Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe ‘ukuphawula’ okukhulunywa ngakho kweyesi-2 Thesalonika 3:14 kuyinqubo emisiwe yebandla, noma kungokuthile amaKristu ngamanye akwenzayo ukuze agweme abantu abangalawuleki?
Lokho umphostoli uPawulu akubhalela abaseThesalonika kubonisa ukuthi abadala bebandla banendima eqondile kulokhu ‘kuphawula.’ Nokho, ngemva kwalokho amaKristu ngamanye abe eselandela, enza kanjalo enemigomo engokomoya. Lokhu singakuqonda kahle lapho sicabangela iseluleko sikaPawulu ngokwesimo sangesikhathi asinikeza ngaso.
UPawulu wasiza ekumiseni ibandla laseThesalonika, esiza abesilisa nabesifazane ukuba babe amakholwa. (IzEnzo 17:1-4) Kamuva wababhalela eseKorinte ukuze abancome futhi abakhuthaze. UPawulu wanikeza neseluleko esasidingeka. Wabanxusa ukuba ‘baphile ngokuthula, banake izindaba zabo siqu futhi basebenze ngezandla zabo.’ Abanye babengenzi kanjalo, ngakho uPawulu wanezela: “Siyanikhuthaza, bafowethu, ukuba nibayale abangahlelekile, nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka.” Ngokusobala kwakukhona “abangahlelekile”a phakathi kwabo, ababedinga iseluleko.—1 Thesalonika 1:2-10; 4:11; 5:14.
Ngemva kwezinyanga ezithile, uPawulu wabhala incwadi yakhe yesibili eyayiya kwabaseThesalonika, eyayinamazwi engeziwe ngokuphathelene nokuba khona kukaJesu kwesikhathi esizayo. UPawulu wanikeza neziqondiso ezengeziwe ngokuphathelene nendlela yokusingatha abangahlelekile ‘ababengasebenzi kodwa bezigaxa kokungaphathelene nabo.’ Izenzo zabo zaziphambene nesibonelo sikaPawulu sokusebenza kanzima kanye nesiyalo sakhe esicacile sokuba umuntu asebenze ukuze azondle. (2 Thesalonika 3:7-12) UPawulu wayala ukuba kuthathwe izinyathelo ezithile. Lezi zinyathelo zazithathwa ngemva kwalokho okwenziwe abadala ekuyaleni nasekwelulekeni abangahlelekile. UPawulu wabhala:
“Manje siyaniyala, bafowethu, . . . ukuba nihoxe kulowo nalowo mfowethu ohamba ngokungahlelekile futhi engahambi ngokwesiko enalamukela kithi. Nina, bafowethu, ningayeki ukwenza ngokufanele. Kodwa uma noma ubani engalilaleli izwi lethu eliza ngalencwadi, mgcineni ephawuliwe lowo, niyeke ukuzihlanganisa naye, ukuze abe namahloni. Kodwa nokho ningambheki njengesitha, kodwa niqhubeke nimyala njengomfowenu.”—2 Thesalonika 3:6, 13-15.
Ngakho lezo zinyathelo ezengeziwe zazihlanganisa ukuhoxa kulabo abangahlelekile, ukubaphawula, nokuyeka ukuzihlanganisa nabo, kodwa bayalwe njengabazalwane. Yini engaholela ekutheni amalungu ebandla athathe lezo zinyathelo? Ukuze sikucacise lokhu, ake siphawule izimo ezintathu uPawulu ayengabhekisele kuzo lapha.
1. Siyazi ukuthi amaKristu awaphelele futhi ayashiyeka. Nokho, uthando luwuphawu lobuKristu beqiniso, okwenza kudingeke sibe abaqondayo nabawathethelelayo amaphutha abanye. Ngokwesibonelo, umKristu angathuka ethukuthela kakhulu, njengoba kwenzeka kuBarnaba noPawulu. (IzEnzo 15:36-40) Noma, ngenxa yokukhathala angase asho amazwi anokhahlo nahlabayo. Ezimweni ezinjalo, ngokubonisa uthando nokusebenzisa iseluleko seBhayibheli, singalisibekela lelo phutha, siqhubeke siphila, sihlanganyela futhi sisebenza nalowo mKristu esikanye naye. (Mathewu 5:23-25; 6:14; 7:1-5; 1 Petru 4:8) Ngokusobala, ukushiyeka okunjalo akukhona uPawulu ayekhuluma ngakho kweyesi-2 Thesalonika.
2. UPawulu wayengabhekisele esimweni lapho umKristu ezikhethela ukunciphisa ubudlelwane bakhe nomunye onezindlela noma isimo sengqondo esingesihle—ngokwesibonelo, umuntu obonakala egxile ngokweqile ekuzijabuliseni noma ezintweni ezibonakalayo. Noma umzali angase alinganisele izinga ingane yakhe ezihlanganisa ngalo nentsha engalinaki igunya labazali, edlala ngendlela enobudlova noma eyingozi, noma engabheki ubuKristu njengento ebalulekile. Lokho kumane kuyizinqumo zomuntu siqu ngokuvumelana nalokho esikufunda kuyizAga 13:20 ezithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.”—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:33.
3. Ebhekene nezinga lobubi elihluke ngokuphelele, uPawulu wabhalela abaseKorinte ngomuntu owenza isono esibi kakhulu futhi angaphenduki. Izoni ezinjalo ezingaphenduki kwakudingeka zikhishwe ebandleni. Lowo muntu “omubi” kwakudingeka kube sengathi unikelwa kuSathane. Ngemva kwalokho, amaKristu athembekile kwakungafanele ahlanganyele nabantu abanjalo ababi; umphostoli uJohane wanxusa amaKristu ukuba angababingeleli ngisho nokubabingelela. (1 Korinte 5:1-13; 2 Johane 9-11) Nokho, nalokhu akuhlangene neseluleko esikweyesi-2 Thesalonika 3:14.
Okuhlukile ezimweni ezintathu ezingenhla yisimo esihilela labo “abangahlelekile” okukhulunywe ngabo kweyesi-2 Thesalonika. UPawulu waloba ukuthi laba ‘basengabafowethu,’ okudingeka bayalwe futhi baphathwe ngokufanele. Ngakho, inkinga yabazalwane “abangahlelekile” kwakungeyona nje indaba ephakathi kwamaKristu athile futhi ingeyimbi ngokwanele ukuba abadala bebandla bangenele ngokubasusa ekuhlanganyeleni, njengoba uPawulu enza ngokuphathelene nesimo sokuziphatha okubi eKorinte. “Abangahlelekile” babengenzanga isono esibi kakhulu, njengoba kwakunjalo ngomuntu owasuswa ekuhlanganyeleni eKorinte.
“Abangahlelekile” baseThesalonika babechezuke kakhulu ebuKristwini. Babengasebenzi, kungaba ngenxa yokucabanga ukuthi ukubuya kukaKristu kwakuseduze noma ngenxa yobuvila. Ngaphezu kwalokho, babephazamisa kakhulu ‘ngokuzigaxa kokungaphathelene nabo.’ Cishe abadala bebandla base bebaluleke ngokuphindaphindiwe, ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu encwadini yakhe yokuqala nezinye izeluleko zaphezulu. (IzAga 6:6-11; 10:4, 5; 12:11, 24; 24:30-34) Noma kunjalo baqhubeka enkambweni eyonakalisa idumela lebandla neyayingasakazekela kwamanye amaKristu. Ngakho umdala ongumKristu uPawulu, ngaphandle kokusho amagama alabo bantu, wakuveza obala ukungahleleki kwabo, edalula inkambo yabo engafanele.
Wazisa ibandla nokuthi kungaba okufanelekile ukuba amaKristu ngamanye ‘abaphawule’ labo abangahlelekile. Lokhu kusikisela ukuthi abantu ngabanye kwakufanele babaphawule labo abanezenzo ezivumelana nenkambo ibandla eliqasheliswe ngayo obala. UPawulu wabeluleka ukuba ‘bahoxe kulabo bafowabo abahamba ngokungahlelekile.’ Ngokuqinisekile, lokho kwakungasho neze ukumgwema ngokuphelele umuntu onjalo, ngoba kwakufanele ‘baqhubeke bemyala njengomfowabo.’ Babeyoqhubeka behlangana naye njengamaKristu emihlanganweni mhlawumbe nasenkonzweni. Babengaba nethemba lokuthi umfowabo uyosabela ekuyalweni futhi alahle izindlela zakhe eziphazamisayo.
‘Babeyohoxa’ ngamuphi umqondo kuye? Kusobala ukuthi lokhu kwakuyoba sebudlelwaneni bangaphandle kwebandla. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 2:12.) Ukuhoxa ekubeni nobudlelwane nokuzijabulisa naye kwakungase kumbonise ukuthi abantu abaphila ngezimiso abazithandi izindlela zakhe. Ngisho noma engabi namahloni futhi ashintshe, okungenani abanye cishe babengeke bafunde izindlela zakhe futhi bafane naye. Ngesikhathi esifanayo, la maKristu ngamanye kwakufanele agxile kokuhle. UPawulu waweluleka: “Nina, bafowethu, ningayeki ukwenza ngokufanele.”—2 Thesalonika 3:13.
Ngokusobala, lesi seluleko somphostoli asisona isisekelo sokubukela phansi noma ukwahlulela abafowethu abenza amaphutha amancane. Kunalokho, injongo yaso iwukusiza lowo othatha inkambo ephazamisayo ephikisana kakhulu nobuKristu.
UPawulu akazange abeke imithetho eningiliziwe njengokungathi uzama ukwenza inqubo eyinkimbinkimbi. Kodwa kusobala ukuthi abadala kufanele baqale bameluleke futhi bazame ukumsiza lowo ongahlelekile. Uma behluleka futhi lowo muntu ephikelela endleleni ephazamisayo nengase isakazeke, bangase baphethe ngokuthi kufanele kuqasheliswe ibandla. Bangahlela ukuba kubekwe inkulumo echaza ukuthi kungani ukungahleleki okunjalo kufanele kugwenywe. Ngeke basho amagama abantu, kodwa inkulumo yabo eyisixwayiso iyosiza ekuvikeleni ibandla ngoba abalalelayo bayoqikelela ukuba balinganisele izinga ababa nobudlelwane ngalo nanoma ubani obonisa ngokusobala ukungahleleki okunjalo.
Lokhu kwenziwa ngethemba lokuthi lowo ongahlelekile uyoba namahloni ngezindlela zakhe abese eshukumiseleka ukuba ashintshe. Lapho abadala nabanye ebandleni bebona ushintsho, bangase banqume ngabanye ukuba bangabe besakugwema ukuba nobudlelwane naye.
Khona-ke, ngamafuphi: Abadala bebandla bayahola ekusizeni nasekwelulekeni uma othile ehamba ngokungahlelekile. Uma engaliboni iphutha endleleni yakhe kodwa eqhubeka eba ithonya elibi, abadala bangase baxwayise ibandla ngokunikeza inkulumo ecacisa umbono weBhayibheli—kungaba owokuphola nabangakholwa, noma wanoma iyiphi inkambo engafanele. (1 Korinte 7:39; 2 Korinte 6:14) AmaKristu aqasheliswe ngaleyo ndlela ebandleni anganquma ngamanye ukulinganisela noma ibuphi ubudlelwane nalabo ngokusobala abaphishekela inkambo yokungahleleki kodwa abasengabafowabo.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha lalisetshenziswa ngokuqondene namasosha ayengalihloniphi ilungiselelo elimisiwe noma ayengayilandeli inkambiso, kanye nakubafundi ababaleka esikoleni, abaphuthayo esikoleni.
[Izithombe ekhasini 31]
Abadala abangamaKristu bayabayala abangahlelekile kodwa bababheke njengabakholwa nabo