Baye ‘Bazinikela Ngenjabulo’
ISURINAME iyizwe elishisayo, elinye lamazwe angaphezu kwama-200 lapho oFakazi BakaJehova besebenza khona. Muva nje, umbhangqwana wezithunywa zevangeli eSuriname uye wathatha uhambo lwamakhilomitha angama-320 ngejeep ukuba uvakashele izimayini zebauxite ukuze ukhulume nezisebenzi lapho ngezinjongo zikaNkulunkulu. Wathola isithakazelo esikhulu.
Lapho ufika endaweni yokuqala, umqondisi wekamu wathi: “Ngijabula kakhulu ukuba nani lapha. Sikudinga ngempela okunjengalokhu.” Wabe esexhoma endlini yokudlela isaziso senkulumo yeBhayibheli nombukiso wamaslide wangalobo busuku ngo-7:30. Lapho lesosikhathi sifika, abantu abangama-70 bafika futhi balalela ngokucophelela inkulumo eyayikhuluma ngendlela yokwazi uNkulunkulu ngendalo neBhayibheli, base bebuka amaslide akhethiwe abonisa umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke.
Ngemva kwalokho, lezithunywa zevangeli zethula izincwadi ezihlukahlukene ezazingasiza izilaleli ukuba zizuze ukwaziswa okwengeziwe. “Ngifuna incwadi,” kusho indoda esikhulile, iya ngaphambili. Lokho kwaba uphawu kwabanye. Izincwadi zezithunywa zevangeli zaphela ngokushesha, futhi indoda kwafuneka ukuba igijimele emotweni ukuba ithole ezinye, kuyilapho umkayo ematasa ebhala amakheli alabo ababefuna ukuba bavakashelwe.
Lobo kwakuwubusuku bokuqala kuphela bohambo lwabo. Lombhangqwana wezithunywa zevangeli wachitha isonto kuleyondawo, uthola impumelelo efanayo yonke indawo owawuya kuyo. Okuhlangenwe nakho kwawo kuyisibonakaliso sesifiso esikhulu esisekhona ezinhliziyweni zabaningi sokuzwa iqiniso nesokufunda ngentando kaJehova. Kungenxa yokwanelisa lesosifiso ukuthi izinkulungwane zoFakazi BakaJehova phakathi nalezizinsuku zokugcina ziye zazenza zatholakala ukuba zithunyelwe emazweni anjengeSuriname ukuba zisize oFakazi abakuleyondawo ukuba basingathe sonke leso sithakazelo. Kanjalo baye bagcwalisa isithembiso somhubi: “Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho.” (IHubo 110:3) Futhi uJehova ubabusisa ngokucebile ngalokho.
Ungathanda yini ukuba nengxenye ezibusisweni abazijabulelayo? Mhlawumbe uyophendula ngokuthi: ‘Kodwa anginakuba isithunywa sevangeli!’ Futhi lokho kungase kube iqiniso. Nakuba kunjalo, kungenzeka ungomunye wabaningi kakade asebeye baba nengxenye ebalulekile kokuhlangenwe nakho okumangalisayo okujatshulelwa izithunywa zevangeli emhlabeni wonke. Ngayiphi indlela?
‘Linikezeni Izithunywa Zevangeli’
Ngendlela efanayo intombazane encane egama layo linguApril eyenza ngayo. Cha, uApril akasona isithunywa sevangeli, nakuba cishe engathanda ukuba yisona ngolunye usuku. Kodwa okwamanje usemncane kakhulu ukuba angaya ezweni okungelona elakubo futhi athole okuhlangenwe nakho okunjalo okujabulisayo. Nokho, wayefuna ukuba ingxenye yakho konke, ngakho wabhalela endlunkulu yeWatchtower Society eBrooklyn: “Othile ungiphe idola (R1,39) emhlanganweni wesifunda. Ngifuna ukuninika lona ukuba nilinikeze izithunywa zevangeli ukuba lizisize zifundise abantu ngoJehova.” Kanjalo, ngendlela ebaluleke kakhulu, uApril omncane uye waba nengxenye emsebenzini wezithunywa zevangeli womhlaba wonke. Uye wanikela ngengcebo yakhe ukuba asize ngezimali.
Enye incwadi yavela komunye omdala kancane kunoApril. Wabhala: “Ngifaka isheke lama-$100. [R139] ukuba asetshenziselwe emsebenzini woMbuso. Lesi isipho engisanda kunikezwa sona, ngakho ngisidlulisela kini . . . Ubuphayona buye baba yindlela yami yokuphila iminyaka engama-46. Nokho, ngokushesha ngizoba neminyaka engama-90 futhi kuye kwafuneka ukuba ngiyeke.” Lencekukazi kaJehova eqotho, yesikhathi eside ngokwayo yayingenakukwazi ukubamba inkonzo yezithunywa zevangeli. Kodwa yayifuna ukuba nengxenye, futhi yenza kanjalo ngokunikela ngokwezimali.
Lezincwadi ezimbili ziqokomisa enye indlela abantu bakaNkulunkulu abaye ‘bazinikela ngayo ngenjabulo ngosuku lwempi kaJehova.’ Baye bagcwalisa isiyalo sesaga seBhayibheli: “Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.” (IzAga 3:9) Ngezizathu ezithile, abakwazi ukuzinikela ngokomzimba ngezinga elifanayo abanye abakwazi ngalo. Nokho, baye banikela “impahla” kanjalo basiza ukuba kwenzeke ngabanye ukwenza kanjalo. Ngezikhathi ezidlule, ukunikela okunjalo kokuzithandela kwabonisa izimiso ezithile ezibalulekile. Ake sibone ukuthi zaziyini lezozimiso, nokuthi zisasebenza yini namuhla.
“Bavuselwa Yizinhliziyo Zabo”
Ngesikhathi sikaMose kwakunomsebenzi okwakumelwe wenziwe. Kwakumelwe kwakhiwe itabernakele libe yindawo eyinhloko yokukhulekela kweqiniso esizweni sakwaIsrayeli. AmaIsrayeli afanelekayo amenywa ukuba anikele ngesikhathi sawo namakhono emsebenzini wokwakha. (Eksodusi 35:10) Futhi wonke umuntu wamenywa ukuba anikele ngempahla yakhe ukuze usekelwe ngokwezimali. Umphumela: umnikelo omkhulu kakhulu, omningi kakhulu kunowawudingeka. Futhi kwakungokuphawulekayo ukuthi iminikelo yenziwa ngabanhliziyo zivumayo. Umbhalo usitshela ukuthi “bavuselwa yizinhliziyo zabo,” ‘baqhutshwa umoya wabo.’ Yebo, ukunikela kwabo kwakuyisibonakaliso sokholo kuJehova nokuboniswa kokusekela ngenxa yenjongo yetabernakele—ukukhulekela kweqiniso.—Eksodusi 35:20-29; 36:4-7.
Ezinsukwini zikaHezekiya, kwakumelwe kwenziwe omunye umsebenzi. Ngemva kweminyaka yokunganakwa, ithempeli kwakumelwe lihlanzwe futhi abantu bafundiswe ukuhlonipha umthetho kaJehova. AmaIsrayeli atshelwa ngesidingo seminikelo yezinto ezibonakalayo “ukuze [abapristi namaLevi] babambelele emthethweni kaJehova.” (2 IziKronike 31:4) Ukusabela kwabantu kwakunentshiseko kangangokuthi umpristi omkhulu uAzariya waphetha ngokuthi: “UJehova ubusisile abantu bakhe.”—2 IziKronike 31:10.
Ngakho-ke, ukuzimisela kwamaIsrayeli ukunikela kwakuyisibonakaliso sesimo esihle senhliziyo yawo nesokusekela kwawo ukukhulekela kweqiniso, kanye nesesibusiso sikaJehova kuwona. Kuthiwani ngolwanamuhla?
UJehova Uye Wabusisa Abantu Bakhe
Nokho, namuhla kunomunye umsebenzi okhethekile okumelwe wenziwe. UJesu waprofetha: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) IBhayibheli futhi labikezela ukuthi lomsebenzi wokushumayela wawuyohambisana nomsebenzi wokufundisa nowokubuthelwa ndawonye kwabakhulekeli beqiniso. (Isaya 2:3, 4; 54:13; Zakariya 8:23; Mathewu 28:19, 20; IsAmbulo 7:9) Ingabe iminikelo ifeza okuthile kulomsebenzi?
Ngempela iyakufeza. Ngokwesibonelo, ukuletha isithunywa sevangeli eWatchtower Bible School of Gilead nokusigcina lapho phakathi nemfundo, bese sithunyelwa ezweni elinjengeSuriname nokusigcina lapho iminyaka eminingana, kubiza izinkulungwane zamaRandi. Nokho iWatchtower Society iye yathumela izithunywa zevangeli ezinjalo ezingaphezu kwezi-6 000 kusukela iSikole SaseGilead savulwa okokuqala.
Yebo, lokhu kuyingxenye kuphela yezindleko ezihlobene nokushumayela izindaba ezinhle. Kukhona ababonisi besifunda nabesigodi nomkabo, nezisebenzi emakhaya aseBethel eNhlangano, ezimalungelo azo enkonzo azivimbelayo ukuba zizondle ngomsebenzi wokuziphilisa. Futhi kunamaphayona akhethekile amukela usizo olungokwezimali lokuwenza akwazi ukukhonza emasimini alukhuni. Kodwa lokhu ukusekela izisebenzi kuphela!
Nezela kulokho izindleko zemishini emisha yokunyathelisa nemishini yokuhlanganisa izincwadi, kanye nezindleko zezakhiwo ezintsha zamaBethel ezakhiwa emhlabeni wonke, kanye namaHholo Omhlangano namaHholo OMbuso amasha angamakhulu. Khumbula izindleko “ezifihlekile,” ezinjengokuthunyelwa okuvamile kwezincwadi ezibhalelwa amabandla angaphezu kwezi-46 000, nokunyatheliswa kwamafomu amaningi nezincwadi ezingamaphepha ezidingekile ngokuhleleka okungokwasezulwini. Manje usuqala ukubona imali enkulu esetshenziswa unyaka ngamunye ekushumayeleni “izindaba ezinhle” nokuqiniseka ukuthi “izimvu” zinendawo yokuhlangana nokudla okungokomoya ukuba zikujabulele.
Into emangalisayo iwukuthi uJehova uye wenza lokhu kwaba nokwenzeka. Kanjani? Kakhulukazi, ngokushukumisa izinhliziyo zabantu ukuba benze iminikelo yokuzithandela. Kanjalo, amaKristu ngamanye anikela ngemali—kanye nokunikela ngesikhathi sawo namandla—ukuze asekele izakhiwo ezisendaweni ezinjengamaHholo OMbuso namaHholo Omhlangano. Amabandla amaningi athumela iminikelo njalo eWatchtower Society noma, ngaphandle kweUnited States, ehhovisi legatsha elisezweni lakubo. Abantu ngabanye nabo benza iminikelo ngezindlela ezihlukahlukene ngokuqondile eNhlanganweni. (Bheka ibhokisi). Uyini umphumela? Ngisho nakulezikhathi ezinzima ngokomnotho, uJehova ushukumisa izinhliziyo zabantu bakhe ukuba banikele okudingekayo ukuze kufezwe umsebenzi awabele.
Isiphi isiphetho esingasenza kulokhu? Ukuthi, njengasezinsukwini zikaHezekiya, “uJehova ubusisile abantu bakhe.” Uye wabonisa ukusekela kwakhe umsebenzi abawenzayo ngendlela emangalisayo. Futhi, njengoba abantu bakaJehova basekela ilungiselelo lakhe osukwini lukaMose, singabona ukuthi namuhla abantu bakaJehova bawusekela ngokuphelele umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokubuthwa kwabathakazelayo. Baye banikela, hhayi ngoba beshukunyiswe abaqoqi bezimali abangompetha, kodwa ngenxa yokuthi izinhliziyo zabo ‘zibavusele,’ yebo, ziye ‘zabaqhubela.’
UJehova ‘Uyawufeza’
Ekhulwini lokuqala umphostoli uPawulu wahlanganyela emsebenzini wezithunywa zevangeli futhi waba nokuhlangenwe nakho okumangalisayo—njengokwalowambhangqwana wezithunywa zevangeli eSuriname. Naye, ngokuvamile wayesekelwa iminikelo yabakholwayo abakanye naye. Elinye ibandla elaliwusizo ngokukhethekile kwakuyilelo laseFilipi. Ngakho-ke, lapho elibhalela, uPawulu washukunyiselwa ukuba asho lamazwi: “Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza, ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube-manje; ngethembile ngempela yona lento ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube-lusuku lukaKristu Jesu.”—Filipi 1:3-6; 4:16.
AmaKristu namuhla, azizwa ekhuthazwe ngokufanayo. Ngokuvumelana nesithembiso sakhe, uJehova uye washukumisa abantu bakhe ukuba ‘bazinikele ngenjabulo’ ngezindlela eziningi ezihlukene enkonzweni yakhe. Ngaleyondlela oFakazi BakaJehova ‘bayambonga uNkulunkulu wabo’ futhi bayaqiniseka ukuthi uJehova, obangele umoya omuhle kanjalo kubantu bakhe bosuku lwanamuhla uyowufeza umsebenzi wakhe.
[Ibhokisi ekhasini 30]
Izindlela Abanye Abanikela Ngazo Emsebenzini WoMbuso
Izipho: Abanye abantu banikeza izipho neminikelo eqondile kuWatchtower Bible and Tract Society of Pennsylvania, noma ehhovisi legatsha elisezweni abahlala kulo. Izipho ezinjalo kumelwe ngaso sonke isikhathi zihambisane nencwadi emfushane echaza ukuthi imali ithunyelwa njengomnikelo wokuzithandela.
Izipho Ezinamalungiselelo Akhethekile: Ngaphansi kwalelilungiselelo, abantu banikela imali ngelungiselelo elikhethekile lokuthi uma bedinga enye yayo noma yonke phakathi nesikhathi sabo sokuphila iyobuyiselwa kubo. Noma, ukuze bagweme izindleko nokungaqiniseki kobufakazi bencwadi yefa, abanye abantu banikeza iNhlangano amashezi, iziqinisekiso zemali noma izindawo. Abanye banikela ngezipho ezinjalo, ngombandela wokuthi zingezabo uma besaphila.
Umshuwalense: Abaningi baye benza iWatch Tower Society indlalifa yomshuwalense wabo wokuphila.
Izabelo Zefa: Abanye, ngosizo nangeseluleko sabameli babo benza iNhlangano indlalifa ezabelweni zefa labo.
Ukwaziswa okwengeziwe noma iseluleko ngokuphathelene nezindaba ezinjalo kungatholakala ngokubhalela ehhovisi legatsha leNhlangano elisendaweni yakini, noma kulelikheli elilandelayo: Watch Tower Bible and Tract Society, Private Bag 2, Elandsfontein 1406.
[Isithombe ekhasini 29]
Abantu bakaJehova basekela ukwanda koMbuso ngokuzithandela