Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 11/1 kk. 18-19
  • Yini Umbuso KaNkulunkulu Oyoyenza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Umbuso KaNkulunkulu Oyoyenza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Mawufike Umbuso Wakho”—Umthandazo Ophindaphindwa Izigidi Zabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 11/1 kk. 18-19

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Yini Umbuso KaNkulunkulu Oyoyenza?

ENTSHUMAYELWENI yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu Kristu wafundisa abalandeli bakhe umthandazo ngokuvamile obizwa ngokuthi Baba Wethu noma uMthandazo weNkosi. Mhlawumbe uye wawuphinda izikhathi eziningi. Izinkulungwane zabantu ziye zakwenza lokho. Ziye zathandaza kuNkulunkulu: “Umbuso wakho mawufike.” (Mathewu 6:10) Lapho wenza leso sicelo, ingabe uyazi ukuthi yini oyicelayo?

Mhlawumbe njengabantu abaningi uye washo lamazwi ngaphandle kokucabanga kangako ngencazelo yawo. Kodwa njengoba uMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni woqobo, kuyokwenzekani ngohulumeni bezwe abakhona lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika? Ingabe uye wacabanga ngakho?

IBhayibheli lisishiya singangabazi ngempendulo. Esiprofethweni esikhomba phambili osukwini lwethu, iBhayibheli lithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [lona uMbuso kaNkulunkulu, lowo amaKristu awuthandazelayo] ongasoze wachithwa. . . . Uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [imibuso ekhona yezwe], wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.

Cabanga nje ngalokho! UMbuso kaNkulunkulu uzobhubhisa bonke ohulumeni bezwe abakhona. Futhi lapho uthandaza, “Umbuso wakho mawufike,” uthandazela ukuba lokhu kwenzeke. Ngempela ushintsho olunjalo luyadingeka. Akukaze emlandweni kube nohulumeni wabantu owanelisa ngokuphelele. Ngakho akukho obekungaba ngcono kunokuba uhulumeni kaNkulunkulu ophelele uthathe isikhundla sabo bonke ohulumeni babantu!

Ngenxa yokuthi uJehova uNkulunkulu unguMninimandla onke, uMbuso wakhe uzokwanelisa izifiso zabo bonke abantu abathambekele ekulungeni. “Umbuso wakho ungumbuso kuze kube-phakade,” kuchaza iBhayibheli. “Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” (IHubo 145:13, 16) Yiziphi izifiso ofisa ukuzibona zigcwaliseka? Ukuphela kwempi, indlala, ukungabi namthetho, ukuswelakala kwezindlu, ubugebengu, ukugula ngisho nokufa? Zonke lezinkinga nezinye zizosuswa uMbuso kaNkulunkulu. IBhayibheli lithembisa ‘ukuvama kokuthula, ize ingabikho inyanga.’ “Kepha ababi,” lithi “bayakunqunywa ezweni.” Yebo, abantu ngaleso sikhathi “bayakwakha izindlu, bahlale kuzo.” “UNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona.”—IHubo 72:7, 8; IzAga 2:22; Isaya 65:21-23; IsAmbulo 21:3, 4.

Yeka izibusiso ngomkhaya wesintu! Ingabe ungathanda ukuba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu? Khona-ke funda ukuthi ungaba kanjani yiso. Tadisha iZwi likaNkulunkulu futhi usebenzise lokho okufundayo.—Johane 17:3.

[Izithombe ekhasini 18, 19]

uyosusa lesimiso . . .

. . . ungenise esisha

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela