Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukwanda “Enkabeni Yedolobha”
EZINDAWENI zemisebenzi, idolobha laseKitwe, eZambia, ngokuvamile libizwa ngokuthi “inkaba” yeziMayini Zethusi. Lokhu kungenxa yokuthi iKitwe iphakathi naphakathi kwendawo enezimayini. Nokho, iKitwe, iyinkaba futhi yenye into—iyindawo eyinhloko yemisebenzi engokwasezulwini eZambia. Kusukela ngo-1962 ihhovisi legatsha liye lamiswa lapho, futhi phakathi nalamashumi amabili eminyaka inani labamemezeli eZambia liye eqinisweni laphindeka kabili, kusukela kwabayizi-30 129 ngo-1962 kuya enanini eliphakeme labayizi-58 925 ngo-1984. Inani lababekhona eSikhumbuzweni ngo-1984 lalingu-393 431, okungumuntu oyedwa eqenjini ngalinye labayi-16 engqikithini yomphakathi waseZambia.
Ngokwanda okusheshayo okunjalo, amalungiselelo amadala egatsha ngokushesha aba anganele. Okokuqala, isakhiwo esikhona samane sanwetshwa, kwanezelwa enye indlu yokudlela yamalungu endlunkulu nendawo yokugcina izimpahla kanye neyokuzithumela. Nokho, ngokushesha igatsha laseZambia laqala umsebenzi wokunyathelisa izincwadi zeBhayibheli. Futhi ngesikhathi esifushane indlu encane yokunyathelisa yaba ngecinene kakhulu kangangokuthi kwakunendawo encane yokusebenzela noma yokugcina izimpahla. Futhi, njengoba ihhovisi legatsha elisendaweni okuhlala kuyo abantu, kwakunzima ukuqhubeka nomsebenzi wefektri ngaphandle kokuphazamisa omakhelwane.
Khona-ke abazalwane eZambia benza isicelo sendawo lapho bengakha khona ifektri entsha. Nokho, ukuthola indawo enjalo, kwakungelula. Indawo yokuqala abanikezwa yona yenqatshwa abaphathi bedolobha njengaleyo ‘egcinelwe ukuba isetshenziswe uhulumeni.’ Nokho, umzalwane wavela futhi wanikela ngendawo ayenayo. Ngokushesha lapho abazalwane sebethole imvume, baqasha ifemu yezizwe zonke yokwakha ukuba yenze amapulane esakhiwo futhi iwanikeze abaphathi bedolobha ukuze bawatuse. Lezindaba zajabulisa abazalwane eZambia! Abaningi beza bezosiza ekwakheni, okwakwenziwa ngaphansi kokuqondisa komzalwane oyingcweti yezokwakha. Ngeminyaka nje emibili, ngo-1984 isakhiwo saqedwa.
Ngempela, kwakuyisenzakalo esijabulisayo, ngesikhathi kuqhubeka isimiso sokunikezela isakhiwo. Nakuba abazalwane batshelwa ukuthi izindawo esimisweni zazingezilinganiselwe kakhulu, abangaphezu kwezi-4 000 ababevela kuzo zonke izingxenye zeZambia babakhona emhlanganweni! Bahlatshwa umxhwele ukuzwa ummeleli wegatsha ekhuluma ngomlando womsebenzi eZambia futhi wabonisa indlela uJehova aye wasekela ngayo umsebenzi lapho. Ngemva kwalokhu, kwalalelwa okuhlangenwe nakho okuthile okuvela kwasebebadala enkonzweni. Abanye esikhathini esidlule babeye bakhonza njengamaphayona akhethekile emazweni afana neTanzania, iKenya, neUganda ngesikhathi umsebenzi lapho wawungaphansi kokuqondiswa kwegatsha laseZambia. Manje lawomazwe asenakekelwa igatsha elamiswa eKenya.
Umzalwane uJohn McBrine, owayevakashile evela eZimbabwe njengombonisi ohambela amagatsha, waphetha isimiso ngokukhuthaza abazalwane baseZambia ukuba basebenzise kahle lezakhiwo ezintsha. Izincwadi ezinyatheliswa kulefektri ziyoqhubela phambili isisusa sokukhulekela okuhlanzekile futhi usize abantu benhliziyo enhle ukuba beze olwazini lweqiniso! Futhi yini ngokungangabazeki eyoba umphumela walokhu? Ukwanda okuqhubekayo ‘enkabeni’ yomsebenzi ongokwasezulwini eZambia!
[Isithombe ekhasini 31]
Izakhiwo ezintsha zegatsha leWatch Tower eKitwe, eZambia