . . . Lokho kuyosho izinguquko ebudlelwaneni obungokomoya okungenzeka babukhona ekhaya. Ngokwesibonelo, uma indoda isusiwe ekuhlanganyeleni, umkayo nabantwana ngeke bazizwa bekhululekile uma iqhuba isifundo somkhaya seBhayibheli noma ihola ekufundweni kweBhayibheli nomthandazo. Uma ifuna ukuthandaza, njengasesikhathini sokudla, inelungelo lokwenze njalo ekhaya layo. Kodwa bona ngokuthulile bangadlulisela imithandazo yabo kuNkulunkulu. (IzAga 28:9; IHu. 119:145, 146) Kuthiwani uma umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni osekhaya efuna ukuba khona lapho umkhaya ufunda ndawonye iBhayibheli noma unesifundo seBhayibheli? Abanye bangase bamvumele ukuba abe khona ukuze alalele uma engasoze azame ukubafundisa noma aveze imiqondo yakhe engokwenkolo.”
8. Abazali abangamaKristu banamuphi umthwalo wemfanelo ngokuphathelene nengane esusiwe ekuhlanganyeleni esahlala ekhaya?
8 Uma ingane esahlala ekhaya isusiwe ekuhlanganyeleni, abazali abangamaKristu basenomthwalo wemfanelo wokuyikhulisa. INqabayokulinda ka-November 15, 1988, ikhasi 20, ithi: “Njengoba nje beyoqhubeka bemnikeza ukudla, izembatho, nendawo yokuhlala, badinga ukumfundisa nokumyala ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu. (IzAga 6:20-22; 29:17) Kanjalo abazali abanothando bangase bahlele ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya naye, ngisho nalapho esusiwe ekuhlanganyeleni. Mhlawumbe angase athole inzuzo emqondisa ngokwengeziwe ekufundeni kwabo naye eyedwa. Noma bangase banqume ukuthi angaqhubeka ehlanganyela elungiselelweni lesifundo somkhaya.”—Bheka ne-Nqabayokulinda ka-October 1, 2001, amakhasi 16-17.
9. UmKristu kufanele axhumane ngezinga elingakanani nesihlobo esisusiwe ekuhlanganyeleni esingahlali ekhaya?
9 Izihlobo Ezingahlali Kwakho: “Isimo singesihlukile uma osuswe ekuhlanganyeleni noma ozahlukanisile eyisihlobo esihlala ngaphandle kweqembu eliseduze lomkhaya,” kusho INqabayokulinda ka-April 15, 1988, ikhasi 28. “Kungenzeka ukuba kungabi nakuthintana ngokuphelele nesihlobo. Ngisho noma kunezindaba zomkhaya ezidinga ukubonana, ngokuqinisekile kumelwe kugcinwe kusesilinganisweni esiphansi ngokuphelele,” ngokuvumelana nomyalo waphezulu wokuba ‘siyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani’ onecala lokona ngokungaphenduki. (1 Kor. 5:11) AmaKristu aqotho kufanele alwele ukugwema ukuzihlanganisa nesihlobo esinjalo ngokungadingekile, alinganisele ngisho nokuxhumana ngezebhizinisi.—Bheka ne-Nqabayokulinda ka-March 1, 1982, amakhasi 29-30.
10, 11. Yikuphi umKristu ayokucabangela ngaphambi kokuba avume ukuba isihlobo esisusiwe size sizohlala kwakhe?
10 INqabayokulinda idingida esinye isimo esingavela: “Kuthiwani uma isihlobo esiseduze njengendodana noma umzali ongahlali ekhaya, esuswa ekuhlanganyeleni futhi ngemva kwalokho afune ukubuyela lapho? Umkhaya uyonquma ukuba wenzeni kuxhomeke esimweni. Ngokwesibonelo, umzali osusiwe ekuhlanganyeleni angase agule futhi angakwazi ukuzinakekela ngokwakhe ngokwezimali nangokwempilo. Abantwana abangamaKristu banesibopho esingokomBhalo nesokuziphatha sokuba basize. (1 Thim. 5:8) . . . Okwenziwayo kungase kuxhomeke ezicini ezifana nezidingo zangempela zomzali, isimo sakhe nokucabangela inhloko yomkhaya enakho ngenhlalakahle engokomoya yomkhaya.”—INqabayokulinda ka-March 1, 1982, amakhasi 28-9.
11 Ngokuphathelene nengane, sona lesi sihloko siqhubeka sithi: “Ngezinye izikhathi abazali abangamaKristu baye bamukela okwesikhashana ekhaya umntwana osusiwe ekuhlanganyeleni oye wagula emzimbeni noma ngokomzwelo. Kodwa endabeni ngayinye abazali bangase bahlolisise izimo zomuntu ngamunye. Ingabe indodana esusiwe ekuhlanganyeleni yayihlala yodwa, futhi manje ayisakwazi ukwenze njalo? Kumbe ifuna ukubuyela emuva ngokuyinhloko ngoba ukuphila kuyoba lula? Kuthiwani ngokuziphatha kwayo nesimo? Ingabe iyoletha ‘imvubelo’ ekhaya?—Gal. 5:9.”
12. Yiziphi ezinye zezinzuzo zelungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni?
12 Izinzuzo Zokuba Qotho KuJehova: Kuyazuzisa ukubambisana nelungiselelo elingokomBhalo lokususa ekuhlanganyeleni nokugwema abenzi bobubi abangaphenduki. Kulondoloza ukuhlanzeka kwebandla futhi kusenze sihluke njengabantu abasekela izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli eziphakeme. (1 Pet. 1:14-16) Kusivikela emathonyeni onakalisayo. (Gal. 5:7-9) Futhi kunikeza umenzi wobubi ithuba lokuzuza ngokugcwele esiyalweni asitholayo, esingamsiza ukuba aveze “isithelo esinokuthula, okuwukuthi, ukulunga.”—Heb. 12:11.
13. Yikuphi ukulungisa okwenziwa ngomunye umkhaya, futhi kwaba namuphi umphumela?
13 Ngemva kokuzwa inkulumo ethile emhlanganweni wesifunda, umzalwane othile nodadewabo baqaphela ukuthi kudingeka balungise indlela abaphatha ngayo unina owayehlala kwenye indawo futhi okwase kuneminyaka eyisithupha esusiwe. Ngokushesha ngemva komhlangano, le ndoda yashayela unina ucingo, futhi ngemva kokumqinisekisa ukuthi basamthanda, yamchazela ukuthi babengeke besakwazi ukukhuluma naye ngaphandle kwalapho kunezindaba ezibalulekile zomkhaya ezidinga ukuba baxhumane. Ngokushesha ngemva kwalokho, unina waqala ukuba khona emihlanganweni futhi wagcina ebuyiselwe. Umyeni wakhe ongakholwa naye waqala ukufunda futhi ngokuhamba kwesikhathi wabhapathizwa.
14. Kungani kufanele silisekele ngobuqotho ilungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni?
14 Ukusekela ngobuqotho ilungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni elichazwe emiBhalweni kubonisa ukuthi siyamthanda uJehova futhi kunikeza impendulo kulowo omsolayo. (IzAga 27:11) Futhi-ke, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosibusisa. INkosi uDavide yabhala ngoJehova: “Nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi. Kothembekileyo uyazibonakalisa ethembekile.”—2 Sam. 22:23, 26.