“Mawufike Umbuso Wakho”—Umthandazo Ophindaphindwa Izigidi Zabantu
Ingabe wake wawuthandazela uMbuso kaNkulunkulu ukuba ufike? Sekuyiminyaka eminingi izigidi zabantu ziphindaphinda la mazwi athi “Mawufike umbuso wakho.” Kungani bezilokhu ziphindaphinda la mazwi? Kungenxa yokuthi uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele uMbuso kaNkulunkulu.
Ekuqaleni, abalandeli bakaJesu abazange bakuqonde konke ayekusho mayelana noMbuso. Ngesinye isikhathi bambuza: “Nkosi, ingabe uzowubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?” Cishe kwabamangaza lapho uJesu engabanikezi impendulo eqondile. (IzEnzo 1:6, 7) Ingabe lokhu kusho ukuthi ngeke sikwazi ukuthola ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu nokuthi uzofika nini? Akunjalo neze!
Lo magazini we-Nqabayokulinda uzokusiza uthole izimpendulo zale mibuzo elandelayo:
Kungani sidinga uMbuso kaNkulunkulu?
Ubani oyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu?
UMbuso kaNkulunkulu uzobusa nini emhlabeni?
Yini uMbuso kaNkulunkulu ozoyenza?
Kungani kufanele sikhethe ukusekela uMbuso kaNkulunkulu manje?
Uyini uMbuso kaNkulunkulu?