Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 7/1 kk. 3-4
  • Uluhlobo Luni Umculo Wakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uluhlobo Luni Umculo Wakho?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zaqala Nini Izimfijoli?
  • Umculo Wosuku Lwanamuhla
  • Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
    I-Phaphama!—1993
  • INkosi UDavide Nomculo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Umculo—Ingabe Ungaba Yingozi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Umculo Ojabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 7/1 kk. 3-4

Uluhlobo Luni Umculo Wakho?

ISAGA esidala sesiPanishi sithi: ‘Emculweni nakwezemithi wonke umuntu unokuncane akwaziyo.’ Yiqiniso, cishe noma ubani angahuba, acule noma acule ingoma ethile ngomlozi. Yebo, umculo nokuwazisa kuphakathi kwezipho zemvelo zesintu. Imbongi uLongfellow waqhubeka wathi: “Umculo ulimi lwesintu lomhlaba wonke.”

Ingani, umuntu wayewuthanda umculo kusukela ekuqaleni! Ubani ongazange awuzwe umculo ojabulisayo wenyoni? Singamangala ngethala lamanothi ahlukene avela emphinjeni omncane womzwilili. Noma singaba namadlingozi ngekhono lenyoni elingisayo, ukukhala okuvamile kwenyoni icockoo noma ukutshiyoza kwabanye abaculi abanezimpaphe ezinhle.

Ngisho nezingane zisabela ngokwazisa emlolozelweni wazo othandekayo. Ngempela, muva nje kuye kwaboniswa uku thi umbungu womuntu uyasabela emculweni. Ngokunyakaza kwayo ibonisa ukunama noma ukungenami ngalokho ekuzwayo.

Zaqala Nini Izimfijoli?

Ngokombono wezwe, lowombuzo akulula ukuwuphendula. I-Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Ukuqala kwezimfijoli phakathi kwempucuko yakudala ephakeme kubonakala ukuthi kwakunamandla eAsia naseNyakatho Afrika. . . . Ihabhu lalisetshenziswa kusukela ezikhathini zakuqala eMesopotamia [nase]Gibithe.”

Nokho, iBhayibheli alifuniseli ngokusho kwalo ukuthi uJubale, umzukulu wangaphambili womuntu wokuqala, uAdamu, “yena waba-nguyise wabo bonke ababetha ihabhu nomtshingo.” (Genesise 4:21.) Kungenzeka waqamba usinga lokuqala nezimfijoli zomoya noma wasungula ubuciko obafaka umdlandla ekuthuthukeni komculo—futhi konke lokho eminyakeni eyizi-5 000 edlule!

Umculo wawuyingxenye eyamukelekayo ekuphileni kwezinzalamizi ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa. Ngokwesibonelo, uLabani wakhonona kumkhwenyana wakhe uJakobe: “Ubalekeleni ngasese na? . . . ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelisé ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu, na?”—Genesise 31:27.

Emakhulwini eminyaka kamuva, ngenkonzo ethempelini likaNkulunkulu, kwakune“zinkulungwane ezine [amaLevi] ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.” (1 IziKronike 23:5) INkosi yamaIsrayeli uDavide wayeyigagu lomculo ngehabhu elalinezintambo eziyi-10, futhi kungenzeka waqamba izimfijoli ezintsha zomculo.—AmaHubo 144:9; 1 IziKronike 7:6; 29:26, 27; Amose 6:5.

Umculo Wosuku Lwanamuhla

Mhlawumbe umculo unamandla kakhulu namuhla kunangaphambili. Kukhona ukwanda kwawo emsakazweni, kuthelevishini, kumarekhodi nakumakhasethi. Futhi yeka izinhlobonhlobo eziningi kakhulu! Kunomculo wefolk, ichoral, iclassic, i-opera, ijazz, icountry newestern, irhythm neblues, idisco, nezinhlobo ezithile zomculo werock—uhide lubonakala lungapheli futhi lushintsha njalo. Ngokushesha nje uma esinye isitayela siphela, esinye siyangena.

Nokho-ke, uluhlobo luni umculo wakho? Ingabe ukukhetha kwakho ngempela kwenza umehluko? Ingabe kungawuthinta umbono wakho ngezinto—nekusasa lakho?

[Isithombe ekhasini 3]

Izimfijoli—njengoba ziye zaba-khona

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela