Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 11/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinkinga Zokuphuza—Yini Abadala Abangayenza?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ukugcina Utshwala Busendaweni Yabo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Uyini Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 11/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

▪ Ingabe oFakazi BakaJehova babheka ukuluthwa utshwala njengesifo?

Abantu abaningi bakhuluma ngokuba umhuqa wotshwala njengesifo, ngokwencazelo ebanzi yaleligama. Abacwaningi, odokotela nabantu abasiza imilutha yotshwala baphakathi kwalaba, ngoba abaningi babo basebenzisa amagama ‘anjengesifo,’ “ukugula” noma “ukungaphili” ekuchazeni ukuluthwa utshwala. Ngokwesibonelo, iScience Digest kaMay 1984, ithi:

“Ukuluthwa utshwala kuseyisifo esisafuna ukuchazwa. Kwake kwacatshangelwa njengokuphazamiseka kwengqondo kuphela, manje kucatshangelwa ukuthi kunemisuka yezici zofuzo namakhemikhali ngokufanayo . . . Okutholakale muva nje kusekela ubufakazi bangaphambili obuvela eSweden bokuthi ukusebenzisa kabi uphuzo oludakayo ngokuvamile ‘kuhamba phakathi kwemikhaya.’”—Ikhasi 16.

Nokho, kunesizathu sokuqapha ngokuqondene nokubheka ukuluthwa utshwala njengesifo. Eminye imilutha yotshwala, nabanye, baye bathambekela ngasekuthetheleleni ukulutheka kwabo ekuphuzeni noma ukuphuza ngokweqile, bethi ngempela ayikho into abangayenza ngoba kuyisifo. Abanye babonakala benomuzwa wokuthi uma umlutha wotshwala unokuthambekela kokuzalwa ngakulenkinga, noma umzimba wawo usabela ngendlela engavamile ophuzweni oludakayo, khona-ke ngeke ubhekwe njengosolekayo ngokuziphatha.

Nokho, amaKristu akhathalela ngokuyinhloko umbono kaNkulunkulu ngezinto. Umbono wakhe ulungile, unokulinganisela futhi awuguquki, ngokuphambene nezimo zokwelapha nezingokwengqondo ezingase zibe umkhuba okwesikhashana, kuphela nje ukuba ziguqulwe noma zilahlwe kamuva. IZwi likaNkulunkulu eliphelele libulahla ngokuqondile ubudakwa, libubeka phakathi kwezinto ezingagcina umuntu ngaphandle koMbuso kaNkulunkulu. (Galathiya 5:19-21) AmaRoma 13:12, 13 ayeluleka: “Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya. Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi-ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.” Ngisho noma kungase kube nokuthambekela umuntu azalwa nakho kwezinye izimo, okungenza abanye ukuba bakubheke njengenkinga edinga udokotela noma njengesifo, amaKristu abheka ukudakwa ngokokuziphatha.

Umphostoli uPetru wabhalela amaKristu: “Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo. Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowomsindo wokushinga kwabo behlambalaza.” (1 Petru 4:3, 4) UPetru ngokwakhe wayengaphelele futhi wayesiqonda isimo sobuntu. Nokho akazange athi onke amaKristu ayeyeke ukweqisa ngasewayinini ngaphandle kwalawo ayenokuthambekela okuthile ayezalwe nakho ezinkingeni zophuzo oludakayo. Eqinisweni, umphostoli uPawulu wathi amanye amaKristu ngaphambili ayeyizihlobongi, amasela, izidakwa nabaphangi. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi yini eyayiwaholele ezinkingeni ezinjalo zokuziphatha, ayengashintsha futhi ashintsha. UPawulu wathi: ‘Senahlanzwa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.’—1 Korinte 6:9-11.

Ngakho kungakhathaliseki noma ukuluthwa utshwala kukhulunyelwa njengesifo noma cha, kumelwe sibambelele endinganisweni ephakeme nenhle ebekwe eZwini likaNkulunkulu. Noma ubani oye wafinyelela ekubeni umlutha wotshwala—kungaba ngenxa yokuntula ukuzithiba, ithonya lesiko labantu noma lomkhaya, noma ngisho ngenxa yokwehluka okungokwempilo—kumelwe alwele ukukushiya, mhlawumbe afune usizo olunozwela. (Bheka iPhaphama! kaJanuary 8, 1983, amakhasi 3-14.) Kanjalo ‘ukuze ngesikhathi esiseleyo esesenyameni angabe esahlala ngezinkanuko zenyama kodwa ngentando kaNkulunkulu.’—1 Petru 4:2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela