Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 7/15 kk. 15-20
  • Gijimani Kanjalo, Ukuze Nithole Umklomelo’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Gijimani Kanjalo, Ukuze Nithole Umklomelo’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ukwesaba Abantu”
  • Izibopho Zomkhaya
  • Abangane Bakho—‘Bahlakaniphile’ Noma ‘Bayiziwula’?
  • Thola Umklomelo!
  • Makungabi Namuntu Onamuka Umklomelo Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ungavumeli Lutho Lukulahlekisele Ngomklomelo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • “Akunasikhubekiso” Kulabo Abathanda UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • ‘Gijima Uze Uyoqeda’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 7/15 kk. 15-20

Gijimani Kanjalo, Ukuze Nithole Umklomelo’

“Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo. Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.”—1 KORINTE 9:24.

1, 2. (a) Yini engaba into ebuhlungu kakhulu ngomKristu namuhla? (b) Isiphi iseluleko esanikezwa uPawulu kweyoku-1 Korinte 9:24, futhi sasebenza kanjani kumaKristu aseKorinte?

KWAKUYOBE kungumvuthwandaba okhazimulayo weminyaka eyi-12 yokulungiselela kokuzikhandla. Kodwa ngaphezudlwana kwengxenye yebanga lomncintiswano, umgijimi osemusha wawa egqumeni, aphela ngokuphazima kweso amaphupho akhe emendlela yegolide yeOlympic. Amaphepha ezindaba abiza ukuwa kwakhe ngokuthi “indaba ebuhlungu.”

2 Nokho, okungaba buhlungu ngokwengeziwe kungaba ukwehluleka kukafakazi kaJehova ukuqeda umncintiswano wokuphila, ikakhulukazi njengoba uHlelo Olusha oluthenjisiwe seluseduze kangaka! (2 Petru 3:13) Khona-ke, ngokufanelekile, umphostoli uPawulu wathi: “Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo. Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole.” (1 Korinte 9:24) Abanye eKorinte lasendulo babesengozini yokulahlekelwa yiwo ngoba babezenzela abakuthandayo, ngisho nalapho ‘belimaza onembeza’ babanye. (1 Korinte 8:1-4, 10-12) Nokho ukuphumelela emncintiswaneni, kwakusho ukuzidela, ngoba uPawulu wathi: “Bonke abancintisanayo bayazithiba . . . ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuze mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.”—1 Korinte 9:25-27.

3. (a) Isiphi isimo esasikhona eKolose esasingavimbela amaKristu ukuba aqede umncintiswano? (b) Ingabe kwakutuswa ngamaKristu aseKolose ukuba atadishe ulwazi lokuhlakanipha nezinkolelo ezingenazisekelo eziqinile?

3 Kamuva, lapho ebhalela abaseKolose, uPawulu waxwayisa ngenye futhi ingozi enokwenzeka—yabantu ‘ababeyobamuka umklomelo wabo’ wokuphila. (Kolose 2:18) Ngakho amaKristu ‘ayengagijima kanjani ukuze awuthole’? Ingabe umphostoli wasikisela ukuba atadishe ulwazi lokuhlakanipha kanye nezinkolelo ezingenazisekelo eziqinile ukuze aphikisane ngokuphumelelayo nabafundisi bamanga? Cha, ngoba amaKristu ‘ayesefile ezifundisweni zokucathula kwezwe’ futhi kwakumelwe angafuni lutho olwaluyowahlanganisa nokuhlakanipha kwalo namasiko.—Kolose 2:20.

4. Ukuthola ‘ulwazi oluqondile’ kwakungawasiza kanjani amaKristu aseKolose?

4 Ngakho-ke, uPawulu wakhuthaza ayekholwa nabo ukuba baqondise imizamo yabo ‘ekugcwalisweni ngokwazi intando [kaNkulunkulu] ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungokomoya. Yebo, ‘ulwazi oluqondile’—hhayi ukucabangela okuyize—lwaluyobasiza ukuba ‘bahambe ngokufanele iNkosi, bayithokozise ngakho konke.’ (Kolose 1:9, 10; bheka futhi abaseKolose 3:10.) Kuyiqiniso, amaKristu amaningi eKolose ngokunokwenzeka ayengasho ngekhanda izimfundiso eziyisisekelo zemiBhalo. Kodwa ngokutadisha nokuzindla, ayedinga ukudlula kokuyisisekelo futhi ‘asekelwe’ ngokugxilile esisekelweni sikaKristu. (Kolose 1:23; 1 Korinte 3:11) Ngemva kokuthola ukujula okunjalo, ‘akukho muntu owayengawakhohlisa ngamazwi okuyenga.’ (Kolose 2:4) Ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngokuhlakanipha, ayengakuphikisa ngokuphumelelayo okushiwo yinoma yibaphi abakhulekeli bezingelosi noma abenkolo yobuJuda.—Duteronomi 6:13; Jeremiya 31:31-34.

5. (a) Nikeza izibonelo ‘zokujulileyo’ umKristu ovuthiwe okumelwe akwazi futhi akuqonde. (b) Okuhlangenwe nakho komunye udade kuyibonisa kanjani ingozi yokungangenisi ‘ulwazi oluqondile’?

5 Nokho, ingabe wena, usuye wadlula “esifundisweni sokuqala” futhi waphenya ‘kokujulileyo kukaNkulunkulu’? (Heberu 6:1; 1 Korinte 2:10) Ngokwesibonelo, ungazikhomba izilo zesAmbulo noma uchaze ukuthi liyini ithempeli elingokomoya? (IsAmbulo, isahluko 13; Heberu 9:11) Ungasichaza isisekelo esiNgokomBhalo senhlangano yosuku lwanamuhla yoFakazi BakaJehova? Ingabe unesisekelo esiqinile semfundiso yeBhayibheli? Omunye udade ongumKristu wakuthola kunzima ukuvikela izinkolelo zakhe lapho exoxa ngoZiqu-zintathu nowesifazane othile. Kamuva, owesifazane wanikeza udadewethu incwadi eyayigxeka inhlangano kaJehova. “Ngacindezeleka kakhulu ngokomoya,” kukhumbula loFakazi. Ngokujabulisayo, umdala wakwazi ukudalula ubufakazi bamanga babaphikisi futhi wabuyisela ukholo lukadadewethu. (Juda 22, 23) “Manje ngiyaqonda,” uyasho, “ukuthi kungani iNhlangano ngaso isikhathi ithi thandaza, utadishe, futhi uzindle.”

“Ukwesaba Abantu”

6. (a) Yini eye yabonakala iyisikhubekiso kwezinye izinceku zikaNkulunkulu? Nikeza ezinye izibonelo zeBhayibheli. (b) Yini ngokuvamile ebangela ukwesaba umuntu?

6 “Ukwesaba abantu kubeka ugibe,” kuxwayisa indoda ehlakaniphile. (IzAga 29:25) Futhi ngezinye izikhathi ‘ukwesaba ukufa’ okuthusayo noma isifiso esingaqondile sokwemukelwa abanye kuqhubela umuntu kulolugibe. (Heberu 2:14, 15) UEliya, ngokwakhe, wamelana ngokungesabi nabakhulekeli bakaBali. Kodwa lapho iNdlovukazi ulzebeli ikhipha izwi lokubulawa kwakhe, “wesaba . . . wayesehamba ngenxa yomphefumulo wakhe wafika eBeri-sheba.” (1 AmaKhosi 19:1-3, NW) Ngobusuku uJesu abanjwa ngabo, umphostoli uPetru ngokufanayo wavumela ukwesaba umuntu. Nakuba uPetru ayeye waqhosha, “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongwenl nasekufeni,” lapho kuthiwa ungomunye wabafundi bakaKristu, “waqala ukuthuka nokufunga, wathi: Angimazi lowomuntu.”—Luka 22:33; Mathewu 26:74.

7. (a) Ngokunokwenzeka, yini eyaba isizathu sangempela esabangela abanye eKolose ukuba bahlanganise ubuKristu nobuJuda? (b) Obani namuhla ababonakala benesisusa esifanayo?

7 Isifiso esinokwesaba sokwamukelwa kungenzeka saba isizathu sangempela esenza abanye bafune ukuhlanganisa ubuKristu nenkolo yobuJuda. Lapho abenkolo yobuJuda bedlanga eGalathiya, uPawulu wadalula ukuzenzisa kwabo, ethi: “Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa.” (Galathiya 6:12) Kungenzeka yini ukuthi isifiso esifanayo sokwamukeleka kwabaningi siye saba amandla ashukumisa abanye abaye bashiya inhlangano kaJehova muva nje?

8, 9. (a) UmKristu namuhla angakubonisa kanjani ukwesaba umuntu? (b) Lokhu kwesaba kunganqotshwa kanjani?

8 AmaKristu kumelwe asebenzele ukunqoba ukwesaba okunjalo. Uma ungabaza ukushumayela ezindaweni eziseduze nakini, noma ugodla ukufakaza ezihlotsheni, kosebenza nabo, noma kofunda nabo, khumbula umbuzo uJehova awubuzayo kuIsaya 51:12: “Ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyokwenziwa ibe-njengotshani, na?” (Qhathanisa noMathewu 10:28.) Zikhumbuze ukuthi noma ubani “owethemba uJehova uyalondeka.” (IzAga 29:25) UPetru wakunqoba ukwesaba kwakhe umuntu, ekugcineni efa ukufa komfel’ ukholo. (Johane 21:18, 19) Futhi abazalwane abaningi namuhla babonisa isibindi esifanayo.

9 Isithunywa sevangeli esasikhonza ezweni lapho umsebenzi wokushumayela wawuvinjelwe khona sathi: “Kufuna ukholo ukuya emhlanganweni noma enkonzweni, wazi ukuthi kungenzeka uthathwe amaphoyisa.” Kodwa njengomhubi abazalwane lapho bathi: “UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” (IHubo 118:6) Futhi umsebenzi kulelozwe wachuma, kamuva uthola ukuqashelwa ngokomthetho. Ukuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini kuyokusiza ngempela ukuba uthembele ngokufanayo kuJehova.

Izibopho Zomkhaya

10. (a) Isiphi isidingo esingokomzwelo sendawo yonke, futhi ngokuvamile sigcwaliswa kanjani? (b) Nikeza izibonelo zeBhayibheli zamadoda aluthando lwawo ngomkawo lwalunamandla kunobuhlobo bawo noJehova.

10 Incwadi enesihloko esithi The Individual, Marriage, and the Family ithi: “Isidingo sendawo yonke somuntu ngamunye kuyo yonke imiphakathi nakuzo zonke izingxenye zomphakathi isidingo sokuba ‘ngowothile nokuba nomuntu obalulekile ‘ongowakhe.’” Ngokuvamile lesidingo sigcwaliswa ngelungiselelo lomkhaya, ilungiselelo likaJehova. (Efesu 3:14, 15) Nokho, uSathane uyakusebenzisa ukusondelana esinakho emalungwini omkhaya. Imizwa ka-Adamu enamandla ngomkakhe ngokusobala yamshukumisela ukuba angayinaki imiphumela futhi wahlanganyela naye ekuhlubukeni. (1 Thimothewu 2:14) Futhi kuthiwani ngoSolomoni? Naphezu kokuhlakanipha kwakhe okudumile, “kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe . . . uSolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova.”—1 AmaKhosi 11:4-6.

11. UEli ‘wawadumisa kanjani amadodana akhe ngaphezu kukaJehova’?

11 Uyamkhumbula uEli owayesemdala, umpristi ophakeme kaIsrayeli? Amadodana akhe oHofini noFinehasi “ayengabantu ababi; ayengamazi uJehova.” Abonisa ukungayinaki ngokweyisa iminikelo eya kuJehova futhi aziphatha kabi ngokobulili “nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.” Kodwa uEli wayekhuza ngendlela ebuthaka kakhulu. (“Nenzelani izinto ezinjalo na?”), engenzi-mzamo wokubasusa esikhundleni sabo esiphakeme. Ngenye indlela, ‘wayedumisa amadodana akhe ngaphezu kukaJehova,’ lokhu kwaphumela ekufeni—kwakhe—nokwawo!—1 Samuweli 2:12-17, 22, 23, 29-34; 4:18.

12. (a) Isiphi isixwayiso esanikezwa uJesu ngokuphathelene nezibopho zomkhaya? (b) Iyiphi indlela yokucabanga kwezwe abanye abangase bayilandele uma kukhulunywa ngezihlobo, kodwa ingabe lokhu kuqondile ngokomBhalo?

12 Ngakho-ke, ukwethembeka okuqondiswe kabi kungakuvimbela emncintiswaneni wakho wokuphila. UJesu watshela abafundi bakhe: “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.” (Mathewu 10:37; Luka 14:26) Kodwa kuthiwani uma othandekayo eshiya iqiniso noma esuswa ekuhlanganyeleni? Ingabe ubungahambisana nomqondo wezwe wokuthi “akukho silima esindlebende kwabo” bese ulandela lesosihlobo ekubhujisweni? Noma ubungabeka ukholo emazwini eHubo 27:10: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela”?

13. Amadodana kaKora akubonakalisa kanjani ukwethembeka kwawo kuJehova, futhi abusiswa kanjani ngalokhu?

13 Amadodana kaKora ayenokholo olunjalo. Uyise wahola ekuhlubukeni igunya likaMose noAroni. Nokho, uJehova wabonisa ngokoqobo ukuthi wayebasekela oMose noAroni ngokubulala uKora nabavukeli ababekanye naye. Nokho “amadodana kaKora awafanga.” (Numeri 16:1-3, 28-32; 26:9-11) Ngokusobala enqaba ukuhlanganyela noyise ekuhlubukeni, futhi uJehova wabusisa ukwethembeka kwawo ngokuwagcina ephila. Isizukulwane sawo kamuva saba nelungelo lokubhala izingxenye zeBhayibheli!—Bheka amazwi alotshwe ngenhla amaHubo 42, 44-49, 84, 85, 87, 88.

14. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa isibusiso esitholakala ngokubeka ukwethembeka kuJehova ngaphezu kokwethembeka ezihlotsheni?

14 Ngokufanayo namuhla, ukwethembeka kuphumela ezibusisweni. Omunye uFakazi osemusha ukhumbula isimo yena nabafowabo abasithatha lapho unina, owayesenesikhathi eside epholile njengomKristu, engenela umshado wokuphinga. “Sabika indaba kwabadala,” ekhumbula, “futhi njengoba ayengahlali ekhaya, sanquma ukunciphisa ubudlelwano naye kuze kube yilapho abadala sebesingethe indaba. Kwakuyinto enzima kunazo zonke okwake kwadingeka sizenze.” Unina wabasola, “Ingabe ukuphila kwenu okuphakade kusho okungaphezulu kinina kunami?” Kulokhu baphendula. “Ubuhlobo bethu noJehova busho okungaphezu kwanoma yini.” Owesifazane washukumiseleka ukuba abonise ukuphenduka okuqotho, wahlunyelelwa ngokomoya, futhi wabuye wakhonza njengommemezeli okhuthele wezindaba ezinhle.

15. (a) Abanye abazali baye babavumela kanjani abantwana babo ukuba babe izikhubekiso? (b) Umzali angazisiza kanjani yena siqu nenzalo yakhe ukuba bazuze ukuphila?

15 Abanye baye bavumela izingane zabo siqu zaba izikhubekiso. Ngokwehluleka ukuqaphela ukuthi “ubuwula buboshelwe enhliziyweni” yabantu abasha, abanye abazali baye bavumela abantwana babo ukuba badlelane eduze nabantu bezwe, babe sezindaweni zokuzijabulisa ezingathandeki, futhi baphole ngisho nalapho besebancane kakhulu ukuba bashade. (IzAga 22:15) Ngokuvamile iba yini imiphumela edabukisayo yokuyekelela okunjalo? Ukuphuka komkhumbi okungokomoya. (1 Thimothewu 1:19) Abanye baze ngisho bavumele ububi ngokufihla ngobuqili isenzo esibi sabantwaiia babo! (IzAga 3:32; 28:13) Nokho, ngokunamathela ngokwethembeka ezimisweni zeBhayibheli, umzali usiza kokubili yena siqu kanye nabantwana bakhe ukuba bathole umklomelo wokuphila.—1 Thimothewu 4:16.

Abangane Bakho—‘Bahlakaniphile’ Noma ‘Bayiziwula’?

16. (a) Abangane bethu bangaba kanjani ithonya elinamandla? (b) Obani kakhulukazi abathonywa abangane kalula, futhi ngani?

16 Incwadi ethi Sociology: Human Society ithi: “Isifiso sokungabadumazi abangane bakhe abaseduze umuntu sibangela lokucindezela okunamandla kokuvumelana nezindinganiso zabo.” Incwadi ethi Adolescence ibonisa ukuthi abantu abasebasha abathonyeka kalula ekucindezeleni okunjalo. Ithi: “[Lokhu kungenxa] yezinguquko abahlangabezana nazo emizimbeni yabo, ukuzicabangela nobuhlobo nemikhaya yabo. Ngenxa yalokho, abevé eshumini elinambili baqala ukuchitha isikhathi esiningi nabangane babo sibe sincane benemikhaya yabo.”

17. (a) Bonisa ukuba iqiniso kwamazwi ezAga 13:20. (b) Hlobo luni lwabangane abangacatshangelwa ‘njengabahlakaniphile’? (c) Abantu abasha namuhla bangasilandela kanjani isibonelo sikaSamuweli osemusha?

17 Akumelwe anganakwa amazwi ezAga 13:20: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” Enye intombazane engumKristu iyavuma: “Ukujwayelana nabangane ababi esikoleni sethu sekuqala ukungithonya ngempela. Ngizibambe sengisho inhlamba esikoleni namuhla . . . ngicishe ngayisho, kodwa angizange.” Ngokudabukisayo, abanye abasha abangamaKristu baye baholelwa ezenzweni ezingathi sína ngempela zokuziphatha okubi yilabo ababizwa ngokuthi abangane. Kodwa uma ungumuntu osemusha onesifiso sokuzuza umklomelo, funa abangane abahlakaniphile—abanomqondo ongokomoya, abaqotho ekuziphatheni kwabo, abakhayo ekukhulumeni kwabo. Khumbula, uSamuweli osemusha akazange ajwayelane namadodana amabi kaEli. Wahlala ematasatasa ‘ekhonza uJehova,’ kanjalo ehlala engathintekile ngokonakala kwawo.—1 Samuweli 3:1.

Thola Umklomelo!

18. (a) Abanye abazalwane bethu, mhlawumbe ngokungaqondi, bangasivimbela kanjani emncintiswaneni wethu wokuphila? (b) Yini engasivikela emathonyeni anjalo amabi?

18 Khona-ke, qaphela noma ubani ongakwemuka umklomelo wokuphila. Yebo, lokhu akusho ukuthi kumelwe ubheke abazalwane bakho ngokusola. Nokho, ngezinye izikhathi, mhlawumbe ngokungaqondi, abanye abazalwane bangase basho izinto ezikudumazayo. (‘Kungani ulokhu uzikhandla? Ingabe ucabanga ukuthi uwena wedwa oyothola umklomelo wokuphila?’) Bangase ngisho bahlulele kabi imizamo yakho eqotho. (‘Angiboni ukuthi ungaphayona kanjani unomkhaya. Kumane kuwukungazicabangeli izingane zakho.’) Nokho, khumbula ukuthi uJesu wakwenqaba ukuyala kukaPetru ukuba ‘angatatazeli.’ (Mathewu 16:22, 23) Sebenzisa izindlebe zakho eziqeqeshwe ngeBhayibheli ukuba ‘uvivinye amazwi,’ futhi ungathonywa yilawo angezwakali eyiqiniso, (Jobe 12:11) Khumbula ukuthi uPawulu wathi: “Nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.” (2 Thimothewu 2:5) Yebo, ‘imithetho’ kaNkulunkulu—hhayi imibono engeyona engokomBhalo—okumelwe iqondise ukucabanga kwakho.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:3, 4.

19, 20. (a) Abafowabo bakaJosefa bafuna kanjani ukumlimaza, futhi uJosefa wasabela kanjani onyeni lwabo? (b) Singakugwema kanjani ukukhubeka ngabantu abangaphelele? (c) Yini okumelwe ibe isinqumo sethu ngokuphathelene nomklomelo, futhi ngani?

19 Kuyiqiniso, ngezinye izikhathi umKristu okanye naye angase ‘akuhlabe’ ngezwi elithile elingenangqondo. (IzAga 12:18) Ungakuvumeli lokhu kukukhiphe emncintiswaneni wokuphila! Khumbula uJosefa. Abafowabo bacabangela ukumbulala, futhi nakuba bahoxisa ekwenzeni kanjalo, ekugcineni bamthengisa ebugqilini bonya. Nokho, uJosefa akazange akuvumele lokhu kumphathe kabi noma kumenze ‘athukuthelele uJehova.’ (IzAga 19:3) Kunokuba aziphindisele, kamuva wabanika ithuba lokubonisa isimo esiguqukile. Futhi ngokubona ukuphenduka kwabo, “wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo.” Njengoba uJakobe asho kamuva “abacibishelayo [abafowabo bakaJosefa abanomona] bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela.” Nokho, uJosefa wabuyisela inzondo yabo ngomusa. Kunokuba abe buthakathaka ngenxa yokuhlangenwe nakho, “amandla ezandla zakhe aqiniswa.”—Genesise 37:18-28; 44:15–45:15; 49:23, 24.

20 Ngakho kunokuba ukhubeke ngabantu abangaphelele, qhubeka ‘ugijima kanjalo, ukuze uthole’ umklomelo! NjengoJosefa, yenza okuhlangenwe nakho okuvivinyayo kukuqinise kunokuba kukwenze buthakathaka. (Qhathanisa noJakobe 1:2, 3.) Yenza uthando lwakho ngoNkulunkulu luqine kakhulu kangangokuba kungabi bikho muntu oyoba isikhubekiso kuwe. (IHubo 119:165) Khumbula ngaso sonke isikhathi ukuthi uJehova ubeke umklomelo wokuphila okuphakade—umklomelo ongenakuchazeka, ongenakuqondakala. Makungabikho-muntu okwamuka wona!

Uyakhumbula?

◻ Kungani ulwazi lubaluleke kangaka kumaKristu?

◻ Umuntu angakunqoba kanjani ukwesaba umuntu okuye kwavimba abanye ekutholeni ukuphila?

◻ Umkhaya womuntu luqobo ungabonakala kanjani uyisikhubekiso?

◻ UmKristu kumelwe asabele kanjani emazwini adumazayo noma ngisho alimazayo avela kumaKristu akanye nawo?

[Isithombe ekhasini 16]

Ngokugcwalisa imiqondo yethu nezinhliziyo ngolwazi oluqondile, sizihlomisela ukwenqaba imiqondo eyiphutha

[Isithombe ekhasini 18]

UPetru waphika uJesu ngenxa yokwesaba umuntu. Kamuva, lomphostoli wakunqoba ukwesaba okunjalo. Wonke amaKristu eqiniso kumelwe enze kanjalo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela