Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 4/15 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Bayajabula Labo UJehova Abayalayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 4/15 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

Uma umKristu enomuzwa wokuthi othile ebandleni akayena umngane omuhle ngenxa yokuziphatha kwakhe noma umbono, ingabe kumelwe ‘aziphawulele’ lowomuntu ngokuvumelana neyesi-2 Thesalonika 3:14, 15?

Labo ababa ingxenye yebandla lobuKristu benza kanjalo ngoba bethanda uJehova futhi bethanda ngempela ukuphila ngezimiso zakhe. Singaba nobungane obukhulu namaKristu athile, njengoba noJesu ‘wayemthanda kakhulu’ umphostoli uJohane futhi wayesondelene kakhulu naba-3 kwabayi-12. Nokho, abakhetha, wayenesithakazelo kubo, futhi wabathanda bonke. (Johane 13:1, 23; 19:26; Marku 5:37; 9:2; 14:33) Nakuba bonke abazalwane benamaphutha okufanele siwabonelele futhi siwathethelele, siyazi ukuthi ngokwengxenye enkulu esikholwa kanye nabo bangabangane abahle. (1 Petru 4:8; Mathewu 7:1-5) Ukuthandana kuwuphawu lwebandla lobuKristu.—Johane 13:34, 35; Kolose 3:14.

Nokho, kungenzeka omunye abe nesimo noma indlela yokuphila leyo thina ngokwethu esingayitusi. Umphostoli uPawulu wabhala ngabathile eKorinte labo abamibono yabo siqu ngovuko yayingalungile futhi okwakungenzeka babenombono wokuthi ‘masidle, siphuze, futhi sizijabulise.’ AmaKristu avuthiwe ebandleni kwakudingeke ukuba axwaye abanjalo, ngokuba uPawulu weluleka: “Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:12, 32, 33.

Lesiseluleko esivamile sisasebenza nanamuhla. Ngokwesibonelo, umbhangqwana ongamaKristu ungase uthole ukuthi abantwana bawo bathonyeka kabi lapho bechitha isikhathi nabanye abantwana abathile, labo okungenzeka abakalithathi iqiniso ngokungathi sína noma okungenzeka banomqondo wezwe. Lababanye abantwana kungenzeka basazosizakala ekuqeqeshweni kokwesaba uNkulunkulu. Kodwa kuze kube yilapho kunobufakazi balokho, umbhangqwana ungase ubenqabele abantwana babo ekudlaleni nasekubavakasheleni labobantwana. Lokhu ngeke kube ‘ukubaphawula’ njengoba kukhulunywe ngakho kweye-2 Thesalonika isahluko 3. Abazali bamane nje basebenzisa iseluleko sikaPawulu sokugwema “ukujwayelana nababi.”

Izimo ezibizela ‘ukuphawula’ zingezingathi sína ngokwengeziwe kunesibonelo esingenhla esihilela abantwana. Ngesinye isikhathi umuntu ebandleni uphishekela inkambo ephambene nemibhalo leyo ephazamisa kakhulu nakuba ingakasifanelekeli isinyathelo sokususa ekuhlanganyeleni esiphawulwe kweyo-1 Korinte 5:11-13. Ukuziphatha okunjalo kwenzeka ebandleni laseThesalonika lasendulo, ngakho uPawulu wabhala: “Ngokuba sizwa ukuthi abanye phakathi kwenu bahamba ngokungafanele, bengasebenzi-lutho, kepha benza okuyize nje.”—2 Thesalonika 3:11.

Kwakumelwe enzeni amanye amaKristu aseThesalonika? UPawulu wabhala: “Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina. Kepha nina-bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle. Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kulencwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye ukuze abe-namahloni; kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.”—2 Thesalonika 3:6, 13-15.

Kanjalo, ngaphandle kokuwasho ngamagama amavila azigaxa ezindabeni zabanye, uPawulu wayidalula ebandleni inkambo yawo engathi sína. Onke amaKristu ayesebaqaphele labo ngempela abahamba ngokungafanele ayesezobaphatha ‘njengabaphawuliwe.’ Iseluleko esithi “mphawuleni lowo,” sasebenzisa igama lesiGreki elisho ukuthi “mbekeni uphawu,” okuwukuthi ‘ukumqaphela ngokukhethekile othile.’ (umbhalo ongezansi eBhayibhelini elinezikhombo leNW) UPawulu wathi “ningahlanganyeli naye” ophawuliwe “ukuze abe namahloni.” Abazalwane babengeke bamgweme ngokuphelele, ngoba uPawulu wabayala ukuba ‘bamluleke njengomzalwane.’ Nokho ngokunqamula kwabo ubudlelwane kanye naye kwezokuhlalisana, babengase bamenze abe namahloni futhi mhlawumbe bamshukumisele esidingweni sokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Ngesikhathi esifanayo abazalwane nodade babeyobe bevikelekile ethonyeni lakhe elibi.—2 Thesalonika 2:20, 21.

Ibandla lobuKristu namuhla nalo liyasisebenzisa lesiseluleko.a INqabayokulinda ka-April 1, 1982, ikhasi 31, yagcizelela ukuthi ukuphawula akufanele kwenziwe ngemibono nje yangasese noma lapho umKristu ngokwakhe ekhetha ukugwema ukujwayelana okuseduze nothile. Njengoba kuboniswe endabeni yaseThesalonika, ukuphawula kuhilela ukwephulwa okungathi sína kwezimiso zeBhayibheli. Okokuqala abadala bazama ngokuphindaphindiwe ukusiza umoni ngokumyala. Uma inkinga iqhubeka, bangase, ngaphandle kokubiza umuntu ngegama, banikeze inkulumo eyisixwayiso ebandleni ephathelene nokuziphatha okungafanele okuhilelekile, ngisho njengoba noPawulu axwayisa abaseThesalonika. Emva kwalokho, umKristu ngamunye uyogcina umuntu ophambukayo ‘ephawuliwe.’

Kudingeka ukwahlulela okuhle kunemithetho eyamiswa ngaphambili emayelana nazo zonke izimo zokuphawula. UPawulu akazange anikeze imithetho eningiliziwe ngokuphathelene naleyonkinga eThesalonika, njengokunquma ubude besikhathi umuntu ayenganqaba ngaso ukusebenza ngaphambi kokuba aphawulwe. Ngokufanayo abadala bayazana nomhlambi futhi bangase basebenzise ukuqonda nobuhlakani ekunqumeni noma isimo esithile singesingathi sína ngokwanele futhi singesiphazamisayo ukuba sidinge inkulumo eyisixwayiso ebandleni.b

Injongo eyinhloko yokuphawula iwukushukumisela umKristu ohamba ngokungafanele ukuba azizwe enamahloni futhi ayeke inkambo yakhe ephambene nemibhalo. Abantu abaye bamphawula, ikakhulukazi abadala, bayoqhubeka bemkhuthaza futhi bephawula umbono wakhe njengoba bebonana naye emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. Uma bebona ukuthi inkinga nombono owawubizela ukuphawula usuye washintsha waba ngcono, bangase bayiqede imingcele ebavimbelayo ukuba badlelane naye.

Ngakho-ke, ukuphawula akufanele kudidaniswe nokusebenzisa komuntu siqu noma komkhaya iseluleko sikaNkulunkulu sokugwema ukujwayelana nababi. Nakuba ukuphawula kungeyona into edingeka njalo, kufanele kucace ukuthi ukuphawula kuyisinyathelo esingokomBhalo esithathwa lapho sesivunyelwe ngokomthetho, njengoba kwenza abazalwane baseThesalonika.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka INqabayokulinda kaDecember 1, 1973, amakhasi 551-2.

b Ngokwesibonelo, abadala kufanele basebenzise ukuhlakanipha ngokuphathelene nomuntu ophola nomuntu ongekho ‘eNkosini.’—Bheka INqabayokulinda kaSeptember 1 1982, ikhasi 30.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela