Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 9/15 kk. 7-11
  • Izinkinga Zokuphuza—Yini Abadala Abangayenza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinkinga Zokuphuza—Yini Abadala Abangayenza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuluthwa Utshwala
  • Ukuba Nomzali Ongumlutha Wotshwala—Ngingabhekana Kanjani Nakho?
    I-Phaphama!—1992
  • Umkhaya Ungasiza Kanjani?
    I-Phaphama!—1992
  • Ungazinqoba Izinkinga Ezilimaza Umkhaya
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Ngingakuyeka Kanjani Ukuphuza?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 9/15 kk. 7-11

Izinkinga Zokuphuza—Yini Abadala Abangayenza?

WAZAMA konke ayengakucabanga ukuze anciphise ukuphuza. Kodwa akukho okwabonakala kusebenza. Uma ehlangana nabadala abamisiwe ebandleni, bakhathazeka kakhulu bamnikeza iseluleko esingokomBhalo sokulinganisela. Kodwa imizamo yabo yabonakala yehluleka. Inkinga yakhe yaqhubekela phambili. Wayengumlutha wotshwala.

Lokhu kuphakamisa umbuzo obaluleke kakhulu: Yini abadala abangayenza ukuze basize abafowabo nodadewabo abangokomoya abanenkinga yophuzo?

Ngokucacile, imiBhalo ayikuthetheleli nangayiphi indlela ukudakwa. Ngokukhethekile ababonisi abangamaKristu banomthwalo wemfanelo wokubona ukuthi, izidakwa zangempela, ezingaphenduki azibekezelelwa ebandleni lobuKristu; kumelwe zisuswe. (1 Korinte 5:11-13; Galathiya 5:19-21) Kodwa okokuqala abadala kumelwe bafise ukusiza abaphendukayo abaye beqisa ekusebenziseni utshwala. Ngakho-ke, yini umdala okumelwe ayenze nxa kuza kuye umzalwane noma udade oye wadakwa kodwa manje osefuna usizo?

Okokuqala, kumelwe kuqashelwe ukuthi kunomehluko phakathi kokweqiwa utshwala ungaqaphele ngokuphuza kakhulu kanye, nokuba isidakwa—ukukwenza umkhuba ukudakwa. Cabangela isibonelo sikaNowa, okwathi ngesinye isikhathi waphuza kakhulu iwayini wadakwa. (Genesise 9:20, 21) Ngokuqinisekile uNowa wayengesona isidakwa sangempela. Akukho okunye emiBhalweni okubonisa ukuthi wake waphinde wadakwa.—Qhathanisa namaHeberu 11:7.

Ngakho-ke umdala okuziwa kuye uyobe wenza kahle ukuhlolisisa ukuthi: Ingabe kwaba yisehlakalo esisodwa? Ingabe lowomuntu uzimisele ukuqaphelisisa ukuze kungaphindi kwenzeke futhi? Ingabe uye wabuvuma ngokusobala ububi futhi wafuna intethelelo kuNkulunkulu? Ingabe isehlakalo asiphumelanga yini ekuhlambalazeni okukhulu? Uma lezi nezinye izici zimvuna, kungaba okufanelekile ngomdala ukuba, “ngomoya wobumnene,” amnikeze iseluleko sothando mayelana nokulinganisela, kanjalo eqinisa umuntu esinqumweni sakhe sokungabuphindi lobobubi.—Galathiya 6:1.

Kodwa kuthiwani nxa kuye kwaba khona izehlakalo eziphindaphindiwe zokudakwa, noma kwaphumela edumeleni elibi? Ezimweni ezinjalo, udaba kumelwe lusingathwe yikomiti yokwahlulela. Nokho, ekusizeni umuntu kungaba usizo ngabadala ukwazi noma inkinga ayikhona yini

Ukuluthwa Utshwala

Kwenza mehluko muni? Umehluko omkhulu! Njengoba okuhlangenwe nakho okusekuqaleni kubonisa, uma umuntu engumlutha wotshwala, kungaba okungenalusizo ukumeluleka ukuba aphuze ngokulinganisela. Ngani? Ngoba ochwepheshe abaningi bezokulutha kotshwala batusa ukubuyeka ngokuphelele kwabayimilutha yotshwala, ngoba, uma nje beke baqala ukuphuza, ngokuvamile abakwazi ukulinganisela ekutheni baphuza kangakanani.

Ngaphezu kwalokho, eminingi imilutha yotshwala iyaphika ukuthi inaleyonkinga. Ingabe lokhu kusho ukuthi bangabangaphendukiyo, izidakwa zangempela? Akunjalo ngempela. Khumbulani ukuthi imilutha yotshwala ngokuvamile ayikuboni ukungathi sína kwesimo ekuso. Ithinteke ngokwenyama, ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokomoya, futhi lokhu kumelwe kucatshangelwe. Ngaleyondlela, akulula neze ukuyenza ibone ukuthi inenkinga yokuphuza.

Ekusingatheni amacala anjalo, kunemibuzo ehlukahlukene abadala abenza kahle ngokuyicabangela.

Ningazi kanjani ukuthi inkinga iwukulutha kotshwala? Mhlawumbe ningafisa ukubhekisela esihlokweni esithi “Ukulutha Kotshwala—Amaqiniso, Izinganekwane” kuPhaphama! kaJanuary 8, 1983. Sichaza ngezimpawu zokulutha kotshwala.

Qaphani. Ngezinye izikhathi inkinga eyinhloko ingase ibe ukulutha kotshwala. Ngokwesibonelo, kwelinye ibandla udade waya kubadala efuna usizo ekulwisaneni nokucindezeleka okukhulu. Kodwa, naphezu kwemizamo yabo emihle yokumsiza, ukucindezeleka kwaqhubeka. Nokho, kamuva abadala bezwa ukuthi unenkinga yokuphuza. Imizamo eqhubekayo yokumsiza yembula ukuthi wayengumlutha wotshwala. Ngemva kokwamukela usizo ekuluthweni kwakhe utshwala, udade waba ngcono kahle kakhulu.

Ningawusiza kanjani umlutha wotshwala ukuze ubone ukuthi unenkinga yophuzo? Gwemani imibono nokugudlisela njengokuthi, “Sicabanga ukuthi uphuza kakhulu.” Ukukhuluma kanjalo kungenza ukuzivikela komlutha wotshwala kube kukhulu. Esikhundleni salokho, mhlawumbe umuntu angaqondwa nje ngemininingwane eqondile nechaza ukuphuza kwakhe nemiphumela yakho. Kubalulekile ukuba izwi libonakalise ukukhathazeka okujulile: “Sikhathazeke kakhulu ngokwenzeka kuwe, futhi nanka amaphuzu abonisa ukukhathazeka kwethu.”

Omunye umdala, oye walwisana ngokuphumelelayo nokuluthwa utshwala, utusa okulandelayo: “Ngiye ngakuthola kuwusizo ukuthola ukuthi yiziphi izinkinga umuntu okungenzeka unazo, mhlawumbe ekhaya noma emsebenzini. Khona-ke, ngisebenzisa imibuzo eholayo, ngimsiza ukuba abone ukuthi utshwala kungenzeka buyinkinga eyinhloko. Ngikhumbula okunye okuhlangenwe nakho okwakunjengalokhu:

‘Ingabe ukuphila komkhaya wakho kuye kwathinteka ngokuphuza kwakho?’

‘Ngani, cha.’

‘Ingabe wake wahilizisana nomkakho?’

‘Yebo.’

‘Ingabe ukuphuza kwakuthintene nakho?’

‘Cha.’

‘Kodwa, ingabe wawuphuza ngenkathi uxabana naye?’

‘Eh! . . . ngingathi, . . . yebo.’

“Ngemva kokuxoxa ngezinkinga eziningana, ngakwazi ukumsiza ukuba abone ukuthi cishe kuzo zonke izehlakalo izinkinga zakhe zazihlangene nokuphuza kwakhe.”

Kuthiwani ngosizo lobuchwepheshe? Umlutha wotshwala ungadinga usizo olunjalo ukuze usinde. Yebo, abadala ngeke bafune ukutusa uhlobo oluthile lokwelashwa—lokho kunganqunywa umuntu ohilelekile. Futhi ngeke babheke ukwala kwakhe ukufuna usizo olunjalo lobuchwepheshe njengesibonakaliso sokuntula ukuphenduka. Kodwa ngesikhathi esifanayo, ukuqina kudingekile. Umuntu kumelwe aqonde ukuthi okuyikhona okusengozini ngokuyinhloko ukuhlala kwakhe esemseni kaJehova njengelungu elamukelekayo lebandla lobuKristu.

Kuthiwani ngokususa ekuhlanganyeleni? Kafushane nje singacabangela lokhu: Uyini umbono womuntu ngokuphuza? Ingabe, naphezu kwemizamo yenu yokubekezela kodwa eqinile yokumbonisa amaqiniso enkinga ubonakala ezimisele ukuqhubeka nokuphuza kwakhe? Mayelana nalokhu, kungokuthakazelisayo ukuqaphela ukuthi incwadi ethi Alcoholics Anonymous ibeluleka ngokuthini abaqashi bemilutha yotshwala:

“Uma uqiniseka ukuthi umuntu wakho akafuni ukuyeka, usenokuba axoshwe . . . Ukuxosha umuntu onjalo kungasho isibusiso kuye. Kungenzeka ukuthi udinga lokho kwethuka.” Ngokufanayo, uma isimo somuntu sengqondo sidinga ukuba asuswe ekuhlanganyeleni ukuze kugcinwe ibandla licocekile, kungenzeka ukuthi lokhu kuwu“kwethuka” akudingayo.

Kuthiwani uma niqiniseka ukuthi ngempela uyafuna ukuyeka? Uma lowomuntu evuma ukwamukela usizo, kungathatha isikhathi ukubona ukuthi uyolulandela yini. Usizo lobuchwepheshe lungaba usizo. Yebo, kumelwe aqonde ukuthi aluyona ukuphela kwempendulo kulenkinga.

Ngokuvamile uyodinga usizo oluqhubekayo, ikakhulu usizo olungokomoya. Esikhathini esidlule kungenzeka ukuba uye wasingatha ukucindezeleka, ulaka, izinkinga emsebenzini, nokunye, ngokuphendukela otshwaleni. Ngakho manje angase adinge usizo lwenu ukuze abhekane namaqiniso ngendlela ehlukile yokucabanga. Ngaphezu kwalokho, kungase kube khona imizwa emibi esalelayo, njengokuzizwa enecala noma ukulahlekelwa ukuzethemba. Angase azizwe engafanele ukuya kuJehova ngomthandazo futhi angadinga usizo lwenu lokuvuselela ubuhlobo obuthembekile noNkulunkulu. Imithandazo yenu kanye naye eniyenzela yena ephelezelwa izikhumbuzo eziduduzayo ezivela eZwini likaNkulunkulu, inganciphisa ukwesaba kwakhe futhi iqede nokungabaza kwakhe.a—Jakobe 5:14-16.

Umuntu ophuke umlenze angase adinge okokumsekela okwesikhashana. Ngakho-ke, nolwisana nokuyeka utshwala futhi, angadinga othile oqondayo angeyama kuye, indlebe ezwayo. Ingabe uyafisa ukusiza?

“Kokubili abadala nabazalwane abaningi bangivakashela,” kuchaza omunye umzalwane owalwa kakhulu nokuluthwa utshwala. “Anginakukwazi ukuchaza ngamazwi ukuthi ngalwazisa kangakanani lonke loluthando nokuqondisisa. Ngokumangalisayo, ngakwazi ukuthandaza kuJehova futhi. Yeka ukukhululeka!”

“Abazalwane bangisiza ngezindlela ezingaphezu kweyodwa,” kusho omunye uFakazi owasizwa ekulwisaneni nokuluthwa utshwala. “Baze basikisela nokuthi ngihlale eduze kwabo emihlanganweni, njengoba ngangesaba ukuza. Omunye umzalwane wangisiza ngempela. Wayefika azongibona lapho ngikudinga kakhulu—kungakhathaliseki ukuthi isimiso sakhe sasithini. Ngiyalubonga kakhulu uthando lwakhe nokubekezela.”

Kwezinye izimo, kungaba usizo uma lowo olwisana nokuyeka ukuphuza engakhuluma nomzalwane naye ngokwakhe oye walwisana ngokuphumelelayo nokuluthwa kwakhe utshwala. Ngani? Ngoba umuntu onjalo angakhuluma ngokuqonda, azi ngokuphelele ushintsho okumelwe lwenziwe umlutha wotshwala. Kodwa ngaphezu kwalokho, kubonisa lowo olwa nokuyeka ukuthi kungenzeka ayeke. Ubona isibonelo phambi kwakhe. Ngokunengqondo, imilutha yotshwala ingakhetha ukuyibona intshumayelo kunokuba iyizwe.

Kuthiwani uma kukhona ukubuyela emuva? Lokhu kungenzeka. Nakhona futhi, umbuzo uwukuthi: Siyini isimo somlutha wotshwala? Ingabe niyaneliseka ukuthi uyafuna ngempela ukunqoba inkinga yawo yokuphuza? Ingabe uyasibona isidingo sokwenza imizamo ephindiwe uma ulindele ukuthuthuka ekululameni? Uma kunjalo, uyodinga usizo lokuqondisisa.

Ngakho-ke umuntu akadingi ukususwa ekuhlanganyeleni ngoba nje engumlutha wotshwala. Uma efuna ngempela ukuyeka, kumelwe anikwe ithuba. Kodwa kuthiwani uma ngezenzo zakhe ebonisa ukuthi akafuni ngempela ukuyeka? Kuthiwani uma kuye kwaba nezikhathi eziphindiwe zokudakwa, futhi lonke usizo olufanelekile lungasizanga? Khona-ke, ngokwamazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 5:11-13, kumelwe asuswe.

Ukusiza labo abanenkinga yotshwala kufuna ukuqonda okukhulu, ukubekezela nokuqina. Akuyona nje indaba yoku tshela umzalwane noma udade, “Ziqinise,” noma “Uma umthanda uJehova uzoyeka ukuphuza.”

Kunalokho, zamani ukuqonda isimo sokulutha kotshwala, ukuthi siyini nokuthi kwenzani kubantu. Khumbulani ukuthi kungenzeka kudingeke ukuba ususe udonga lokuziphikela ukuthi ungumlutha azivikela ngalo. Kumelwe nimenze abone ukuthi unenkinga yokuphuza nokuthi udinga usizo. Uyodinga usizo lwenu oluqhubekayo nokusekelwa. Kodwa ingabe imiphumela ayiyifaneli yini imizamo ehilelekile?

Njengoba omunye udade, owasizwa ekulwisaneni nokuluthwa kwakhe utshwala, ekubeka: “Abadala babenothando nokuqonda engibonga ngakho uJehova nsuku zonke ukuthi wabathumela. Ikhanda lami likhululekile manje. Sengingakhuluma noJehova ngonembeza okhululekile. Futhi ngiba khona kuyo yonke imihlangano futhi ngiyayijabulela ngempela.” Yebo, yeka ukuthi babonga kangakanani abantu abanjalo ngababonisi abazinikezele, abanakekela umhlambi ngokuzithandela, ‘ngesifiso sangempela sokukhonza’!—1 Petru 5:1, 2, Today’s English Version.

[Imibhalo yaphansi]

a Siza ubheke isihloko esithi “Ulimi Olufundisiwe—‘Lokuvuselela Oyethileyo,’” kuNqabayokulinda kaNovember 15, 1982. Iyabonisa ukuthi abadala bangabasiza kanjani labo abacindezeleke ngenxa yemizwa ephambene kanye nezimo.

[Isithombe ekhasini 9]

Umlutha wotshwala udinga umuntu ozomsekela, umuntu olalelayo

[Isithombe ekhasini 10]

Kumelwe umlutha wotshwala ubuyeke ngokuphelele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela