Makungabi Namuntu Onamuka Umklomelo Wenu
“Makungabikho-muntu onamuka umvuzo [“umklomelo,” NW] wenu, othanda ukuzenza othobile . . . ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama.”—KOLOSE 2:18.
1, 2. Abaningi baye bamelana kanjani nezithakazelo zaphakade zabanye abantu, ungazisho ezinye izibonelo zalokhu ezitholakala eBhayibhelini?
ISONI sokuqala esingumuntu, uEva, saholelwa ekufeni kwaso isidalwa somoya esinobuqili, esingaphezu komuntu. Isoni sesibili, uAdamu, sayengwa umkaso—umuntu wemvelo nje.—1 Thimothewu 2:14; Genesise 3:17.
2 UEva wayengowokuqala wohide lwabantu abazikhuthazo zabo, uma zigcinwa, zaziyosebenza ngokumelene nezithakazelo ezihlala njalo zabanye abantu. Lalela njengoba amazwi abo enkeneneza lonke iBhayibheli! UmkaPotifari kuJosefa: “Lala nami.” (Genesise 39:7) UmkaJobe: “Thuka uNkulunkulu, ufe.” (Jobe 2:9) AmaIsrayeli kuAroni: “Vuka usenzele onkulunkulu abazohamba phambi kwethu.” (Eksodusi 32:1) UPetru kuJesu Kristu: “Musa, Nkosi, lokhu akusoze kwenziwa kuwe.”—Mathewu 16:22.
3. Isiphi isixwayiso uPawulu asinikeza kwabaseKolose 2:18, futhi imiphi imibuzo ephakamayo ngenxa yalokho?
3 Ngokuvamile izikhuthazo ezinjalo ziye zaphumela ekubhujisweni kwenye yezinceku zikaJehova. Ngakho lapho kuyiqiniso ukuthi amaKristu ‘abambene . . . nomoya bobubi emkhathini,’ ngokuvamile kuba abantu akanye nabo abayingozi eseduze. (Efesu 6:12) Ngakho-ke umphostoli uPawulu waxwayisa: “Makungabikho-muntu onamuka [umklomelo] wenu.” (Kolose 2:18) Uyini lomklomelo? Futhi kungani ezinye zezinceku zikaJehova ziye zawulahla ngokuvumela ithonya labantu abangaphelele? Ekuphenduleni, ake sihlole izimo eKolose ezashukumisela uPawulu ukuba anikeze lesixwayiso.
4, 5. (a) Imaphi amathonya angokwenkolo ayekhona eKolose? (b) Yayiyini inkolelo yokuthi yonke into ayilungile, futhi imiphi imiphumela eyingozi ithonya layo elalingase liyiveze?
4 IKolose yayiyindawo yovivinyo olunzima ngokwenkolo. AbaseFrigiya babengabantu abathathekayo becwile ngokuphelele emimoyeni nasekukholelweni ezeni kokukhonza izithombe. Futhi kwakunabantu bedolobha abangamaJuda, besaboshwe inkolo yobuJuda. Ukuba kweKolose seduze nendlela enkulu yezohwebo nakho kwaphumela ekuthuthelekeni kwezivakashi kancane kancane. Ngokunokwenzeka, lezivakashi zazithanda ukuchitha isikhathi sazo sokuphumula zikhuluma noma zilalela okuthile okusha. (eqhathanisa nezEnzo 17:21.) Lokhu kwaholela ekusakazekeni kolwazi lokuhlakanipha komuntu oluningi olusha, phakathi kwalo kwakunenkolelo eyayivela kancane kancane yokuthi yonke into ayilungile. Isazi uR. E. O. White uthi: “Inkolelo yokuthi yonke into ayilungile yayiwukuthambekela komqondo owawusakazeke njengendaba yokuziphendukela kwemvelo namuhla. Cishe yaba ngevelele ngekhulu lokuqala leminyaka noma ngaphambili futhi yafinyelela umvuthwandaba ngelesibili. Yayihlanganisa ukucabangela ngokolwazi lokuhlakanipha komuntu, ukukholelwa ezeni, imikhuba esamlingo, futhi ngezinye izikhathi ukucindezela kwentshiseko eyeqile ngisho nokwenhlamba.”
5 Ngenxa yesimo esinjalo eyayikuso, kubonakala sengathi inkolo eKolose yaba uhlobo oluthile lokuhlola izinto okuqhubekayo—ingxubevange yenkolo yobuJuda, ulwazi lokuhlakanipha kwamaGreki, nezinkolelo zobuhedeni ezingenazisekelo. Ingabe nobuKristu babungafakwa ovivinyweni olufanayo?
‘Namukwe Umklomelo’—Kanjani?
6. (a) Amazwi kaPawulu ayengalivimbela kanjani ithonya lezihlakaniphi ezingabahedeni nelenkolo yobuJuda? (b) Kungani kwakunesidingo ngamaKristu ukuba ‘axwaye’?
6 Incwadi kaPawulu enamandla eyayiya kwabaseKolose kwakumelwe ilwisane nethonya lanoma ibaphi ababengase bafise ukuxubanisa inkolo yobuJuda nolwazi lokuhlakanipha kobuhedeni nobuKristu. Ngokuphindaphindiwe, wadonsela ukunakekela kuKristu. UPawulu waloba: “Okufihlwe kuye [uKristu, hhayi noma imuphi osenkolweni yobuJuda noma onolwazi lokuhlakanipha kobuhedeni] amagugu onke okuhlakanipha nawokwazi.” AbaseKolose bakhuthazwa ukuba ‘bahambe bekuye [uKristu], begxilile, bakhiwe kuye, beqinisiwe ekukholweni.’ Ngaphandle kwalokho, babengase badukiswe. Ngakho uPawulu waxwayisa: “Xwayani funa kube-khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu.”—Kolose 2:3, 6-8.
7. (a) Kungani izimfundiso zezazi zokuhlakanipha ezingabahedeni nezababesenkolweni yobuJuda zazingase zihlabe amanye amaKristu umxhwele? (b) Kungani izimfundiso zabo ‘zaziyinkohliso eyize’ ngempela?
7 Mhlawumbe abanye abalandeli bakaJesu Kristu abasha balahlekelwa ukwesaba inkolo engenazisekelo noma ukuthonywa ulwazi lokuhlakanipha kwabantu. Amanye amaKristu angamaJuda kungenzeka ayenothando olungapheli ngamasiko ayengasasebenzi enkolo yobuJuda. Ngakho-ke izimfundiso zezihlakaniphi ezingabahedeni nezabenkolo yobuJuda zaziyohlaba umxhwele ngandlela-thile kubantu abanjalo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi labobafundisi bamanga babebonakala beqiniseke noma beqephuza kanjani, babenikeza ‘inkohliso eyize’ nje kuphela. Esikhundleni sokucacisa iZwi likaNkulunkulu elingcwele, babemane bephindaphinda ngokungenangqondo ‘izifundiso zokucathula kwezwe’—ulwazi lokuhlakanipha olungenalusizo, imiyalo, nezinkolelo ezingenangqondo. Ukwamukela leyomiqondo enephutha kwakuyosho ingozi enkulu ngomKristu. Ngakho, uPawulu wathi: “Makungabikho-muntu onamuka [umklomelo] wenu.”—Kolose 2:18.
8. (a) Wawuyini “umklomelo,” futhi imiphi imibhalo esekela impendulo yakho? (b) AmaKristu agcotshiwe angemukwa kanjani “umklomelo”?
8 “Umklomelo” wawuwukuphila okungapheliyo emazulwini. Wafaniswa nomklomelo onikwa umgijimi onqobile ngemva komncintiswano okhathalisayo. (1 Korinte 9:24-27; Filipi 3:14; 2 Thimothewu 4:7, 8; IsAmbulo 2:7) Ekugcineni, uJehova uNkulunkulu kuphela ngoJesu Kristu ongenza othile angafaneleki emncintiswaneni wokuphila. (Johane 5:22, 23) Nokho, uma umfundisi wamanga eletha umKristu ngaphansi kwethonya lakhe, lokhu kungaba nomphumela wokumamuka umklomelo. Umuntu okhohlisiwe angachezuka kakhulu eqinisweni kangangokuthi angahluleka ukuqeda umncintiswano!
Ubuntu Babafundisi Bamanga
9. Iziphi izinto ezine ezaziphawule abafundisi bamanga phakathi kwabaseKolose?
9 Khona-ke, ingabe yayikhona indlela yokubona umuntu owayenenjongo ‘yokwamuka umKristu umklomelo’? Yebo, ngoba uPawulu wanikeza izimpawu zobuntu babafundisi bamanga eKolose. Umuntu onjalo (1) ‘uthanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi’; (2) ‘uphika ngemibono yakhe’; (3) ‘uzikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama’; kuyilapho (4) “engabambeleli kuye oyinhloko,” uJesu Kristu.—Kolose 2:18, 19.
10. Abafundisi bamanga ‘babekuthanda kanjani ukuzenza abathobile’?
10 Yeka ukuhlakanipha kobuqili! Engakunaki ukulahla kukaJesu ukuzila kokuzenzisa, umfundisi wamanga wabonisa ukuzithoba kokuzenzisa okukhangayo. (Mathewu 6:16) Yebo, umfundisi wamanga ‘wayethanda’ ukugabisa ngokuzila nangezinye izinhlobo zokuzincisha ezingokwenkolo. (Kolose 2:20-23) Ukunyukubala kwakhe kwakuklanywe ngokucophelela ukuba kubonise ubumnene bokuzenzisa. Yebo, umfundisi wamanga ‘wenza ukulunga kwakhe phambi kwabantu ukuba abonwe yibo.’ (Mathewu 6:1) Kodwa konke lokhu kwakuwukumbuluza, “ukuzenza othobile.” Njengoba iThe Expositor’s Bible ikubeka: “Umuntu owaziyo ukuthi uthobekile, futhi aneliswa yikho, ebuka ngelokuhlola insimu kunoma isiphi isibuko angase azibone kuso, akathobekile neze.”—Omalukeke sizenzele.
11. (a) Kwakuyini ukukhulekela izingelosi? (b) Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi ukukhulekela izingelosi kwaphikelela eKolose?
11 Nokho, lokhu kuthobeka kokuzenzisa kwanezela ukukholeka okuthile esenzweni ebesingaba esingenangqondo ngaphandle kwakho—‘ukukhonza izingelosi.’ UPawulu akachazi ngokuthe ngqó ukuthi lokhu kukhonza kwakwenziwa kanjani. Nokho, ubufakazi buwukuthi kwakuwuhlobo lokukhulekela kwamanga okwaphikelela endaweni yaseKolose amakhulu eminyaka. Umkhandlu wekhulu lesine eLawodikeya engumakhelwane wakuthola kudingekile ukuba uthi: “AmaKristu akumelwe ashiye iBandla likaNkulunkulu, . . . abese ebiza amagama ezingelosi. . . . Ngakho-ke, uma noma ubani etholakala enza lokhu-kukhulekela izithombe kwangasese, makabe oqalekisiweyo.” Nokho, oyisazi sesayensi ngoNkulunkulu noyisazi sekhulu lesihlanu uTheodoret ubonisa ukuthi “lobububi” bokukhulekela izingelosi babusekhona ngosuku lwakhe. Namuhla, iSonto lamaKatolika “likhuthaza abantu abathembekile ukuba bathande, bahloniphe, futhi bakhulekele izingelosi,” likhuthaza “amaMisa nezikhathi zokuthandazela izingelosi ezibagadile.”—New Catholic Encyclopedia, Umqulu I, ikhasi 515.
12. Abafundisi bamanga babengase bakucabangele kanjani ukukhulekela izingelosi njengokwamukelekile?
12 Esebenzisa indlela yokucabanga efanayo neyezazi zenkolo zamaKatolika, umfundisi wamanga kungenzeka wathi: ‘Yeka ilungelo elimangalisayo izingelosi ezinalo! UMthetho kaMose awudluliswanga yini ngazo? Azisondelene yini noNkulunkulu ezulwini? Ngokuqinisekile kumelwe sinike lezi ezinamandla inhlonipho ezifanele! Ingabe lokhu bekungeke yini kubonise ukuthobeka kweqiniso ngathi? Futhi-ke, uNkulunkulu uphakeme kakhulu, futhi thina bantu siphansi kakhulu! Ngakho-ke, izingelosi zingasebenza njengabaxhumanisi bethu ekusondeleni kuNkulunkulu.’
13. (a) Ingabe ukukhulekela izingelosi kwemukelekile? (b) Umfundisi wamanga ‘wayephika kanjani ngemibono yakhe’?
13 Nokho, ukukhulekela izingelosi nganoma iyiphi indlela, akulungile. (1 Thimothewu 2:5; IsAmbulo 19:10; 22:8, 9) Kodwa umfundisi wamanga wayengazama ukuchiliza lombono ‘ngokuphika ngemibono yakhe.’ NgokweThe Vocabulary of the Greek Testament, lenkulumo yayisetshenziswa “ezinkolweni zangasese ukubonisa umvuthwandaba wokuthwasiswa, lapho othwasiswayo ‘ebeka unyawo’ emnyango wokuphila okusha lokho manje azokuhlanganyela nonkulunkulu.” Ngokusebenzisa inkulumo yabahedeni, uPawulu walingisa indlela umfundisi wamanga ayeziqhenya ngayo ngokuba nokuqondisisa okukhethekile—mhlawumbe esho nokuthi unemibono engaphezu kweyemvelo.
14. Abafundisi bamanga ‘babezikhukhumeza kanjani ngengqondo yabo yenyama’?
14 Nokho, nakuba ayethi ungokomoya, umfundisi wamanga wayezikhukhumeza ngempela ngaphandle kwesizathu esiqondile ngengqondo yakhe yenyama. Inyama enesono yafiphaza umbono wakhe nezisusa. “Ezikhukhumeza” ngokuziqhenya nangokuzidla, ingqondo yakhe ‘yayisemisebenzini emibi.’ (Kolose 1:21) Okubi kakhulu, wayengabambelele kuye oyinhloko, uKristu, ngoba wayethanda kakhulu ukucabangela kwabantu bezwe kunezimfundiso zikaJesu.
Ingabe Isekhona Ingozi?
15. (a) Isiphi isimo sengqondo esiphawulekayo phakathi kwamaKristu namuhla? (b) Isimo esinjalo sivelaphi, futhi siqhathaniseka kanjani neseluleko seBhayibheli?
15 Umvuzo wokuphila okuphakade—ezulwini noma emhlabeni oyipharadesi—usuvulelwe izinceku zikaJehova. Iqiniso, labo abakholelwa ekutheni yonke into ayilungile nabakholwa enkolelweni yobuJuda sekuyisikhathi eside bafa. Nokho kunabantu manje abangase bavimbele umKristu ekutholeni lomklomelo. Lokho bangase bangakwenzi ngamabomu. Nokho, ngenxa yokuthi baye bazivumela ukuba bathonywe ‘ukuhlakanipha nenkohliso eyize’ yalesimiso ngokungafanele, bangase bathi:
‘Ngizama ukwethembeka, kodwa kunzima uma uqhuba ibhizinisi. Kulomhlaba akukho nkwali yaphandela enye, futhi ngezinye izikhathi kumelwe umane uzivumelanise nesimo.’ (Qhathanisa lombono nezAga 11:1; Heberu 13:18.)
‘Usho ukuthi usewumama wekhaya nje? Izikhathi sezishintshile! Kungani ungatholi umsebenzi wenze okuthile ngokuphila kwakho!’ (Qhathanisa nezAga 31:10-31.)
‘Ngiyazi ukuthi umsebenzi wami uthatha isikhathi semihlangano nesenkonzo yasensimini kancane. Kodwa kudinga imali eningi ukondla kulesikhathi sethu. Futhi yini embi ekubeni nezinto ezimbalwa ezinhle?’ (Qhathanisa lomqondo noLuka 21:34, 35; 1 Thimothewu 6:6-8.)
‘Ngiyanengwa ukulokhu ngizwa abadala bekhuluma ngenkonzo yasensimini njalo! Ngisebenza isonto lonke futhi ngidinga ukuphumula ngezimpelasonto.’ (Qhathanisa noLuka 13:24; Marku 12:30.)
‘Ukuphayona akukhona okukanoma ubani. Ngaphandle kwalokho, kwezomnotho zanamuhla udinga imfundo yaseyunivesithi uma ufuna ukuphumelela.’ (Qhathanisa lokhu noMathewu 6:33; 1 Korinte 1:19, 20; 1 Thimothewu 6:9-11.)
Ukucabanga ngezinto ezibonakalayo nezingokwenyama kuyingxenye ‘yezimfundiso zokucathula kwezwe’—imiyalo eyisisekelo nezinkolelo zabantu bezwe! Ukuvumelana nakho kungase kubangele ukulimala ngokomoya okungasenakulungiswa.
16. Abanye namuhla bangaba kanjani abehluleli bokuzenzisa?
16 Abahluleli nabafundisi abazimisa ngokwabo baletha enye ingozi futhi. Njengalabo baseKolose, bangase benze izimpikiswano zezindaba zomuntu siqu ngokuphelele. Ngokuvamile babonakala ‘ngokuzenza abathobile.’ (Kolose 2:16-18) Isimo sabo sokuthi ngingcono kunosibanibani sibonisa isisusa esibi—isifiso sokuziphakamisa ngaphezu kwabanye. Ngokuvamile ‘balunge ngokwedlulele,’ beshesha ukuhambela phambili lokho ‘inceku ethembekileyo’ ekushilo noma ekukhiphile. Ngakho bangase baphembe izimpikiswano ngezindaba ezinjengokuzijabulisa, ukunakekelwa kwempilo, izindlela zokugqoka nezokuzilungisa, noma ukusetshenziswa kophuzo oludakayo. (UmShumayeli 7:16; Mathewu 24:45-47) Ngaleyondlela ukunakekela kususwa ezindabeni ezingokomoya kuqondiswe ezifisweni zenyama.—Qhathanisa neyo-1 Thimothewu 6:3-5.
17, 18. (a) Abanye baye ‘baphika kanjani’ ngemibono yabo siqu, futhi kungani lokhu kuyingozi? (b) Yini isifundo sethu esizayo esiyoxoxa ngayo?
17 Namuhla, abanye baze ngisho ‘baphike’ ngemibono yabo yemiBhalo, noma bathi banokuqondisisa okukhethekile. Omunye wesifazane, owayebhapathizwe unyaka owodwa nje kuphela, wathi ungogcotshiwe futhi wacabanga ukuthi lokhu kwenza imibono yakhe yamukeleke kangcono. Kanjalo wabonisa isifiso esinamandla ‘sokufundisa nokukhuthaza abanye’ ngokwesikhundla esithile sokuphatha. (Kodwa bheka eyoku-1 Thimothewu 2:12.) Njengoba uJehova ekuzonda “ukuzidla, nokuzikhukhumeza,” amaKristu kumelwe abe nombono ozothile ngemibono yawo siqu. (IzAga 8:13) Agwema ugibe ‘lokuzikhukhumeza ngeze ngengqondo yawo yenyama.’ (Kolose 2:18) Bonke abathuthukisa imiqondo yabo futhi bafiphaze iseluleko ‘senceku ethembekileyo’ emiswe uKristu ababambelele kuye oyinhloko. Khona-ke, ngokuqinisekile, oFakazi BakaJehova abathembekile kumelwe bamelane nethonya elingavunyelwe lokungakholwa elingase libamuke umklomelo wokuphila.
18 USathane usasebenzisa umuntu ukuba avimbele abanye abantu ekutholeni ukuphila. Iziphi ezinye zezindlela uSathane asebenzisa ngazo lobuqili? Futhi ufakazi kaJehova angabambelela kanjani ngokuqinile emklomelweni?
Uyakhumbula?
◻ Imaphi amathonya angokwenkolo asongela amaKristu eKolose lasendulo?
◻ Zaziyini izici ezazibonakalisa labo ababengamuka amaKristu “umklomelo”?
◻ Amanye amaKristu namuhla abonisa kanjani ukuthi aye athonywa ‘izifundiso zokucathula kwezwe’?
◻ Abafundisi bamanga bangawaqondisa kanjani amaKristu enkambweni engalungile?
[Isithombe ekhasini 12]
‘Ukukhonza izingelosi’ kwasongela ibandla lamaKristu aseKolose. Ukukhonza izithombe okufanayo kuyaqhubeka phakathi kwamaKristu okuzisholo namuhla
[Isithombe ekhasini 14]
Qaphela labo abangakuthonya ngokucabanga kwezwe!