Abakhulekeli Abanobunye BakaNkulunkulu Oyedwa Weqiniso
“[Jehova] . . . unguNkulunkulu wena wedwa.”—IHUBO 86:9, 10.
1. (a) Yini uJehova aye wayisebenzisa ukuze enze ubunye ekhulekeleni? (b) Yini ngokushesha eyaba umphumela walokhu “kuphatha”?
UBUNYE bokukhulekela—yeka ukuthi kuhlaba umxhwele kanjani lokho! Kodwa iningi lesintu alikaze likubone. Nokho, ubunye bokukhulekela abulona nje iphupho. Buyinjongo kaNkulunkulu. Emakhulwini eminyaka eyishumi nesishiyagalolunye edlule uJehova wasebenzisa “ukuphatha” ngenjongo yobunye—ubunye obufana nalobo umuntu angabuthola emkhayeni obumbene nonothando. Ubunye lokhu “kuphatha” okwabuveza ngokushesha kwabangela amaJuda angamaKristu ukuba akhonze ngobudlelwane bothando namaSamariya; kamuva abeZizwe abangasokiwe bamukelwa ebandleni. Okubaluleke kakhulu, bonke balethwa ebunyeni noJehova uNkulunkulu ngesisekelo sokholo lwabo enanini elihlawulela izono lomhlatshelo kaJesu. Baye bajabulela kanye naye ubuhlobo obufana nobamadodana nobaba onothando.
2. (a) Kuyini “ukuphatha,” futhi kwaqala nini ukusebenza? (b) Kushiwo ukuthini ngokuqoqwa “kwakho konke okusezulwini”?
2 Eyabase-Efesu 1:9, 10 idonsela ukunakekela kulokhu “kuphatha,” ngokuthi: “Njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili, kuze kube-yihlelo [noma, inqubo yokuphatha izindaba zomkhaya] lokuphelela kwezikhathi [ezimisiwe, kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuye phambili] lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni [kamuva].” Ukuhlanganiswa kwakho “konke okusezulwini,” kusho ukuthi, abantu abayoba noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini, ekuqaleni kwakungababengamaJuda, kwalandela amaSamariya futhi kamuva abeZizwe.
3. Yini eye yavezwa ‘ukuqoqwa kwezinto ezisemhlabeni’?
3 Osukwini lwethu, ikakhulukazi kusukela ngo-1935, sibona “nokusemhlabeni” kuqoqwa, okungukuthi, abantu abayothola umusa wokuphila emhlabeni oyiPharadesi. Kakade izigidi zabantu ziye zasabela kulengxenye yesibili ‘yokuphatha’ kukaNkulunkulu kothando. Bavela kuzo zonke izizwe nezilimi. Ubunye ababutholayo abukhona nje ukuhlanganiswa endaweni ethile kwabantu abaqhubeka bebambelele ezinkolelweni nasemikhubeni yangaphambili. Esikhundleni salokho, njengoba kwabikezelwa kuIsaya 2:3, bafunda izindlela zikaJehova ukuze bakwazi ‘ukuhamba emikhondweni yakhe.’
4. (a) Ubunye bokukhulekela buyofinyelelwa ngezinga elingakanani, futhi iBhayibheli likuchaza kanjani lokhu? (b) Ngemva kovivinyo lokugcina, ibuphi ubuhlobo noJehova abantu abaphelele abayobujabulela?
4 Nokho, esikubonayo namuhla akulona izinga eligcwele ubunye obuyofinyelelwa ngalo. Injongo kaNkulunkulu iyakuqinisekisa ukuthi zonke izidalwa ezihlakaniphile ziyoba munye ekukhulekeleni kweqiniso. Umphostoli uJohane wanikezwa umbono wesimo esimangalisayo esiyoba khona ekupheleni kokubusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane, futhi uchazwa kusAmbulo 5:13, ngokuthi: “Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi [okungukuthi, uJehova] nakulo iWundlu [uJesu Kristu] makube-yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube-phakade naphakade.” UJohane lapho wabona bonke abantu bemunye ngaphansi kukaJesu Kristu ekukhulekeleni uJehova. Ngemva kwalokho, lapho uvivinyo lokugcina seludlulile nabo bonke labo abahlubukayo sebebhujisiwe, uJehova ngothando uyozithathela bonke abantu abaphelele abaye babonakalisa ukwethembeka njengamadodana akhe ngoKristu. Bayoba yingxenye yomkhaya kaNkulunkulu onobunye wendawo yonke, bonke labo uJehova ayoba uNkulunkulu oyedwa waphakade kubo, iNkosi yeNdawo Yonke noBaba onothando. Yeka ukuthi lokhu kuyithemba elijabulisa kanjani! Ingabe kuyisifiso sakho esiqotho ukuba uhlanganiswe kulowomkhaya ojabulayo wabakhulekeli?—Roma 8:20, 21.
“UnguNkulunkulu Wena Wedwa”
5, 6. KumaHubo 86, yini uDavide ayibhala ngaLowo okumelwe siyise kuye ukukhulekela kwethu?
5 Ukuhlola iHubo 86 kungasisiza ukuba siqonde okufanele sikwenze ukuze sihlanganyele kuleso sibusiso. UDavide, umbhali walelihubo eliphefumlelwe, kakade wayenombhalo wokuzinikela ezindabeni zokukhulekela kweqiniso. Kodwa waqaphela ukuthi yena ngokwakhe wayedinga ukuthuthuka njalo ngokomoya, futhi lokhu kuboniswa yilokho akubhala.
6 IHu 86 Emavesini 8-10 ugxilisa ukunakekela kuLowo ayebhekisela kuye ukukhulekela kwakhe, ngokuthi: “Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe-Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho. Izizwe ozenzileyo ziyafika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho. Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.”
7. Kungani kubalulekile ukuqaphela ukuthi uJehova kuphela onguNkulunkulu?
7 Osukwini lukaDavide, njengoba kunjalo nanamuhla, izizwe zazinonkulunkulu abaningi. Kodwa ngokwazisa okuqotho uDavide wathi kuJehova: “UnguNkulunkulu wena wedwa.” UJesu Kristu wagcizelela iqiniso elifanayo. Ngobusuku obandulela ukufa kwakhe wathandaza kuYise, ethi kuye: “Wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo.” (Johane 17:3) Nokho, eLobukholwa likhulekela uMthath’ emunye, izigidi zikhothamela izithixo; abanye baye benza abantu abaqhamileyo, imali, bona ngokwabo nobulili kwaba ngonkulunkulu. Ngakho, kuthiwani ngawe? Ingabe wena siqu uyahlanganyela okholweni lokuthi “akakho onjengawe . . . Jehova,” okungukuthi ‘unguNkulunkulu oyedwa oqinisileyo’?
8. Njengoba kuboniswe kumaHubo 86:11, yini efuneka kubo bonke abafuna ukukhulekela uJehova?
8 Ebheka esikhathini esizayo ngosuku lwakhe, uDavide waba nombono wabantu abaphuma kuzo zonke izizwe bezokhonza uJehova. UDavide ngokungangabazeki waqaphela ukuthi uma abantu abanjalo bezokhulekela uJehova, kuningi ababezokufunda. Kwakuyofuneka benze izinguquko ekuphileni kwabo. Kodwa futhi uDavide wayenombono oqondile ngokuvuma ukuthi naye futhi, wayedinga ukufundiswa nokuthi kwakuyodingeka enze ushintsho olwengeziwe. KumaHubo 86:11 wathi: “Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho. Yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye, yesabe igama lakho.” Ingabe leso isifiso sethu nathi?
9. Kungani singabantu abamunye, futhi imuphi umthwalo wemfanelo esinawo maqondana nalokhu?
9 Ubunye obukhona kakade phakathi koFakazi BakaJehova bungobuvelele ngempela. Lokhu kungenxa yokuba, njengeqembu, ngobuqotho sizizwa njengoDavide—sifuna isiqondiso sikaJehova futhi senze ngokuvumelana naso. Simelwe futhi sifisele ukwelekela kulobobunye ngokwethu siqu ngesimo sethu sengqondo nokuziphatha kwethu. Ngokungaphezulu, singabulondoloza ubunye bethu futhi sisize abanye ukuba bahlanganyele kubo ngokuzama ukuhlakulela kwabathakazela kabusha ukwazisa ngezinto ezihlukahlukene ezisihlanganisayo.
Izici Ezinamandla Ezisihlanganisayo
10. Yisiphi esingesokuqala ezicini ezisihlanganisayo?
10 Okokuqala iqiniso lokuthi sonke sikhulekela uJehova futhi siyaliqaphela ilungelo lakhe lokubeka izindinganiso zokuhle nokubi. (IsAmbulo 14:6, 7; Genesise 2:16, 17) Yeka umphumela omangalisayo lokhu okuye kwaba nawo kubantu bakaJehova emhlabeni wonke! UJehova, njengoba iBhayibheli lisho, ‘ungoPhakamileyo noPhezulu, ohlala kuze kube-phakade, ogama lakhe lingcwele.’ (Isaya 57:15) Uma simkhulekela futhi sigcine izimiso zakhe, lokhu kunomphumela omuhle kithi. Futhi njengoba lezimiso zisebenza kuzo zonke izingxenye zomhlaba, ukuzigcina kwethu kuye kwasihlanganisa njengabantu abamunye.
11. Singabasiza kanjani abasanda kuhlanganyela nathi ukuba bahlanganyele kulobobunye?
11 Kodwa ngezinye izikhathi abantu abaye bahlanganyela nathi bahileleka ekuziphatheni okubi okungathi sína. Kungani? Lapho bebuzwa ngobuhlobo babo noNkulunkulu, abanye baye bathi, ‘uNkulunkulu wayengeyena ongokoqobo kimi.’ Ngakho nezimfuneko zakhe abazange bazithathe ngokungathi sína. Ingabe singabasiza labo esifunda nabo ukuze uJehova abe ngokoqobo kubo? Simelwe sikugcizelele kubo ukuthi ukukhulekela kweqiniso akuyona nje indaba yokwamukela izimfundiso ezithile, ukuya eHholo LoMbuso futhi mhlawumbe nokuchitha amahora ambalwa enkonzweni yasensimini ngezikhathi ezithile. Labo abafuna ukukhonza uJehova badinga ubuhlobo bomuntu siqu obuseduze naye. Kumelwe bafunde ukuthandaza kuye njalo futhi ngokwabo siqu, bafune isiqondiso sakhe kukho konke abakwenzayo. (Filipi 4:6; IzAga 3:5, 6) Khona-ke bayoqala ukuhlanganyela ebunyeni obuhle esibujabulelayo.
12, 13. (a) Isici sesibili esishiwo lapha sinamuphi umphumela ohlanganisayo kithi? (b) Ukuze azuze ngokugcwele kulokhu, umuntu kumelwe enzeni?
12 Okwesibili yilokhu: Simunye ngoba, noma kuphi lapho sikhona emhlabeni, sineZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, elisiqondisayo. Siqaphela iBhayibheli ukuthi liphefumlelwe, futhi enye yezinto eyakhanga abaningi bethu koFakazi BakaJehova ukuthi oFakazi banamathela ngobuqotho eBhayibhelini.—2 Thimothewu 3:16, 17.
13 Labo esifunda nabo bangase bavumelane nathi uma sithi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Kodwa sebelifunde kangakanani iBhayibheli? Kungaba yinzuzo ukukhuthaza ngamunye ukuba alifunde lonke, futhi njengoba benza kanjalo babone indlela iBhayibheli okumelwe lithinte ngayo izinqumo abazenzayo ekuphileni kwansuku zonke. UJesu wayeyazi kahle intando kaYise futhi yayigxile ngokujulile engqondweni yakhe nasenhliziyweni kangangokuba wathi, “ngenza njalo okuthandeka kuye.” (Johane 8:29) Yeka umgomo omuhle lokho okuyiwo ngathi sonke!
14. Kungani isici sesithathu esiphawulwe lapha sibalulekile, futhi yini esingayenza ukuze sakhe ukwazisa ngalokhu kwabasanda kuhlanganyela?
14 Isici sesithathu esenza sibe nobunye esokuthi sonke sizuza esimisweni esifanayo sokondliwa ngokomoya. Siqaphela “inceku ethembekile neqondayo” njengenxusa uJehova alisebenzisela ukunika ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Mathewu 24:45-47) Akukho kungabaza ezingqondweni zethu ukuthi ‘lenceku’ yenziwa izindlalifa ezigcotshwe ngomoya zoMbuso wasezulwini namuhla ezitholakala phakathi koFakazi BakaJehova kuphela. Siyakwazisa okwenziwa ‘inceku’ neNdikimba yayo Ebusayo ekunakekeleni izidingo zethu ezingokomoya. Futhi siyambonga uNkulunkulu ngenala yamalungiselelo amahle angokomoya esinawo. (Isaya 65:13, 14) Ingabe futhi sizinika isikhathi esanele sokufaka ukwazisa ngalelilungiselelo kubantu abasaqala ukuhlanganyela nebandla?
15, 16. (a) Sibheka kubani njengomHoli wethu? (b) Ukwazisa indima kaJesu ekukhulekeleni kwethu kuwuthinta kanjani umbono wethu komunye nomunye?
15 Isici sesine esiletha ubunye, esibaluleke ngempela, ukuthi uJesu Kristu, futhi hhayi omunye umuntu, ungumHoli wethu nalowo sonke esiya ngaye kuJehova ngokukhulekela. Ngesonto lokugcina lokuphila kwakhe njengomuntu, uJesu wagcizelela ukubaluleka kwalokhu. KuMathewu 23:8, 10 wathi: “Ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.” Namuhla, kungakhathaliseki ukuthi umuntu ukuphi emhlabeni, uma ubengabuza omunye woFakazi BakaJehova, ‘Ubani umholi wenu?’ ubengathola impendulo efanayo: ‘INkosi uJesu Kristu.’
16 Singasondela ngoJesu kuphela ekukhulekeleni uJehova ngokwamukelekayo. Ngani? Ngoba sonke sazalelwa esonweni, ngaphansi kokulahlelwa ekufeni. Akekho kithi ohlukile kwabanye kulokhu. Okuwukuphela kwendlela sonke esamukeleka ngayo njengezinceku zikaNkulunkulu yayingesisekelo sokholo lwethu emhlatshelweni kaJesu Kristu, futhi kungaye kuphela ukuthi noma ubani wethu manje angasondela kuJehova ngomthandazo. Ukwazisa lokhu ngokuvela enhliziyweni isici esibalulekile ekukhulekeleni kweqiniso.—Roma 3:23; Johane 14:6.
17. Isimo sethu maqondana noMbuso kaNkulunkulu siye sasenza kanjani ukuba sihluke kweLobukholwa kodwa sisisondelanise njengoFakazi BakaJehova?
17 Isici sesihlanu esisisondeza ndawonye ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, sibheka eMbusweni kaNkulunkulu njengokuphela kwethemba lesintu. (Mathewu 6:9, 10; Daniyeli 2:44) Abefundisi beLobukholwa abakwenzanga lokhu. Ngenxa yalokho, bahileleka ezindabeni zezombangazwe zezwe nasezimpini zalo. Ngokuphambene kakhulu nalokho, oFakazi BakaJehova kuwo wonke amazwe baye balithatha ngokungathi sína iqiniso lokuthi uJesu Kristu wathi abafundi bakhe “abasibo abezwe.” (Johane 17:15, 16) Ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu, siye sakhanda izinkemba zethu zaba ngamakhuba nemikhonto yethu yaba ngocelemba. Asibaphakamiseli abanye abantu izikhali zenyama, futhi asisayifundi impi. (Mika 4:3) Siyaqiniseka ngempela ukuthi okuwukuphela kwekhambi ezinkingeni zesintu uMbuso kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, simunye nabanye oFakazi emhlabeni wonke ebuzalwaneni beqiniso bezwe lonke.
18. Izithelo zomoya kaNkulunkulu zisihlanganisa kanjani? Nikeza izibonelo.
18 Njengesici sesithupha ebunyeni bethu sikhomba esithelweni umoya ongcwele osivezayo ekuphileni kwabakhulekeli bakaJehova. Futhi yeka ukuthi isithelo esikhanga kanjani—uhlobo olwenza kube mnandi kithi ukuba ndawonye! Naphezu kwezici okudingeka senze ngcono kuzo ngokomuntu siqu, kunjengoba uJesu asho: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”—Johane 13:35; Galathiya 5:22, 23.
19. Siba munye nobani ngokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu?
19 Okunezela kukho konke osekushiwo yileliphuzu lesikhombisa: Sonke njengoFakazi BakaJehova sinomthwalo wemfanelo wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Lokhu kuwumthwalo wemfanelo, kodwa futhi kuyilungelo. Njengoba umphostoli uPawulu achaza, ngokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu siba yizisebenzi noNkulunkulu. Noma omunye wethu angase atshale, futhi omunye anisele, uJehova obangela ukukhula okuveza abafundi abasha.—Mathewu 24:14; 1 Korinte 3:6-9.
Ukuqina Ohlangothini Lokukhulekela Kweqiniso
20. (a) Kungani abanye okungenzeka bayeza eHholo LoMbuso bengazijabuleli ngokugcwele izibusiso zokukhulekela okunjalo kobunye? (b) Kungani kungokuphuthumayo ngabo ukuba bathathe ukuma okuqondile ngasohlangothini lukaJehova manje?
20 Njengoba abasanda kuhlanganyela noFakazi BakaJehova bamukela futhi benze ngokuvumelana nalamaqiniso asihlanganisayo, nabo, bangayithola injabulo yokuhlanganyela ekukhulekeleni ngobunye okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Nokho, abanye, bazenelisa ngolwazi olulula lweqiniso. Bafunda okuthile ngezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu, kodwa abavumeli iqiniso ligxile ezinhliziyweni zabo. Bayakujabulela ukuba nathi, kodwa abafuni ukusho ukuthi bazokwenza izinto ngendlela kaJehova ngaso sonke isikhathi. Kwezinye izimo banjengabantu abathile ezinsukwini zomprofethi uEliya, labo uEliya athi kubo ngokuqinile: “Koze kube-nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” (1 AmaKhosi 18:21) Lapho isikhathi sikaJehova esimisiwe sokubhubhisa lesisimiso esibi sifika, akayikwephuza. Akayikusihlehlisa lesosikhathi noma ashintshe izimiso zakhe ukuze zivumelane nalabo abasazama ukunamathela ezweni, labo abanhliziyo-mbili ekufundeni intando kaNkulunkulu nasekuyenzeni. Ngakho-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ngabo bonke ababonisa isithakazelo eqinisweni ukuba bathathe isinyathelo esiqondile manje sokwakha ubuhlobo obungokoqobo nobuhlala njalo noJehova!
21. Kumelwe sisize izifundo zethu zeBhayibheli ukuba zenze yiphi intuthuko engokomoya?
21 Isifiso sethu akusona nje esokutadisha amaqiniso ayisisekelo nalabo abathuthukela ekubhapathizweni kodwa ukubasiza ukuba baqhubekele ekuvuthweni kobuKristu. Lokhu kuhlanganisa ukuhlakulela isifiso sokudla okuqinile okungokomoya. Kudingeka bafunde indlela yokujabulela okunjalo, bethola amandla kukho futhi beqonda indlela okungabasiza ngayo ukuba benze izinqumo zabo siqu ezinengqondo.—Heberu 5:12-14.
22. Kungani inkonzo yethu iyilungelo elihle ngempela?
22 Yeka ilungelo elihle esinalo lokuzuza nokusebenza ngokuvumelana nelungiselelo likaJehova lokuhlanganisa abantu bazo zonke izizwe kanye naye ngoJesu Kristu! UNkulunkulu okuwuyena yedwa weqiniso uye wasinikeza ilungelo elimangalisayo lokuba ofakazi begama lakhe elingcwele elithi Jehova. INdodana yakhe ethandekayo, manje ebusa njengeNkosi, yayiyisibonelo sethu futhi namanje iseyiso ekukhulekeleni okusenza sijabulele ubuhlobo obufudumele nobuseduze noJehova nobunye phakathi kwethu. Ngakho masihlanganyele ngokugcwele ekudumiseni igama likaJehova nasekusizeni abanye ukuba bazise indlela nabo abangajabulela ngayo izibusiso ezitholwa kuphela abantu abamunye ekukhulekeleni uNkulunkulu oyedwa weqiniso.
Ukubukeza
□ Ubunye bokukhulekela buyofinyelelwa ngaliphi izinga, futhi lokho kungasho ukuthini ngawe?
□ Singabonisa kanjani ukuthi sivumelana namazwi alotshwe kumaHubo 86:11?
□ Iziphi ezinye zezici ezinamandla ezisihlanganisayo?
□ Ngemva kokufunda amaqiniso ayisisekelo eBhayibheli, iyiphi intuthuko eyengeziwe okumelwe sisize esibafundelayo ukuba bayifinyelele?
[Isithombe ekhasini 17]
“[Jehova], unguNkulunkulu wena wedwa”