Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 9/1 kk. 3-4
  • Lesositho Esimangalisayo—Inhliziyo Yethu!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lesositho Esimangalisayo—Inhliziyo Yethu!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Ebangela Ukushaya Kwenhliziyo?
    I-Phaphama!—2010
  • Izimangaliso Zesimiso Sokujikeleza Kwegazi
    I-Phaphama!—2001
  • Iluphi Uketshezi Oluyigugu Kunalo Lonke?
    I-Phaphama!—2006
  • Inhlonipho Yokwesaba UNkulunkulu Ngegazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 9/1 kk. 3-4

Lesositho Esimangalisayo—Inhliziyo Yethu!

“NGIYAKUKUBONGA, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” (IHubo 139:14) Lawomazwi okwazisa omhubi uDavide kumelwe athinte umzwelo ojulile ngaphakathi kithi, ngoba ngempela uMdali uye wenza imizimba yethu ngendlela emangalisayo nesabekayo.

Kanjalo, encwadini yakhe iMan the Unknown, uAlexis Carrel, umzuzi womklomelo kaNobel, wathi maqondana negazi, “umfula wokuphila” ohamba emithanjeni yethu: “Uyisa engqamuzaneni ngalinye ukudla okufanele. Ngesikhathi esifanayo, usebenza njengephayiphi elikhulu lokuchitha okulahlwa izicubu eziphilayo. Uqukethe futhi amakhemikhali namangqamuzana akwazi ukuvuselela izitho lapho kudingeke khona. Lezizinto ngempela ziyamangalisa. Uma ufeza lemisebenzi emangalisayo, umfula wegazi uhamba njengesikhukhula, ngosizo lodaka nemithi ekhukhuleka emfuleni, uyobangela ukuvuselelwa kwezindlu ezakhiwe ogwini lwawo.” (amakhasi 77, 78) Yebo, cabanga ngokudla komzimba nendlela yokuhlanza okunakekelwa ngayo umfula ofanayo futhi okunye kungaphazamisani nokunye! Futhi yini ebangela lomfula wokuphila ugobhoze emizimbeni yethu? Inhliziyo!

Inhliziyo ngempela iyisibonakaliso sokuhlakanipha koMdali. Iyisitho esivulekile ngaphakathi esilingana nenqindi yakhe umuntu. Kumadoda isinda ngamagremu angama-302 abesifazane ngamagremu angaba ama-250. Inezingxenye ezine, ezimbili ngakwesokudla nezimbili ngakwesobunxele. Ingxenye engenhla ngakwesokudla imukela igazi elivela kuwo wonke umzimba. Njengoba ligcwala, igazi limpontshelwa engxenyeni engezansi, uma lisuka lapho liya emaphashini. Uchungechunge lwezivalwana luvimbela igazi ukuba lingaphindeli emuva uma limpontshelwa phambili. Emaphashini igazi lilahla umoya walo omdala futhi, ngesikhathi esifanayo lithatha ioksijini eningi edingekayo. Uma lisuka emaphashini igazi lidlula engxenyeni engenhla yakwesobunxele, lisuke lapho limposwa ngokomfanekiselo ekubhekiseleni futhi lijikeleze emzimbeni wonke, okwenza igazi likwazi ukondla wonke amangqamuzana omzimba futhi lisuse konke okulahliwe.

Ngakho eqinisweni kunokumpontshwa okubili nokujikeleza okubili. Izingxenye ezimbili ezithi ukuba zincane zangakwesokudla zinakekela ukujikeleza kwegazi emaphashini, futhi izingxenye ezimbili ezinkudlwana eziqinile ezingakwesobunxele zithumela igazi emzimbeni wonke. Seyiyonke imithambo nemithanjana ingenza amakhilomitha ayizi-97 000.

Ingaphandle lenhliziyo linesicubu esenziwe ngokukhetheke kakhulu kuwo wonke umzimba. Uma umuntu egijima ngalo lonke ijubane, lesisicubu esivelele senza inhliziyo yakhe isebenze ngokuphindwe kabili kunezinye izicubu zakhe. Lezozicubu zisheshe zikhathale, kodwa isicubu senhliziyo sisebenza njalo kusukela ebuntwaneni kuze kube sethuneni. Nokho, kumelwe kuphawulwe ukuthi inhliziyo inesikhashana esincane sokuphumula ngemuva kokushaya okukodwa. Ekuzalweni inhliziyo ishaya izikhathi ezingaba yi-150 ngomzuzu; ngokukhula iyehla ishaye izikhathi ezingama-72 ngomzuzu.a Esikhathini sokuphila seminyaka engama-70, inhliziyo iyobe isishaye izikhathi ezingaba izigidi eziyizi-4 000. Futhi phakathi nalesosikhathi iyobe seyimpompe izigidi zamalitha eziyi-174 zegazi. Inhliziyo ishaya ngokushesha ngokuphindwe kabili uma sinyakazisa umzimba ngokushesha, futhi ishaya ngokushesha okukhulu uma sijabula, sethuka noma sithukuthela, kanjalo isilungiselela “ukulwa noma ukubaleka.”

Elinye iqiniso eliphawulekayo ngenhliziyo liwukuthi izinika yona amandla. Isimiso semizwa esizimele sencike ekusebenzeni okuphehlayo kwesisu ekulungiseleleni kwaso ukudla okuzogaywa futhi sencike ekusebenzeni okungashintshiyo kwamathumbu lapho kuhanjiswa khona izinto ezingadingwa ngumzimba, ekugcineni zikhishelwe ngaphandle. Kodwa inhliziyo inowayo umthombo wamandla, igcina isigqi. Leliqiniso lalingaqashelwa ngaso sonke isikhathi. Kanjalo inhliziyo yombungu iqala ukushaya ngaphambi kokuba ithole imizwa. Futhi kutholakala ukuthi inhliziyo iqhubeka ishaya noma isisusiwe emzimbeni, futhi lokhu kwenzeka ikakhulukazi uma inhliziyo ithola igazi.

Ngokuqinisekile isitho esibaluleke kanjena futhi esisebenza kanzima sidinga ukunakekelwa kahle. Lokho kusho ukusinikeza ukudla okunomsoco, ukusinikeza ukuphumula okufanele, nokusisebenzisa ukuze sihlale siqinile. Ikakhulukazi kumelwe ugwayi ugwenywe ngokuphelele. Futhi, ukulinganisela kumelwe kuboniswe ekujabuleleni izinto ezinhle ekuphileni.

Njengoba inhliziyo iyisitho esibaluleke kangaka, ishiwo ngokuphindaphindiwe eBhayibhelini. Nokho, njengoba sizobona manje, ukugcizelela kweBhayibheli kungokomfanekiso kunokuba kube senhliziyweni engokoqobo.

[Umbhalo waphansi]

a Umthetho okubonakala ukuthi usebenza kuzo zonke izilwane ezincelisayo, ungukuthi, uma umzimba umncane inhliziyo ishaya ngokushesha okukhulu. Kanjalo inhliziyo kangoso ishaya izikhathi ezingaba i-1 000 ngomzuzu, kanti inhliziyo yeminye imikhomo ishaya izikhathi eziyi-15 ngomzuzu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela