Abangane Beqiniso—Indlela Yokubathola
“UMA ufuna ukuba nomngane yiba ngumngane,” kwasho uRalph Waldo Emerson. Nokho, abaningi baye bakhetha ukuba onkom’ idla yodwa. Kunokuba bazame futhi babe umngane, bayazehlukanisa nabanye. Uye waba yini umphumela? “Abantu abachitha isikhathi esiningi bebodwa baye bazizwa ‘bengenasithakazelo bengajabuli, bephelelwe izwe,’” iphephandaba laseBrazil lacaphuna umcwaningi owayesho kanjalo. Waqhubeka: “Uma kungekho lutho olunye ongalwenza, uma kungekho muntu ongakhuluma nawe, ucabanga ngawe siqu. Kulula kakhulu ukugxila ezinkingeni zakho.”
Nokho, akumelwe ufike kulelozinga. Cishe noma ubani angafunda ukuba umngane khona-ke abese ethola abangane. Kodwa umuntu uqala kanjani? Iphuzu eliyinhloko elenza sikwazi ukuba nabangane ubuntu bethu siqu. Isaga sasendulo sisho siqinisile sithi: “Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe.” (IzAga 19:22) Ngakho-ke, ubungane beqiniso, buza kulabo ababonisa umusa. Ngokwesibonelo, uma senza abanye bazi ukuthi siyabazisa, cishe bayoba nesithakazelo kithi.
Umuntu onomusa futhi uyobalalela abanye. Umuntu owengamela ingxoxo noma okhuluma kakhulu ngaye siqu uyothola ubunzima ekutholeni umuntu onesithakazelo emizweni yakhe nezifiso. Umusa usho futhi ukuqaphela esikusho kwabanye. “Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.” (IzAga 12:18) Ngokwesibonelo: Ungase uqaphele ukuthi othile ucindezelekile noma kukhona okumkhathazayo. Isaga sithi: “Ukukhathazeka kungakwenza ungajabuli, kepha amazwi omusa ayakuthokozisa.” (IzAga 12:25, Today’s English Version) Esimweni esinjalo, ulimi lwakho oluphilisayo lungakuzuzela umngane othembekile.
Ukubaluleka Kokwethembeka
Umlobi wezAga 18:24 wabonisa umbono ojulile ebuhlotsheni bomuntu lapho ebhala: “Abanye abangane bayasilimaza, kodwa umngane weqiniso uthembekile kunomfowenu.” (The New American Bible) Yebo, ubani ofuna umngane okuthanda uma uphumulela kuphela? Kodwa cabangela isibonelo sikaDavide noJonathani. UJonathani wayengaba nenzondo ngoDavide, ngoba uJonathani wayeyindlalifa ebukhosini bakwaIsrayeli kodwa wayazi ukuthi ngempela uDavide wayezoba yinkosi. Kodwa uJonathani wabonisa ukwethembeka hhayi umona, kuDavide, efaka ngisho nokuphila kwakhe engozini ngenxa kaDavide.—1 Samuweli 18:1-3; 20:17, 31, 32; 2 Samuweli 1:26.
URuthe wayengomunye umngane othembekile. Kunokuba ashiye umamezala wakhe uNawomi, wanamathela kuye. Eqinisweni, ababebukela bavuma kahle ukuthi uRuthe ‘wayemuhle kunamadodana ayisikhombisa’ kuNawomi.—Ruthe 1:16, 17; 4:15.
Ingabe uyakubonisa ukwethembeka okunjalo? Ngokwesibonelo, uma uthola ukushiyeka kubangane bakho ingabe ukuveza kwabanye ngokungacabangi?
Kodwa kuthiwani uma othile omthandayo enephutha elingathi sína elidinga ukunakekelwa okuphuthumayo? Umngane othembekile akakugodli ukukhuluma iqiniso ngenxa yokwesaba indlela omunye umuntu angase asabele ngayo. “Amanxeba othandayo athembekile,” kusho iBhayibheli. (IzAga 27:6) Yebo, lokhu akusho ukuthi kumelwe ube nokhahlo noma ungacabangi. AmaKristu aseGalathiya lasendulo ake adinga isiyalo esingagunciyo. Kodwa qaphela ukuthi umphostoli uPawulu wasiphatha ngobuhlakani kanjani isimo wayesebuza: “Konje sengaba-yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?” (Galathiya 4:16) Umngane weqiniso uyokuthanda ‘ngokumtshela iqiniso,’ ngisho nalapho kuyisiyalo sokukubuyisa.—IzAga 9:8.
Injabulo Yokupha
Ubungane bangempela, obuhlala njalo buyizindleko ezithile. Abantu abahlala befuna ukuthola okuthile ngaphandle kokukhipha noma yini abanakuyazi injabulo uJesu akhuluma ngayo lapho ethi, “kunenjabulo enkulu ngokupha kunangokwemukela.” (IzEnzo 20:35, NW; Luka 6:31, 38) Ngakho-ke, funda ukubheka abantu ngombono walokho ongabenzela khona, esikhundleni salokho ongakuthola kubo.
IBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba ‘aphane,’ ‘abelane.’ (IzAga 11:25; 1 Thimothewu 6:18) Ungase ube nokulinganiselwe kakhulu ezintweni ezibonakalayo, kodwa kuthiwani ngesikhathi sakho? Ingabe unomkhuba wokuhlala ujahile? Ubungane buthatha isikhathi, futhi ngaphandle kokuba umuntu azimisele ukuzinika isikhathi ngabanye, ubuhlobo ngeke bachume. Ngokwesibonelo, ungase usebenzise ukubingelela okuyinhlalayenza, “Kunjani?” Kodwa ingabe uphana ngokwanele ngesikhathi sakho ukuba ume futhi uzimisele ukulalela impendulo yalombuzo? Khumbula ukuthi nakuba uJesu Kristu ayematasa kakhulu, wayesithola njalo isikhathi sokunaka labo ababemfuna.—Marku 6:31-34.
Ukugcina Ubungane Bethu Buphilile
Uma nje ubungane sebuqalisiwe, kumelwe kwenziwe wonke umzamo wokubugcina buphilile. Yiqiniso, njengoba niqhubeka nazana, ubuthakathaka obuthile nokushiyeka kuyobonakala. Nokho uyobe wenza kahle uma ubona futhi wamukela ubuthakathaka obuncane. Futhi uma ungabaza, into enhle ongayenza ukukholelwa ukuthi umngane wakho akekho ephutheni, ugweme ukuzindlekela okungafanele. ‘Bekezelelanani ngothando,’ kweluleka uPawulu. Futhi uPetru uyanezela: “Kunakho konke yibani-nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.”—Efesu 4:2; 1 Petru 4:8.
Khona-ke, futhi, yeka ukuthi kungukuhlakanipha kanjani ukungabathathi kalula abangane! Ngisho nabangane abaseduze kakhulu bayasidinga isikhathi sabo siqu. Ukuvakasha okude, okuphindwaphindwayo, noma ngesikhathi esingafanele kungase ekugcineni kube yisicefe futhi kungabe kusafunwa. Ukuhlakanipha nenhlonipho kungasikisela ukwenza amalungiselelo kusengaphambili noma nini lapho kunokwenzeka. IzAga 25:17 ziyeluleka: “Unyawo lwakho malungavami endlini [ka]makhelwane wakho, funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.”
Kuyinkambo yokuhlakanipha futhi ukugwema ukuba ofuna ukuzazi zonke, ofuna ukwazi eziphathelene nomuntu siqu, noma ukuba negunya kuye. Isizotha siyosishukumisela ukuba sigweme ukuba abaphikisayo. Ngokuqiniskile, ubungane abusinikezi ilungelo lokuphoqelela imibono yethu noma okuthandwa yithina komunye nomunye. Yebo, uma sibuswa “ukuhlakanipha kwaphezulu,” siyoba ngabacabangelayo.—Jakobe 3:17.
Basekele abangane bakho, ulandele iseluleko sikaPawulu kwabaseRoma 12:15: “Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.” Yebo, zimisele ukuhlanganyela izinsizi zabangane bakho, ukudumazeka, intokozo, kanye nempumelelo yabo. Bonisa umoya womusa, uzimisele ukuwahleka amaphutha akho siqu, hhayi nje kuphela awabanye. Amazwi amahle angasiza ngisho nasekuthambiseni ukucindezeleka ezikhathini ezibucayi. Yebo, ubungane buwumsebenzi. Kodwa ingabe abuwufanele umzamo?
Ukuthola Abangane Beqiniso
Kukuphi, nokho, lapho umuntu engathola khona abangane beqiniso? Indawo enhle ongaqala kuyo kungaba yibandla lakini loFakazi BakaJehova. LamaKristu oqobo ajabulela lobobuhlobo obuhle kangangokuthi njalo azibiza ngokuthi “abahlobo [abangane]” njengoba kwakwenza abakholwa nawo bekhulu lokuqala. (3 Johane 14) Labo baye bashiya phansi ubuzwe nokuziqhayisa kobuhlanga, okuyizinto ezehlukanisa abantu. Bazama ukuzembathisa ngalokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “umuntu omusha.” Lokhu kusho ukuhlakulela lezozimfanelo ezikhangayo ‘njengobubele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade.’ (Kolose 3:10-12) Ngokuqinisekile uyobathola abangane abafiselekayo, phakathi kwabantu abenza lokhu!
Ngokuhlangana noFakazi BakaJehova, uyofunda futhi indlela yokwenza uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe uJesu Kristu abangane bakho. UJesu wathi: “Ningabahlobo [abangane] bami uma nenza lokhu enginiyala ngakho.” (Johane 15:14) Futhi uAbrahama wasendulo wabizwa ngokuthi “umhlobo kaNkulunkulu.” UAbrahama wathola bona kanye lobobuhlobo obufiselekayo ngenxa yokholo lwakhe nemisebenzi yokulunga, nawe futhi ungenza okufanayo.—Jakobe 2:23.
Ngakho njengoba kukuhle ukwenza umzamo wokuhlakulela abangane basemhlabeni, zimisele ngokwengeziwe ukuqalisa ubuhlobo bobungane noMngane wethu wasezulwini uJehova uNkulunkulu. Ngokushesha uzomisa iPharadesi kulomhlaba, evumela zonke izinceku zakhe zasemhlabeni ukuba zihlale ngokuthula nokulondeka. Yebo, izakhamuzi zasemhlabeni ziyobe sezizungezwa izigidi eziyozibonakalisa zingabangane beqiniso phakade.—Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4; IHubo 37:10, 11.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Ubungane Obuhlanganisayo
OFakazi BakaJehova ababona nje kuphela abazalwane nodade abangokomoya kodwa futhi bangabangane. Futhi njengoba ubungane babo busekelwe ekulaleleni kwabo imiyalo kaJesu Kristu, abuvinjelwa imincele ehlukanisa izizwe. (Johane 15:14) Loluhlobo lobungane lubusiswa uNkulunkulu, okubagcina bemunye futhi belondeke njengomhlambi wezimvu esibayeni sazo.—Mika 2:12.
Ngokuvamile ubungane nobunye abukho lapho kwakhiwa khona. Nokho, lapho oFakazi BakaJehova behlangana ukuze bakhe amaHholo abo oMbuso “akhiwa ngokushesha,” umoya ophilayo wobambiswano nobungane uyabonakala. Ngokwesibonelo, oFakazi baseUnited States, eNgilandi, naseWales babambisana ukuze bacobelelane ngezindlela zabo ekwakheni amahholo. Waba yini umphumela?
“Angikaze ngikubone okufana nakho ekuphileni kwami,” kusho uRoger, umakhi waseNgilandi, “ngangingenakubona ababazi besebenza nabakhi ngoba akwenzeki ezweni. Kodwa lapho kwakhiwa khona iHholo LoMbuso ubona abazalwane besebenza ophahleni, lapho ababazi nabakhi besebenza ngaphansi nomapendane nabafaka ukhaphethe. Bonke besebenza ndawonye. Kuyamangalisa!
UMike, uyise wabantwana ababili eWales, waphawula ukuthi “wonke umuntu angahlanganyela kulobo bungane.” Futhi umngane wakhe uMalcolm waphawula isizathu, ethi: “Uma bonke abazalwane besebenza ngobunye, egameni likaNkulunkulu, khona-ke uyawubusisa lowomsebenzi ngomoya wakhe.”
[Isithombe ekhasini 5]
Ubungane beqiniso abunayo imingcele yobudala
[Isithombe ekhasini 6]
Singazuza abangane beqiniso ngokuphana, sabelane