Ingabe UNkulunkulu Unendaba Ngabagula Ngengqondo?
UFLORENCE wayengowesifazane osemusha omuhle. Wayesanda kuqala nje umsebenzi ojabulisayo wokubukisa ngamafeshini lapho ngokushesha ehlaselwa ukugula ngengqondo. Wacindezeleka kakhulu futhi wazivalela ekhaya labazali bakhe. Eselahlekelwe intshiseko yokuphila, akabange esakunaka nhlobo ukubukeka kwakhe. Ekugcineni, waceba ukuzibulala.
Akayedwa uFlorence kulokhu. Izindaba ezibuhlungu ezifanayo zithinta abantu kuwo wonke umhlaba. Eqinisweni, ukuphambana kungesinye sezifo ezivamile namuhla. UNkulunkulu uzizwa kanjani ngabagula ngengqondo? Ingabe unendaba ngempela ngabo?
Abanye bathambekele ekukholelweni ukuthi uNkulunkulu usebenzelana kuphela nabantu abacatshangelwa njengabanengqondo ephilile. Abanye bacabanga nokuthi isifo sengqondo siwuhlobo lokujeziswa okuvela kuNkulunkulu. Kodwa ingabe uNkulunkulu kumelwe asolwe? Iyini ngempela imbangela yalesifo sengqondo?
Imbangela Eyisisekelo
Esikhathini esidlule ngokuvamile kwakukholelwa ukuthi cishe konke ukugula kwengqondo kwakubangelwa omoya abathile abanamandla angaphezu kwawabantu, futhi abanye bacabanga ukuthi lona umbono weBhayibheli ngokugula kwengqondo noma ukusangana. Kuyiqiniso, iBhayibheli liyakhuluma ngezimo lapho abantu babengenwe imimoya emibi engabonakaliyo, kodwa lokhu akusho ukuthi zonke izinhlobo zokuphambana engqondweni ziwukungenwa amademoni.
Ngokusobala, kumelwe kukhunjulwe ukuthi iBhayibheli aliyona incwadi yezokwelapha echaza imbangela yezifo ezihlukene. Nokho liyayichaza imbangela evamile yazo zonke izifo zesintu, ezengqondo nezingokomzimba. Liyabonisa ukuthi siyizisulu zokungapheleli ngenxa yokufa okwadluliselwa esintwini ngokhokho wethu owonayo uAdamu. Njengoba umphostoli uPawulu echaza: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Lokhu kusho ukuthi zonke izizukulwane zika-Adamu aziphelele futhi kanjalo zintula okuthile kokubili ngokwengqondo nangokomzimba. Ngakho-ke, ukuphambana kwengqondo kumane kuyizimo ezidlulele zobuthakathaka obuzuzwe njengefa sonke esinabo.a
Amalungiselelo KaNkulunkulu Ngabagula Ngengqondo
Ukuthi uNkulunkulu unendaba ngalabo abagula ngengqondo kungabonwa ngamalungiselelo aye wawenza. Okokuqala, ubeka isibopho sokunakekelwa kwabo emalungwini abo aseduze omkhaya. Ku-1 Thimothewu 5:8 siyafunda: “Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.” Awakhishelwa ngaphandle amalungu omkhaya agulayo.
Lokhu kusho ukuthi abangane bomshado banezibopho ezinjalo komunye nomunye. Umfazi ongumKristu owanquma ngokuzithandela ukunakekela indoda yakhe lapho ihlaselwa isifo sengqondo esibuhlungu wathi: “Ushadela okuhle noma okubi, akunjalo?” Wayinakekela ngothando iminyaka eminingi yaze yafa.
Ngokufanayo, uNkulunkulu ubeka isibopho kubazali sokunakekela abantwana babo abagulayo. Abazali kungenzeka badlulisela kubo ukungapheleli okuthile kofuzo. Umbhangqwana waseSweden ondodana yawo eneminyaka emithathu ubudala eyazalwa inokungapheleli okuthile kwamachromosome okungelapheki okwayibangela ukuba ikhubazeke kakhulu washo lokhu: “Ingumntwana wethu. Siyilethe ezweni. Ngeke sicabange ukuyishiya nothile. Siyithanda kakhulu. Sifuna ukuyisiza ukuba yenze okungcono kakhulu ekuphileni kwayo. Kuwumsebenzi omkhulu, kodwa yenza intuthuko ngempela, futhi lokho kuyasijabulisa.”
Kungokufanayo uma abazali bedinga ukunakekelwa. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi abantwana asebekhulile nabo banesibopho sokunakekela abazali babo asebekhulile abakhubazekile, kuhlanganise nalabo abangasaphilile kahle engqondweni.—1 Thimothewu 5:4.
Ngokusobala, kungase kube nezimo lapho kungafanele ukunakekela umuntu ogula ngengqondo ekhaya. Angase abe yingozi kuye noma kwabanye, angase adinge ukwelashwa okukhethekile noma ukunakekela okuqhubekayo kochwepheshe, noma angase angavumi ngokuphelele ukuhlala ekhaya. Ukumnakekela ekhaya kungase kube umthwalo osinda kakhulu kwamanye amalungu omkhaya, kuyithinte ngokungathi sína impilo yabo siqu nenhlalakahle. Kodwa uma zingekho izimo ezinjalo, indawo engcono yokumnakekela kungase kube sekhaya, lapho ilungiselelo lomkhaya elamiswa ngothando uNkulunkulu linganezela kahle entuthukweni yokwelulama komuntu.
Indlela IZwi LikaNkulunkulu Elisiza Ngayo
Ilungiselelo likaNkulunkulu elingase lisetshenziswe uma kunakekelwa abantu abaphambene liwukubasiza ukuba bangenise ulwazi lweBhayibheli. Izibonelo zibonisa ukuthi abantu abaphambene baye bakhululeka ekucindezelekeni okukhulu nosizi, futhi ngezinye izikhathi baye balapheka, ngokuba kulungiswe ukucabanga kwabo ngolwazi lweZwi likaNkulunkulu. Kungani kunjalo? Ngokuyinhloko kungoba iBhayibheli liyincwadi enikeza isiqiniseko ngokomoya futhi lifaka ithemba kumuntu. (Roma 15:4, 13) Ithemba libalulekile ngokukhethekile kubantu abacindezelekile. Futhi umoya kaNkulunkulu, kanye nethemba eliqinile, kungamsiza umuntu okhungathekile ukuba aqondise imicabango yakhe futhi aqalise kabusha izindlela ezakhayo.
Ngakho-ke, isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo ngokuvamile siye sabonakala siwusizo. Umqondo ophambuka endleleni evamile yokucabanga udinga ukulungiswa, njengoba kwenza iwashi elilokhu lisala noma lihamba phambili. Iwashi lingaqhubeka liwusizo uma lilokhu lifakwa esikhathini njalo ngewashi eliqondile. NgeBhayibheli uJehova uNkulunkulu uye wanikeza umuntu “iwashi eliqondile,” isimiso sokucabanga okuqondile. Uma umuntu ophambene esizwa njalo ukuba asebenzise lelilungiselelo elihle, liletha ukududuzeka, ukholo nethemba kulowomuntu onengqondo ekhathazekile.
Ilokho okwenzeka kuFlorence, owesifazane osemusha ochazwe ekuqaleni kwalesihloko. Owesifazane othile ebandleni lakuleyondawo loFakazi BakaJehova wavakashela abazali bakhe futhi wahlela ukuba aqhube isifundo seBhayibheli samasonto onke naye. UFakazi uthi: “Ekuqaleni wayenamahloni futhi ezwela kalula futhi wayephuma endlini akhale. Kodwa kancane kancane, njengoba ayethola ulwazi lweBhayibheli, waba olinganisela ngokwengeziwe. Ngemva kwalokho, ngamjwayelanisa nabanye abantu engangibamemela esifundweni, futhi ekugcineni, ngokokuqala eminyakeni eminingi, wayesengasuka ekhaya aye nami emihlanganweni. UFlorence manje uphila impilo evamile. Ushadile, unabantwana ababili futhi naye ngokwakhe uqhuba izifundo zeBhayibheli nabanye. Amazwi awasho yilawa: ‘Ngangingeke ngikwazi ukululama futhi ngaphandle kweqiniso nethemba elivela eBhayibhelini.’”
Amandla Omthandazo
Ukuthandaza njalo nomuntu ophambene kungase ngokufanayo kusize ekuletheni ukuhleleka okuhle kwengqondo ephambene. Lelilungiselelo likaNkulunkulu lingasebenza njengentutshana yokudedisa imicabango ecindezelayo. Umphostoli uPetru wahlanganisa ‘ukuzithiba’ ‘nokukhuleka.’ (1 Petru 4:7) Ngomthandazo uNkulunkulu angafinyelelwa nganoma isiphi isikhathi, emini noma ebusuku. Futhi uyasimema ukuba simcele “kukho konke,” kuhlanganisa nezinkinga zengqondo.—Filipi 4:6.
Amandla omthandazo angabonwa ngesibonelo esilandelayo: Indoda eshadile eBelgium yayinengqondo eyayingaphilile kahle kusukela ebuntwaneni. Yamukela isifundo seBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi iyabhala:
“Ngokushesha nje uma ngiqonda ukuthi uJehova uyena kuphela uNkulunkulu weqiniso, ngathandaza, ngamcela ukuba angisize ngishintshe ngoba ngaqaphela ukuthi ukuziphatha kwami kwakungekhona okuvamile. Kuze kube yilesosikhathi kwakungekho kwelapha kwabezengqondo okwakuphumelela, naphezu kokuhlala kwami esibhedlela izikhathi ezintathu futhi ngithola zonke izinhlobo zokuxilongwa. Ngacabanga ukukwenqaba ukwelashwa, ngiqaphela ukungaphumeleli kwakho, kodwa yini eyayingaba sesikhundleni sakho?
“Ngokushesha lapho ngiyeka ukudla imithi yezinhlungu, ukuqina kwemizwa yami kwakukukhulu kangangokuba ngangicishe ngingakwazi ukuhlafuna ukudla kwami. Nganxusa uJehova izikhathi eziningi usuku ngalunye futhi isikhathi ngasinye umuzwa wokuthula wangifikela. Imicabango yeBhayibheli eyafika engqondweni yaba usizo kakhulu futhi. Ekuqaleni, lokhu kwakungokwesikhashana, kodwa ngabekezela. Ngaqaphela ukuthi umoya kaNkulunkulu wawungisiza ngempela. Kancane kancane, njengoba amasonto, izinyanga neminyaka kudlula, ukuhlasela kwesifo kwancipha kokubili ngokuphindaphinda kwaso nangomfutho waso. Impi yayisinqotshiwe! Ngingaqinisa ukuthi namuhla ngiphila ukuphila okuvamile, ngiyakwazi ukuthwala imithwalo yami yemfanelo nokuthuthukisa ubuntu bobuKristu. Akukho engingakwenza okudlula ukukhuthaza bonke abanezinkinga ezifanayo ukuba baphendukele kuNkulunkulu wethu, uJehova, ukuze bathole usizo.”
Ukunakekelwa Ngebandla LobuKristu
Kukhona enye futhi indlela uJehova uNkulunkulu abonisa ngayo ukukhathalela kwakhe abagula ngengqondo, futhi lokho kungebandla lobuKristu. Lapha uNkulunkulu uye walungiselela ngothando abadala ukuba bahole. Bayazama ukulandela lesiseluleko: “Nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.” (1 Thesalonika 5:14) Iminyaka yokutadisha iZwi likaNkulunkulu nokuhlangenwe nakho okuwusizo ekusingatheni izinkinga kuye kwenza abadala abangamaKristu bafaneleke ukusiza zonke izinhlobo zabantu abeza kubo. Babonisa isithakazelo esiqotho, belalela ngokubekezela konke lokho okhathazekile akushoyo. Abadala abangamaKristu bayakuqaphela ukubaluleka kokuzama ukuqonda esikhundleni sokusheshe basole umuntu noma balulaze ukubaluleka kwemizwa yakhe. Naphezu kokushiyeka kwabo siqu nokungapheleli, abadala bazama ngobuqotho ukududuza futhi basize. Yathi indoda eyalulama yaseBelgium: “Kumelwe ngigcizelele uthando olwaboniswa abadala, nakuba babengasiqondi isimo ngaso sonke isikhathi, kepha beza ukuzongisekela kanye nomkhaya wami.”
Abadala bathanda futhi ukusiza abakhathazekile ukuba babe khona emihlanganweni yebandla lobuKristu. Lemihlangano eqhutshwa ngomoya wokuthula nozothile inikeza ubungane obakhayo nomoya wokuzotha kubo bonke abazimisele ukuzuza kuyo.
Kuthiwani Ngezimo Ezingalapheki?
Ngokusobala, akuzona zonke izimo zokugula ngengqondo ezingelapheka ngamalungiselelo ashiwo lapha. Nokho, okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi abantu abaningi abanenkinga yengqondo noma engokomzwelo baye balulama noma bathola okungenani ukukhululeka ngezinga elithile ngawo. Yebo, kunezimo lapho umuntu ogulayo engenakukwazi ukubamba ulwazi lweBhayibheli futhi aqonde izinto ezingokomoya. Kodwa ngisho nasezimweni ezinjalo, ukukhululeka okuthile kuye kwaba umphumela wokuvumela umuntu onjalo ahlale endaweni enothando nokulondeka.
Ezinye izimo zingase zibonakale zingenathemba futhi kunzima ukuzibekezelela. Lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu akanandaba. Maqondana nokubusa kweNkosi kaNkulunkulu yobuMesiya, kwathiwa ngokwesiprofetho: “Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.”—IHubo 72:1, 12, 13.
Ngombono wokukhululeka phakade, uNkulunkulu uye wavumela lesisimo sokungapheleli sabantu ukuba sibe khona phakathi nenkathi yesikhathi esithile. Kodwa hhayi phakade! ImiBhalo iyasiqinisekisa ukuthi zonke izici ezingajabulisi zokuphila komuntu ziyonyamalala ngokuphelele uma uhulumeni kaNkulunkulu woMbuso ongokwasezulwini ususa ukubusa kukaSathane kungene ukubusa kwasezulwini emhlabeni.—Daniyeli 2:34, 44; IsAmbulo 21:4.
Yebo, ngokushesha uJehova uNkulunkulu uzosusa izimbangela zakho konke ukugula kwesintu, kokubili ngokomzimba nangokwengqondo. Ngempela unendaba.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo egcwele, siza ubheke iPhaphama! yesiNgisi ka-April 22, 1975.