UMbuso KaNkulunkulu—Ikhambi Eliqinisekile
“UMUNTU ubusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.” Lamazwi, alotshwe eBhayibhelini kumShumayeli 8:9, aye aba yiqiniso kuwo wonke umlando kwehle kuze kube sosukwini lwethu. Kungani kunjalo? Kungani umuntu eye wahluleka ukwenza ngcono izikhathi ezinzima manje abhekene nazo?
UGeorge Washington wabhala ngo-1778: “Ulwazi oluncane lwesimo somuntu luyosiqinisekisa ukuthi engxenyeni enkulu kakhulu yesintu, ubugovu buyisimiso esibusayo; nokuthi cishe wonke umuntu nganoma iliphi izinga, ungaphansi kwethonya labo. . . . Bambalwa abantu abakwazi ukudela ngokuqhubekayo yonke imibono yesithakazelo sabo siqu, noma inzuzo, ngokwenzuzo yomphakathi. Akusizi lutho ukukhuluma ngokumelene nokonakala kwesimo somuntu kulendaba; iqiniso liwukuthi, okuhlangenwe nakho kwaso sonke isikhathi nesizwe kuye kwakufakazela futhi kumelwe siwushintshe kakhulu umthetho-sisekelo womuntu, ngaphambi kokuba siwenze ngenye indlela.”
Njengoba bonke abantu bazalwa bengaphelele futhi benesono, kuye kwaba okungenakwenzeka nganoma yimuphi umuntu ukuba asebenzelane ngendlela ephelele neyokulunga ngempela nomuntu akanye naye. (Roma 5:12) Izithakazelo zomuntu siqu zobugovu zithonya noma zibuse ukwahlulela kwakhe nezenzo. Futhi, noma abantu bangazama ukumisa imithetho emelene nalobuthakathaka bemvelo, abunakususwa yinoma imuphi uhulumeni womuntu. “Akukho simiso sikahulumeni—kungaba yinkosi, umashiqela, umbusi obusa ngonya nangokucindezela, umbuso wozalo lwasebukhosini, umbuso ophethwe abambalwa ngenjongo yokonakala nobugovu, uzibuse, umbuso weningi, noma iQembu lamaKhomanisi—nanini esiye saqanjwa esiyoqinisekisa ukuthi abaholi abakahle nabahlakaniphile bayowuqondisa njalo umkhumbi wombuso,” kubhala uLaurence Beilenson kuThe Treaty Trap. “Lokho kungenxa yokuthi labo ababakhethayo noma babavumele ekubuseni kwabo kuye kwaba ngabantu. . . . Futhi nabantu ababuswayo ababona abalungile nabahlakaniphile. Lapho abantu bethanda omakhelwane babo njengabo siqu, imithetho evimbelayo, amaphoyisa okuyiqinisa, namabutho ahlomile okuvikela kuyobe kungasadingeki, ngokufanayo nangezivumelwano.”
Nakuba, njengabaningi uBeilenson enomuzwa wokuthi olunjalo “usuku olujabulisayo alukho eduze,” lowombono awuyicabangeli injongo kaNkulunkulu ngomhlaba. Ukwehluleka komuntu ukubusa ngokuhlakanipha nangokuthula, kungakhathaliseki ukuthi iyiphi indlela elandelwayo, kuye kwabonisa ngokukhanyayo ukuthi isintu asikwazi ukuzibusa. Okuwukuphela kwekhambi liwuMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kokubusa kweNdodana yakhe uJesu Kristu. Yingakho nje uJesu, lapho enikeza abafundi bakhe umthandazo oyisibonelo, abafundisa ukuba bathandaze kuNkulunkulu: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
Kuyintando kaNkulunkulu ukuba uMbuso wakhe, osumisiwe kakade emazulwini, ube indlela yokuletha ukuthula okuphelele emhlabeni. Ngokuqondene nokubusa kweNdodana yakhe, “iNkosi yokuthula,” umlando ophefumlelwe uthi: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube-phakade. Ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakwenza lokhu.”—Isaya 9:6, 7.
Akukhona kuphela ukuthi lowoMbuso uyobangela ukuthula kweqiniso ukuba kusibekele imbulunga yonke, kodwa uyofeza lokho okungenakufezwa ngomunye uhulumeni: ukususwa kokuthambekela komuntu kobugovu ngenxa yokungapheleli kwakhe okuzuzwe ngefa. Ngaphansi kokubusa koMbuso, isintu esikhululiwe esonweni nasekulahlelweni kwaso ekufeni, singajabulela ithemba lokuphila okuphelele, okungapheli emhlabeni oyipharadesi. (Roma 6:23) Ngenxa yalokhu, ‘uNkulunkulu uyozesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.’ Futhi uJehova uyathembisa: “Bheka, ngenza konke kube-kusha.” (IsAmbulo 21:4, 5) Lelo kuyoba ikhambi eliqinisekile lezikhathi zethu ezinzima.