Ukuzindla Nokuthandaza—Kubalulekile Ezikhonzini Ezishisekayo
1. Yini eyasiza uJesu ukuba agweme ukuchezukiswa emsebenzini wakhe oyinhloko?
1 UJesu wayechithe ubusuku ephulukisa abantu exosha namademoni. Lapho abafundi bakhe bemthola ngosuku olulandelayo, bathi: “Bonke bayakufuna,” bemkhuthaza ukuba aqhubeke nemisebenzi yakhe yamandla. Nokho, uJesu akavumanga ukuchezukiswa emsebenzini wakhe oyinhloko wokushumayela izindaba ezinhle. Waphendula: “Masiye kwenye indawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngoba ngiphumele le njongo.” Yini eyasiza uJesu ukuba ahlale egxilile? Wayevuke kusantwela wathandaza futhi wazindla. (Marku 1:32-39) Ukuzindla nokuthandaza kungasisiza kanjani nathi ukuba sibe abashumayeli abashisekayo?
2. Yini okufanele sizindle ngayo ukuze isisize silondoloze intshiseko ngenkonzo?
2 Yini Okufanele Sizindle Ngayo? UJesu waqaphela ukuthi abantu ‘babephundlekile futhi behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Math. 9:36) Ngokufanayo, singacabanga ngendlela abantu abazidinga ngayo izindaba ezinhle. Singase sicabange ngokuphuthuma kwesikhathi esiphila kuso. (1 Kor. 7:29) Singase sizindle ngemisebenzi kaJehova nezimfanelo zakhe, ilungelo lethu lokuba oFakazi BakaJehova namagugu amahle angokomoya esiwafunde eZwini likaNkulunkulu, abangakawazi abantu abasensimini yethu.—IHu. 77:11-13; Isaya 43:10-12; Math.13:52.
3. Singase sizindle ngasiphi isikhathi?
3 Kufanele Sizindle Nini? Njengoba noJesu enza, abanye bavuka ekuseni kusathulekile. Abanye bakuthola kungcono ukuzindla kusihlwa ngaphambi kokuba balale. (Gen. 24:63) Ngisho noma sinesimiso esimatasa, singasithola isikhathi sokuzindla. Abanye bazindla lapho behamba ngezinto zokuthutha zomphakathi. Abanye basebenzisa ingxenye yesikhathi sabo sekhefu ukuze bazindle endaweni engenazo iziphazamiso. Abanye bathola ukuthi ukuzindla ngaphambi kokuya ensimini, ngisho noma kuyisikhashana nje, kuyabasiza ukuba bashumayele ngentshiseko eyengeziwe nesibindi.
4. Kungani kufanele sizindle?
4 Ukuzindla nokuthandaza kuyojulisa isifiso sethu sokukhonza uJehova, kusisize sigxile ngokomoya futhi kuqinise nokuzimisela kwethu ukuqhubeka sishumayela. ISikhonzi sikaNkulunkulu esiyiNhloko, uJesu, sazuza ngokuzindla futhi nathi siyozuza.