Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 7/15 kk. 27-31
  • Ingabe Uyazindla Noma Umane Uphuphe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazindla Noma Umane Uphuphe?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukugcina Ingqondo “Endleleni”
  • Funda Ukuzindla
  • “Emilindweni Yasebusuku”
  • Usizo Ekuxazululeni Izinkinga
  • Usizo Lokukhuthazela
  • “Usuku Lonke”
  • Ukuzindla Okuzuzisayo
    I-Phaphama!—2000
  • Qhubeka Uzindla Ngezinto Ezingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukuzindla
    I-Phaphama!—2014
  • Ukuzindla Nokuthandaza—Kubalulekile Ezikhonzini Ezishisekayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 7/15 kk. 27-31

Ingabe Uyazindla Noma Umane Uphuphe?

NJENGOBA ukushisa okukhulu kwaseNegeb kuqhelela intambama epholile, insizwa egama layo ngulsaka isuka etendeni layo futhi ithi ukuhambahamba “ukuyozindla endle.” Ukuthi yayiyini imicabango yayo, iBhayibheli alisho. Nokho, singaqiniseka ukuthi lokho kwakungeyona imicabango engenamsebenzi nengenangqondo. Umshado kalsaka owawusondele wawusho imithwalo yemfanelo emisha nesindayo. Umntwana owayezozalwa ngalokhu kuhlangana wayeyoqhuba uhlu lozalo oluholela ‘eNzalweni’ ethenjisiwe, noma uMesiya. Khona-ke, akumangalisi ukuthi ulsaka wayedinga isikhathi sokucabangisisa kahle ngalezizinto. Kodwa lapho ukuzindla kwakhe kuphazanyiswa ukubona inqola eyayiza, yeka ukuthi inhliziyo yakhe kumelwe ukuba yashaya kanjani! Ngokuba owayehlezi kwelinye lamakamela kwakungumlobokazi wakhe, uRebeka.—Genesise 24:62-67; 22:17, 18.

Lendaba iqokomisa okuthile okumelwe kube yingxenye yenqubo yawo wonke amaKristu: UKUZINDLA. Kuyiqiniso, igama elithi “ukuzindla” livela izikhathi ezimbalwa eBhayibhelini. Nokho, iZwi likaNkulunkulu izikhathi eziningi ligcizelela isidingo sokucabanga okunjalo okujulile. “Nakekela” [“Zindla,” Authorized Version] lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke,” kweluleka umphostoli uPawulu.—1 Thimothewu 4:15.

Ukugcina Ingqondo “Endleleni”

Nakuba kunenzuzo ngokusobala, ukuzindla kunzima kwabaningi bethu. Abaningi mhlawumbe bakhetha ukumane baphuphe—bavumele umqondo uhambe kalula futhi ngokungenanjongo, njengesikebhe esimuka nomfula. Uma kwenziwa ngesikhathi sokuphumula, lokhu kungaba ngokuphumuzayo kakhulu. Kodwa uma kwenziwa emihlanganweni yobuKristu, ngezikhathi zokutadisha noma ngezikhathi zomsebenzi, ukuphupha kungafaniswa nokudumisa injini yemoto emile—okuwukumosa amafutha futhi ungayi ndawo.

Ungayigcina kanjani ingqondo yakho “endleleni”? Ngaphambi kwemihlangano yobuKristu, ungakuthola kuwusizo ukudla kancane, njengoba ukudla kakhulu kungakozelisa. Ukubhala phansi amaphuzu kungolunye usizo lokugxila kangcono. Kodwa ukuqeqesha ingqondo mhlawumbe kuyisici esibaluleke ngokwengeziwe. Singacabanga ngokushesha kakhulu kunokukhuluma kwesikhulumi. Ngakho esikhundleni sokuvumela amazwi angene ngenye indlebe futhi aphume ngenye, zama ukucabangela ngaphambili lokho isikhulumi esizokusho ngokulandelayo. Hambisana nokucabanga kwaso. Phawula izizathu ezingokomBhalo esizisebenzisayo. Kamuva, zindla ngamaphuzu aveziwe, ukuze uwenze ahlale enqolobaneni yakho engokomoya elungele ukusetshenziswa esikhathini esizayo. Ngoba njengoba uJesu asho: “Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, . . . ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.”—Luka 6:45.

Mhlawumbe umqondo wakho uthanda “ukuphunyula egiyeni” uma ufunda. Uma kunjalo, zama izikhathi ezimfushane zokutadisha kodwa eziningi ngokwengeziwe. Yebo, ukwazisa ngalokho okufundayo kubalulekile. Futhi uma ukukuntula kwakho kubangela umqondo wakho ukuba uzule, cabanga ngalokho uBaba wethu osezulwini akushoyo kuzAga 4:20-22: “Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. . . . Ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.”

Ukulalelisisa okukhulunywa nguJehova kuyindaba yokuphila nokufa. Futhi lokho akushoyo kumelwe kujule enhliziyweni yethu ukuze kusishukumise ukuba senze okulungile. Kulapho-ke lapho kudingeka khona ukuzindla. Ukufunda iBhayibheli ngaphandle kokuzindla kunjengesihlambi semvula esidlula ngokushesha futhi sisheshe some—siba esiqabulayo okwesikhashana kodwa asinazo izinzuzo ezihlala njalo. Ukuzindla kunjengemvula ena kancane ejulayo futhi ibangele ukukhula. Khona-ke, umuntu angakufunda kanjani ukuzindla?

Funda Ukuzindla

Ingabe wake wabhekisisa imbali encane yasendle futhi wamangaliswa ukufana kwezinhlangothi zayo zombili nobuhle, noma wabheka phezulu ezinkanyezini futhi wavukwa amadlingozi ngenxa yokukhazimula kwazo? Nokho, kuyizindlela ezilula zokuzindla ezingakhulisa ukwesaba kwakho uMdali wethu, uJehova, futhi kukwenze ugcwale ukubonga nokwazisa. (IHubo 8:3, 4) Kungani ungenzi umqondo wakho uzinze emicabangweni enjalo eyakhayo lapho ithuba livuleka?

Nokho, ukuzindla kungenziwa ngezinga elijule ngokwengeziwe. Ingabe wake wayibona inkomo ihlwabula, noma yetshisa, njengoba kubizwa kanjalo? “Ukwetshisa” kusho futhi ukuzindla. Kodwa inkomo ayinakwetshisa uma kungekho lutho esiswini, njengoba nje nathi singenakuzindla ngezingqondo ezingenalutho. Ngakho-ke, ukutadisha iBhayibheli kubalulekile, ngoba uma utadisha ngokwengeziwe, uyoba nemicabango eyengeziwe ngokomoya okumelwe ‘uzindle ngayo.’ Ngisho noma uzibheka njengomuntu ongakwazi ukufunda kahle, uyothola ukuthi njengoba ukuzama, ukutadisha kancane kancane kuyoba lula, kujabulise ngokwengeziwe. Amaphuzu amasha ayoxhumana namaphuzu amadala. Amaphuzu abonakala engaxhumene ayoqala ukuhleleka abe sesimweni esixhumene. Futhi njengoba uSolomoni asho, “ukwazi kulula koqondayo.” (IzAga 14:6) Kodwa kuthatha isikhathi. Futhi uma ukutadisha iZwi likaNkulunkulu njengamanje kungeyona into eyinhloko ekujabulisayo ekuphileni, kungani unganakekeli, noma uzindle ngalokhu khona manje?

Zibuze, ‘Kungani isifiso sami esingokomoya sibuthaka kangaka? Ingabe mhlawumbe ngidla kakhulu ukudla okonakalisayo kwengqondo, njengezincwadi zothando nemidlalo yamaTV nemisakazo? Ingabe ngihlanganyela ngokungafanele nabangane abonakalisayo ngokomoya? Ukucabanga okujulile ngalendaba manje kungakusiza ukuba wenze ushintsho oludingekayo.

AmaKristu okuqala ayengenazo izindlela zeziboniselo zeBhayibheli esizijabulelayo namuhla. Kodwa ayekwazi ukusingatha ngokufanele iZwi likaNkulunkulu. (Phawula, ngokwesibonelo, ulwazi lukaStefanu lweBhayibheli kuzEnzo 7:2-53.) Ngokungangabazeki, njengoba ayezwa imiBhalo engcwele ifundwa emihlanganweni, futhi ngesikhathi ngasinye ezifundela, azama ukufaka engqondweni okuningi ngangokunokwenzeka kwalokho ayekufunda.

Ingabe nawe, ngokufanayo, uye wazama ukufaka engqondweni okungenani imibhalo eyinhloko? Empeleni akunzima uma ugxilisa umqondo wakho kukho. Njengesivivinyo esilula, ake ubone noma ungayikhumbula imibhalo elandelayo ejwayelekile yeBhayibheli: Mathewu 24:14, Genesise 3:15, IsAmbulo 21:3, 4, IHubo 83:18, Johane 17:3 no-2 Thimothewu 3:1-5.

“Emilindweni Yasebusuku”

Umhubi ubonisa enye inzuzo yokufunda imiBhalo: “Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.” (IHubo 63:6) Esikhathini esiningi, uma ubuthongo bungehli, umuntu uthanda ukudlulela emicabangweni engenamsebenzi. Nokho, yeka ukuthi kungcono kanjani ngomuntu ukuba athandaze njengoDavide: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova.” (IHubo 19:14) Umuntu owazi amavesi eBhayibheli ngenhliziyo angenza kalula ngokuvumelana nalomthandazo.

Khona-ke, futhi, umuntu angase avuke phakathi nobusuku azizwe umoya wakhe uphansi. Kodwa ukuphindaphinda kancane futhi ngokwazisa amanye amazwi ashukumisayo eBhayibheli, njengalawo atholakala kuEksodusi 34:6, angaba nomphumela osheshayo, oqabulayo nonenzuzo: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso.” Noma uma ukukhathazeka okujulile kukugcina uqwashile, zama ukukhumbula lamazwi aduduzayo: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Usizo Ekuxazululeni Izinkinga

Izinkinga zanamuhla zandile. Abazali, ngokwesibonelo, babhekana njalo nezinqumo ezinzima. Imfundo yomntwana, impilo yakhe, okokugqoka kwakhe, intuthuko yakhe ebandleni lobuKristu nokukhetha kwakhe abangane kungezinye zezici abazikhathalelayo. Kodwa umuntu udukuza kanjani kulezinto ezibonakala ziyizigidigidi futhi akhethe inkambo engcono kakhulu kuzo? Izinqumo ezenziwa ngokushesha ngokuvamile ziyadabukisa kamuva. Ngakho-ke iBhayibheli lithi, “inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula.”—IzAga 15:28.

Umuntu kumelwe abe namaqiniso okumelwe azindle ngawo, futhi izincwadi zeWatch Tower Society ziwumthombo ocebile walokhu. Ukucabanga ngeseluleko sabanye abazali abangamaKristu abanokuhlangenwe nakho noma esabadala bebandla kungakusiza futhi ukuba ubeke izinto esimweni sazo esifanele.

Ukuzindla kungakusiza ovivinyweni lokholo lwakho. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi kunoshintsho ekuqondeni kwethu amavesi athile eBhayibheli noma iziprofetho. “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini,” kusho iBhayibheli kuzAga 4:18. Nokho, abanye bayaphazamiseka ngenxa yalokhu kulungiswa. Kodwa “abalungileyo” bazinika isikhathi sokuzindla futhi banakekele amaqiniso amasha eBhayibheli, esikhundleni sokuphetha ngokushesha ngokuthi ‘inceku ethembekileyo’ iye yenza iphutha.

Usizo Lokukhuthazela

“USathane uzakuphonsa abanye etilongweni ukuba nilingwe,” kwaxwayisa uJesu. (IsAmbulo 2:10) Ukuvalelwa ngokushesha ejele elingcolile ungenaBhayibheli futhi kungekho amanye amaKristu ongaphendukela kuwona ngempela kungaba ngokushaqisayo.

Eminyakeni eminingana edlule iqembu loFakazi abasebasha eNingizimu Afrika lahlushwa izinyanga eziningana ngokuboshwa ngokuphathelene nempi ngenxa yokuma kwabo kokungathathi hlangothi kobuKristu. Ngenhlanhla, bavunyelwa ukuba neBhayibheli, futhi omunye wabo wavuma: “Ngaphandle kweBhayibheli ngabe ‘ngehla’ njengoba kwakungekho lutho engangizame ukulubamba ngekhanda.” Nokho, omunye owayezikhandla ngokufunda iBhayibheli—nakuba ayehluleka ukuzindla ngalo—ngokushesha wazithola eba buthaka ngokomoya. Ngakho-ke waqala ukuzindla ngokwengeziwe ngalokho ayekufunda. Ngokuhamba kwesikhathi wabona indlela okwakujabulisa ngayo ukuqalisa ngomthandazo kuJehova, khona-ke afunde amavesi eBhayibheli futhi azindle ngawo: ‘Ngingakusebenzisa kanjani lokhu, noma ngingayigwema kanjani lengozi? Lokhu kungisiza kanjani ukuba ngazi uJehova? Imiphi eminye imibhalo ehlobene nalokhu?’ njalonjalo. Waba yini umphumela? Naphezu kwesimo sakhe esilusizi, uthi, “Kwakungokuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo ekuphileni kwami!”

“Usuku Lonke”

Noma sibhekene nokuvivinywa ukholo noma ubunzima bansuku zonke bokuphila, isimo sezinceku ezithembekile zikaJehova kufanele sifane nesomhubi: “Ngiyawuthanda umthetho wakho [Nkulunkulu] kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Izimo zingase zingakuvumeli ukuzindla ngokoqobo “usuku lonke.” Nokho, ukulandela iZwi likaNkulunkulu kumelwe kube ukukhathalela kwethu ngaso sonke isikhathi.

Thatha isifundo kuJesu Kristu, owafuna amathuba okuthandaza nokuzindla. (Mathewu 14:13) Uma ayezwa isidingo esinjalo futhi wayenza isikhathi saso, ingabe akumelwe senze kanjalo namuhla?

[Isithombe ekhasini 28]

Kunokuphupha, yeka ukuthi kungcono kanjani ukuba siqeqeshe izingqondo zethu ukuba zilalelisise!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela