OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IZambia
AMATHAFA abanzi, amazombezombe aphezu kwendawo engudedangendlale ephakeme ngamamitha angu-1 200—lena iZambia, izwe elimaphakathi neningizimu emaphakathi ne-Afrika. Enyakatho-mpumalanga, iziNtaba zaseMuchinga ziphakeme ngamamitha afinyelela ku-2 100. UMfula omkhulu iZambezi, ohlokoma ngokumangalisayo ngaphezu kweVictoria Falls edume emhlabeni wonke, wakha ingxenye enkulu yomngcele oseningizimu walelizwe elinengxenye enkulu eyomile. Kunokuhlukahluka okuningi phakathi kwabantu, namaqembu ezizwe ahlukahlukene angaphezu kuka-70. Lapha kukhulunywa izilimi ezingu-8 eziyinhloko, kodwa kunezinye eziningi.
Ngo-1911 ulimi oluhlukile lwaqala ukuba khona futhi lwasakazeka eZambia. Izivakashi zaletha amakhophi e-Studies in the Scriptures, futhi kusukela ngalesosikhathi oFakazi BakaJehova baye bazimisela ukusakaza “ulimi oluhlanzekile” lweqiniso leBhayibheli eZambia. (Zefaniya 3:9, NW) Okuyinselele kakhulu izinkolelo ezingasekelwe emibhalweni ngesimo sabafile. Lapho abantu befunda iqiniso futhi bebona indlela izinkolelo-ze eziye zabagqilaza ngayo, umphumela uba okhululayo!—Johane 8:32.
Ngokwesibonelo, omunye udade othembekile uyabika: “Lapho umalume efa ngokungazelele, umama, ilungu eliqinile le-United Church yaseZambia, wakhungatheka. Ngemva kwesiko lokungcwaba elithatha isonto, ngaphindela kulesisigodi ukuze ngibone ukuthi wayephila kanjani. Lapho ngifika, ngathola ikhehla elithile endlini, futhi lapho selihambile, ngabuza ugogo ukuthi lingubani. Wathi liyinyanga. Umama wayehlose ukuliqasha ukuba liphindisele ngenxa yokufa komfowabo ukuze umphefumulo wakhe ukwazi ukuphumula. Wayekholelwa ukuthi okwamanje, ‘wawusazula,’ njengoba ekubeka.
“Ugogo waqhubeka echaza ukuthi ukuvakasha kwami kwakuyisibusiso ngoba umkhaya wawufuna izimali zokukhokhela lenyanga. Wangicela ukuba ngifake isandla, kodwa ngobuhlakani ngachaza ukuthi njengomKristu, ngangingenakukwazi ukuhlanganyela. Ngabonisana naye ngeHubo 146:4, elibonisa ukuthi abafile abacabangi—ngakho akukho mphefumulo ‘ozulayo.’ Sabuye sacabangela eyabaseRoma 12:19, eveza ukuthi impindiselo ngekaJehova futhi ayiyona eyethu. Ngemva kwalokho, ngatshela umama ngethemba lovuko uJesu akhuluma ngalo njengoba kulotshwe kuJohane 5:28, 29. Wahlabeka umxhwele ngokholo lwami oluqinile ezithembisweni zikaNkulunkulu. Ngokushesha waqala ukufunda noFakazi othile futhi wathuthuka masinyane. Wazihlukanisa ngokuphelele nenkolo yakhe yangaphambili futhi wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngobhapathizo. Manje usengomunye woFakazi BakaJehova.”
Omunye udade uyabika: “Ngaya emngcwabeni kamalumekazi. Lapho ngifika, ngathola umalume nomzala belambile. Babengakaze badle lutho kusukela umalumekazi afa. Lapho ngibuza isizathu, baphendula ngokuthi ngokwesiko, abavunyelwe ukuba babase umlilo bapheke. Ngathi ngizopheka, kodwa amanye amalungu omkhaya ayesaba ukuthi uma ngingawulandeli lomkhuba wobuqaba, bonke babezohlanya!
“Ngachaza ukuthi njengomunye woFakazi BakaJehova, ngiyakuhlonipha lokho iBhayibheli elikushoyo kuLevitikusi 18:30 futhi angiwalandeli amasiko angasekelwe emibhalweni. Khona-ke ngababonisa incwajana ethi Imimoya Yabafileyo. Ngenxa yalokho ukuphikisana kwaphela, futhi ngaqhubeka ngilungiselela umalume nabo bonke abantu ukudla. Izihlobo zomufi zathinteka ngenxa yesibindi sami futhi zavuma ukuqhubeka zitadisha iBhayibheli. Kakade sezingabamemezeli abangabhapathiziwe, futhi umkhaya wonke unethemba lokubhapathizwa ngokushesha.”
Yeka indlela esijabula ngayo lapho ulimi oluhlanzekile lweqiniso luguqula ukudideka kwamanga enkolo, ikakhulukazi leyomicabango egxile kakhulu egqilaza abantu abangazi lutho! Ngesibusiso sikaJehova ulimi oluhlanzekile luyasakazwa eZambia, ngisho nanjengoba kunjalo emhlabeni wonke.—2 Korinte 10:4.
[Ibhokisi ekhasini 9]
UMBIKO WEZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1994
INANI ELIPHAKEME LABAFAKAZAYO: 82 926
ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-107
ABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 363 372
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 10 713
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 108 948
INANI LABABHAPATHIZWA: 3 552
INANI LAMABANDLA: 2 027
IHHOVISI LEGATSHA: ILUSAKA
[Isithombe ekhasini 9]
Izakhiwo zegatsha le-Watch Tower emaphethelweni eLusaka
[Isithombe ekhasini 9]
Ukushumayela eShimabala, eningizimu yeLusaka