Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 11/1 kk. 3-5
  • Ukuzamazama Komhlaba—Ingabe UNkulunkulu Okubangelayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzamazama Komhlaba—Ingabe UNkulunkulu Okubangelayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzamazama Komhlaba Ngezikhathi ZeBhayibheli
  • Ukuzamazama Komhlaba Okukhulu—Yini Eyabikezelwa IBhayibheli Mayelana Nakho?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ukuzamazama Komhlaba—Ingabe Isibonakaliso Sesiphelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ukuzamazama Komhlaba, Isiprofetho SeBhayibheli Kanye Nawe
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuzamazama Komhlaba—Usizi Phezu Kolunye Usizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 11/1 kk. 3-5

Ukuzamazama Komhlaba—Ingabe UNkulunkulu Okubangelayo?

“Umhlabathi oqinile uyabikizela ngaphansi kwezinyawo zakho. Uqhubekela phambili ngezinyathelo ezintathu noma ezine futhi udonselwa ngamandla emuva njengokungathi uhamba ngomata. Uwela phansi futhi ukuthola kunzima ukusukuma ngoba udonselwa kuzo zonke izinhlangothi. Izihlahla ziyantengantenga, iziqongo zazo zithinte umhlabathi—okokuqala uhlangothi olulodwa, khona-ke olunye—ezinye ziklayeke phakathi. Uzama umgwaqo ukuze uphephe; nawo unyakaza njengenyoka izombeza phambi kwakho. Emhlabathini—yonke indawo—ubona imifantu ivuleka futhi ivaleka ngokushesha. Kubanda kwamancane. Ayikho indawo elondekile. Uyacabanga: ‘Sekuwukuphela kwezwe!’”—USarah Burn Plunkett, owasinda ekuzamazameni komhlaba eAlaska ngo-1964.

INGABE uye waba nokuhlangenwe nakho kokunyakaza kokuzamazama komhlaba? Ngisho noma ungakaze, ukuzamazama komhlaba kuyakuthinta ukuphila kwakho. Kanjani? Okungenani ngezindlela ezimbili. Okokuqala, kungakhathaliseki ukuthi uhlala kuphi, kubonisa ukuthi, wona kanye umhlabathi ongaphansi kwakho unyakaza njalo. Okwesibili, futhi okubaluleke kakhulu, ukuzamazama komhlaba kwanamuhla kuyisibonakaliso so“kuphela” kwale“simiso sezinto” sembulunga yonke. Ngokuphathelene nalokhu isiprofetho esidumile sithi: “Kuyakuba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.” (Luka 21:9-11; Mathewu 24:3-8) IBhayibheli labikezela ukuthi ukuzamazama komhlaba koqobo kwakuzoba yingxenye ye“sibonakaliso” esikhomba isikhathi lapho uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini wawuzoqeda ububi futhi umise iPharadesi elinokuthula emhlabeni. (IHubo 37:10, 11; Mathewu 6:10) Lokhu kungase kubangele abanye ukuba babuze: “Ingabe uNkulunkulu unecala ngalokho kuzamazama komhlaba?”

Ukuzamazama Komhlaba Ngezikhathi ZeBhayibheli

Ingabe konke ukuzamazama komhlaba kubangelwa uNkulunkulu? Kafushane-nje—Cha! Ukuzamazama komhlaba kuyinqubo yemvelo yomhlaba, njengoba nje umoya namaconsi emvula kunjalo. Ukuzamazama kuye kwenzeka kuwo wonke umhlaba iminyaka. Ngokwesilinganiso, umhlaba undindizela kanye njalo ngamasekhondi angama-30.

Ezehlakalweni ezimbalwa eziqondile ukuzamazama komhlaba kuye kwabangelwa uJehova uNkulunkulu. Ngasiphi isizathu? Lokhu kuzamazama komhlaba kwasebenza injongo eqondile futhi kwakukhetha ekubhubhiseni—kwakungekhona okungenanjongo. Cabangela lezi zibonelo:

Emakhulwini eminyaka engamashumi amathathu nane adlule, phakathi nokusungulwa kwesinye sezivumelwano zikaNkulunkulu, abantu bakwaIsrayeli bahlangana ngaphansi kweNtaba iSinayi futhi “intaba yonke yazamazama kakhulu.” Njengesinye isibonakaliso samandla akhe angenakulinganiswa, kanjalo uJehova wasebenzisa ukuzamazama komhlaba ukuze agcizelele ukubaluleka kwesivumelwano. Ukunyakaza kwentaba kwasebenza futhi njengosizo lwesikhumbuzo kumaIsrayeli. Ayengeke akhohlwe kalula isithembiso sawo, ngoba uJehova wahlanganisa lesisivumelwano esibalulekile nezehlakalo ezesabekayo ezihlanganisa ukuzamazama komhlaba.—Eksodusi 19:7-19.

Okunye ukuzamazama komhlaba kwenzeka ngokushesha kamuva. Kwaba khona ukuhlubuka ngokumelene nomholi okhethwe uJehova phakathi kwemikhaya kaDathani, uAbiramu noKora. Ngemva kokuba iseluleko esanele sesinikeziwe, futhi sanganakwa, uJehova wasebenzisa ukuzamazama komhlaba ukuze kukhulule abantu bakhe kulezi zihlubuki. “Umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka; umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo bonke.”—Numeri 16:31, 32.

Nokho, uNkulunkulu akayena umbangeli wokuzamazama komhlaba kwanamuhla. Pho, kungani iBhayibheli likuhlanganisa njengengxenye yesibonakaliso so“kuphela”? Futhi ingabe ngempela siphila “esiphelweni sesimiso sezinto?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela